View
4
Download
0
Category
Preview:
Citation preview
Izisombululo Zezezimali Kubanikazi Bamabhizinisi
Incwadi Yohlelo Lwebhizinisi
Insurance Financial Planning Retirement Investments Wealth
Okuqukethwe
Hlela ukuphumelela: 1 Ingxenye 1: Ukuhlelela uhlelo: 3
Ukwenza isikhathi ukuze uhlele ibhizinisi lakho 4 Indawo ongasebenzela kuyo ukubheka uhlelo lwakho lwebhizinisi 5 Ukwenza ibhodi yamaphosta ohlelo lwebhizinisi 7 Ukuguqula uhla lwezinto “okumele uzenze” zibe yizinto ozenzayo 8 Uhlelo lokwenziwayo lwengxenye yoku-1 9
Ingxenye 2: Isithombe esikhulu: 11
Izithombe zakho ezinkulu 12 Ukusimama 13 Igama lebhizinisi lakho nophawu 14 Inhloso yebhizinisi lakho 16 Umkhiqizo wakho / isevisi yakho 17 Chaza izinhloso zebhizinisi lakho 18 Amaphupho amahle (S.M.A.R.T Goals) 19 Ubumandla kanye nobuthakathaka bakho 22 Amakhono akho kanye nolwazi 23 Uhlelo lwezinto ezenziwayo ingxenye 2 25
Ingxenye 3: Ukuhlelela isisekelo: 27
Indawo yakho 28 Izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo 30 Ukuthola izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo 32 Izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo okumele uzithenge 33 Abantu abayi-12 abangakusiza 34 Ukwenza laba bantu babambe iqhaza 35 Ukuxhumana kwakho nabantu 36 Ukuhlala unolwazi 37 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 3 39
Ingxenye 4: Ithimba lebhizinisi lakho: 41
Izikhala zomsebenzi wakho 42 Ukugcwalisa lezo zikhala 44 Iholo, ukuqeqesha kanye nokuvala izikhala 46 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 4 49
Ingxenye 5: Isitatimende sakho sempokophelo: 51
Ukubhala isitatimende sakho sempokophelo 52 Iphepha lokusebenzela – isitatimende sakho sempokophelo 53
Ingxenye 6: Ucwaningo ngezimakethe: lumayelana nani: 56
Izizathu zokuthi luyini futhi kungani kumele kube nocwaningolwezimakethe 57 Imithombo yokucwaninga ngezimakethe 58 Konke lokhu akuthi shu ngaphandle-ke uma... 60
i
Ingxenye 7: Ucwaningo lwezimakethe: umkhakha wakho: 62 Ukuphenya umkhakha wakho 63 Nda ngemininingwane ngomkhakha wami 67
Ingxenye 8: Ucwaningo lwezimakethe: imakethe okuyiyona oyiqondile: 70 Ukwenza uphenyo ngemakethe oyihlosile 71 Ukuthola ukusizakala okukhulu ngokukhuluma nabantu 72 Ukuqonda imininingwane yalabo engibathengiselayo 76
Ingxenye 9: Ucwaningo iwezimakethe: izimbangi zakho: 79 Ukwenza uphenyo ngezimbangi zakho 80 Ukuqonda imininingwane yezimbangi zami 84 Ukuqhathanisa umkhiqizo wami/ isevisi yamiup 86 Ngabe umkhiqizo wami / isevisi yami imi kuphi 87
Ingxenye 10: Ukumaketha: icebo kulabo obaqondile: 89 Ukucaba indlela yokubhekana nalabo obaqondile 90 Umyalezo wokuzimaketha kwakho 92 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 10 95
Ingxenye 11: Ukumaketha: umkhiqizo/isevisi lakho: 97 Ukwenza izinguquko 98 Ukunquma amanani omkhiqizo/isevisi yakho 100 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 11 105
Ingxenye 12: Ukumaketha: ukuzithengisa kwakho: 108 Ukubhajethela imikhiqizo yokuzithengisa 109 Izikhangiso 111 Amawebhusayithi e-inthanethi 113 Amawebhusayithi e-inthanethi 115 Izindlela ezinobuchule zokukhangisa ibhizinisi lakho 120 Indlela ehamba phambili yokuzikhangisa: ubudlelwano obuhle kakhulu namakhasimende 122 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 12 125
Ingxenye 13: Ukuphathwa kwezinto ezithengiswayo: 127 Izindlela zokuthengisa kwakho 128 Ukuqeqeshelwa ukuthengisa 130 Ukulandelela indlela othengisa ngayo nezinto ozithengisayo 131 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 15 133
Ingxenye 14: Ukugxila ezimalini: izimali zokuqala ibhizinisi: 135 Izindleko zakho zokuqala ibhizinisi 136 Ukwenza ibhajethi yenyanga 140 Ukubhajethela izindleko zezinyanga zokuqala ezi-3 142 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 14 145
Ingxenye 15: Ukugxila ezimalini: ukuthola imali: 147 Imithombo yemali yakho 148 Izinto ezi-5 ezibaluleke kakhulu ekwebolekeni imali 150 Ukuhlakanipha ngezimali zakho 153 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 15 155
ii
Ingxenye 16: Ukugxila ezimalini: izitatimende zezimali: 157
Isitatimende semali engenile nephumile 158 Isitatimende sokuma kwezimali 160
Ingxenye 17: Ukugxila ezimalini: ukuphathwa kwezimali: 164
Ukheshi usho okuningi ngaphezu kwemali nje 165 Ukulungiselela ukusebenza kwezimali 168 Isimo sokuhlaziya ukungenzimali kwebhizinisi 170
Ingxenye 18: Ukugxila ezimalini: ukugcina amarekhodi: 172
Ukugcina amarekhodi ezimali ezingenayo 173 Ukugcina amarekhodi ezindleko zebhizinisi 174 Ukugcina amarekhodi ezinto ezibalulekile ebhizinisini 175 Izindlela zokugcina amabhuku 176 Ukuxhumana nongcweti kwezentela 176 Ukulawula ukusebenza kwezimali zebhizinisi lakho 177 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 18 181
Ingxenye 19: Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke: 183 Ukuqonda ngokuhlaziywa kwebhizinisi lakho mikhakha yonke 184 Ukuhlaziya kwakho ibhizinisi mikhakha yonke 185 Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — amandla 186 Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — ubuthakathaka 187 Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — amathuba 188 Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — izinselelo 189 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 19 191
Ingxenye 20: Ukuqhubeka kwebhizinisi: 193 Izingcuphe eziyi-6 okumele uziphenye 194 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 20 200
Ingxenye 21: Isidleke seqanda lakho: 202 Ukwakha imigodlagodla yokutshala izimali 203 Ukuthatha umhlalaphansi kwakho nabasebenzi bakho 205 Ukusebenzisa umeluleki ngezezimali 207 Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 21 211
Ingxenye 22: Ukubhala uhlelo lwakho lwebhizinisi: 213 Ukubhala uhlelo lwebhizinisi lakho 214 Ingxenye 23: Uhlelo lwakho lwamasonto ayi-12: 222
Ingxenye 24: Isithombe esikhulu, isitatimende sempokophelo: 247
iii
1
Ukuhlela ngendlela efanele kuwukhiye wempumelelo
1. Ukuvula ibhizinisi ngaphandle kohlelo lwebhizinisi kufana nse nokuvele usukeuhambe nje udavuze ungazazi nokuthi uyaphi ube futhi ungaphethe ngisho
nebalazwe leli noma ungenalutho ozihlinzeke ngakho kodwa futhi ube uzama ukufinyelela endaweni ethile ongakaze uye ngisho nakuyo phambilini. Ngamanye amazwi uyazi ukuthi kukhona lapho kufanele uye khona kodwa manje inkinga awazi nokuthi kungakuphi lapho futhi awazi nokuthi yini oyidingayo ukuze ufike lapho. Uma usucabanga kahle nje, ungafika kanjani-ke lapho?
2. Iqiniso elimsulwa ukuthi osomabhizinisi abaningi benza khona lokhu-ke impela.Uthola ukuthi banomqondo omuhle webhizinisi futhi banaso nesibindi sokuthi
baliqale leli bhizinisi abalicabangayo. Kodwa-ke lokho akwanele. Yizinkulungwane ngezinkulungwane zamabhizinisi amancane eziqala kahle kodwa zehluleke ukusimama, yize umcabango wokuwaqala lawa mabhizinisi uqale kahle kanye nesibindi sabanikazi bawo ukuwaqala sibe khona.
3. Ngabe kungani lawa mabhizinisi ehluleka na? Ukungabinazo izimali zoxhaso,ukushaya indiva labo oncintisana nabo ebhizinisini, ungalithengisi ngendlela
ibhizinisi kubantu, ukubeka ibhizinisi endaweni engafanele, ukungaziqondi izidingo zamakhasimende, izinkinga zokungakwazi ukuphatha imali ngendlela... ziningi kakhulu izizathu ezenza ukuthi amabhizinisi ahluleke ukusimama.
4. Yize-ke kunjalo, zonke lezi zizathu zinento eyodwa nje ebalulekile ezinayoefanayo – bezingagwemeka ukuba abanikazi bamabhizinisi babenze uhlelo
lwebhizinisi olunqala ngaphambi kokuba baze bavule iminyango yabo baqale bathi sebesebhizinisini.
5. Inhloso enkulu yohlelo lwebhizinisi ukukuhlahlela indlela yokuqala kanyenokuqhuba ibhizinisi lakho ngempumelelo. Ukulungisa uhlelo lwebhizinisi lakho
kuyakuphoqa ukuthi ubheke yonke iminxa yebhizinisi lakho kanye nokuthi ukwazi ukubhekana ngisho nanoma yiziphi izinkinga ezibalulwa wuhlelo lwakho... konke lokhu kwenzeka ngenkathi ibhizinisi lakho lisesephepheni.
6. Iqiniso ukuthi: Uhlelo lwakho lwebhizinisi luyibalazwe lakho elibhekeempumelelweni. Noma yimuphi umgwaqo kwibalazwe lakho uyothatha ibhizinisi
lakho ulibeke endaweni ethile, kodwa kuyoba uhlelo lwebhizinisi oludwetshwe kahle oluyokwazi ukuthatha uhlelo lwakho lwebhizinisi luluse lapho ufuna luluse khona.
Hlela ukuphumelela Uma ucabanga
ukuthi ungakwazi noma ucabanga ukuthi
ungeke wakwazi mhlawumbe usuke
uqinisile.
Henry Ford
2
1. Le jenali iyithuluzi lakho lokuhlela izintoLe jenali izokusiza ukwazi ukuhlela ibhizinisi lakho konke kusukela ekuqaleni kuze
kufinyelele ekugcineni ngokulandela izinyathelo ezifanele nezilandelanayo.
2. Le jenali yehlukaniswe izahluko ezingama-24Isahluko ngasinye sinamanothi achazayo kanye nendawo lapho khona ungazibhalela
izinto ezithile ngendlela ehambisana nebhizinisi lakho. Ukugcizelela okwenza kusahluko ngasinye kuyoncika kulolo hlobo lwebhizinisi oluqalayo.
