Upload
truongphuc
View
399
Download
9
Embed Size (px)
Citation preview
1
Ungambalekela Kanjani
Udokotela Na?
Robert D. Brinsmead
“Ungambalekela Kanjani Udokotela Na?” it’s a Zulu
book translated from an English book entitled,
“How to Keep the Doctor Away”
2
Website: www.ivangeli.co.za
E-mail: [email protected] Ikhishwe ngolimi lwesiNgisi ngo: 1972
Ikhishwe ngolimi lwesiZulu ngo: Mashi 2015 Lencwadi ihunyushelwe olimini lwesiZulu
nguNtombifuthi W.Gamede esizana noJennifer Zulu
kanye noPhumzile Mongeka. Izithombe ezingaphandle sithathwe kwi:
www.google.co.za
3
Isithombe esingaphandle Isithombe esingaphandle sikhombisa odokotela
bemvelo esabanikwa nguNkulunkulu. Umoya ohlanzekile, ilanga, ukuzithiba,
ukuphumula, ukudla okufanele, amanzi,
ukuthembela emandleni angcwele, ngodokotela
beqiniso abelaphayo. Umsuka wakho konke
ukugula nobubi obesabekayo usekusetshenzisweni
ngokungalawulwa kwezidakamizwa okuyimithi
namaphilisi anobuthi. Uma umuntu ehlaselwa
ngukugula, akuvamile ukuthi azinike isikhathi,
sokufunisisa imbangela yokugula kwakhe. Into
ebalulekile engqondweni yakhe ukususa ubuhlungu
nokuphazamiseka okulethwa yikho. CCh 105.2. Ngokusebenzisa izidakamizwa okuyimithi
namaphilisi okunobungozi, iningi lizilethela
ukugula okungapheli. Kulahleka nezimpilo eziningi
ebezingahlengwa ngokusebenzisa izindlela zemvelo
zokwelapha. Ubuthi ubusemabhodleleni amaningi
emithi budala imikhuba nenkanuko elimaza
umphefumulo nomzimba. Yonke imithi namaphilisi
ekhishwa ngodokotela iyisisusa semikhuba
yotshwala. Lemithi iyalalisa, ithuntubeza umzimba,
idambise nezinhlungu, kepha ayikwelaphi ukugula.
Kunalokho iyisiqalekiso emphakathini. CCh 105.3.
4
Imithi namaphilisi okuyizidakamizwa
ezisetshenziswayo kuyisiqalekiso. Balekelana nayo.
Uma kudingeke ngempela ukuthi uyisebenzise,
yisebenzise ngokuqaphela. Kungcono ukusebenzisa
izinto ezinempilo nezingenabungozi. Uma
uzisebenzisa imvelo izolalela odokotela
bakaNkulunkulu okungumoya ohlanzekile, amanzi,
ukuzivocavoca ngendlela efanele, kanye nonembeza
omsulwa ongenacala. Iningi labantu eliphuza itiye
nekofi lihlangabezana nengcindezi yokuhambela
odokotela ngaso sonke isikhathi liyofuna imithi
namaphilisi. Iningi lingalapheka ngaphandle
kokusebenzisa imithi, uma lilalela imithetho
yempilo. Imithi namaphilisi odokotela kufanele
kusetshenziswe ngokukhulu ukuqaphela. CCh
105.4.
5
Izincwadi okucashunywe kuzo Izicaphuno ezikulencwadi zithathwe eBhayibhelini
lesiZulu nasezincwadini ezilandelayo ezabhalwa
ngu-E.G.White: Ministry of Healing, 1905
Testimonies for the Church Volume 4, 1885
Counsels for the Church, 1991
6
Okuqukethwe
1. Isingeniso ............................................................. 7
2. Impilo nemithetho yokuphila ............................... 10
2.1. Umoya ................................................................ 10
2.2. Amanzi ............................................................... 13
2.3. Ukudla ............................................................... 15
2.4. Ilanga ................................................................. 21
2.5. Ukugijima kwegazi emzimbeni ............................. 22
2.6. Ukukhishwa kokungcola ..................................... 23
2.7. Ukuzivocavoca .................................................... 25
2.8. Ukuphumula ...................................................... 28
2.9. Inhlanzeko .......................................................... 30
2.10. Ukuzithiba ........................................................ 32
3. Ubudlelwane phakathi kwengqondo nempilo enhle…
.......……………………………………………………32
4. Imithetho yokuphila ............................................ 35
4.1. Isono nokugula ................................................... 41
4.2. Isixazululo esingcwele ......................................... 42
5. Bathini odokotela na? ......................................... 48
7
1. Isingeniso Impilo enhle ayizenzakaleli nje. Ayitholwa
emabhodleleni emithi namaphilisi. Itholakala
ngokulandela imithetho engaguqukiyo
yempilo.Ukugula akuhlaseli abantu ‘abaneshwa’
futhi akuzizeli nje. Ukugula kuyamenwa,
kulungiselelwe ngokungalandeli eminye yemithetho
yempilo. Imikhuba emibi yokudla, yokuphefumula,
yokugqoka, yokuphumula, yokusebenza
nokucabanga yizona zimbangela zokugula. Umzimba womuntu ungumshini omuhle ophilayo.
USosayensi othile wathi; kulula kuye ukukholwa
ukuthi ukukhula nokudlondlobala kwe‘Mesiya’
kaHandel kwenzeka ngokuthengiswa kwezincwadi
zakhe, kunokukholwa ukuthi imvelaphi yomuntu
ayihlelekile. Umzimba womuntu wabunjwa,
wahlelwa nguMlumbi omkhulu. Owathi uma eqeda
ukuwubumba wawunika imithetho yokuwulawula
ukuze usebenze kahle. Ukuyilalela nokuyigcina
lemithetho kusho impilo, ukungayilaleli kusho
ukugula nokufa. Abanye abantu angeke balamukele leliqiniso, ngoba
sebazijwayeza ukuthola ukululama ngokusebenzisa
imithi namaphilisi. Imithi namaphilisi kunendima
okuyenzayo ekuletheni ubugcono ezinhlungwini,
8
kepha akwelaphi isisusa sokugula. Abantu
baguliswa ngukwephula imithetho yempilo.
Ngokwephula kwabo lemithetho bangenwa ukugula
okuletha izinhlungu ezesabekayo, okubenza
bagijimele kudokotela ukukususa. Esikhathini
esiningi abantu abanayo intakazelelo yokuguqula
imikhuba yabo emibi ebaholele ekuguleni.
Kunalokho bacabanga ukuthi imithi namaphilisi
kuzobanika lempilo abayifunayo, bebe beqhubeka
nokwephula imithetho yempilo. Uma udokotela
wokuqala abaye kuye eqinisa ukuthi baguqule
imikhuba yabo, bayamyeka baye komunye
benethemba lokuthi uzobanika ‘ukwelashwa’
okusheshayo. Munye kuphela umuthi odingekayo, lowomuthi
ngukugcina imithetho yempilo. Akekho umuntu
ongephula imithetho yempilo, kungaba
owokuziphatha noma owemvelo, qede angalandelwa
imiphumela ebuhlungu. UPawulu uthi, “ngokuba
lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.”
KwabaseGalathiya 6:7 Lencwadi inikeza umklamo wezimiso ezilungile
zempilo ngendlela ecacile nesobala ukuze
zijatshulelwe ngomncane nomdala, ofundile
9
nongafundile. Ukuzazi nokuziphila lezimiso
kuholela empilweni enhle, ecebile nenenjabulo.
