10
EZASE VOLUME NO 2, ISSUE NO 2 King Dinizulu Highway, Ulundi, 3838 P/Bag X 81, Ulundi, 3838 NOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI UMANGOSUTHU BUTHELEZI, UNGQONGQOSHE WEZEMPILO UDR SIBONGISENI DLOMO KWESOKUDLA ONGANGEZWELAKHE GOODWILL KABHEKUZULU KU- VULWA UMTHOLAMPILO WAKWANOMDIYA NGOKUSEMTHETHWENI Zululand Health District Office celebarated women’s day in August, 23 Kugujwe usuku lwa- malungelo esintu enyangeni ka September Page, 4 and 8 Kuvulwe ngokusem- thethweni umtholampilo uNomdiya Page, 1, 2 and 6 Inside the issue KUVULWE NGOKUSEMTHETHWENI UNOMDIYA

Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

Embed Size (px)

Citation preview

Page 1: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

EZASE

VOLUME NO 2, ISSUE NO 2 King Dinizulu Highway,

Ulundi, 3838 P/Bag X 81, Ulundi, 3838

NOVEMBER 2011

KWESOKUNXELE INKOSI UMANGOSUTHU BUTHELEZI, UNGQONGQOSHE WEZEMPILO UDR

SIBONGISENI DLOMO KWESOKUDLA ONGANGEZWELAKHE GOODWILL KABHEKUZULU KU-VULWA UMTHOLAMPILO WAKWANOMDIYA NGOKUSEMTHETHWENI

Zululand Health District Office celebarated women’s day in August, 23

Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September

Page, 4 and 8

Kuvulwe ngokusem-thethweni umtholampilo uNomdiya

Page, 1, 2 and 6

Inside the issue

KUVULWE NGOKUSEMTHETHWENI UNOMDIYA

Page 2: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

KUMELE ABANTU BAZINAKEKELE BONA KUQALA UKUZE BAPHILE

UMnyango weZempilo eZulu-land uvule ngokusemthethweni umtholampilo uNomdiya. Ugubha iminyaka engamashumi amane ISilo Samabandla Onke uGoodwill Zwelithini KaBhe-kuzulu uvule lomtholampilo ngo-kusemthethweni. Ababeham-bele lomcimbi obuhloniphekile iSilo, Umtnwana wakwaPhin-dangene, iMeya yaSeZululand u VZ.MaGwaza Msizi, noNgqongqoshe WeZempilo uSM Dhlomo. OkaMaGwaza Msibi ukujabulele kakhulu ukuvulwa kwalom-tholampilo njengoba kuzothut-hukiswa izimpilo zabantu bak-waNomdiya noLundi na-maphethelo. Ethula inkulumo yakhe uDr SM Dhlomo ugqugquzele abantu ukuthi baye kohlolela isifo sengculazi nesandulela saso. Unxenxe amakhosi ukuba elekelele ekutholeni omama abakhulelwe ezindaweni zawo ukuze baqale behambe imitholampilo kusene-sikhathi esanele. Ube esencoma ngokwehla kwe-sibalo somama abakhulelwe

abatholakala benegciwane leng-culazi, umemezele nokuthi bawu 78 000 abantu besilisa asebe-sokiwe KwaZulu Natal selokhu iSilo samemezela loluhlelo. “Ukusokwa sekuvulelekile kunoma ubani umuntu wesilisa,ayisekho iminyaka enqunyiwe njengoba bekwenzeka ekuqaleni njengoba bekugcina kwiminyaka engama 49” kuqhuba uDhlomo. Umntwana wakwaPhindangene ubongele iSilo ngesikhathi ase-sibusile njengenkosi ya-maZulu,ube eseqhakambisa igalelo laso ekuthuthukiseni izimpilo zabantu. Sithula inkulumo yaso iSilo Sama-bandla Onke sibongele inkosi yasemaMbatheni ngokulethelwa umtholampilo endaweni yaso njengoba kubalulekile ukuthi kube nemitholampilo eyanele ukuze kunqandeke izifo. Sithe sine-siqiniseko sokuthi ikomidi lalom-tholampilo lithokoze kakhulu ngo-kufezeka kwezifiso zalo njengoba lomtholampilo usuvulwa ngo-kusemthethweni. “Kunabantu abaningi kwaZulu Na-