3. Isahluko ngasinye sinohlelo lokwenzaUhlelo Lokwenza lwenza izinto zenzeke! Isahluko ngasinye Sinohlelo Lokwenza lapho
khona wena uzokwazi ukubhala yonke into okudingeka uyenze ukuze uqedele ukuhlela kwaleso sahluko.
4. Ingxenye 23 – Uhlelo lwakho lwamasonto ayi-12Lesi sigaba siyidayari yezinyanga ezi-3, esehlukaniswe ngezigaba ezingamasonto.
Ngokuguqula imisebenzana engatheni kanye nemisebenzi Esohlelweni Lokwenza ibe wuhlelo lwansuku zonke/ lwamasonto onke/ lwazinyanga zonke, kungasiza ukuqinisekisa ukuthi nakanjani amaphupho akho ayophumelela ngendlela ekahle kanye nangesikhathi esifanele.
5. Ingxenye 24 – Izithombe zakho ezinkuluLesi sigaba “Sinezithombe Ezinkulu” ezilula ezi-3 nezenza ukuthi ukubhala kwakho
uhlelo lwebhizinisi lokugcina lube lula bese kuncipha ingozi yokwenza amaphutha kanye nokushiywa ngaphandle kokunye.
6. Hlala uyisebenzisa ijenali yakho ngaso sonke isikhathi!Ukuyiphrinta le jenali bese uyihlanganisa ndawonye yiyona ndlela engcono kakhulu
ongaqinisekisa ngayo ukuthi uyisebenzisa ngendlela efanele. Ngalokho-ke nje kukodwa uyokwazi ukuhlela yonke into yakho ubheke ngisho nemininingwane emincane, futhi iyokusiza le jenali ukuthi ubhale okuthile kuyo ngoba inendawo yokubhala imiqondo onayo kanye namanothi akho.
Indlela yokusebenzisa le jenali
Ukuziqalela ibhizinisi lakho
Kungakhathalekile ukuthi lincane noma likhulu kangakananiibhizinisi lakho, kodwa kumele uwuhlele ngokukhulu ukuzimisela umsebenzi wakho – bese ulusebenza uhlelo lomsebenzi wakho!
3
1. Ayikho indlela enhle yokusebenzisa isikhathi njengokuhlela izinto zakho isikhathi sokuthi uzenze singakashayi. Uma uchitha isikhathi esiningi uhlela izinto zakho kuphrojekthi
ethile, lokho kuyosho ukuthi siyoba sincane isikhathi oyosidinga ukubhekana naleyo phrojekthi.
2. Wena uzochitha isikhathi esiningi kanye nemizamo eminingi esikhathini sokuhlela ibhizinisi lakho. Kubalulekile ukuthi uyibhekisise kahle imicabango yakho bese uletha
zonke izinto ozozidinga kubhizinisi lakho, lapha singabala izinto ezifana nethimba lakho lebhizinisi, izidingo zezimali zakho, izinhloso zakho, ukuphathwa kwakho ibhizinisi kwansuku zonke, njl.
3. Ngisho nangaphambi kokuthi uze uqale nje uhlele ibhizinisi lakho, kudingeka ukuthi uhlele indawo okuzoba “yindawo yokuhlela” lapho uzokwazi khona ukuhlela ibhizinisi
lakho. Okunye futhi okudingayo “yisikhathi sokuhlela” ukuze uzinike isikhathi sokukwazi ukuhlanganisa izinto ukuze zihambe kahle ekugcineni. Ukuba nendawo yokuhlela ibhizinisi ehlelekile kanye nesikhathi yiyona ndlela kuphela yokukwazi ukuba nokuhlela okunembayo ekugcineni.
Ingxenye 1: Ukuhlelela uhlelo
Ukwenza isikhathi ukuze uhlele ibhizinisi lakho 4
Indawo ongasebenzela kuyo ukubheka uhlelo lwakho lwebhizinisi 5
Ukwenza ibhodi yamaphosta ohlelo lwebhizinisi 6
Ukuguqula uhla lwezinto “okumele uzenze” zibe yizinto ozenzayo 7
Uhlelo lokwenziwayo lwengxenye yoku-1 8/9
Ukuhlelela ukuhlela kwakho
Isiqalo esibi sidala isiphetho esibi.
Euripides
4
1. Ukusebenzisa isikhathi ngendlela kungenye yamathuluzi abululeke kakhulu – kodwa futhi – othola ukuthi abukelwa phansi uma kuhlelwa ukusungulwa kwebhizinisi elisha. Kulula
kabi nje ukubukela phansi inani lesikhathi esidingekayo ukuze umuntu ahlele ibhizinisi eliyokwazi ukusimama ngelinye ilanga.
2. Abantu abaningi bahlela amabhizinisi abo ngenkathi besasebenza, bengakashiyi emisebenzini abayenza ngokugcwele. Ngakho-ke ukukwazi ukusebenzisa isikhathi
ngendlela kubaluleke ukwedlula.
3. Uyabona njengoba nebhizinisi elisuke liphethwe kahle kusuke kuyibhizinisi elilandela ibhajethi kanye nendlela yokuphathwa kwezimali – kanjanlo-ke nosomabhizinisi
kuyadingeka ukuthi kube khona ibhajethi ayilandelayo (noma ishejuli ethile) uma esebenzisa isikhathi sakhe.
4. Lokhu ngamanye amazwi kusho ukuba nezindlela ezihlelekile kanye nokukwazi ukuphatha isikhathi sakho ngendlela enobuchule. Zinqumele izikhathi ezithile
zokwenza izinto. Bese ngemuva kwalokho uzibekela “izikhawu ezithile zezikhathi” ozibeka eceleni nje uzibekela ukusebenza uhlelo lwakho lwebhizinisi. Khulula isikhathi esithile sokwengeza kuleso osusibekile ngokuthola ukuthi ngabe isikhathi sakho esiningi lapho usuke ungenzi lutho khona usichitha ngokwenza ini – bese uthatha leso sikhathi-ke kube yisona kanye osebenza ngaso uhlelo lwakho lwebhizinisi.
Ukwenza sikhathi ukuze uhlele ibhizinisi lakho
Izinhlaka zesikhathi sami:
Yilapha-ke ngingakwazi khona ukuhlelela “izikhawu zesikhathi sami sokuhlela izinto”:
5
1. Udinga ukuhlelela ihhovisi ekhaya indawo ekhuthazayo nokungasebenzekayo kuyo ukuze uhlele ibhizinisi lakho. Uma phela indawo ohlelela kuyo ibhizinisi lakho kuyindawo
eseqopheleni eliphezulu, lokho kuyosho ukuthi uyokwazi ukuphuma nento ezwakalayo futhi uyokukhuthalela ukwenza lokho.
2. Yenza ihhovisi lakho lasekhaya libe yindawo yebhizinisi lapho ozokwazi ukubhekana nezinhlelo zebhizinisi kuphela. Phela lokhu yiyona ndlela yokuzinikela nokuzibophezela
isikhathi eside kubhizinisi lakho olisungulayo njengamanje.
3. Ukuhlela izinto ngokucophelela kuyisihluthulelo ekusebenzeni ngendlela efanele kwehhovisi lasekhaya. Yiba namasu ekuhleleni ihhovisi lakho lasekhaya, ukuze likwazi
ukusebenza ngendlela wena odinga ukuthi lisebenze ngayo. Cabanga mayelana nobukhulu bendawo, ukukwazi ukuba wedwa/ukungaphazanyiswa, umsindo, ukukhanya okwanele, imfudumalo kanye nangendlela othanda ukusebenza ngayo.
4. Qiniseka ukuthi ihhovisi lakho linakho okudingayo kanti futhi liyahlangabezana nezidingo zakho. Ungabi yiqonqela kuzinto owaziyo ukuthi uzozidinga, kodwa futhi
kumele uzinike isikhathi ucabange ngokuthi ngabe uyazidinga yini ngempela ezinye izinto okutholakala ukuthi azisetshenziswa kakhulu futhi ziyabiza.
Lokho engizokudinga endaweni yami eyihhovisi elisekhaya yilokhu:
Lokho okumele ngikwenze ukuze ihhovisi lami elisekhaya libe yindawo ekhuthazayo nengikwazi ukusebenzela kuyo:
Indawo yokwenzela uhlelo lwakho lwebhizinisi
6
1. Ukukhuthaza kuyasebenza! Ngakho-ke zenzele ibhodi yephosta ENKULU nozoyisebenzisela ukunamathisela yonke into ezokugqugquzela ikukhuthaze. Bhala
phansi yonke imicabango yakho emikhulu ephepheni elinemibalabala egqamile bese uyinamathisela kuleli bhodi. Namathisela nezithombe ozikhiphe kumaphephabhuku, noma izithombe ezishuthiwe okanye amazwi athile acashuniwe.
2. Lenze LIBONAKALE futhi LIBE MIBALABALA LIGQAME.
3. Amandla okuzenzela isithombe engqondweni abaluleke kakhulu. Abantu abaningi abaphumelelayo empilweni yilabo abasuke benesithombe esicace kahle emiqondweni
yabo mayelana nabakufunayo. (isib. uma labo abagijimisa okwezinyamazane kumiqhudelwane yama-Olympics bebuzwa ukuthi ngabe yini abasuke beyicabanga emiqondweni yabo ngenkathi begqolozele imigqa abasuke bezogijima kuyo, lapho sekusele amanenjana nje ngaphambi kokuba kuqhume isibhamu sokuqala umjaho, cishe bonke bavele bathi basuke sebezibona beyishaya intambo bewina indondo yegolide.)
4. Inhlanganisela “yombono” wakho angeke nje kuphela ukusize uma uhlanganisa iphrojekthi yakho, futhi uwugaxe endaweni ethile efanele, uyokusiza ukuthi uhlale wazi
ukuthi yini oyifunayo empilweni.
5. Mayelana nalokho okucabangayo, ungalokothi uqale ngokuzenyeza ngokulokhu ucabanga izinto ezingakusindawo uthi:
“Angeke ngikwazi. . ."
“Bese ngenze njani uma. . ."
“Hhayi ngeke akwenzeki. . .”
6. Ngokuphokophelela kanye nokusebenza kanzima unazo zonke izindlela ongakwazi ngazo ukwenza umqondo wakho onawo ugcine ngokuba yinto ekhona.
Ukwenza ibhodi yamaphosta ohlelo iwebhizinisi
Yilokhu okudingeka ngikwenze ukuze ngikwazi ukumisa ibhodi yami yamaphosta:
7
1. Iningi lethu liyazi ukuthi kudingeka senze uhla lwezinto “Okumele Sizenze” uma kuza ngasekuhleleni izinto. Kodwa-ke yize kunjalo, akusithina sonke esaziyo ukuthi kudingeka
ukuba siguqule uhla lwezinto “Okumele sizenze” lube “Yizinto Esizenzayo”. Uhlelo Lwezinto Ezenziwayo luguqula Uhla Lwezinto “Okumele Zenziwe” zibe yindlela enesinyathelo ngasinye sokwenza umsebenzi.