Robert D. Brinsmead
10
2. Impilo nemithetho yokuphila
Eminyakeni eyizinkulungwane edlule umbhali othile
kulabo ababhala iBhayibheli wathi, “ngokuba
umphefumulo womzimba usegazini...” Levitikusi
17:11. Leli iqiniso elingephikiswe. Impilo incike
egazini elihle neligijima kahle engqondweni
nasemzimbeni wonke. Angeke ube nempilo enhle
uma igazi lakho lingelihle ngoba “...umphefumulo
womzimba usegazini.” Igazi elingelihle emzimbeni
lithuntubeza ingqondo. UMdali wethu uhlele ukuthi ukuhamba kwegazi
emzimbeni kusekelwe yizinto ezine; umoya, amanzi,
ukudla nelanga. Ngakho-ke kufanele siqaphele
ukuthi igazi silinika izilinganiso ezifanele salezinto. 2.1 Umoya
Umoya ubaluleke kakhulu empilweni, kepha izigidi
zabantu ziyagula ngenxa yokungawutholi
ngokwanele. Iningi labantu aliphefumuli ngendlela
efanele, ngenxa yalokhu lizincisha ithuba
lokujabulela impilo engcono. Incwadi eyaziwa
kakhulu kwezempilo ithi: “ukuze sibe negazi elihle,
kufanele siphefumule kahle.” Ukuphefumula umoya
ohlanzekile ngokugcwele kugcwalisa amaphaphu
ngomoya ohlanzekile, ohlanza igazi, ulethe nempilo
11
kuwo wonke amalunga omzimba. Ukuphefumula
okuhle kuthoba imithambo yegazi, kuvule inhliziyo,
kusize ekugayweni kokudla, kulethe nobuthongo
obumnandi. “Igazi lihamba kancane uma kungekho umoya
owanele emzimbeni. Ukungcola okufanele
kukhishwe emaphashini ngokuphefumula
kugcineka ngaphakathi emzimbeni, kwenze igazi
elingcolile. Lokhu kuhlukumeza isisu, isibindi
kanye nengqondo. Isikhumba siyakhathala, ukudla
kugayeke ngesivinini sonwabu, inhliziyo ishone
phansi, ingqondo igcwale izinto eziningi ngesikhathi
esisodwa, imicabango iphambane, kungene
ukuphatheka kabi, nokuphelelwa yithemba
okuholela ekutheni umzimba wonke ubhocobale.
Ukunganyakazisi amalunga omzimba
ngokusebenza, nangokuzivocavoca kuletha
ukugula.” Ministry of Healing, 272,273. Umoya ungudokotela omkhulu esawunikwa imvelo.
Ngakho-ke kufanele sizazi kahle lezimiso
ezilandelayo eziyisisekelo zokugcina impilo
isezingeni eliphezulu:
(a) Zakhele indlu yakho, noma uyithenge
endaweni enomoya ohlanzekile.
12
(b) Ukuze uphefumule kahle, kufanele ufunde
ukuma nokuhlala ngendlela efanele. IBhayibheli
lithi, uNkulunkulu wadala umuntu, wamenza
waqonda. Ukuma uqonde kubonakalisa umusa
nesithunzi, kukhuphula izinga lempilo
kuphaphamise nengqondo. Hamba uqonde, hhayi
ngokuziphakamisa, kepha ngokuzwisisa ukuthi
umuntu wenziwa ‘ngomfanekiso kaNkulunkulu’
Genesisi 1:26-27.
(c) Gwema izimpahla ezicinanisa amaphaphu,
ezenza igazi lingahambi ngokukhululeka
emzimbeni. Faka izimpahla eziletha ukukhululeka
kuwo wonke amalunga omzimba.
(d) Zifundise ukuphefumula ngendlela efaka
umoya ngokugcwele emaphashini. Ukuphefumula
okungafaki umoya ngokugcwele emaphashini
kwenza ukuthi akhameke, kuphinde
kuphazamiseke ukusebenza kwawo wonke
amalunga omzimba. Lokhu kufana nokukhameka
kwengxenye yenjini yemoto ehlanganisa amanzi
nophethilomu. Kufanele uwukhiphe wonke umoya
emaphashini, uphinde uwufake ngokugcwele.
Ungawugcwalisi nje kuphela esifubeni kepha
wudonse umoya ngokusebenzisa imisipha
etholakala ngasezimbanjeni. Ngalendlela umoya
owanele uzokwazi ukungena emaphashini. Uma
13
ukhuluma sebenzisa lomsipha omkhulu otholakala
phakathi kwamaphaphu akho, okusiza ukuthi
uphefumule kahle.
(e) Gwema izindawo zokuhlala ezigcwele abantu
abaningi nezingenawo umoya owanele.
(f) Ungalali egunjini lokulala elingenawo umoya
ohlanzekile ngokwanele.
(g) Khuthalela imisebenzi ezokwenza uthole
umoya wangaphandle.
(h) Zivocavoce nsukuzonke. Funda ukubhukuda,
ukuhamba usheshe, ukugijima nokugibela
ibhayisikili.
(i) Izinga lokushisa endlini uma kusebusika
malingedluli isilinganiso esingu-65 kuya ku-70.
Uma kunomswakama owanele, lamazinga okushisa
anele. Amagumbi endlu ashisa ngokwedlulele,
angcolisa umoya. Kungcono kakhulu ukwembatha
izingubo ezifudumele nokuba nomqondo ohluzekile
nempilo enhle, kunokuhlala endlini evaliwe
engenamoya ohlanzekile ngenxa yokushisa
ngokweqile. 2.2 Amanzi Amanzi ahlanzekile angomunye wodokotela
omkhulu esiwunikezwe yimvelo. Kufanele
asetshenziswe ngokwanele nsukuzonke. Amanzi
14
asiza ukukhuculula ukungcola okusemzimbeni
aphinde aphaphamise namalunga omzimba. Amanzi
ahlanza isikhumba ukuze sikwazi ukuphefumula,
aphinde asuse ukungcola okubanga ukugula.
Amanzi ayindlela ehamba phambili yokuhambisa
igazi ngokushesha emzimbeni. Aphinde asize
ekwehliseni umkhuhlane nokucinana ekhanda
nezinye izifo ezihlasela umzimba. Nazi izimiso
eziyisisekelo nezilula zokusebenzisa amanzi:
(a) Phuza izingilazi eziningana zamanzi
nsukuzonke. Phuza ingilazi eyodwa kuya kwezimbili
zamanzi afudumele kusasele imizuzu engu-30
ngaphambi kokudla isidlo sasekuseni. Lezingilazi
zizohlanza isisu zivule nenhliziyo.
(b) Ungaphuzi amanzi, unamonedi newayini
ngesikhathi udla. Ukugayeka kokudla emzimbeni
kulandela uhlelo oluthile. Loluhlelo luphazamiseka
kakhulu uma ukudla kuhlangana namanzi
ngesikhathi esisodwa. Kudingeka umzimba uthole
indlela yokukhipha lamanzi kuqala ngaphambi
kokuthi uqale ukugaya ukudla. Lokhu kuthatha
isikhathi eside. Lapho sithi siyaqala isisu ukugaya,
yingalesikhathi usudla okunye ukudla, isisu sivele
siwuyeke lomsebenzi ebesesiwuqalile wokugaya,
sinake ukugaya ukudla okusha okungenayo.
Okuzokwenzeka ukuthi ukudla angeke kugayeke
15
masisha, okunye ukudla angeke kungayisiseke
kahle, okunye kwakho kuzogcina kungagayekanga
sanhlobo. Ungawaphuzi amanzi uqeda ukudla.
Okungenani waphuze kusasele imizuzu engu-30
kuya kwengu-45 ngaphambi kokudla noma
ngemuva kokudla. Ukuphuza amanzi aphuma
esiqandisini kudala inkinga emzimbeni. Umzimba
unezinga elithile lokushisa. Ngokuphuza amanzi
abandayo kwenza ukuthi umzimba usebenze
kanzima ukufudumalisa lamanzi ukuze abe
sezingeni elifanelekile.
(c) Geza wonke umzimba nsuku zonke.
(d) Sebenzisa amanzi ukwehlisa umkhuhlane
obangelwa wukushisa. Ukushisa ngokweqile
emzimbeni ngumzamo wemvelo wokukhipha
ukungcola okukuwo. Lokushisa kungalawulwa
ngokusebenzisa amanzi ngendlela enobuhlakani.
Sebenzisa amanzi ngokwanele ukulwisana
nokugula. Funda izindlela zokusebenzisa amanzi
abandayo nafudumele ukuxosha izinhlobo
ezahlukeneyo zokugula emzimbeni. 2.3 Ukudla Imikhuba emihle yokudla ingeminye ebalulekile
empilweni. Ukudla okungenamsoco kungumsuka
wezifo eziningi. Izigidi ngezigidi zabantu zizigubhela
16
amathuna azo ngamazinyo. Yini ngempela
okufanele siyidle na? Izincwadi eziningi ezidingida
loludaba nezitholakala ezitolo zidukisa abantu
kunokubasiza. Okokuqala okufanele ukwenze
ngukukhipha engqondweni yakho ukuthi
kunokudla okuthile okungajwayelekile, okubizayo
nokugwinyisa amathe okunonophalisa umzimba.