Ngenxa yesifo sengculazi ne-sandulela sayo. Singayikhuluma lendaba singabaholi, silishu-mayele lelivangeli sibambisene neminyango kaHulumeni em-phakathini kodwa kukuye umuntu ukuthi azinakekele ngo-kuqala ayokohlola ukuze abe nesiqiniseko ngempilo yakhe. Uma ezithola ukuthi unalo igci-wane alungise impilo yakhe ahambe umtholampilo ngendlela efanele ukuze aphile isikhathi eside”. kuqhuba uNgangezwe Lakhe. Uqhube wathi, baningi abantu abasondelene nathi abahaqwe igciwane kodwa okumjabulisa kakhulu ukuthi seziziningi izik-hungo zeZempilo esezakhiwa ezindaweni zasemakhaya ngoba bekumphatha kabi kakhulu uku-bona abantu bakhe befa ngenxa yokungalitholi usizo lwezempilo eduzane bekhiphe izimali ez-inkulu begibela ukuze besiza-kale. Ube esebonga ithuba alinikwe uDhlomo ngokuvula lomtholam-pilo ngokusemthethweni lokhu kuzoba umlando ekugubheni iminyaka engama 40 ebusa ngempumelelo uNkulunkulu esamgcinile. Ugcizelele ukuziphatha kahle kwabase-benzi njengoba ethe imigomo yeBato Pele ayihambe phambili ikakhulukazi ezisebenzini zeZempilo njengoba zisuke zisiza abantu abagulayo. Uphe-hte ngokuthi kubalulekile ukuthi iziguli zizizwe ziphathiswe okwa-maqa ukuze zisheshe zilulame

Page 2

ISilo Samabandla Onke sihambisana noMntwana wakwaPhindangene, iMeya yaseZululand uV. Z. Magwaza Msibi kanye noNqgonqgoshe weZempilo uDr S. M Dhlomo ngenkathi kuvulwa uMtholampilo

Page 3: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

OPERATION SUKUMA SAKHE HAS GONE FAR IN ZULULAND

The program which is an initia-tive of the cabinet started in July 2009 as Flagship has now been branded to Operation Sukuma Sakhe (OSS) it focuses in fight-ing diseases ie HIV/AIDS, TB and Chronic, women and youth empowerment, food security, etc. In Zululand District, team mem-bers were elected to represent all departments who further visit five local municipalities. Local task teams were also elected. There are Master trainers who trained cadres on the program which includes house holds pro-filing. In this district the program was initiated in the 10 most de-prived wards out of 89 wards, that was ward 1,2,3,6,16,and 24 in Ulundi. 1,3 and 14 in Non-goma. Ward 3 in Abaqulusi. Household profiling started in these wards, the main aim was to identify and analyze needs of people and give intervention which could immediately, me-dium term or long term. An integrated approach is used

As government departements. Working together as a team is very important for this program. Where needs have been identified the team plan an operation Mbo where departments which in-cludes Health, Education, Social Development, SASSA, DAERD, DHA,DHS,DAC, DOL, etc, visits the area. Through this program it has been identified that there are many peo-ple without identity documents, birth certificates, health cards, etc. Currently more then 8000 house-holds have been profiled in the most as well as medium deprived wards. Community leaders are the entry point to the wards as it is crucial that government departments gets support and co-operation from them. Five local AIDS councils (LACS) and District AIDS council were launched last year. Zululand Dis-trict hosted AIDS conference last year and also five local municipali-ties hosted their conferences

locally. Ward committees were also launched, currently the new ar-eas are being oriented on Op-eration Sukuma Sakhe. In different wards community halls are identified as war rooms. In specific days ward convener, community leaders and different stakeholders meet in war room so that the community bring their needs for the attention of Opera-tion Sukuma Sakhe. Every year in July Senior man-agers for Zululand District allo-cated in different wards for profil-ing and this helps in giving them the experience on what is hap-pening in the District. This is a new approach which empha-sizes the service delivery in every ward. In Zululand District the program is championed by the KwaZulu Natal Premier Dr Zweli Mkhize and the Head Of Department of Health Dr Sbongile Zungu. The Provincial convener is Mr Skhumbuzo Gumede. There are so many people who have been benefited in this and so many program either then Operation Sukuma Sakhe are piloted in Zululand District. In five years the impact in changing lives of the people would have been made

“Masisukume Sakhe KwaZulu Natal”

.