2. Izinto Ozenzayo zenza impilo yakho ihleleke ngoba kuyaye kuthi lapho sewenze uhlelo olubambekayo, usale nomuzwa wokukhululeka ungalokhu ukhathazeka ngoba yonke into
okumele uyenze ihlelwe kahle nezikhathi zokuyenza zisobala.
3. Izinto Ozenzayo futhi zibuye zinciphise imisebenzi emikhulu ibe sezingeni lapho ikwazi khona ukuthi ilawuleke. Ake ucabange nje ngesinkwa esigcwele. Ngaphambi
kokuba uze usisike sibe yizingcezu, sivele sibe sikhulu phambi kwakho ubone nje ukuthi usahlalelwe wutalalatiya lokudla isinkwa esikhulu kangaka! Kodwa uma uke wasithatha wasisika izingcezwana, uvele ushintshe umqondo ubone ngenye indlela manje. Phela angithi ngaleso sikhathi usuke usunento ephathekayo; into osuke usungakwazi ukuyidla ngocezu ngalunye.
4. Ukwenza ukuthi ibhizinisi lakho libe yinto ekhona ligcine selisebenza kungabukeka njengaleso sinkwa esigcwele njengamanje – kuwumqansa ukuthi ungakwazi
ukukwenza ngendlela! Kodwa uma uqala ukusika lokhu kuba yizingcezu ezincane eziningi, kube yizinto okwazi ukuzilawula ngendlela efanele, konke kuvele kushintshe kube yizinto ezilawulekayo, kube yizinto ezilula ukuziphumelelisa.
5. Nazi-ke izindlela ongazisebenzisa ukuguqula lezo zinto “Okumele Sizenze” zibe Yizinto Esizenzayo ezilawulekayo:
Cubungula “Okumele Uzenze” Bhala phansi konke lokho ozodinga ukuba ukwenze ukuze uphothule isigatshana esithile sale jenali. Khumbula: konke ozokwenza kubhale phansi ngisho noma ngabe kukuncane kangakanani.
Cima zonke izinto ezingenasidingo ohlwini Iwakho Kumele uzibuze umbuzo othi: “Ngabe le nto okumele ngiyenze lapha inawo yini umsebenzi ocacile kubhizinisi lami na?” Uma leyo nto ingenawo umsebenzi ocacile, yicime. Kulula kanjalo nje!
Hlela uhla lwakho ngokuthi yikuphi okuqalayo nokuhamba phambili Izinto ezisohlwini lwakho kumele uzifake izinombolo ngokulandelana ngendlela okumele uzenze ngazo, futhi ulandele:
a. ukubaluleka kwento ngayinye.
b. isikhathi esidingekayo ukuqedela leyo nto ngayinye.
Nika umuntu ngamunye umsebenzi okumele awenze Umsebenzi ngamunye kumele wenziwe ngothile. Izinto azisoze zenziwa uma nje kuyizinto okumele zenziwe noma ngubani.
Nquma isikhathi sokuqedwa kokwenziwa kwalokho okwenziwayo Izinto ezenziwayo kufanele zibe nesikhathi eziphothulwa ngaso. Bhala phansi ngokucacile isikhathi esingumnqamula juqu – bese kuthi emuva kwalokho unamathele kulolo lusuku olungumnqamula juqu!
Ukuguqula uhla iwezinto “okumele uzenze” zibe yizinto
8
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 1 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
9
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 1
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
10
Iresiphi yempumelelo!
Ukwenza ibhizinisi lakho libe yimpumelelo kulele ekuvuleni kwakho umqondo ukuthi ukwazi –
Ukuhamba uze wedlule lapho ufinyelele khona ngaphambilini. Ukwazi ukwedlula imikhawulo yemicabangao yayizolo kulokho
obucabanga ukuthi yikhona kuphela ongakwazi ukukuzuza. Ukuzibona uphumelela wena futhi uzibone usukude ngempilo
wena uqobo. Ukwenza ukufunda kube umkhuba wempilo. Ukuvumela iziphiwo zakho zemvelo ukuthi zithuthuke kanye
nokuzisebenzisa njengamathuluzi okuzuza. Ukugxila ezintweni ongahle uphumelele kuzo – ungagxili
ezinkingeni kanye nalokho wonke umuntu “akwaziyo” ukuthi angeke kusebenze.
Ukukhumbula ukuthi... konke lokhu kusezandleni zakho!
11
1. Wonke amabhizinisi – ngisho amancane – aphathwa ngokulandela icebo elithile. Umdlandla omningi kanye nokwethembela enhlanhleni kuyicebo – kodwa
akusilona icebo elingakwazi ukukhulisa ibhizinisi elisimeme. Nanka amaphuzu amathathu angqala okumele uwagcine emqondweni:
Gxila: Lokhu kusho ukuthi: yenza lokho okwazi ukukwenza kahle. Ngamanye amazwi, sebenzisa amandla akho wonke lapho okuzofezeka khona izinhloso zakho ezibaluleke kakhulu ebhizinisini.
Ubuwena: “Ubuwena” bebhizinisi buyinto ebaluleke kakhulu. Izikhathi eziningi lokhu kuvame ukuthi kube yinto eyenza amakhasimende akhethe ibhizinisi lakho esikhundleni selinye. Hlela ukuthi ungakwazi kanjani ukuhlanganisa ibhizinisi lakho nobuhle bobuwena bakho.
Gxila kokuthile: Ukugxila kokuthile yiyona ndlela engcono kakhulu yokugxila kuzidingo zamakhasimende. Ibhizinisi eligxile kokuthile lenza kangcono kunalelo bhizinisi elibamba lapha nalaphaya.
Icebo lingaphezu kokuba yinhlanhla
Izithombe zakho ezinkulu 12
Ukusimama 13
Igama lebhizinisi lakho nophawu 14
Inhloso yebhizinisi lakho 16
Umkhiqizo wakho / isevisi yakho 17
Ukuchaza izinhloso zebhizinisi lakho 18
Amaphupho amahle (S.M.A.R.T Goals) 19
Ubumandla kanye nobuthakathaka bakho 22
Amakhono akho kanye nolwazi 23
Uhlelo lwezinto ezenziwayo ingxenye 2 24/25
Ingxenye 2: Isithombe esikhulu Uma ungazi
lapho uya khona uyogcina usukwenye
nje indawo.
Lawrence Peter
12
Izithombe zakho EZINKULU
1. Izinhlelo zamabhizinisi ngamabhukwana abhalwe phansi nokungenzeka abe namakhasi ambalwa kuya kwangamakhulu ubude. Umbhalo ngeke ukunike isithombe esicacile
nesiqondile ngebhizinisi lakho.
2. Udinga isithombe esibonakalayo ngebhizinisi lakho njengoba uzobe ulihlela nje. Lokhu kuyokwenza ukuthi ukuhlela kwangempela kwebhizinisi lakho kube lula kakhulu. Le
jenali ifaka Izithombe ezintathu EZINKULU kuNgxenye 24. Lezo zithombe-ke yilezi:
a. Isithombe sami esivamile ESIKHULU
Lesi sithombe esikhulu sinesithombe esibanzi nesivulekile ngebhizinisi lakho. Sichaza inhloso yakho, indawo okuyo, imishini osebenza ngayo, umkhiqizo/insizakalo, ukuxhumana kwakho nabantu, njl.
b. Isithombe sami ESIKHULU sokuzithengisa
Lesi Sithombe Esikhulu sibalula icebo lokuzithengisa kwakho. Sisho ngamafuphi amandla okuzithengisa kwakho emakethe, izindali, imiyalezo yokuzimaketha, ukukwazi ukuphatha umkhiqizo owuthengisayo, ukwazi abantu okumele basebenzise umkhiqizo wakho, njl.
c. Isithombe sami ESIKHULU sokuthola imali yokwenza ibhizinisi lisebenze
Lesi Sithombe Esikhulu sibeka ngokubanzi isimo sakho sezimali okuhlanganisa izindleko zokuqala ibhizinisi, ibhajethi oyicabangayo yenyanga, izindawo lapho uzothola khona izimali zokusimamisa ibhizinisi, njl.
3. Ziphinda futhi zifake Ikhasi Lesitatimende Senhlosombono.
4. Njengoba uzobe ufunda le jenali, gcwalisa amabhokisi Akuzithombe Zakho EZINKULU. (Kunokuphawula ekhasini ngalinye kulawo makhasi lapho odinga ukubeka kabanzi
Ngesithombe Esikhulu).
5. Izithombe Zakho EZINKULU ziyimipheme yakho. Yisho okushoyo kuqonde futhi unqamulele ngezimfushane – futhi faka phakathi izinto ezibaluleke kakhulu.
Imininingwane emincane yona icaciswa kujenali.
6. Izithombe Zakho EZINKULU ziyodweba isithombe sebhizinisi lakho njengalokho uyobe usebenza wenza ijenali yakho. Uyokwazi ukubona ukuthi ukuhlela kwakho kuhamba
kanjani futhi ubone nokuthi ibhizinisi lakho liza kanjani.
7. Yize noma amanye amabhokisi ebukeka ecace ngokwedlulele futhi kulula ukuwagcwalisa manje, wagcwalise kuphela uma usuwenza leso sihloko kujenali. Uyomangala ukubona
ukuthi ukuhlela izinto ngononina kungakwembulela kanjani imininingwane ethile obungazi nokwazi ukuthi ikhona!
8. Umqondo omuhle owokuthi ucele omunye umuntu ukuthi acwaninge izithombe zakho EZINKULU ngokungavuni bese futhi eveza ubuthaka bazo noma lapho ezivuza
okungenzeka ukuthi wena awuzibonanga.
13
Ibhizinisi lakho kumele likwazi ukusimama. Ukusimama kusho ukuthi kufanele: 1. kube lula ukuliphatha kanye nokulihlinzeka ngezimali 2. likwazi ukubekezela isikhathi eside 3. likwazi ukumelana nezinkinga elihlangabezana nazo.
Nansi eminye imihlahlandlela evamile ongayisebenzisa ukwenza ukuthi iphrojekthi yakho ikwazi ukusimama njengoba uliqala nje: Qa la kancane: Ukuqala kancane kusho ukuthi:
Ungakwazi ukwenza amaphutha ngaphandle kokubeka yonke into engcupheni.
Kuyoba lula ukuliphatha kuze kufike lapho izinto ziba manzonzo khona.
Kuyoba lula ukubhekana nezindleko zokuliqala.
Kungajabulisa futhi kukunike nomuzwa wentokozo.
Malingabi nezinto eziningi ezididayo: Yenza ibhizinisi lakho kanye necebo kube lula ekuqaleni nje. Ayikho into edala izinkinga ngokushesha ukwedlula ukwenza izinto eziningi ezididayo ekuqaleni nje zibekwa.
Cacisa ngokwenzayo: Ibhizinisi liphumelela kuphela ngokuthi ugxile kuzidingo ezithile (okungaba umkhiqizo noma isevisi) ezingenza ukuthi ibhizinisi lakho libe yimpumelelo – likwazi ukukhula libe yilokhu okumele libe yikhona. Kufanele nawe ucacise ngokusobala ukuthi ufuna ukuthi lizuze ini ibhizinisi lakho. Uma ungena ezintangeni ngalokho ofuna ukukuzuza ebhizinisini lakho, awusoze wakuzuza lokho okumele ukuzuze.