Iza kuMdali akufundise ngokudla akunika abantu
ekudaleni kwaKhe umhlaba. IBhayibheli lithi
ekudalweni kwakhe umuntu, wanikwa ukudla
okuzinhlamvana, izithelo, imifino nezindlubu. Uma
abantu bekudla ngesilinganiso esifanele lokukudla,
ababi nenkinga yokweswela umsoco futhi
abahlaselwa yizifo kalula. Umuntu odla ngokwanele
izithelo nemifino, ezidla ngendlela okuyiyo,
akufanele akhathazeke ngokusweleka kwezakha-
mzimba ezidingekayo. Nazi-ke ngezansi izimiso
eziyisisekelo zokudla okunomsoco:
(a) Yidla ukudla okukhethekile okwanikwa
umuntu ekudalweni komhlaba.
(b) Gwema ukudla okucolisakele kakhulu,
okunoshukela omningi njengofulawa omhlophe
namakhekhe.
(c) Zifundise ukudla imifino eluhlaza
njengezaqathi, iklabishi neminye.
17
(d) Gwema ukudla okugcwele izinongo ezibabayo
ngoba kuhlukumeza isisu kufudumeze negazi.
Lenhlobo yokudla igqugquzela ulaka. Sebenzisa
usawoti omncane.
(e) Ungakupheki ukudla kuze kweqe kubulala
umsoco. Sebenzisa amanzi alingene uma upheka.
(f) Ungadli izinhlobo eziningi zokudla ngesikhathi
esisodwa. Izinhlobo zokudla ezine esidlweni
esisodwa ziningi. Njengoba ingqondo ingakwazi
ukugxila ezifundweni eziningi ngesikhathi esisodwa
nesisu ngokunjalo asikwazi ukumelana nokudla
okuhlukahlukene ngesikhathi esisodwa.
(g) Izithelo nemifino azidliwa ngesikhathi
esisodwa. Ukuhlangana kwalokudla esiswini
ngesikhathi esisodwa kwenza igazi elingcolile.
(h) Yidla kabili noma kathathu ngosuku. Zinike
isikhathi esingamahora amahlanu ngaphambi
kokudla esinye isidlo. Gwema umkhuba wokudla
kungakabi isikhathi sakho sokudla, ngoba
uphazamisa ukugayeka kokudla, uthwalisa nesisu
ubunzima. Lomkhuba uguqula ukudla kube ubuthi
emzimbeni. Isisu sigaya ukudla amahora
amathathu kuya kwamane, bese siyaphumula
ngehora lesihlanu. Uma udla ukudla, isisu siqala
umsebenzi wokukugaya ngaleso sikhathi. Uma udla
okunye ukudla engakapheli amahora amahlanu,
18
isisu siyayeka ukugaya ukudla ebesikugaya. Siqale
sigaye lokhu okusha okungenayo. Lokhu
esikushiyile kuphenduka amafutha agcineka
emzimbeni ngokungadingekile nadala
ukukhuluphala nokugula.
(i) Ungadli sekusondele isikhathi sokulala.
Qinisekisa ukuthi isisu sakho asinakudla uma
usuyolala. Ungadli ukudla okusindayo ebusuku.
Umkhuba wokudla ukudla okulula nokuncane
ekuseni nowokudla kakhulu ebusuku
awuhambisani nemithetho yempilo. Khumbula
ukuthi isidlo sasekuseni siyigolide, esasemini
yisiliva esantambama siyavala. Awushayeli imoto
ingenawo uphethilomu imini yonke bese ugcwalisa
ithanki ngokuhlwa.
(j) Ungabi yisiminzi (isiminzi: umuntu odla
eqise). Incwadi kaMshumayeli ithi, “...dlela
ukuqina.” Mshumayeli 10:17. Ukudla ngokweqisa
kuthwalisa isisu ubunzima, kunike isibindi
okuyingxenye enkulu yomzimba umsebenzi
owengeziwe. Umzimba uyakugcina ukudla okusele
uma kungagcineki ukukhipha ngezinso. Wonke
lomsebenzi wokugaywa nokuhlelwa kokudla
emzimbeni uletha ubunzima obudala izinhlungu
enjinini yomzimba yokusebenza. Ingqondo ithwala
kanzima ngoba isisu sisebenza ngokweqile sidonsa
19
amandla kuyo. Lokhu kuholela ekukhathaleni
kwayo kuphazamise nomzimba wonke.
(k) Idla ngezinkathi ezifanayo. Umgqigqo
uyisisekelo somthetho womzimba. Ukushaya
kwenhliziyo, ukugaywa kokudla nakho konke
okusemzimbeni kusebenza ngohlelo oluthile.
Ngakho-ke ukuze ube nempilo enhle, yidla ukudla
ngezinkathi ezihleliwe.
(l) Ungadli ngokushesha, kuhlafunisise kahle
ukudla. Isikhathi sokudla akube yisikhathi
esimnandi. Ungalethi izinkinga zakho esidlweni.
Gwema imisebenzi ethwalisa ingqondo kanzima
ngaphambi kwesidlo nangasemuva kwaso.
Ungazivocavoci ngamandla ngemuva kokudla.
(m) Ukudla okwenziwe ngezinhlamvana
ezinjengamabele, ummbila nokolo kubalulekile
esidlweni sasekuseni. Ukudla okucolisakele
kakhulu akunawo amavithamini. Umfuyi ukwazi
kahle ukuthi uma enganika imfuyo yakhe ukudla
okucoliseke kakhulu kungayilimaza kugcine
kuyibulele. Ukuzitholela umshini wokugaya
kuzokusiza ugweme ukolo ocolisekile. Akulula
ukuthola isinkwa sikakolo esingacolisekile ezitolo,
yingakho kubaluleke kakhulu ukuthi uzenzele
esakho isinkwa ngokusebenzisa lezinhlamvana.
20
(n) Dlana izithelo nemifino. Qaphela ungazigcini
isikhathi eside ngoba zonakala ngokushesha. Isitolo
esinempilo yingadi yakho. Funda ukuzitshalela
izithelo nemifino enempilo. Ukusebenza engadini
kukunika ithuba lokuthola umoya ohlanzekile
nelanga, okuyizinto eziwudinga kakhulu umzimba.
(o) Ungazidli izithelo ezivuthwe ngokweqile noma
eseziqala ukonakala.
(p) Ungalidli igazi lesilwane namafutha aso
anqumile. UNkulunkulu unesizathu esihle
sokuxwayisa abantu ukuthi bangalidli igazi
namafutha ezilwane (Funda incwadi kaLevitikusi
7:23-27; Izenzo 15:20). Ucwaningo olwenziwe
uphiko lwezeSayensi muva nje luthole ukuthi
amafutha esilwane ayimbangela yesifo senhliziyo.
(q) Ungadli inyama engahlanzekile, efana
nengulube nenkalankala. IBhayibheli lizicacisa
kahle izilwane ezihlanzekile nalezo ezingahlanzekile
(Funda incwadi kaLevitikusi isahluko 11).
(r) Gwema ukudla inyama noma eyaluphi uhlobo
lwesilwane. Ukudla okwanikwa umuntu ekudalweni
kwakhe kwakungenayo inyama. Njengoba zikhula
izifo ezitholakala ezilwaneni, ukudla inyama kuletha
ukugula futhi kufinyeza nezinsuku zokuphila.
(s) Gwema ukwenza izinto ngokweqile. Gwema
ukudla okunothe kakhulu okubabayo nokunongwe
21
ngokweqile. Ngakolunye uhlangothi gwema ukudla
okungenawo umsoco.
(t) Idla ngokwanele izinhlobo zokudla ezahlukene
ezizokunika izakha-mzimba, kepha ungazidli
ngesikhathi esisodwa. Izakha-mzimba
aziqoqelekanga ekudleni okukodwa.