Page3

Mrs BJ Buthelezi Chairperson for Operation Sukuma Sakhe

Page 4: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

WOMENS DAY CELEBRATION FOR ZULULAND HEATH DISTRICT OFFICE STAFF

Page 4

UNkk Memela umphathi wesifunda saseZululand udlulisa ukuzibongela emakhosikazini esifunda

Ungaze ukuthi bathi kuguga othandayo labo sisi besifunda saseZululand.

C.G.T. Magubane usihola ngezwi leNkosi kulom-cimbi womama.

UNkk Vilakazi lona ovela ehhovisi elikhululeZem-pilo lapha eKZN uzonikeza abanye besifazane izindlela zokuziphatha emsebenzini nasekhaya

SIXOXA NGEZITHOMBE

UNkk Mdlalose lona olithishelakazi khona lapha naye uzovuselela omama ngokukamoya uthe abahloniphe izinhloko.

Imbokodo iyahuba izokhuleka iqalise lomcimbi-wayo ijabule kakhulu.

Page 5: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

KUGUJWE USUKU LWAMA SIKO ESINTU ESIFUNDENI SASE ZLULAND

Page 5

Ukudla kosuku; Imifino, isithwalaphishi, isitambu, inhloko, usu, amasi omcaba, ubhatata kanye no-kunye

Ngemuva u Gabi Mbatha no Nokuphila Msthali, ngaphambili u Thabisile Ngcobo no Ntombifuthi Zulu

Babevunule beconsa co abasebenzi besiFunda saseZululand ngalolusuku

Kusuka kwesokudla, u N Nzuza, N Dlamini, S V Mkhwanazi no N Zulu oyigosa leqembu lengoma

U Nkk SRJ Hlongwa echaza mayelana nokuzigcina kwentombi ize ifike ezingeni lokuthola umshado.

U Nkk N A Zulu ehola iqembu lengoma elabe li-vunulile linandisa ngosuku lokugubha amasiko esintu

SIXOXA NGEZITHOMBE

Page 6: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

UBUHLONIPHEKILE UMCIMBI WOKUVULWA KUKA NOMDIYA NJENGOBA UBUYINGXENYE YEMIGUBHO YAMASHUMI

AMANE KUBUSA ISILO SAMABANDLA ONKE

Page 6

SIXOXA NGEZITHOMBE

I Silo Samabandla Onke, INkosi yaseMaMbatheni, uN-qgoshe weZempilo U Dr SM Dhlomo kanye noMtwana waPhindangene u Dr M G Buthelezi

U Dr S M Dhlomo ethula inkulumo yakhe ngenkathi kuvulwa ngokusemthethweni umtholampilo u Nomdiya endaweni yakwa Nomdiya engaphansi kwaseNkonjeni

Ibutho elabe ligiya ngosuku lokuvulwa komtholampilo lithokozela ukufika kukaNgangeawe Lakhe endaweni yakwa Nomdiya

U Sr S Madela ongumphathi womtholampilo echazela uN-gangezwe Lakhe no Dr S M Dhlomo ngokusebenza komtholampilo kanjalo nomlando wawo.

U Dr S Zungu oyiNhloko yoMnyango weZempilo ehambisana noNgangezwe Lakhe kanye no Dr S M Dhlomo bebuka um-tholampilo obuvulwa ngokusemthethweni

U Dr S M Dhlomo amukela uNgangezwe lakhe kanye noMtwana wakwaPhindangene befika emtholampilo u Nomdiya njengoba babezobungaza umcimbi

Page 7: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

ekhaya labadala kwaCeza ngohla zili-18 July 2011 ithimba laleli hhovisi liphume ngobun-ingi balo ukuyo jabulisa lzaguga ezihlala kulelikhaya lakwaCeza

Izaguga zilithokozele kakhulu ikhekhe nezinye izidlo ebe-ziphathelwe zona ezimnandi nezazikhombisa kokuthi be-kugujwa usukulokuzalwa. Kubeyintokozo nakubasebenzi balelihhovi ukuxoxo nazo ba-zihlanzela indlu yazo yokupheka okuya ngasethun-jini.engxoxweni yezisebenzi zaloMnyanga nabadala,abadala bakhombise ukumazi umadiba