Ukuzibophezela ngokuphelele: Kudingeka ukuthi ube nokukholelwa okuphelele ebhizinisini lakho. Udinga futhi amandla okuzibophezela, ugxile kulo kuphela futhi usebenze ngokuzikhandla ukuze ulenze liqhubeke liphinde njalo futhi line nenqubekela phambili.
Kudingeka liphathwe ngendlela efanele: Amabhizinisi amaningi, uma kungesiwona wonke, aqala enhliziyweni, kodwa kudingeka umuntu asebenzise ikhanda ukuphatha ibhizinisi. Ibhizini noma ngabe lincane kanjani lidinga ukuthi liphathwe ngendlela efanayo nebhizinisi elikhulu.
Malingenise imali: Uhlelo oluhlelekile lokufukula ibhizinisi lakho ngemali yilona kanye olwenza umehluko phakathi kwempumelelo kanye nokufadalala kwebhizinisi. Insizakalo noma umkhiqizo owuthengisela amakhasimende akho kungenzeka mhlawumbe kumbe yinto edingeka ngokushesha kodwa uma imali engenayo ingekho ngaphezu kwemali ephumayo, nakanjani uzogcina ususenkingeni yezimali. Ibhizinisi elihlale njalo lidinga ukuthi kube uwena oleseka ngezimali ukuze lisimame lisuke lingezukufika ndawo lelo bhizinisi. Kufanele kube lula nje ukuthola imali yokwenza ibhizinisi zinyanga zonke.
Ukudingeka kwalo: Qiniseka ukuthi kunesidingo sokuthi kube khona ibhizinisi lakho kanye nemikhiqizo noma amasevisi. Izinto zesikhashana, izimfashini, kanye nezinto zokupepenyeka zivame ukuthi zibe senkingeni yezimali. Uyokwazi ukuba nemakethe enkulu uma unemikhiqizo noma amasevisi okuthathwa ngokuthi kubalulekile.
Ukusimama
14
Ukunika ibhizinisi lakho igama kanye nophawu enye yezinto ezibaluleke kakhulu ongayenza. Uma ukhetha igama kanye nophawu lwebhizinisi lakho, lapho usuke ukhetha ubunjalo kanye nobulona!
1. Igama lebhizinisi lakho kufanele likhumbuleke – kodwa futhi kube lula ukulibiza kanye nokulibhalale:
Phela amakhasimende akho kudingeka ukuthi akwazi ukukhumbula igama lebhizinisi lakho. Ayadinga futhi ukuthi akwazi ukulithola kalula kuncwadi yezingcingo, ebhukwini lezinombolo noma kwi-inthanethi.
2. Igama lebhizinisi lakho kumele lisho okuhle: Abantu bayakwazi ukusondelana negama ngokomoya. Ngakho-ke kumele ubheke
umthelela wegama olisebenzisayo ukwetha ibhizinisi lakho. Ungeke wathanda ukuba nebhizinisi elinegama elizwakala kamnandi kodwa manje othola ukuthi alinakho ukuxhumana nokusondelana nabantu osebenzisana nabo.
3. Kufanele lifake phakathi lokho okwenziwa yibhizinisi lakho: Igama lebhizinisi lakho kufanele linike abantu isithombe mayelana nalokho okwenzayo.
Yingakho phela amabhizinisi okulungisa izinwele nje efaka amagama afana nokuthi: “salon” noma elithi “hair designs” emagameni awo. Abantu angeke nje bavele bathathe ucingo bafone bakubuze ukuthi wenzani uma ibhizinisi lakho linegama elingacacisi kahle ukuthi wenza msebenzi muni.
4. Kufanele libe lifushane ngokwanele: Gcina igama lebhizinisi lakho lilifushane ngendlela ongakwazi ngayo. Angithi phela
ufuna igama abantu abazokwazi ukulikhumbula. Ufuna igama elizokwazi ukungena khaxa kumakhadi ebhizinisi akho, kodwa futhi libukeke kahle ophawini lwalo noma kusikhangiso osifakile futhi lihlale kahle nje njengesizinda segama lebhizinisi lakho futhi livele kahle lapho ulibheka nge-inthanethi.
5. Uphawu lwebhizinisi lakho – yinto ebonakalayo: Siyakwazi sonke ukubona amagama adumile ngokubona izimpawu zawo nje kuphela.
Uphawu lwebhizinisi lakho kungenzeka lube yisikhali esibalulekile emicabangweni yamakhasimende akho futhi lungaba yithuluzi lakho lokuzimaketha elimanandla. Hlanganisa umndeni wakho, abangani kanye/noma nozakwenu emsebenzini ukuze nikwazi ukubhunga niphume negama lebhizinisi.
* Thatha izinsuku ezimbalwa ukwetha ibhizinisi lakho igama :
Yizani namagama amaningi ngendlela eningakwazi ngayo .
Ngemuva kosuku noma kwezimbili, khethani abe mabili noma abe mathathu kuphela amagama enizosebenza ngawo kulawo .
Bese kuthi ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ukusuka lapho – nikhethe igama elifanele ibhizinisi!
Igama lebhizinisi lakho nophawu
15
Igama lebhizinisi lakho
Bhala igama lebhizinisi lakho kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
Amagama athile engingawetha ibhizinisi lami:
Amagama engizokhetha kuwo:
Igama lebhizinisi lami:
Uphawu lwebhizinisi lami:
16
1. Ukuchaza inhloso yebhizinisi lakho kuyokunika umbono ocacile nofingqiwe ngebhizinisi lakho. Isitatimende senhloso esibhalwe phansi kusithombe sakho ESIKHULU siyokusiza
ukuthi ukwazi ukugcina kanye nokuqhuba umbono webhizinisi lakho.
2. Kaningi ibhizinisi liyaye libe nenhloso ejulile kunaleyo esobala. Shona phansi kakhulu ujule ukuze uthole inhloso yangempela yebhizinisi lakho.
3. Ukukwazi ukuthola inhloso yakho yangempela futhi nakho kusebenza njengebalazwe lomgwaqo. Uma nje usuyichazile inhloso yakho, ngemuva kwalokho-ke usuke
usungakwazi ukuhlela uhambo lwakho lokuzuza lokho ofuna ukukuzuza ngebhizinisi lakho ngendlela eqondile futhi ekahle.
Inhloso yebhizinisi lakho
Lena-ke yinhloso kanye nenhlosombono webhizinisi lami:
Bhala phansi amaphuzu anqala (abalulekile) enhloso yebhizinisi lakho kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
17
Umkhiqizo wakho / isevisi yakho (ohlinzeka ngayo amakhasimende)
Chazisisa umkhiqizo / isevisi yakho:
Bhala amaphuzu anqala ngomkhiqizo wakho / Ngesevisi yakho kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
Chaza umkhiqizo wakho noma isevisi yakho ohlinzeka ngayo amakhasimende. Kudingeka ukuthi uyichaze ngezinhlangothi ezimbili okuyilezi:
1. Indlela owubona ngayo umkhiqizo wakho / isevisi yakho: Chaza yonke into emayelana nendlela wena owubona ngayo umkhiqizo wakho. Wuchaze uze ufike ezansi nawo usho ngisho imininingwane emincane yawo – wuchaze ukuthi uyini, usetshenziswa kanjani, ubungako bawo ubuningi bawo, umbala wawo, iphakethe lawo, usho ukuthi wenziwa/wakhiwa ngubani, kungani abantu bewudinga noma bewufuna, uhlomulisa bani, njl.
2. Indlela amakhasimende akho azowubona ngayo umkhiqizo wakho/isevisi yakho ohlinzeka ngayo amakhasimende:
Uma amakhasimende ecabanga ngokusebenzisa umkhiqizo othile noma isevisi ethile, avame ukuthi abheke imihlomulo (ubuhle) yawo ukuthi ngabe wona azozuzani kulowo mkhiqizo, abheke nokubaluleka kwawo (kwangempela nokucatshangelwayo), ubuhle bawo kanye nobubi bawo. Ayaye bese eqhathanisa lezi zinto bese ebheka ukuthi yimuphi umkhiqizo ohamba phambili phakathi kowakho kanye nowembangi yakho ebhizinisini. Ngakho-ke akwanele nje kuwe ukuthi uvele uchaze umkhiqizo wakho ngendlela owubona ngayo wena kuphela – kufanele uwuchaze ngamehlo ekhasimende. Zibuze imibuzo ethile efana nalena:
Ngabe ikhasimende lingawuchaza kanjani umkhiqizo wethu noma isevisi yethu esihlinzeka ngayo amakhasimende ethu?
Ukubaluleka kwawo (kwangempela nokucatshangelwayo) kukhasimende na?
Ngabe iyini imihlomulo, ubuhle kanye nobubi balo mkhiqizo ngeso lomthengi noma lesikhasimende?
Ngabe amakhasimende azowubona kanjani lo mkhiqizo wami uma usuqhathaniswa neminye imikhiqizo efanayo emkhakheni yawo na?
18
1. Isinyathelo esilandelayo Kusithombe ESIKHULU ukuthola amaphupho ofuna ukuwafeza ngebhizinisi lakho. Lesi yisinyathelo sibalulekile ngoba phela amaphupho akho yiwona:
Akudwebela indlela eya phambili ukuthi uyakuphi nanokuthi uzofika kanjani lapho uya khona.
Azokwenza ukuthi ucabange ngokuthi yini ngempela oyifunayo ngebhizinisi lakho.
Akuphoqa ukuba uthathe izinqumo zokuthi ukuthola kanjani lokho okufunayo.
Akunika umhlahlandlela.
Enza ukuthi ukwazi okumele uqale ngakho ezintweni ozenzayo.
Akutshela ukuthi ngabe usahamba ngakho na.
Akusiza ukuthi ukwazi ukubhekana nezingqinamba endleleni yakho.
Akusiza ukuthi ukwazi ukuhlela ubuye udwebe indlela eya phambili ngomuso.
2. Ngenkathi uzibekela amaphupho akho, kubalulekile ukuthi wazi futhi uqonde ukuthi kungani abantu behluleka ukuphumelelisa amaphupho abo (ukuze nawe ungangeni
kunoxhaka ofanayo). Izizathu ezintathu yilezi:
Abantu laba abazinqumeli amaphupho afezekayo. Uma ungazibekeli amaphupho afezekayo ekuqaleni, akulula neze ukuthi uwaphumelelise lawo maphupho, akukhathalekile ukuthi uzama kakhulu kangakanani.
Abazami ukuthola ukuthi kungani ngempela befuna ukuphumelelisa lawo maphupho.
Bafike bawahlanganise kahle amaphupho abo – bese ngemuva kwalokho bawabeke ethala bakhohlwe yiwona.
3. Wena-ke ungakwazi ukuzisiza ugweme ukungena kulolu gibe ngokuthi wenze lokhu okuthathu okulandelayo:
a. Chaza amaphupho akho ngokucophelela: Indlela yokuchaza amaphupho akho ukuthi uzibuze wena mathupha ukuthi:
Ngabe yini engingathanda ukuyizuza ngebhizinisi lami na?