(u) Amasobho nokunye ukudla okungamanzi
akufanele kudliwe njalo. Ngoba ngokwendalo
umuntu udalelwe ukuthi adle ukudla okudinga
ukuhlafunwa.
(v) Uma udla bonga uNkulunkulu
ngokubhekelela izidingo zakho, ungacabangi
kakhulu ngesisu sakho. Uma ucabanga ukuthi
ukudla okudlayo kuzokugulisa, vele kuzokugulisa.
Impilo ibaluleke ukudlulisa ukudla nokuphuza. 2.4 Ilanga Angeke kube nempilo ngaphandle kokukhanya.
Ilanga elivuthisa imbewu emhlabathini, linika
imifino nezimbali imibala, liphinde linike ukuphila
nempilo emzimbeni wakho. Uvithamini D obaluleke
emzimbeni utholakala elangeni. Isikhumba
siyawonga ukuze kuthi ngezinkathi lapho ilanga
lingekho sikwazi ukuwukhipha. Ilanga liletha
ukuchachamba ezihlathini lisize nasekugayweni
kokudla esiswini. Umuntu omncane nomdala
22
uyalidinga ilanga. Amagumbi endlu mawathole
ilanga ngokwanele. Vula amakhethini ukwamukela
udokotela kaNkulunkulu. Ilanga lingazigqwalisa
izimpahla ezisendlini, kepha liletha umdlandla
empilweni yakho. Neka izingubo zokulala elangeni.
Zama ukwenza imisebenzi yangaphandle ezokwenza
uthole ilanga. 2.5 Ukugijima kwegazi emzimbeni Sesibonile ukuthi igazi lithola impilo emoyeni,
emanzini, ekudleni naselangeni. Igazi elihle
alincikile kuphela kulezinhla ezine esezibalwe
ngenhla, kepha lincike nasekugijimeni kwalo kahle
emzimbeni wonke. Ukungagijimi kahle kwegazi
kuletha ukukhwehlela, ukugcwalelana ekhanda
nasesifubeni, ukuqhaqhazela, ukushaya
kwenhliziyo ngamandla, ukungagayeki kokudla,
ukugcwalelana kwezitho zomzimba zangaphakathi,
ukuphuma umongoziya, izinkinga esiswini,
ingqondo ekhathele kanye nezinye izifo. Ukuze
ukugcine ukugijima kwegazi kusesimeni esifanele
emzimbeni, gcina lezimiso ezilandelayo zokuphila:
(a) Ukuma uqonde nokuphefumula ngendlela
eyiyo kunomthelela omuhle ekugijimeni
kwegazi emzimbeni.
23
(b) Gwema ukugodola ezindaweni ezifana
nezinyawo ngoba kulethela inhliziyo umsebenzi
omkhulu wokuhambisa igazi kuleyo ndawo ezwa
amakhaza.
(c) Uma ugeza ngamanzi afudumele, landelisa
ngabandayo, uhlikihle umzimba.
(d) Zivocavoce ngokwanele, uphinde uphumule
ngokwanele.
(e) Ungabi yisiminzi.
(f) Ungagqoki izimpahla ezicinanisa umzimba
nezenza igazi lihambe kancane.
(g) Ingqondo esebenzayo, ehlala iqaphile,
enenjongo, nejabulile ithumela ngokushesha igazi
emithanjeni yalo.
(h) Funda izindlela zokusebenzisa amanzi
eziholela ekugijimeni kahle kwegazi emzimbeni.
Uma ikhanda lakho licinene faka izinyawo emanzini
afudumele ahlangene nemastadi (phecelezi
mustard). 2.6 Ukukhishwa kokungcola Umzimba akufanele ugcine kuphela ngokwamukela
izinto ngaphakathi ukuze uphile, kufanele ukhiphe
nokungcola okutholakala emzimbeni. Yingakho
kubalulekile ukuthi zonke izindlela zokukhipha
ukungcola zihlale zisebenza. Uma kwenzeka enye
24
yezindlela ihluleka ukusebenza, ibeka impilo
engcupheni. Ukuze uzigcine zisebenza izindlela
zokukhipha ukungcola emzimbeni, gcina lezimiso
ezilandelayo:
(a) Phuza amanzi ngokwanele ukuze uwuhlanze
ngaphakathi umzimba. Lokhu kwenza umzimba
ukwazi ukuhlala ukhipha ukungcola.
(b) Lala egunjini lokulala elinomoya ohlanzekile
ukuze uvuke unomdlandla.
(c) Khumbula ukuthi indoda ehlakaniphile yathi,
“ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidle
okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha
kocebileyo akumvumeli ukuba alale.” Mshumayeli
5:12. Yilabo kuphela abasebenza ngobuqotho
abalala kahle.
(d) Akulungile ukulala ebusuku kakhulu
nokusebenzisa amahora asekuseni uwasebenzisela
ukulala.
(e) Uma kwenzeka wehluleka ukulala ngesikhathi
sokulala, vuka ugeze ngoba ukugeza
kuyawuphumuza umzimba kulethe nobuthongo
obumnandi. Ungaphuza namatiye afana noCatnip,
Green tea, Rooibos ngoba anezithako zemvelo futhi
aletha ukuphumula emzimbeni.
(f) Geza umzimba nsukuzonke. Isikhumba sakho
sinezimbobo ezincane eziyizigidi ezisebenza
25
ukukhipha ukungcola okusemzimbeni. Zigcine
zihlanzekile.
(g) Yidla izithelo nemifino, gwema lezo
ezicolisakele ezisemathinini. Namuhla
ngokuhlakanipha kwethu sisusa umsoco otholakala
kukolo ngaphambi kokuthi sidle, okusidalela
ukuqunjelwa.
(h) Zivocavoce ngokwanele.
(i) Hlafunisisa ukudla.
(j) Izithelo zingumuthi wokuhlanza isisu.
Khumbula angeke uphile kahle ngaphandle
kokukhipha ukungcola esiswini. Ukungcola
okusemzimbeni kungcolisa igazi. 2.7 Ukuzivocavoca Ingxenye nengxenye yomshini yenzelwe umsebenzi
othile. Ukusebenza ngumthetho wempilo oletha
ukuphila emzimbeni. Ukunqena ukusebenza
kuletha ukufa. Iningi labantu alibulawa
ukukhathala, kepha libulawa ukuhlala lingenzi
lutho nokungazivocavoci. Umuntu ongazivocavoci
nowenqena ukwenza imisebenzi ezonyakazisa
amalunga omzimba ufana nensimbi egqwaliswe
ngukuhlala nokungasetshenziswa. UNkulunkulu
wathi umuntu kufanele asebenze futhi ajuluke.
26
“Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa
sakho, ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa
kuwo; ngokuba ungumhlabathi uyakuphenduka
umhlabathi.” Genesisi 3:19. Ukuzivocavoca
kugijimisa igazi kuwo wonke amalunga emzimbeni,
kusiza umzimba ukhiphe ukungcola, kuphinde
kuwuphaphamise, kusize ekugayweni kokudla,
kwehlise ukuqhaqhazela nokwethuka, kugweme
izifo, kuqinise izinso nesibindi, kugcine amaphaphu
esesimeni esihle, kuphinde kuqinise nemisipha.
Ukuzivocavoca ngomunye wodokotela abakhulu
bemvelo. Ukwenza umsebenzi kunegalelo elikhulu ukudlulisa
ukuzivocavoca endaweni yokuzivocavoca. Ulusha
ludinga ukuzivocavoca ngempela. Ukuzivocavoca
kubaluleke kakhulu kubafundi abenza umsebenzi
wekhanda. Ukungazivocavoci kuhambisa igazi
kancane emzimbeni, kudale ukungagayeki kokudla,
kulethe ubuthakathaka ezinyaweni, nokukhathala
engqondweni, kuphambanise uhlelo lokusebenza
kwezingxenye zomzimba, okungaletha
ukuphazamiseka kwengqondo nokumelwa
yinhliziyo. Kutholakele ukuthi labo abaya enyangeni le emafini
babengakwazi ukuzivocavoca ohambeni lwabo,
27
lokhu kwadala ukuthi baphelelwe uketshezi
lwekhalisiyamu (phecelezi calcium) olubalulekile
emathanjeni abo. Abantu asebekhulile
basiqhubekisela phambili isimo abakuso
ngokungazivocavoci. Amathambo abo aba
buthakathaka aphuke masinyane.