Isifunda sase Zululand sibe yingx-enye yokugubha usuku luka baba uDR Nelson Mandela nowaba ngu-mungameli wokuqala wakuleli . Imi-zuzu engama-67 ichithwe

Bathi bayamzi uMadiba bake bambone kumabonakude futhi iningi labo liyamazi ukuthi ukewaba ngumongameli woku-qala kuleli. Zibe sezithenjiswe ukuthi zizophinde zivakashelwe maduze nje njengoba kugqugquzelwa ukuthi asi-nakekelane kube sengathi zonke izinsuku kugujwa usku lukaMadiba.

“SIYAMAZI UMADIBA UYE OWABA UMONGAMELI WOKUQALA OMNYAMA KULELI”

Page 7

KUVAKASHELWE EKHAYA LABADALA KUZALWA UMADIBA

Lapha kusha ingoma ngiyabona ukuthi uma iphela ku-zosha umkhuleko bezibongela eNkosini ngokuphila.

Leli likhaya labadala endaweni yakwaCeza ngaphansi kwesifunda saseZululand

Njengoba kwakugunjwa usuku lokuzalwa kukaMadiba nalapha ogogo nomkhulu babephathele izidlo ezimnandi abasebenzi boMnyango weZempilo

Lezintokazi ezivakashelae ogogo onmkhulu lapha ekhaya labo njengoba kulusuku lu-kamadiba zisizangokuba hlazela.

Ithimba lasifunda saseZululand lihlangene nezisebenzi zasekhaya labadala kwaCeza.

Page 8: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

Marriage councillor Mrs S F Mdlalose encourages married women to respect their hus-bands. “God has a reason that is why he created women. That is why they must learn to support their husbands and children” said Mrs Mdlalose.

Motivating women Mrs N P Vilakazi, said women are master of all. She said they must not let anger rule their lives. Womens have many challenges which in-cludes finance, community crime, family responsibilities.

Single ladies must know what they want they pray to God for loving husbands and the must learn to wait for good thing, said Mrs Vilakazi

She also encouraged the spirit of Batho Pele within a workplace. She continues to say “We are all here because of service delivery it is very important to threat our clients with respect and dignity.”

WOMENS MUST LEARN TO RESPECT THEIR HUSBANDS

Page 8

Zululand Health District staff celebrated women’s day in August, 23, 2011

motivated women to go to Health facilities for breast cancer and cervical cancer screening.

The day was very exciting as women were wearing their beau-tiful dresses and the theme of the day

Men organised everything for this day, they prepared a venue, gift for women and also a pro-gram for a day. The theme for the day was ‘dress to kill’

enyangeni yokuzalwa kuya ezin-yangeni eziyi 18. Izigaba bezi-hlukaniswe kanje: 0 kuya ezin-yangeni eziyisishagalombili. Isishagalombili kuya kwishumi nane. Ishumi nanhlanu kuya kwishumi nesishagalom-bili.Omama bezingane ezaphuma phambili bakhombisa ukujabula okuyisimangaliso njengoba bebona ukuthi baya-kuthola ukwesekwa emse-

Abawenzayo wokukhulisa izin-gane zabo ngendlela eyiyo nelindelekile

Zonke izingane ezazihambele lomcimbi zaphuma ziphethe izipho njengoba u Johnson and Johnson wayephethe izipho ez-anele njengomxasi womcimbi ukuze bajabulise zonke izin-gane. Ababemele uMnyango bakujabulele kahulu ukuba yingxenye yomcimbi

KUKLONYELISWE IZINGANE NGEZIPHO EZULULAND

U Mnyango weZempilo e Zululand uhlangene nenkampani yakwa Johnson and Johnson bahlele um-cimbi wokuqguqguzela omama ukuba bakhulise izingane zabo ngo-kuzinakekela nangokuzithanda.

Lomcimbi ubungomhlaka 13 ku Oc-tober 2011 emtholampilo I Zwathi. Kulomcimbi izingane bezik-lonyeliswa ngezipho njengoba kwa-kukhethwa ngokuhlukana kwezi-gaba. Izingane ebezingenele lomncintiswano ezisukela

Zululand Health District staff cele-brated women’s day on the 23 August 2011.