Ngabe ngingathanda ukuwaphumelelisa nini lawa maphupho ami na. b. Waguqule abe AMAPHUPHO AMAHLE (S.M.A.R.T Goals):
Sicela ubheke ekhasini elilandelayo ukubona ukuthi leli gama lesiNgisi eliyisifinyezo esithi “S.M.A.R.T” limele ukuthini!
c. Thatha isikhathi sakho:
Zinike isikhathi sakho uzibekela kahle amaphupho akho. Khumbula, yikusasa lakho leli olihlela lapha! Kudingeka ukuthi ucabange ngalokho okwenzayo, khuluma nomndeni wakho kanye nabangani bese udamane uwabuyekeza amaphupho akho kuze kuba ashaya khona!
Ukuchaza izinhloso zebhizinisi lakho
19
Uma ufuna ukuphumelelisa amaphupho wakho, wenze kube Amaphupho AMAHLE (S.M.A.R.T. Goals). Azikho izindlela ezimbili ngalokhu. Ama-S.M.A.R.T. Goals angamaphupho ongakwazi ukuwaphumelelisa wena ngokwakho! Nakhu-ke okuchazwa yilelo gama lesiNgisi eliyisifinyezo esithi: S.M.A.R.T: Uhlamvu olungu-“S” lumele ukuthi Cacisa “Specific” Phela angithi amaphupho ebhizinisi angacacile angeke aphunyeleliswa. Isibonelo sephupho elingacacile sithi: “Ukwenza imali eningi” noma “Ukuba nebhizinisi eliphumelelayo”. Ngabe usho ukuthini ngokuba “nemali eningi noma “ngempumelelo”? uma ukwazi ukwenza amaphupho akho acace, lokho kuyokwenza ukuthi izinto zakho zibe ngcono. Amaphupho acacile enza ukuthi uhlelo lonke lokuhlela lube lula kakhulu futhi lungabi nezinhloso ezingacacile nezimfiliba. Uhlamvu olungu-“M” lumele ukuthi Mawalinganiseke “Measurable” Kunesisho sesiNgisi esithi: “Uma into ikwazi ukulinganiseka, iyenzeka”. Akukho futhi okungaba yiqiniso ngaphezu kwalokho ekuphumeleliseni amaphupho akho. Phela kufanele ukuthi kube nendlela ethile yokubheka nokukala ukuthi usuhambe kangakanani ekufezeni amaphupho akho. Lilonke nje, lokhu kusho ukuthi lena yindlela yokuphendula umbuzo othi: “Ngabe kuhamba kanjani (ebhizinisini lakho) na?” Izikhathi eziningi-ke amaphupho ethu alinganiseka kahle ngokwamaRandi noma ngezibalo ezithile. Uhlamvu olungu- “A” lumele ukuthi Mawafinyeleleke “Achievable” Amaphupho ebhizinisi kufanele kube amaphupho ongakwazi ukuwafeza kanye nokuwakhona ngoba phela uma kungamaphupho angakhonakali ngisho usunikwe zonke izinsizakusebenza futhi ngaphansi kwezimo ezithile, lapho-ke kuyosho ukuthi labo abayobe benikwe umqansa wokuthi bakwazi ukuphumelelisa lawo maphupho bayoba nokudangala ngisho noma ngabe bazama kanzima kangakanani nokuyothi ekugcineni kuholele ekutheni amaphupho akho ashaywe indiva. Uhlamvu olungu-“R” lumele Ukuzibophezela/ Umthwalo/ Umsebenzi “Responsibility” Amaphupho kumele abe wumsebenzi noma ukuzibophezela okanye umthwalo womuntu othile. Akulula ukuwafeza uma ezovela abe “yinto nje” engacacile nakahle futhi okufanele “wonke umuntu” ayenze “noma kanjani”. Ngaphandle-ke uma uzenzela ibhizinisi lakho wedwa, kodwa amaphupho kufanele abe wumsebenzi webandla elihlangene noma abe umsebenzi obhekene nomuntu ngamunye othile. Akukwazi ukuthi konke kube semahlombe akho. Lesi yisikhathi esihle kakhulu sokwaba amandla (nokusho ukwethemba abanye abantu ukuthi bangakwazi ukuwenza umsebenzi)! Uhlamvu olungu-“T” lumele ukuthi Mawalinganiselwe isikhathi “Time-based” Amaphupho kufanele abe nosuku olungumnqamulajuqu. Akusikho kuphela nje ukuthi kufanele wazi ukuthi kufanele wenzeni ukuze uphumelelise lawo maphupho, kodwa futhi kufanele wazi ukuthi uyokwenza nini lokho. Yize kunjalo, kodwa kumele ungakulibali ukuthi izinsuku zakho zomnqamulajuqu kumele kube yizinsuku ezikwazi ukugobeka. Lokhu kusho ukuthi kumele zikwazi ukuvumela nokuthi mhlawumbe zihlehliswe noma zisheshiswe ngenxa yezimo ezithile kuye nangokuthi izinto zihamba kanjani. Kodwa-ke okunye ukuthi kumele uziqaphele izinsuku zomnqamulajuqu ezikwazi ukugobeka zize zigcine sezinyamalele emehlweni akho!
AMAPHUPHO Amahle (S.M.A.R.T. Goals)
20
ISINYATHELO 1 – Amaphupho akho
Ukubeka emqondweni inhloso yebhizinisi lakho, ukubhekana ngqo namaphupho akho – bhala phansi yonke into ongathanda ukuthi uyizuze. Ungazihluphi kakhulu ngama-S.M.A.R.T. Goals okwamanje – vele nje ubhale yonke into phansi kuhlanganisa nenzinsuku ezingumnqamulajuqu.
21
Bheka wonke amaphupho akho, iphupho ngalinye bese uwabheka ubone ukuthi ahambisana kanjani nezincazelo zegama elithi S.M.A.R.T:
S M A R T
ISINYATHELO 2—Amaphupho AMAHLE (S.M.A.R.T Goals)
Iphupho elikhethekile Ngizolilinganisa kanjani Ngingakwazi ukulifinyelela?
Umnqamulajuqu Ubani onesibopho sokulifeza
Bhala amaphupho akho kwisithombe sakho ESIKHULU esivamile
22
1. Njengosomabhizinisi, kubaluleke kakhulu ukuthi wazi lapho unamandla khona nalapho ubuthakathaka khona. Lokho phela kukuvumela ukuthi ukwazi ukubona ubuhle wena
obuletha kubhizinisi lakho ngokuba nalezo zimpawu futhi kukwenza ukuthi ukwazi ukubheka nalapho odinga khona ukufaka umfutho kanye nokwesekwa.
2. Kumele ungalibali-ke nokho ukuthi akusiyona yonke imikhakha onamandla kuyo kanye naleyo obuthaka kuyo engakwazi ukufaka isandla ngendlela elinganayo empumelelweni
yebhizinisi lakho. Isibonelo nje, uma uhlela ukuzenzela ibhizinisi ozoliphatha wedwa ungabambisene namuntu kulo isikhathi esiningi, ikhono lokukwazi ukuphatha abasebenzi alizukusho lutho kuwe (ngoba akukho basebenzi ozobaphatha lapha), kodwa ukukhuthala kubaluleke ngendlela emangalisayo ngoba uzobe usebenza wedwa, kudingeka uzimisele.
3. Cabanga ngokuthi uzokwazi kanjani ukuzifukula kulezo zindawo obuthaka kuzo. Isibonelo nje, uma uzazi wena ukuthi ungumuntu ongakwazi kahle ukulandelela
imininingwane yosuku nosuku lokusebenza kwebhizinisi, mhlawumbe kungaba khona isidingo nje sokuthi uqashe umabhalane wakho noma umsizi wakho ozokwelekela uma uhlela izinto.
Amandla kanye nobuthakathaka bakho
Izindawo enginamandla kuzo:
Izindawo engibuthaka kuzo: Ngingabhekana kanjani nazo:
Bhala amandla akho kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
23
1. Ngabe yimaphi amakhono onawo nofika nawo kuleli bhizinisi elisha na.
2. Izikhathi eziningi siyaye sicabange kuphela ngamakhono okuqeqeshelwa umsebenzi kanye nolwazi. Kodwa-ke sithini ngawo wonke lawa amanye amakhono onawo nje,
ulwazi nesipiliyoni othola ukuthi awukunakile ukubukela phansi? Uyomangala uma usuthola ukuthi kubaluleke kangakanani konke lokhu obuvele unakho uma sekuziwa ngasekwakheni ibhizinisi lakho. Isibonelo nje:
Amakhono ezibalo
Ikhono lokuba neso lokhozi
Ukukwazi ukubheka ngisho imininingwane emincane
Amakhona ezilimi
Ukuba nekhono ekuphatheni izimali zakho
Ukuba ngumgqugquzeli omkhulu
Ukuba nobuchule
Ukukwazi ukusebenzisana kahle nabantu
Ikhono lokukwazi ukukhuthaza abantu.
Amakhono akho kanye nolwazi
Bhala amakhono nolwazi kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
Lawa ngamakhono okuqeqeshelwa umsebenzi, ulwazi kanye nesipiliyoni enginakho:
Lawa ngamakhono nolwazi kanye nesipiliyoni enginakho nje:
24
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 2 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla lwezinto OKUMELE UZENZE lube Yizinto Ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
25
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 2
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
26
Amandla okuba nethemba
Gcina imicabango yakho ikhombisa ukuba nethemba... ngoba imicabango yakho iphenduka amazwi akho.
Gcina amazwi akho ekhombisa ukuba nethemba...
ngoba amazwi akho aba yilokho okwenzayo.
Gcina lokho okwenzayo kukhombisa ukuba nethemba... ngoba lokho okwenzayo kuphenduka umkhuba wakho.
Gcina imikhuba yakho ikhombisa ukuba nethemba...
ngoba imikhuba yakho iphenduka lokho okubalulekile kuwe.
Gcina lokho okubalulekile kuwe kukhombisa ukuba nethemba... ngoba lokho okubalulekile kuwe kuphenduka lokho ophokophelele kukho.
27
Isikhathi sokonga
1. Njengamanje sekuyisikhathi sokuthi uhlele zonke izinto okungenzeka uzidinge – kusukela kupeni lomsizi kuya kuleyo ndawo ozosebenzela kuyo – kanye nayo
yonke into ozoyidinga lapho.
2. Izindleko zokuqala ibhizinisi zivame ukuthi zikhule ngokushesha, futhi isikhathi esiningi zivame ukuthi zibe ngaphezu kwalokho obekusuke kuhleliwe. Ngakho-ke
onga. Ukuchitha imali ngobukhazikhazi obungathi shu kusukela ekubeni nehhovisi eliphambili kuya kuwona wonke amathoyizi angenamsebenzi ongatheni kungakudalela inhlekelele kwezezimali.
3. Yenza izindleko zakho zibe zincane – wehlise ubungozi – ngokuthi uqale uhlaziyisise futhi ngokungahlonizi lokho okudinga ngempela futhi ukhiphe zonke
izinto ongazidingi ngempela ohlwini lwakho. Phela usuke usengakwazi ukuthenga izinto ezinhle neziwubukhazikhazi uma ibhizinisi lakho elisha seliqalile lihamba kahle lenza nenzuzo futhi.