Ukungazivocavoci kuqeda loluketshezi
lwekhalisiyamu olubalulekile emzimbeni nolugcina
amathambo namazinyo eqinile. Gcina lezimiso ezilandelayo zokuphila:
(a) Zivocavoce endaweni enomoya ohlanzekile ngaso
sonke isikhathi.
(b) Zama ukulinganisa umsebenzi odinga
amandla nowengqondo.
(c) Uma iminyaka nempilo kukuvumela,
zivocavoce ngamandla ukuze ukuthi uphefumlele
phezulu ukhefuzele.
(d) Ukuhamba indlela enhle yokukuzivocavoca
ngoba kusebenzisa wonke amalunga omzimba.
(e) Ukwenqena ukuzivocavoca ngukuzibizela
ukufa.
(f) Uma uzivocavoca gxilisa ingqondo nentando
yakho kukho ukuze ukujabulele okwenzayo.
28
2.8 Ukuphumula Ukusebenza kanzima nokuzivocavoca kufanele
kulinganiswe nokuphumula. Ungenzi okunye
kakhulu kunokunye. NoJesu imbala wabaluleka
abafundi bakhe ababesebenza ngokuzikhandla
emsebenzini ababenikwe wona wokusebenzela
abantu wathi, “zanini nina nodwa endaweni
eyihlane, niphumule ingcosana.” NgokukaMarku
6:31. Waphinde wathi, “iSabatha lenzelwe umuntu.”
NgokukaMarku 2:27. UNkulunkulu wabona ukuthi
umuntu uyaludinga usuku olulodwa lokuphumula
kulezi ezingu-7 amnikeze zona. Labo abahlonipha
iZwi likaNkulunkulu nabagcina iSabatha laKhe
bayakwazi ubuhle balokhu emzimbeni
nasengqondweni. Uma ulele umzimba uyakheka
uphaphame ulungele usuku olulandelayo. Gcina
lezimiso eziyisisekelo sempilo enhle:
(a) Lala ngesikhathi esifanayo nsuku zonke.
(b) Lala egunjini elinomoya owanele, kungenjalo
uzovuka ukhathele.
(c) Khumbula ukuthi indoda ehlakaniphile yathi,
“ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidle
okuyingcosana noma okuningi...” Mshumayeli
5:12. Yilabo kuphela abasebenza ngokuzikhandla
ngokwamandla abo abanobuthongo obuhle.
29
(d) Shesha ulale, ukuze uvuke kusesekuseni.
Ukuhlala isikhathi eside ebusuku ungalele
akulungile, nokulala kuze kweqe akukuhle.
Amahora asekuseni, wasebenzisele umthandazo
kunokulala.
(e) Uma bungehli ubuthongo, hamba uyogeza
ngamanzi afudumele ngoba athoba umzimba
abuyisa nobuthongo.
(f) Phefumula ngendlela efanele.Lokhu kuletha
ubuthongo obumnandi.
(g) Gwema umkhuba wokudla usuzolala.
Ngesikhathi olala ngaso, isisu kufanele sibe
sesiwuqede kudala umsebenzi wokugaya ukudla.
(h) Unembeza ongenacala nothemba
uNkulunkulu uholela ekulaleni kahle. Funda
incwadi yeZenzo 12 efundisa ngendlela uPetru
athola ngayo ubuthongo obuhle ngobusuku
obandulela ukubulawa kwakhe. Ukukhuleka
ngaphambi kokuthi ulale kuzokusiza ulale kahle.
(i) Ngaphambi kokuthi ulale funda iZwi
likaNkulunkulu, ngokwenza kanjalo ususa
ingqondo yakho ekukhathazekeni okuthole
ngosuku. Ukubukela umabonakude, nokufunda
amanoveli kuphambanisa uhlelo lokuthumela
nokuhambisa imiyalezo eyahlukahlukene
30
emzimbeni isuka engqondweni, kuphinde kube
yisikhubekiso ekutholeni ubuthongo obuhle.
(j) Uma imvelo ivuka ngovivi, nawe vuka. Imini
akuyona eyokulala ngaphandle uma ugula. Amavila
anqena ukuvuka ekuseni avame ukuba
buthakathaka empilweni.
2.9 Inhlanzeko Ukweswela inhlanzeko kuseseyinkinga enkulu
ebhekene nokunakekelwa kwempilo emhlabeni.
UMose uchazwa njengomuntu owayehlanzekile
kunawo wonke umuntu osewake waphila.
UNkulunkulu wamkhetha ukuthi abe ngumholi
wesizwe sakwaIsrayeli esakhululwa ebugqilini.
Ngaye uNkulunkulu wanika abantu izimiso
zenhlanzeko. Abantu abanezifo ezithathelanayo,
nalabo abahlangana nezinto ezingcolile ezandisa
izifo kwakufanele basuswe enkanjini. Akukona
kuphela ukuthi abantu bakwaIsrayeli kwakufanele
bahlanzeke, kepha kwakufanele bayiphile
inhlanzeko. Ukungcola kwakungafuneki enkanjini.
Isizwe sakwaIsrayeli sasiba yisizwe esingenazo izifo
lapho silalela imithetho esiyinikwe nguMose.
Sasihlaselwa yizifo lapho sichezuka emithethweni.
Umuntu olandela lezimiso uzovuna imiphumela
efanayo.
31
Izimiso okufanele uzigcine:
(a) Okokuqala kufanele ingqondo nomzimba
kuhlanzeke. Ungangenisi lutho oluzongcolisa
umzimba nengqondo. IBhayibheli lithi,
“….umzimba ulithempeli likaNkulunkulu”,
“…uma umuntu elingcolisa, uNkulunkulu
uzakumchitha.” I KwabaseKorinte 3:16, 17.
“Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu
ulithempeli likaMoya oNgcwele okinina,
enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo
abenu na?” I KwabaseKorinte 6:19. Umkhuba
wokubhema kufanelwe uthathwe njengongcolile
nongushevu. Utshwala buyisiphuzo esithunaza
umzimba nengqondo. Ulaka, ukukhathazeka
nemicabango emibi nako, ‘kungcolisa ithempeli.’
(b) Yakha indlu endaweni ephakeme
nengenamswakama.
(c) Amagumbi endlu kufanele angenise ilanga
ngokwanele, afake nomoya owanele ubusuku
nasemini.
(d) Geza umzimba nsuku zonke. Ungaphindi
izingubo ezingcolile. Ngoba lokho kwenza ukuthi
amagciwane abuyele futhi emzimbeni.
(e) Qinisekisa ukuthi indawo ohlala kuyo
ihlanzekile.
32
(f) Ungagcini izithelo nemifino ebolile nokunye
okubolile endlini nasemagcekeni. 2.10 Ukuzithiba
Alukho ucwaningo olungenziwa luphothulwe,
lungathintanga ukuzithiba. UMvangeli uPawulu
uyasinxusa ukuthi sikwazi ‘…ukuzithiba ezintweni
zonke.’ I KwabaseKorinte 9:25. Lokhu kusho ukuthi
kufanele sikugweme okungasilimaza, sigweme
ukweqisela kulokho esikwenzayo, sikujabulele
ngokusendimeni loko okuhambisana nomthetho.
Angeke sibe nempilo enhle uma singakwazi
ukuzithiba. Ukuzitika kufanele kulawulwe
ngukucabanga, kungalawulwa imizwa. Impilo
yokuzitika iyimbangela yokugula emzimbeni
nasengqondweni. Ukungakwazi ukuzithiba
kwezocansi kubulala ingqondo nemithambo
ehambisa igazi emzimbeni, kuholele ekuguleni
komzimba wonke. Umuntu unomkhuba
wokungazithibi. Ukuze akwazi ukuzithiba ezintweni
zonke, udinga amandla kaKristu. 3 Ubudlelwane phakathi kwengqondo nempilo
enhle
Ingqondo ibaluleke kakhulu ekuphileni. Isebenza
ngemithambo ebalulekile, ehlanganisa amalunga
33
onke omzimba. Izithombe ezakheka engqondweni,
imizwa, nemicabango ejulile, kudlulisekela kuwo
wonke amalunga omzimba. Kulinganiselwa ukuthi
izifo ezingu-9 kwezingu-10 zisukela engqondweni.