On this day, this office was blessed with three people which were invited to motivate women, Mrs N P Vilakazi from Department of Health Head Office who deals with Batho Pele Provincially, Mrs S F Mdlalose from Department of Education who is a marriage counsellor and Mrs M N Ntuli from Nkonjeni Hospital who

Page 9: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

Isigaba sokuqala Ingane ibikhula phakathi kwa-malunga omndeni njengogogo, obabekazi kanye nabazali ibifun-diswa kakhulu ngenhlonipho, inhlan-zeko ,ukuziphatha ,nokwenza imisebanzi yasekhaya njengo-kutheza nokuhlakula nokunye.

Isigaba sesibili Kulesisigaba intombazane isuke isihlosa nomzimba wayo usu-lolongeka okukhombisa ukuthi iyakhula. Odadewabo bebeson-dela kuyo kakhulu begcizela ukuziphatha, ngokhuhamba kwe-sikhathi intombazane ibifika ezin-geni lokukhula. Ukuthomba aba-zali babeyingenisa emgonqweni lapho yayiyalwa ngodadewabo beyifundisa ngendlela yempilo. Kulelizinga ubaba ubeyenzela umhlonyana okhombisa ukuthi isikhulile. Yilaphoke oseku-zobonakala nezesheli seziyi-banga iqhikiza layo laliyeluleka ukuba izothe ingabi uthathekile ukuze ikwazi ukukhetha kahle

Lube impumelelo usuku logujwa kwamalungelo esintu esifundeni saseZululand. Minyaka yonke abasebenzi baleli hhovisi baqoka usuku enyangeni ka September lapho behloba khona ngok-wesintu bagubhe lolusuku. Nga-lolusuku kusuke kugxilwe kak-hulu ekwenzeni izinto zesintu njengoba kusuke kuhaywa izin-goma, kushaywa indlamu nezin-kondlo, nokudla okusuke kudliwa kuba okwesintu njengoba kusuke kukhona amasi omcaba, isi-tambu, isithwalaphishi, izindlubu, ubhontshisi, inyama yenhloko, usu, uqede, amadombolo, amahewu kanye nokunye okuningi.

Kulonyaka u Nkk SRJ Hlongwa ongumphathi emakhazeni nga-phansi kwaMasipala wasoNdini uthule inkulumo yosuku echaza ngokuziphatha kwentombi ize ifike ezingeni lokushada, kanti ekhaya bayakuthokozela uku-zalwa kwengane yentombazane kwakusho ukubuya kwezinkomo ezilobole umama uma ikhula.

esithandayo uma ubaba ena-madla ubeyemulisa indodakazi ebonga ukuthi iziphathe kahle

Isigaba sesithathu Intombi uma kunesesheli esithan-dayo ibitshela iqhikiza okuyilona elidlulisa izwi ensizweni leyo ukuze kulungiswe ukugaxa ucu kanye nokukhomba indawo yoku-yobongwa . Emva kombongo in-tombi iyayalwa ngokuziphatha ukuze ingakhohliswa yisoka liyone ubuntombib ayo kanjolo nesoka liyayalwa.

Isigaba sesine (iqhikiza ) Uma intombi isiqomile iziphethe kahle yayinikwa umusebenzi wo-kululeka amatshitshi ngo-kuziphatha ngalelsisikhathi ibibuthwa nontanga yabo njengo mjamisi no vumindaba intombi yayihlonipha omakhelwane nezi-hlobo zesoka layo,futhi inge-jwayeli ukuyangakhona ngaphan-dle uma kunamacece kuleyon-dawo. Indlela yokugqoka no-kuhloba yayehlukile kweyamat-shitshi.