Indawo yakho 28
Izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo 30
Ukuthola izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo 32
Izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo okumele uzithenge 33
Abantu abayi-12 abangakusiza 34
Ukwenza laba bantu babambe iqhaza 35
Ukuxhumana kwakho nabantu 36
Ukuhlala unolwazi 37
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 3 38/39
Ingxenye 3: Ukuhlelela isisekelo Igama
elithi impumelelo livela kuqala
ngaphambi kwegama elithi umsebenzi
kusichazamazwi kuphela.
Wally Haywood
28
1. Indawo yakho ozosebenzela kuyo kumele kube yinto ehamba phambili. Ungakhohlwa ukuthi ukusayina isivumelwano sokuqasha indawo kuhlanganisa nokukhokha imali yerenti
kungumthwalo onzima ngakwezezimali – kodwa futhi kuseyingxenye yokuqhuba ibhizinisi. Kanti ukusayina isivumelwano sokuqasha indawo kuhlanganisa nokukhokha imali yerenti endaweni engafanele yinhlekelele leyo – futhi kungenzeka kube yizinkomba zesiqalo sokuphela nokushabalala kwebhizinisi lakho.
2. Kukhona izinto okumele ukuziqaphele uma ukhetha indawo ozoqhubela kuyo ibhizinisi lakho. Zibuze le mibuzo elandelayo: Ngabe yini kahle hle edingwa yibhizinisi lakho kundawo elikuyo? Ngabe usendaweni efanele yini kumakhasimende akho? Ngabe angakwazi yini
ukufinyelela kuwe kalula na? Akusizi phela ukurenta indawo eshibhile kodwa okungafinyeleleki kalula kuyo.
Indawo yokupaka izimoto ibaluleke kakhulu. Ungathini-ke ngabantu abazobe bekusebenzela? Ngabe bayokwazi yini ukufinyelela
kuleyo ndawo kalula na? Ngabe unayo indawo yokugcina isitokwe/izimpahla? Ngabe indawo oyikhethile iyahambisana yini nemithetho ebekiwe efana nomthetho
wokongiwa kwendawo ethile okungamele isetshenziswe, ezokuphepha noma ezempilo, njl?
Ngabe zinjani ezokuphepha – kubhizinisi lakho, kumakhasimende akho kanye nabasebenzi bakho?
Ungathini ngokuthuthuka kwenkampani kwangomuso? Ngabe le ndawo oyikhethayo njengamanje iyobe isalifanele yini ibhizinisi lakho uma kwenzeka likhula?
3. Bhala phansi zonke izinto ezingezinhle ngendawo yakho okungenzeka ukuthi kuthikameze lokho okuthengisayo. Zama ukuthola izisombululo. Uma kungukuthi
uyehluleka ukuxazulula lezo zinto ezingezinhle, zama ukubheka ngamanye amehlo.
4. Gwema ukuqasha isakhiwo kanye nezindawo ezinobukhazikhazi futhi eziphambili! Ezikhathini eziningi kungcono kakhulu ukurenta indawo engabizi kakhulu kwenye nje
indawo – bese kuthi-ke uma usubona ukuthi ibhizinisi lakho liza kahle futhi usuwenze inzuzo eyanele, bese kuyima uthutha uya ezindaweni eziphezulu nezibizayo.
5. Kodwa-ke nakhu okunye – ukuthola indawo eshibhe kakhulu – kungenzeka kube yinkinga kakhulu. Yebo, kungenzeka wonge imali, kodwa uthole ukuthi ayihambisani
kahle nezinga lebhizinisi lakho okanye uthole ukuthi amakhasimende awayinambithisisi kahle.
6. Uma indawo owenzela kuyo ibhizinisi lakho kuyindawo oyirentayo, kungesiyo eyakho, qiniseka ukuthi unesivumelwano sokurenta esifanele futhi esibhalwe phansi. Kufanele
lesi sivumelwano sibe nayo yonke imininingwane, ubude besivumelwano, ukukhuphuka kwerenti, usuku lokukhokhwa kwerenti, imibandela, njl. futhi kungcono kakhulu nje ukuthi uqashe ummeli ake athi ukusibuka lesi sivumelwano ngaphambi kokuba usayine.
7. Okunye futhi ukuthi kumele uqale ucabange ngesikhathi sokurenta. Izindleko zokufuduka (ukulahlekelwa yimali kanye namakhasimende) uma kuwukuthi kuyofanele
ukuthi uma sekuphele isikhathi esifushane sesivumelwano sokurenta ubuye uthuthe futhi uyokhosela kwenye indawo.
Indawo yakho
29
Yilokhu okudingwa yibhizinisi lami kundawo elikuyo:
Yilapha ngizothutha ibhizinisi lami ngilise khona:
Lezi yizinto ezingezinhle (ezimbi) – futhi lena yindlela yokuzenza zibe zinhle:
Yilokhu-ke okudingeka ukuthi ngikwenze ukuze ibhizinisi lami likulungele ukuqala ukusebenza :
Lokho okudingeka ukuba kwenziwe: Lowo ozokwenza: Isikhathi sokukwenza:
Indawo yakho
Bhala imininingwane yendawo yakho kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
30
1. Lesi yisikhathi sokuthi ubale zonke izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo. Lokhu kusho yonke into oyidingayo ukuze ukwazi ukuqhuba ibhizinisi lakho – kusukela
ekutholeni ipeni lokubhala kuya kwezinye izinto ezinkulu.
2. Kulula ukuvele ungazinaki ezinye izinto eziningi oyozidinga ebhizinisini lakho, ngakho-ke thatha isikhathi sakho ubuye futhi uvakashele uhla lwakho uphindelela. Cabanga ngisho
nezinto ezincane ongazidinga. Lezi zinto kungenzeka ekugcineni uthole ukuthi uyazidinga lapho usuphuthuma futhi zingakudalela inkinga uma wehluleka ukuzibhajethela lezi zinto.
3. Bhala phansi lezo zinto ozidingayo osuvele unazo. Isibonelo nje, uma uzothatha igedlela elincane ekhaya ulilethe lapho uzoqhubela khona ibhizinisi lakho, kubhale phansi lokho
ohlwini.
4. Ungazihluphi ngezindleko kanye nokuthi uthole lezi zinto njengamanje. Vele nje uhlele ngokubhala phansi yonke into ozoyidinga ebhizinisini lakho.
Izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo
Lezi yizo ZONKE izinto engizidingayo kanye nezinto zokusebenza ezidingeka ebhizinisini lami:
31
Izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo
32
Ukuthola izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo
1. Njengamanje sebenzisa umqondo ukwazi ukubona ukuthi uzozithola kanjani izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo ebhizinisini! Amathuba akhona ukuthi akulula nje
ukuvele uvuke ekuseni uhambe uyothenga izinto ezithile ubuye nazo. Uyomangala ekugcineni ukuthola ukuthi kuningi kangakanani ongagcina usukuzuzile ngaphandle kokuchitha imali eningi.
2. Uma ufuna ukuxhaswa ngezimali, uyokwazi ukuzakhela ugazi kulabo ofuna kubo izimali uma ukwazi ukusebenzisa umqondo ngokwakho ukwazi ukuthola izinto zokuqhuba
ibhizinisi lakho ngaphandle kokulokhu ucela ukuxhaswa ngezimali ukuze uzithenge lezo zinto.
3. Bheka izitolo ezithengisa izimpahla ezingamasekeni futhi uye nasezindalini zokubhida. Kulezi zindawo isikhathi esiningi ungagcina usuthenga izinto eziningi ezicishe zibukeke
zizintsha. Ungathini ngokusebenzisa umqondo uthathe izinto abaningi abazibona “njengodoti” bese wena uzishintshe uzenze izinto ezehlukile ezithatha amehlo ebhizinisini lakho? Ngabe yiziphi izinto ongazidinga ebhizinisini lakho onazo ekhaya kwakho ongahle uzisebenzise?
Nazi-ke zonke izinto zokusebenza kanye nezinto engizidingayo engingakwazi ukuvele ngisebenzise umqondo ukuzenzela zona ngokwami:
33
Izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo okumele uzithenge
1. Njengamanje bhala phansi zonke izinto zokusebenza kanye nezinto ozidingayo okumele uzithenge. Uma ukwazile ukuvula umqondo kahle, luyoba lufushane nohlu lwezinto
okumele uzithenge!
2. Ungaziqageli izindleko. Yiba nesiqiniseko esiphelele sokuthi into ethile ibiza malini. Qhubeka uphungule izindleko. Uma uhlela ukuthenga into ethile entsha – kungani
ungaqali uyohlola ezitolo ezithengisa izinto ezingamasekeni kanye nasezindalini zokubhida kuqala.
Lezi yizinto zokusebenza kanye nezinto engizidingayo okumele ngizithenge: Izindleko:
Bhala izinto zokusebenza nezinto ozidingayo (kusukela kuwo womabili amak-hasi) kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
34
1. Isikhathi esiningi asivamile ukucabanga “ngabantu abawusizo” basendaweni. Kodwa ekugcineni uyomangala ukuthola abantu obaziyo abangakusiza futhi nakanjani
abazokusiza!
2. Bhala phansi amagama abantu abayi-12 obaziyo abangaba wusizo olukhulu kuwe. Cingisiza – uyomangala ekugcineni ukuthola inani labantu abazimisele ngokukusiza!
3. Cabanga ngokuthi labo bantu yini kahle hle abangakusiza ngayo, ungavele nje ubale amagama angenamsebenzi. Nansi-ke eminye imibono:
Abantu abanamakhono ongawasebenzisa
Abantu abangakwazi ukukweluleka
Abantu abangakwazi ukukwethula kwabanye abantu
Abantu abangakwazi ukukusiza ngezimali
Abantu abakumithombo yezindaba
Abantu abanobuchule
Umuntu onenhloso futhi oneso elibukhali nongakwazi ukuhlola amacebo akho.
Nanka amagama abantu abayi-12 abangasiza ibhizinisi lami:
Igama : Bangangisiza kanjani:
Abantu abayi-12 abangakusiza
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
Bhala amagama alaba bantu abayi-12 kusithombe ESIKHULU esivamile
35
Lena yindlela engizobahlanganisa ngayo laba bantu:
Yilokhu okumele ngikwenze ukuze lokhu kube yimpumelelo:
Lokho okudingeka ukuba kwenziwe Ubani ozokwenza Kuzokwenziwa nini
1. Njengamanje udinga ukuthi uhlanganise laba bantu babe “yiqenjana” ukuze nabelane ngolwazi kanye nemibono futhi nikhombise ukulithokozela ibhizinisi lakho (kanye
neqhaza labo ekukusizeni ukuba uqale leli bhizinisi).
2. Abantu bazana kalula uma beziphumulele bethakaselele isidlo, ngakho-ke nansi imibono embalwa:
Bameme nizophuza itiye endaweni yakho ozosebenzela kuyo
Noma mhlawumbe kungabanjani uma ungabamemela iphikinikhi endaweni yakho?
Noma mhlawumbe kungabanjani nizidlela ipizza kuyo mhlawumbe indawo yakho entsha leyo?