Labo abathatha ukugula njengesifo esihlasela
umzimba kuphela, akuvamile ukuthi belaphe
umsuka waso. Ukuze sithole impilo enhle, kufanele
silandele imithetho elawula ukusebenza kahle
kwengqondo.Amandla engqondo abalulekile
ekuphaphamiseni umzimba wonke nasekuwunikeni
amandla okulwa nezifo. Lamandla angakhuliswa
noma anqundwe. Amandla engqondo akhuliswa yingqondo ehlala
isebenza. Ingqondo ehlala isebenza iphaphamisa
impilo. Ingqondo ephapheme iphaphamisa egazi
emzimbeni. Ingqondo egcwele okuhle elangazelela
izinto ezinhle nezinkulu ngokulandela umthetho,
nenentando yokuphila iyawuphaphamisa umzimba.
Njengoba umzimba uqiniswa wukuzivocavoca
nengqondo kanjalo iqiniswa ngukusetshenziswa.
Ukuxazulula izinkinga ezilukhuni, ukuthatha
izinqumo, ukucwaninga nokuhlaziya izinto,
kuyayikhulisa ingqondo. Ingqondo yenzelwe
ukwakha nokubhekana nemibuzo emayelana
neqiniso. Labo abavumela abanye abantu ukuthi
babacabangele, bahlaselwa yizifo kalula ngoba
34
izingqondo zabo azinawo amandla okuzilwisa.
Amandla engqondo aphinde alinyazwe yimikhuba
emibi, ukudla nokuphuza ngokweqisela
nokungazithibi kwanoma wuluphi uhlobo. Ingqondo kufanele inakekelwe njengesisu. Akukho
okungcolile okufanele kunikwe ingqondo.
Ungakwazi ukuhambisa isisu ngokuphuza izinto
zokusihlanza kepha lokho okufaka engqondweni
kuhlala khona cishe unomphela. Uma ingqondo
ingajwayele ‘ukuhlafunisisa’ izinto ezilukhuni, iba
nokuntengantenga. Abanye abantu bacabanga
ukuthi bayayisiza ingqondo ngokuyigqisha ngezinto
eziningi ngesikhathi esisodwa, kepha abakuqapheli
ukuthi ukuyithwalisa ngezinto eziningi kunobuthi
obudlulisa ukuthwalisa isisu ngokudla okuningi.
Ukuhlohla ingqondo ngezinto eziningi ngesikhathi
esisodwa engeke ikwazi ‘ukuzigaya’, umkhuba
wokungafundisisi, wokufunda ngokushesha
ngokungaqapheli, nowokukha phezulu lapho
ufunda, udala umonakalo ongapheliyo
engqondweni, odala ukuthi ilahlekelwe amandla
okukhula. Ngesinye isikhathi ulwazi oluncane
oluhambisana nokuqeqesheka luba nomthelela
omuhle engqondweni nasemzimbeni. Njengesisu,
nengqondo kufanele ‘idle’ ukudla okwahlukene.
Kungenjalo angeke ikhule ngokufanele. Ingqondo
35
idinga ukuphumula nokunyakaziswa. Ukufunda
kakhulu kuyingozi empilweni. Indoda ehlakaniphile
yathi, “nokufunda okuningi kukhathaza umzimba”
Mshumayeli 12:12. Kugweme ukubuka umabonakude nokufunda
amanoveli. Kwenza ingqondo ibe buthakathaka,
imithambo iphambane ngokugcwaliswa ngezinto
ezingafanele. Umabonakude namanoveli
anomthelela omubi kakhulu ebantwaneni
naselusheni, ngoba athikameza ukusebenza
kwemizwa emzimbeni. 4. Imithetho yokuphila Ingqondo akuwona umshini wokugcina ulwazi
kuphela, kepha iyisiqu esihlanganisa ezesimoya
nokuziphatha. Ngalokhu sichaza ukuthi ingqondo
inamandla okuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi
futhi inikwe amandla okuhlanganyela ngenjabulo
noMdali empilweni yesimoya. Ubudlelwane
phakathi kwemithetho yokuziphatha neyesimoya
bubaluleke kakhulu empilweni. IBhayibheli lithi, “inhliziyo ezolileyo ingukuphila
kwenyama, kepha umhawu ungukubola
kwamathambo.” Izaga 14:30. Igama elithi ‘inhliziyo’
lisho ‘ingqondo’ ngoba yilapho kuvela khona konke
36
ukucabanga. “Njengokuba unjengozicabangelayo...”
Izaga 23:7. Lokhu kuchaza ukuthi ukucabanga
ngendlela elungile kugqugquzela ukuphila, kanti
ukucabanga ngendlela engalungile kumema
ukubola nokufa. Imicabango ilandelwa imizwa efana nayo. Uma
imicabango imibi nemizwa iba mibi. Imicabango
yokukhononda, ukungathembi, ukusola,
ukungagculiseki, umona, umhawu, ukucasuka,
intukuthelo, iholela emizweni engenayo injabulo.
Imizwa enje inomphumela omubi nongubuthi kuwo
wonke amalunga omzimba. Iseluleko sikaPawulu
sihle impela empilweni: “elokugcina bazalwane,
konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke
okulungileyo, konke okumhlophe, konke
okuthandekayo, konke okutusekayo, noma
kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo,
zindlani ngalokho.” KwabaseFiliphi 4:8. IZwi likaNkulunkulu linika izinga elifanele
lokucabanga. Lelozinga lingumthetho
kaNkulunkulu, okuyimiyalelo elishumi.
Kunokuphila ekulaleleni umthetho kaNkulunkulu.
IZwi laKhe lithi: “ndodana yami, ungakhohlwa
umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine
imiyalo yami, ngokuba iyakwenezela kuwe ubude
37
bezinsuku neminyaka yokuphila nokuthula.”
“Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho,
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.” “Ngokuba
kungukuphila kwabakufumanayo nempilo
yomzimba wonke wabo.” Izaga 3:1, 2, 8; 4:22. Isethembiso esanikwa uIsrayeli wamandulo sisamile
nanamuhla: “uma ulalela nokulalela izwi likaJehova
uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile
emehlweni aKhe, ulalele imiyalo yaKhe, ugcine
izimiso zaKhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho
nasinye salezozifo engizibeke phezu
kwabaseGibhithe, ngokuba nginguJehova
okuphilisayo.” Eksodusi 15:26. Imiyalelo elishumi kaNkulunkulu iphelelisiwe
ilawula ukuziphatha empilweni. Into yokuqala
okufanele uyiqaphele ngayo ukuthi ikhuluma
ngokucacileyo ngesimiso sothando (funda incwadi
yabaRoma 13:10.) “…uNkulunkulu uluthando” I
Johane 4:8. Imithetho yaKhe iyisimilo saKhe,
yilokho kanye athanda ukuthi sibe yikho. Ngo
‘thando’, iZwi likaNkulunkulu alisho uthando
oluncike emizweni, kepha uthando olusekelwe
isimiso esingcwele esingenawo umina. UKristu weza
emhlabeni akazange azifunele utho olungolwaKhe,
wenza okuhle, wagcina ngokuzinikela
38
esiphambanweni ukusindisa umhlaba
kuhlanganisa nezitha zaKhe. Konke lokhu
akwenzile kusivezela ‘uthando’, uMvangeli uPawulu
uluchaza kanje: “Uthando luyabekezela, uthando lumnene,
alunamhawu, uthando aluzigabisi,
aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele,
aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;
aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela
iqiniso,; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto
zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazela izinto
zonke. Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba
kukhona ukuphrofetha, kuyakhawuka; nokuba
kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi,
kuyakukhawuka.” I KwabaseKorinte 13:4-8. Emnothweni kaNkulunkulu uthando ngumthetho
wokuphila. Ayikho into okufanele iziphilele yona.
Yonke into edaliwe idalelwe ukusiza abanye.
Umthetho wokusiza abanye ngumthetho wokuphila.