Isigaba sesihlanu (ingodosi ) Uma isoka selithumele abakhongi abakhongi beyokokha umlilo ekhweni lakhipha nelobolo, in-tombi yayisibizwa ngokuthi yin-godosi .yilaphoke okuthi uma kunesidingo abasemzini bayicele ingodosi izokwelekelela ngale-sisikhathi isoka selibizwa ngomkhwenyana, lihlonishwe abantu bendawo nabazali uma ukhwenyana enamadla uyayik-hehla ingodosi ibe isifaka isid-waba nenhloko

Isigaba sesithupha Uma umkhwenyana eselungele ukugcagcelwa wayethumela abakhongi beyocela ilanga kumkhwewakhe, kumenywe izi-hlobo nabangani. Kusuke kujat-shuliwe ngalolusuku lomgcagco ikakhulu uma iphoyisa lenkosi selibamemezela njenkosikazi nen-

USUKU LWAMALUNGELO ESINTU ESIFUNDENI I ZULU-LAND

Page 9

Ngemuva u Gabi Mbatha no Nokuphila Msthali, ngaphambili u Thabisile Ngcobo no Ntombifuthi Zulu

Page 10: Zululand Health District Newsletter : November · PDF fileNOVEMBER 2011 KWESOKUNXELE INKOSI ... Kugujwe usuku lwa-malungelo esintu enyangeni ka September ... Batho Pele within a workplace

King Dinizulu Highway,

Ulundi, 3838

P/Bag X 81, Ulundi, 3838

Tel- 035 8742381

Fax-035 8742411

Compiled by

Thabisile Ngcobo

And

Bhekumuzi Mbatha

Zululand Health District Office

Communication Office

Emva kokuba sekuhlungiwe aphumile amaqembu amabili elebhola lezinyawo kanjalo nelomqakiswano. Lamaqembu ahlanginise abasebenzi bezik-hungo ezihlukene ngaphansi kwesifunda saseZululand. Yonke iminyango kahulumeni ifike enkundleni yezemidlalo Olundi lapho kwakudlalelwa khona inethemba lokuthi yiyo ezohamba nezindebe. Kodwa kwathi uma sekuqalwa kudlalwa kwabonakala

Ngomhlaka 9 July 2011 uMnyango weZempilo eZululand kubalwa zonke izikhungo ezinga-phansi kwaloMnyango, zihlan-gene endaweni yaseDumbe ngenhloso yokuyohlunga iqembu elizomela loMnyango em-cintiswaneni we bhola lom-qakiswano kanjalo lezinyawo. Inhloso yalemidlalo ukuqgu-qguzela abasebenzi ukuba baphile impilo enempilo kanti isiqubulo besithi “ promoting a

Obani izinkunzi kwezemidlalo njengoba ebholeni lomnqakiswano eZempilo zathatha indebe kwathi ibhola lezinyawo balala isibili.

Iqembu lebhola lomqakiswano libuye liphethe indebe, izindondo zegolide kanye ne jezi Elisha sha lebhola.

Imiklomelo ingabuyanga kahle kodwa abesifazane nabesilsa babuya bephethe bonke labantu okukhombisa khona ukuthi lisa-gaya ngaloyamhlathi alikatshitshi lapha esifundeni saseZululand ngoba kwakudidiyelwa yonke iMnyango kaHulumeni.

Khonamanjalo iyaqhubeka imid-lalo yabantu abadala kulesisi-funda njengoba kunabadlale baze bafinyelela ekubeni yingx-enye yeqembu lesiFundazwe.

Leliqembu lesiFundazwe lo gogo no mkhulu lihambe laze labuya e Bloemfontein ngenyanga edlule ukuya koqhudelana nezinye izi-Fundazwe.

Kanti nalapha iyaqhubeka lemid-lalo ukuze abantu abadala ba-thole ithuba lokuzilolonga bahlale bephilile. Kulungiselelwa um-qhudelwano wokugijima ozobe use dolobheni lasoNdini khona maduze nje.

NAMANJE SISAHAMBA PHAMBILI KWEZEMIDLALO

Page 10

Iqembu lebhola lomqakiswano lase Zululand lithi namanje ibhola li-buzwa kulo lokhu kulandela ukuthatha indebe ngenkathi kuqhudel-wana nayo yonke iminyago kahulumeni e Zululand.

Under faculty of Arts in Commu-nication science. I joined Zululand Health District to do experiential learning for the period of six month. I am enjoying this moment and I am so pleased to work with this organization as they are working as team. There are so many thing that I will continue to learn. I also feel comfortable to work with Thabisile Ngcobo, she gives me the experience I need as I am learning a lot in terms of Communication and Public Rela-tions.

My name is Bhekumuzi Welling-ton Mbatha .I am a student of University of Zululand (uNgoye)