Bameme nizokosa inyama ngempelasonto
Bameme nizoba nesidlo esingatheni kwakho.
Ukubandakanya laba bantu
36
1. Ukuxhumana kwakho nabantu ngokwebhizinisi yithuluzi elibaluleke kakhulu – kodwa uma kwenziwe kahle. Abantu abaningi bacabanga ukuthi indlela yokuxhumana ukuvele
nixhawulane ngezandla bese ninikezana amakhadi ebhizinisi. Cha akusikhona lokho. Ukuxhumana kwakho nabantu ngokwebhizinisi kumayelana nokusungula ubudlelwano obusiza nhlangothi zombili nabanye abantu kanye nalabo okungenzeka babe ngamakhasimende.
2. Ukuxhumana nabantu kufaka phakathi umsebenzi. Uma uzokulungiselela, wenze nomzamo futhi ube nentshisekelo, nakanjani, kukhona nawe oyokuthola kulokho
kuxhumana. Nanka-ke amathiphu ambalwa:
Ngaso sonke isikhathi hlala ukulungele ukuxhumana nabantu. Yiba nezinhloso/amaphupho anjengokuthola okungenani abantu abathathu uma kunomcimbi.
Ungalokothi umcabangele umuntu okhuluma naye. Wonke umuntu unabangani, unozakwabo, unezihlobo kanye nabantu naye abaziyo. Kungenzeka ukuthi omunye wabo wuye kanye okudingeka ukhulume naye.
Ngemuva kokuhlangana nomuntu lowo, bhala phansi amanothi ngemuva kwekhadi lakhe lebhizinisi akunike lona ukuze uhlale ukhumbula ukuthi ungubani nokuthi yini enakhuluma ngayo.
Ngaso sonke isikhathi landelela labo bantu abakunike amakhadi ebhizinisi, ulandelele nalabo oxhunyaniswe nabo uphinde ulandelele nemibono onikwe yona. Kungenzeka ukuthi zonke lezi zinto zingakusebenzeli, kodwa abantu abakwazi ukuxhumana nabanye abantu ngokwebhizinisi yilabo abaqaphelisisa imininingwane enqala. Ukuvele uhambe uqoqa amakhadi ebhizinisi nje ungezukuwenza lutho ukumosha isikhathi.
Qonda umehluko phakathi komuntu onikwe yena ukuba uxoxisane naye kanye nomuntu ongahle akuholele ekutheni usizakale ekugcineni. Umuntu ongahle akuholele ekutheni usizakale ekugcineni umuntu ongaxhumana naye “obandayo nje” (futhi kungaba nzima kakhulu nje ukumlandela). Kanti umuntu osuke unikwe yena ukuba uxoxisane naye umuntu “oshisayo” – lona umuntu osuke ekwazi ukuthi ungubani wena futhi usuke ekulindele ukukhuluma nawe.
Qiniseka ukuthi abantu bakuqonda kahle ukuthi wenzani. Uma abantu bengazi ukuthi ibhizinisi lakho lenzani, pho bangakwazi kanjani ukukutholela ibhizinisi na? Ngaso sonke isikhathi khuluma ngebhizinisi, kodwa shaya ngezimfushane! Ungalokothi udine abantu!
Ukuxhumana kwakho nabantu
Lena yindlela engingayisebenzisa ukwenza ukuthi ukuxhumana kwami nabantu kuqale kusebenze:
Bhala phansi imininingwane yokuxhumana kwakho nabantu kusithombe sakho ESIKHULU Esivamile
37
1. Udinga ukuthi wenze izindlela zokuthi uhlale wazi ngokwenzakalayo kumkhakha okuwo. Lolu hla olulandelayo lwezinsiza luyiphuzu lokuqala ekuthuthukiseni ulwazi lwakho
lwezinsiza:
Yiba yilunga loshicilelo oluthile nolumayelana nebhizinisi lakho.
Bheka ulwazi kwi-inthanethi.
Funda amaphephandaba – endawo kanye nakazwelonke – ukuze uthole mayelana nanoma yiziphi izinkambiso ezingahle zithinte wena.
Xhumana nabanye abantu abakubhizinisi elisemkhakheni owodwa nelakho.
Yiba sohlwini lwabathumelelana ama-imeyili amayelana nohlobo lwebhizinisi okulo.
Khuluma nabantu. Ngabe yini abacabanga ukuthi kungabathinta ngomuso? Zibuze ukuthi lokho kungayithinta kanjani iphrojekthi yakho.
Ziqeqeshe. Yiba yingxenye yezinkomfa kanye namasemina. Ungavele ufike uthule nje laphayana! Khuluma nalaba obambe kanye nabo iqhaza. Ngabe unalo yini ulwazi wena okungenzeka luzuzise abanye ababambe iqhaza? Yabelana ngalo nabanye.
Vakashela umtapowolwazi wangakini.
Sebenzisa abeluleki noma uqashe abasebenzi abazokwazi ukuvala igebe elingaba khona olwazini lwakho. Funda kubona.
Khumbula, ikhono elibaluleke kakhulu ongakwazi ukulithuthukisa akusilona elokukhumbula ulwazi, kodwa ukukwazi ukuthola ulwazi oludingayo, uma uludinga, bese ulusebenzisela ukufukula ibhizinisi lakho.
Ukuhlala unolwazi
Lena yindlela engingakwazi ngayo ukuhlala nginolwazi emkhakheni wami:
Bhala imininingwane yakho yokuhlala unolwazi kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
38
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 3 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
39
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 3
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
40
Ukusebenzisa isikhathi sakho ngendlela efanele
Isikhathi enye yezinto ezibaluleke kakhulu empilweni. Uma sike
sakulahlekela, silahleke ukulahleka, asiphinde sitholakale. Ucwaningo lukhombisa ukuthi yisikhathi esingaze sifinyelele ku-30% wesikhathi sethu
sokusebenza esimoshekayo ngenxa yokungakwazi ukusebenzisa isikhathi ngendlela efanele. Nazi-ke ezinye izindlela ongazisebenzisa ukuze usebenzise isikhathi sakho ngendlela efanele.
Gwema ukukwenza izinto eziningi ngokweqile Makube yinto engenzeka leyo ofisa ukuyenza ngaleso sikhathi esitholakalayo noma onaso. Uma uqala uthatha umsebenzi omningi ekubeni unesikhathi esincane, ugcina ungasayiqedile imisebenzi eminingi. Yenza into eyodwa ngesikhathi bese uqedela lokho okuqalile Gwema “ukuziphathisa okovemvane” (ukuyishaya phambili uyishaye emuva). Thola “isikhathi esithule” Zibekele eceleni isikhathi esithile njengesikhathi “sokucabanga nokuhlela”. Uma uzama ukuhlela izinto zakho zosuku lapho uzama ukwenza izinto ezintathu ngesikhathi esisodwa, lokho ukumosha isikhathi nje. Hlela indawo yakho yomsebenzi ngendlela efanele Gcina indawo yakho osebenzela kuyo ihlanzekile ukuze ukwazi ukusebenza futhi beka imisebenzi ebalulekile phakathi nendawo nedeski lakho ukuze ukwazi ukuyenza ngokushesha. Bhekana nephepha ngalinye kanye kuphela Ungalokothi umbondelanise amaphepha ndawonye aze abe yinqwaba ungawasebenzile. Kwenze kube wumthetho wakho ukubhekana nephepha ngalinye kanye bese futhi uvele uqeda ngalo. Ungabi nexhala ngalokho ongakwazanga ukukwenza Ukuba nexhala akuxazululi lutho. Into okuyenzayo nje ukuthi kukubangela ingcindezi engenasidingo. Uma ngabe uzizwa ungaphezu kokuba nexhala – ungakhathazeki Cishe ukukhathazeka kwethu okungu-90% aknasisekelo. Ayikho-ke futhi into esisuke singayenza ngamaphesenti awu-8. Lokho ngamanye amazwi kusishiya namaphesenti ama-2 okuyiwona okusuke kufanele sikhathazeke ngempela-ke ngawo!
41
1. Izithako ezimbili ezibaluleke kakhulu empumelelweni yebhizinisi lakho umqondo omuhle kanye nokuhlela kahle ukuze umqondo ukwazi ukuba yibhizinisi
elisimeme.
2. Kodwa-ke into ebaluleke kakhulu kubhizinisi lakho, ngabantu. Akukhathalekile ukuthi muhle kangakanani umqondo onawo, noma uhlela ngokucophelela
okungakanani, akukho lutho olungenziwa ngaphandle kwabantu.
3. Kodwa-ke kumele kube abantu abafanele. Izambane elilodwa nje elibolile ebhizinisini lakho lingabolisa iphakethe lonkana.
Abantu abafanele
Izikhala zomsebenzi wakho 42
Ukugcwalisa lezo zikhala 44
Iholo, ukuqeqesha kanye nokuvala izikhala 46
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 4 48/49
Ingxenye 4: Ithimba lebhizinisi lakho
Indawo ebuthaka eketangeni
yiyona futhi eqine kunazo zonke ngoba
inamandla okunqamula iketango.
Stanislaw Lee
42
1. Kudingeka ukuthi uzazi “izikhundla zomsebenzi” ozidingayo – njengoba kwenzeka kuwona wonke nje amabhizinisi. Kungenzeka udinge imenenja, umgcinimabhuku,
abazokusiza ekuthengiseni, umshayeli, ozokwamukela abantu uma befika ebhizinisini, abasebenzi abazohlanza indawo enisebenzela kuyo, njl.
2. Akubalulekile nje ukwazi ngazo zonke izikhundla zemisebenzi ozidingayo, kodwa okubaluleke kakhulu ukubhala ukuthi isikhundla ngasinye sinamuphi umsebenzi
ebhizinisini.
3. Incazelo yomsebenzi ngamunye kufanele ibeke kabanzi ngomsebenzi lowo. Kufanele ichaze ngayo yonke into emayelana naleso sikhundla okukhulunywa ngaso:
inhloso yaleso sikhundla somsebenzi
imisebenzi eyenziwa umuntu ophethe leso sikhundla
imisebenzana ngaminye eyenziwayo lapho
izindlela ezisetshenziswayo ukuqedela leyo misebenzana
ukuhlobana komsebenzi neminye imisebenzi
iziqu noma izinga lemfundo elidingekayo kulowo msebenzi.
4. Kungenzeka ukuthi vele usunabo abathile kuthimba lakho . Bhala ngokucacile umsebenzi ngamunye okumele wenziwe yilungu nelungu kulelo thimba.
5. Udinga ithimba lakho ukuthi lisebenze ngokubambisana ngendlela hhayi nje kuphela efukula ibhizinisi lakho kuphela, kodwa futhi efukula izimpilo zabo nabo futhi (nokwenza
ukuthi kugcina sekunokwethembeka kwabasebenzi). Nansi-ke eminye imihlahlandlela:
Qiniseka ukuthi ulinganisa amakhono, iziphiwo kanye nothando lomsebenzi kuwo wonke umuntu. Ngaleyo ndlela-ke uyokwazi ukuba nethimba eliqinile nelinamandla.