Ngakolunye uhlangothi, umina ngukufa. Alikho
ilunga lomzimba elingaphila ngokuzimela lilodwa,
lingasizi amanye amalunga, lingasizwa futhi
ngamanye amalunga. Ngakho-ke impilo yokunelisa
umina iyimpilo yokuzibulala, imema ukugula
39
nokufa. Ingqondo egcwele umina ingqondo egulayo
neletha ukugula kuwo wonke umzimba. Sicaphuna eBhayibhelini isibonelo esikuveza kahle
ukuthi uthando olungenawo umina lugqugquzela
impilo: “akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo
yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa
imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na? Akusikho ukwabela
abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu
nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba-
ze, lapho umbona, nokungazisithezi kwabayinyama
yakho na? Khona ukukhanya kwakho
kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka
kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho,
kuhambe phambi kwakho inkazimulo kaJehova ibe
semuva kwakho.” Isaya 58:6-8. Ngale kwesibusiso esivela kuNkulunkulu,
kunesizathu esihambisana nokwakheka komzimba
esibonisa kabanzi ukuthi ukungasebenzeli umina
kuphakamisa izinga lempilo. “Ubumnandi
bokwenzela abanye ubuhle buletha ukuchachamba
kwemizwa, kugijimise igazi, kuphakamise impilo
ngokwengqondo nangokomzimba.” Testimonies, Vol
4. 56.
40
Uma ufaka ukukhanya engilazini, kuphenduka
imibala yothingo lwenkosazana. Ngokufanayo,
nemithetho kaNkulunkulu iluthando
olubonakaliswe ngeZwi laKhe. Imithetho yokuqala
emine iphethe lokhu okufanele simenzele kona,
ngoba nguYe owasithanda kuqala. UJesu noMose
bathi, “woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho
ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke
umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo
yakho, nangawo wonke amandla akho.”
NgokukaMarku 12:30. Duteronomi 6:5. Emthethweni wokuqala siyabona ukuthi uthando
lufake phakathi isimiso sokuthembeka,
ukwethembeka kuMdali noMhlengi wethu.
Emthethweni wesibili sibona isimiso sokumkhonza,
okungumsebenzi okufanele siwenzele uNkulunkulu
njengoMdali wethu. Kowesithathu sibona uthando
oluhlanganise isimiso sokuhlonipha. Owesine ufaka
isimiso sobungcwele njengophawu lokuthembeka
kuNkulunkulu osezulwini, lomthetho uhlanganisa
isibusiso sokuphumula ngeSabatha (Funda incwadi
kaHezekeli 20:12) Sizibulala thina uma sehluleka
ukuphumula ngosuku olulodwa kulezi ezingu-7
esinikwe zona.
41
Imithetho eyisithupha yokugcina imayelana
nothando okufanele silunike abantu esiphila nabo.
“Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu
uzithanda wena.” NgokukaMarku 12:31. Levitikusi
19:18. Kulemithetho sibona izimiso zokuhlonipha
abakuphethe, ubungcwele bempilo, ubumsulwa,
ukuthembeka, ukuba neqiniso nokwaneliseka. Akufanele sibheke imithetho kaNkulunkulu ngeso
lokuthi uyasinqabela ukuthi senze izinto ezithile
kepha kufanele siyibuke ngeso lomusa. Ngoba
yenzelwe ukwelusa impilo nenjabulo yethu.
Lemithetho ikhombisa uthando olukhulu olwake
lwakhonjiswa kumuntu. Kunophila kuyo. Ingqondo
ejabulela ukukhonza nokuhlanganyela
noNkulunkulu, enenhlonipho, emsulwa,
enokwethembeka, eneqiniso neyanelisiwe
ingumshini ophakamisa impilo. 4.1 Isono nokugula
Ukweqa umthetho kaNkulunkulu kuyi ‘sono’ I
Johane 3:4. Akubona ubunzima bempilo noma
indlala ehlazisa umuntu, kepha unembeza onecala
oza ngenxa yokwenza okungafanele. Imbangela
enkulu yokungajabuli emhlabeni namuhla
ngunembeza onecala. Unembeza onecala uqeda
amandla empilo, uholele ekuboleni nasekuguleni
42
kwawo wonke umzimba. UJesu ubukhombisile
ubudlelwane phakathi kwesono nokugula, lapho
ethi kuleyandoda eyayilashwe isifo esesabekayo,
“bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe
okubi kunalokhu.” NgokukaJohane 5:14. Kudingeka sikuzwisise ukuthi ukungakholwa,
ukungalwethembi uthando lukaNkulunkulu
nobuhle baKhe kuyisono (Funda incwadi yabaRoma
14:23). Uma imiphefumulo isebumnyameni
bokungakholwa, imicabango nemizwa yayo igcwala
umina, bese kuthi ubuhlungu, ukunganeliswa,
ukuzisola, ukukhathazeka, unembeza onecala
nokungathembi kudilize amandla empilo kumeme
ukubola nokufa. 4.2 Isixazululo esingcwele Kungaba kubi impela uma sicabanga ukuthi sidinga
ukugcina imithetho yempilo kuphela, sibe
singakuboni ukuthi angeke sikwazi ukuyigcina
ngaphandle kwamandla angcwele. Kuliqiniso lokhu
ikakhulukazi uma kubhekiswe emithethweni
elishumi emayelana nomthetho wokwesimoya
nowokuziphatha. Akekho umuntu ongakwazi
ukugcina imithetho elishumi esebenzisa amandla
akhe. Ngaphandle kukaNkulunkulu umuntu
akanayo impilo yokwesimoya. IZwi likaNkulunkulu
43
lisifundisa ukuthi umuntu ngokwemvelo
akahambisani nemithetho kaNkulunkulu (Funda
incwadi yabaRoma 8:7) Kuliqiniso ukuthi enhliziyweni yomuntu ngamunye
kunesifiso esifakwe nguNkulunkulu sokuphila
impilo emsulwa, enhle neneqiniso; ngakolunye
uhlangothi kunamandla obubi, nokuthanda
ukwenza okubi. Loku ngumphumela wesono
sokuqala esenziwa ngumuntu sokuhlubuka
entandweni kaNkulunkulu. Ngaphandle kokuthi
umuntu athole amandla avela kuNkulunkulu,
uzoqhubeka nokwenza okubi ngoba amagagasi
obubi asemvelweni yakhe azomcindezela angakwazi
ukuqhubeka nezinqumo zakhe ezinhle (Funda
incwadi yabaRoma 7:14-24). Iqiniso elisobala
neliyisisekelo ngukuthi: “bonke bonile, basilalelwe
inkazimulo kaNkulunkulu.” KwabaseRoma 3:23. Esikudingayo akuzona izinqumo ezinhle zokuphila
impilo engcono, kepha sidinga ukuhlanzwa
kukanembeza onecala ngezono zethu kanye
namandla okuphila ngokulandela imithetho elawula
ukuphila kwethu. Lesidingo sigcwaliswa nguJesu
kuphela, oyisipho esivela kuNkulunkulu
esiqondiswe kubantu (Funda incwadi kaJohane
3:16). Ngempilo yaKhe emsulwa, ngokufa kwaKhe
44
esiphambanweni, nangokuvuka kwaKhe ekufeni,
unika ukuxolelwa namandla kubo bonke abakholwa
kuYe. Mayelana nokuxolelwa kwezono esezidlulile, iZwi
likaNkulunkulu lithembise ukuthi: “ofihla
iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha
ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.” Izaga
28:13. “Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu
owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova
uyakuba nomusa kuye, yebo abuyele kuJehova
wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube
kukhulu” Isaya 55:7. “...uKristu wafa ngenxa
yezono zethu njengokwemibhalo.” I KwabaseKorinte
15:3. “... negazi likaJesu iNdodana yaKhe
liyasihlambulula ezonweni zonke.” I Johane 1:7.
“Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa
nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba
akukho mahluko.... balungisiwe ngesihle ngomusa
waKhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.”
KwabaseRoma 3:22, 24. Asenziwa msulwa emehlweni kaNkulunkulu
ngemisebenzi yethu emihle, ngezithembiso
esizenzayo zokugcina umthetho waKhe
nangemizamo yethu yokugcina umthetho waKhe.
Ukholo oluthatha uJesu Kristu njengoMsindisi
45
womuntu ngamunye luletha ukuxolelwa kwazo
zonke izono kunike namandla okulalela. “Kepha
bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba
babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo
abakholwa egameni laKhe.” NgokukaJohane 1:12. Amandla uNkulunkulu awanika labo abakholwa
eNdodaneni yaKhe ayimpilo kaKristu uqobo.
UKristu weza emhlabeni ukuzosinika impilo entsha.
Impilo endala yonakele futhi inokona. Injongo
kaNkulunkulu akukona ukuvuselela impilo endala
ngoba leyompilo kufanele ife noKristu (Funda
incwadi yabaRoma 6:6) kepha ukusinika impilo
entsha yokwesimoya evela ezulwini. Imvelo endala
ezalwe ngegazi nenyama angeke ikwazi ukugcina
umthetho kaNkulunkulu. Ngaphambi kokuthi senze
okuhle kufanele senzwe sibe ngabantu abakwazi
ukwenza okuhle. UNkulunkulu unika lowo nalowo
okholwa ivangeli likaKristu imvelo entsha, njengoba
kulotshiwe ukuthi; “esiphiwe ngakho izithembiso
eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe
ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu,
nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko.”
II Petru1:4. NgeZwi laKhe nangoMoya waKhe,
uKristu uphila ngaphakathi kwezinhliziyo
zabalandeli baKhe, ngamandla empilo yaKhe, babe,
“nokubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo
46
kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.” Sambulo
14:12. Kunobudlelwane obubalulekile phakathi
kwamandla angcwele okuxolela nokuphola
ezinhlungwini. Ngenkathi uKristu esesemhlabeni,
waphilisa abagulayo, waxolela izono zabo.
Isiqinisekiso sokuxolelwa nesithembiso sokuqala
kabusha empilweni, yilokho okudingwa ngabantu
ukuze balulame. Abantu badinga amazwi amahle
oMphilisi oMkhulu athi, “yima isibindi ndodana,
uthethelelwe izono zakho.” NgokukaMathewu 9:2.
Badinga ukwazi ukuthi uNkulunkulu, “uthethelele
zonke izono...” Amahubo 103:3. Unembeza onecala
nogcwele ukuzisola ungubuthi obuletha ukugula
obungeke balashwa ngudokotela wasemhlabeni.
Labo abanokuzisola badinga ukuya kuKristu.
Ngakhoke, “abakhe khona abayikusho ukuthi:
ngiyagula; abantu abahlala khona
bayakuthethelelwa ububi babo.” Isaya 33:24. Umpostoli uPawulu usitshela ukuthi ukukholwa
kuKristu kusenza sibe ngabalungile emehlweni
kaNkulunkulu, kusilethela uxolo, ithemba, uthando
nenjabulo (funda incwadi yabaRoma 5:1-11).
Lezimpawu ziletha ukugqugquzeleka, uzwelo,
ukudumisa, ukubonga nokuneliseka. Ziphinde
47
zelule iminyaka yokuphila emhlabeni futhi zilethe
nempilo enhle. Ukuze sibe nempilo enhle, izinhliziyo
zethu kufanele zigcwaliswe ngokukholwa,
ngethemba nangenjabulo kuNkulunkulu. “Inhliziyo
eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya
owaphukileyo uyomisa amathambo.” Izaga 17:22.
UNkulunkulu uthanda ukuthi sikwazi ukuthi kuzo
zonke izinkinga esihlangabezana nazo,
singasebenzisa amandla akhe ukumelana nazo,
kubo bonke ubuhlungu, sinoMngani osizwelayo,
kubo bonke ubunzima, sinoMthwali wezinkinga,
kukho konke ukuxakeka, sinikiwe ukuhlakanipha
kwezulu. UNkulunkulu uzimisele futhi ukulungele
ukulalela imikhuleko enokuzisola ephuma kulabo
abeza kuYe ngegama likaKristu. Amazwi kaKristu athi, “zanini kimi nina nonke
enikhatheleyo nenisindwayo, mina
ngizakuniphumuza” NgokukaMathewu 11:28,
angumuthi wokugula ngenyama, ngokwengqondo
nangokwesimoya. UNkulunkulu uzobenzela izinto
ezinkulu labo abamethembayo. Siyakunxusa ukuthi uwalandele amazwi
aseBhayibhelini abe yindlela yakho yokuphila.
Angamagatsha esihlahla sokuphila, “…esiphulukisa
izizwe.” Sambulo 22:2.
48
5. Bathini odokotela na? “Lencwadi iphethe izihluthulelo zokuphila impilo
engcono. Ukulandelwa kwezimiso ekhuluma ngazo
kuholela ekususweni komthwalo omkhulu
wezindleko obhekene nabantu wokuyobona
odokotela imihla ngemihla.” Fred.C. Metz, D.D.S, M.D.Denver, Colorado “Le yincwadi engumgudu okuholela ekuphileni
impilo enhle engibe nethuba elingandile
lokuyifunda. Iminyaka neminyaka umuntu uhlala
enza ucwaningo olungaholela ekwelulweni
kwezinsuku zakhe zokuphila emhlabeni.
UParacelsus wayecabanga ukuthi ngokwakha
uketshezi ayecabanga ukuthi lungelula izinsuku
zokuphila komuntu emhlabeni wafa esesemncane.
UPonce de Leon wafuna umcebo wolusha ezweni
laseFlorida, washona esalufuna: umuntu ophila
esikhathini sanamuhla unethemba lokuthola
ukwelulelwa kwezinsuku zakhe ngokusebenzisa
amaprotheyini (phecelezi: protein) akhandiwe.
Okuthathekisayo wukuthi iminyaka yokuphila
yabesilisa iluleke ngeminyaka emibili kuleminyaka
engu-70 eyedlule. Lencwadi ayigqugquzeli
ukuphuzwa kwamaphilisi athile noma indlela
yokudla egxila enhlotsheni ethile yokudla.
49
Kunalokho lencwadi ibeka izimiso ezinabile
zokuphila impilo enhle. Uma zilandelwa zizonika
isisekelo sokuphila okunempilo ukudlulisa zonke
izinto eziqhutshekwa nokwakhiwa.” Warren E.Parmelee, M.D. Greenville, New York “Lencwadi iwusizo olukhulu kumfundi. Inika ulwazi
olunzulu ngezimbangela zokugula nokuphila.
Amaqiniso ayo anika incazelo ejulile ngemithetho
yemvelo elawula impilo. Yilowo nalowo
onentakazelelo ngezindlela ezinempilo zokuphila
kufanele nakanjani ayifunde lencwadi.” Paul H. Freeman, M.D. Santa Ana, California
Lencwadi inothe kakhulu kulabo abafuna indlela
yokuphila impilo enokuphelela. Ingumtapo wolwazi
lwezimiso ezihlanganiswe endaweni eyodwa. Ikhaya
nekhaya kufanele libe nayo lencwadi.”
Harold C. Brockmann, D.D.S. Lancaster, California “Lencwadi ihlala isegunjini lami lokusebenzela.
Ngibona ukuthi iyincwadi ekuthatha ikubeke
ngezimiso zokuphila. Uma ngethula lencwadi
ezigulini zami, ngiyakugcizelela ukuthi ifundeka
kalula, ingafundwa nangumntwana omncane
ayizwisise. Ngesikhathi esifanayo inothile
ngokubhekana ngqo namazinga empilo
50
ngokushiyana kwawo. Umongo wayo ukufundisa
ngezindlela zokugwema izifo. Izimiso ezivezwe
kulencwadi zibalulekile nasekulashweni kokugula.
Lencwadi ayifundisi kuphela ngempilo
yokwenyama, iphinde igcizelele nobudlelwane
obukhona phakathi kwayo nempilo yesimoya.” Byron Harbolt, D.O.Coalmont, Tennessee “Angikhumbuli nakancane ngibona ukujula
nokunotha okuhlanganiswe ndawonye kwezimiso
zokuphila emakhasini amabalwa kangaka.
Ukuxwayisa okuqukethwe kulencwadi kufanele
kube ligugu, ngoba uma kusetshenzisiwe kuzoba
negalelo ekugwenyweni kwezifo, kugqugquzele
nempilo enhle yokwenyama, yengqondo
neyesimoya.” Harold N.Mozar, M.D.Placeville, Carlifornia