Qiniseka ukuthi wonke umuntu ethimbeni uyakuqonda ukuthi ubani owenza ini. Ngokwenza njalo uyoba nethimba eliyosebenza ngokuzwana.
Uma kusaqalwa kungenzeka ukuthi kube nethimba elizokwenza imisebenzi emibili engefani – yaba leyo misebenzi ngokulingana. Ngaleyo ndlela uyoba nethimba elithokozile.
Izikhala zomsebenzi wakho
43
Amalungu ethimba avele asekhona Ukuchazwa komsebenzi
Izikhundla engizidingayo Ukuchazwa komsebenzi
Izikhundla zemisebenzi zebhizinisi lakho
Bhala amaLungu ethimba lakho kanye nezincazelo zemisebenzi kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
44
1. Uma kufanele kube khona abasebenzi obaqashayo, nansi eminye imihlahlandlela: 1. Amabhizinisi ahamba phambili adinga abantu abahamba phambili
abawasebenzelayo. Ngakho-ke uma kuziwa ngasekuqasheni abantu, khetha ngobuhlakani. Umuntu oyedwa nje angalibulala aliqede nya ibhizinisi lakho.
2. Kungakhathalekile ukuthi umuntu uqeqeshwe kangakanani, into okuyiyona okumele ihambe phambili ukuthi kumele ahambisane nebhizinisi lakho kanye nezimfuno nezifiso zakho.
3. Hlola labo bantu abayaye bancome umuntu ozoqashwa ngokucophelela kanye neziqu lowo muntu athi unazo ngokucophelela (ziningi kabi iziqu ezingombombayi lapha ngaphandle).
4. Ungavele nje uqashe wonke umuntu ngoba uzwa kuthi mqashe khona manje. Kunzima kabi ukumdiliza lo muntu ngelinye ilanga. Ngaso sonke isikhathi ziphe isikhathi sokucabanga ngesinqumo sakho.
2. Uma udinga ukuqasha abantu, cabanga ngalokhu okulandelayo: 1. Ngabe ubadinga ngempela yini laba bantu ozobaqasha na? Abasebenzi
bawumthwalo kakhulu ephaketheni lakho – futhi kufanele bakhokhelwe kungakhathalekile noma wena uyayenza yini inzuzo noma cha.
2. Ngabe umsebenzi ngamunye owenziwayo uchazwe ngokucacile na? Lokhu kuyokwenza ukuthi zibe zincane izinto eniyoba nokungezwani ngazo ngomuso.
3. Ngabe uzobakhokhela malini abasebenzi bakho labo na? 4. Thatha isinqumo sokuthi uzobathatha kuphi abafakizicelo zemisebenzi
abaqeqeshiwe. 5. Thatha isinqumo sokuthi uzokwazi kanjani ukuhlola ukuthi labo abangabancomi
balabo abadinga ukuqashwa bangobani.
3. Nansi eminye imihlahlandlela ongayisebenzisa uma unenhlolokhono nomuntu ofuna umsebenzi: 1. Funda i-CV yalowo ofuna umsebenzi ngaphambi kokuba umphose imibuzo. 2. Lungisa uhla lwemibuzo. 3. Yenza isimo esithi masifane nebhizinisi, kodwa esikhululekile ngokuba nengxoxo eya
nhlangothimbili. 4. Buza imibuzo egxile ekusebenzeni kwaphambilini kwalowo ofake isicelo. 5. Buza imibuzo eqondile mayelana nezinkinga okwake kwenzeka lowo ofake isicelo
wahlangabezana nazo. 6. Lalela ngokucophelela izimpendulo bese ucela ukuthola olunye ulwazi olwengeziwe
uma uludinga. 7. Qaphelisisa ukuthi ngabe lowo ofaka isicelo ulalela kanjani futhi uyiphendula kanjani
imibuzo. 8. Qaphela izinhlobo zamagama ezisetshenziswa yilowo ofuna umsebenzi kanye
nezimpawu zolimi lomzimba. 9. Cubungulisisa kahle imibuzo lowo ofake isicela somsebenzi akubuza yona
ngomsebenzi. 10. Ungalokothi kube nguwe nje olokhu ukhulume njalo! (Wena kumele ukhulume into
engalinganiselwa ku-20%!)
Ukugcwalisa lezo zikhundla
45
Ukugcwalisa lezo zikhala
Lawa amalungu ethimba lami engivele senginawo ebhizinisini:
Lena yindlela engihlela ukuqasha kanye nokukhetha ngayo abasebenzi abazogcwalisa izikhala ezingenamuntu:
46
1. Mayicace bha yonke into yakho mayelana neholo uma uqasha abantu. Libhale phansi kuzivumelwano zokuqashwa kwabo. Faka phakathi iholo, imali yokusebenza isikhathi
esengeziwe, ikhomishini, amaholidi, ilivu kanye nelivu yokugula.
2. Ukuqeqeshelwa umsebenzi nakho futhi kubalulekile ngakho-ke kumele kubhekelwe. Abanye abasebenzi abathile kungenzeka badinge amakhono athile kuzikhundla zabo
zemisebenzi.
3. Bonke abasebenzi abasha bayodinga “ukwethulwa emsebenzini kanye nokutshelwa ngendlela okusetshenzwa ngayo” ukuze basizwe bakwazi ukuhambisana nomongo
webhizinisi lakho, imigomo yebhizinisi, inqubomgomo yokusizwa kwamakhasimende futhi bajwayele ithimba labasebenzi bonkana. Ukuvele ubayeke nje uthi bayozibonela bona yinto eyingozi kakhulu kabi ebhizinisini lakho.
4. Nquma ukuthi iyiphi indlela onayo yokuvala izikhala uma kwenzeka wena noma omunye umuntu owenza umsebenzi obalulekile ebhizinisini lakho egula noma engekho
emsebenzini ngenxa yanoma yisiphi isizathu. Phela angeke wakwazi ukushiya izingxenye ezibalulekile zebhizinisi lakho zingenazo abantu abasebenza kuzo ngenxa nje yokuthi kukhona abasebenzi abangekho emsebenzini.
Iholo, ukuqeqesha kanye nkuvala izikhala
Leli-ke yiholo lesikhundla ngasinye somsebenzi ebhizinisini lami:
Bhala iholo labasebenzi bakho kusithombe sakho ESIKHULU sezimali
47
Lokhu-ke ukuqeqeshwa kanye nokugcwaliswa kwesikhala ngasinye ebhizinisini lami:
Iholo, ukuqeqesha kanye nokugcwalisa Izikhundla
Bhala ukuqeqeshwa kwabasebenzi bakho kusithombe sakho ESIKHULU esivamile
48
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 4 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
49
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 4
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
50
Amathambo ethimba!
Amathimba enziwe izinhlobo ezine zamathambo:
Kukhona labo abangamathambo esifuba senyoni (wishbones). . . . . . nokuyilabo bantu abahlala befisa sengathi umsebenzi ungenziwa omunye umuntu. Kukhona amathambo omhlathi . . . . . . nokuyilabo abande ngomlomo kodwa bebe benza okuncane kakhulu. Bese kulandela amathambo equpha. . . . . . nokuyilabo abashaya bavithize kwasani umuntu athi uzama ukukuphemba. Bese kuthi ekugcineni, bese kuba namathambo emigogodla. . . . . . nokuyilabo abathwala umthwalo bese enza yonke into!
51
1. Enye yezinto ezilukhuni kakhulu – kodwa ezibaluleke kakhulu – kubantu ukuthi bazenze ezinhlelweni zabo zamabhizinisi yisitatimende sempokophelo.
2. Isitatimende sempokophelo yithuluzi elingukhiye. Leli thuluzi likhombisa, ngemisho emibalwa emfushane, wonke umunxa wezinhloso zebhizinisi lakho
kanye nemimongo ehambisana nazo. Sibuye sivezele amakhasimende akho, abasebenzi bakho, abahlinzeka ngezinsiza ezithile kanye nomphakathi ukuthi ibhizinisi lakho limayelana nani.
3. Njengohlelo lwakho lwebhizinisi, ukubaza isitatimende sakho sempokophelo kudinga isikhathi, ukucabanga kanye nokuhlela. Yize-ke kunjalo,
kodwa-ke kufanele kakade usebenzise isikhathi esingaka ukusenza – ngoba phela ukubaza nokubhala kahle isitatimende sakho sempokophelo kuhle ngendlela efanayo nokusibona sesiphelele sonke ekugcineni. Ukulandela zonke lezi zinyathelo kuyakusiza ukuthi ucacise ngempokophelo yebhizinisi lakho.
Ukubhala isitatimende sakho sempokophelo 52
Iphepha lokusebenzela – isitatimende sakho sempokophelo 53
Ithuluzi elibalulekile lebhizinisi
Ingxenye 5: Isitatimende sakho sempokophelo
Kuwubuhlakani ukubheka phambili,
kodwa kunzima ukubuka ngaphambi
kwalapho ukwazi ukubona khona.
W. Churchill
52
Ukubhala isitatimende sakho sempokophelo
1. Isitatimende senhloso esisebenzayo sixoxa “indaba” yebhizinisi lakho kanye nezifiso zebhizinisi lakho ngemisho embalwa nje.
2. Khumbula ukuthi isitatimende sakho sempokophelo sedlulisa isithombe sebhizinisi lakho. Kufanele sibonise isidingo esiyisipesheli sokuba khona kwebhizinisi lakho.
3. Le mibuzo iyokusiza ukwazi ukuzenzela isithombe sebhizinisi lakho okukhulunywa ngaso futhi yenza ukuthi nemibono igeleze nje ekhanda lakho:
1. Ngabe yini ozifunela wena yona, oyifunela ibhizinisi lakho kanye namakhasimende
akho?
2. Ngabe yini lena eyathi qhwi nje lana kuwe kuze kuthi vula leli bhizinisi? Ngabe yini ezokwenza ukuthi lisimame?
3. Amakhasimende, abahlinzeki ngezimpahla ezithile, abasebenzi kanye nomphakathi bayoba nesithombe esithile ngenkampani yakho. Ngabe wena uyosakha kanjani isithombe ofisa babe naso ngenkampani yakho na?
4. Ngabe yini ongayenzela amakhasimende akho engacebisa futhi isize izimpilo zawo futhi ibambe iqhaza ekuphumeleleni kwawo?
5. Ngabe yimiphi imibandela elawula amanani owabizayo lapha ebhizinisini lakho kanye nekhwalithi? Ngabe lokhu kuhlobene kanjani nokubakhona kwebhizinisi lakho?
6. Izinkampani eziningi zivame ukuthi zithi “zihlinzeka ngesevisi ehamba phambili”. Amakhasimende asekhathele ukuhlala ezwa lawa magama. Esikhundleni sokuwatshela ukuthi inkampani yakho inkulu kangakanani, nokuthi umkhiqizo oyikhwalithi esezingeni eliphezulu kanjani ozoba nika wona, kanye nokuthi yisevisi esezingeni eliphezulu kangakanani ongabanika yona – bakhombise ngokuthi ubatshele lokho okholelwa kukho.
7. Osomabhizinisi abaningi bayalibala ukuthi bajaha imali noma amaRandi afanayo nalabo abancintisana nabo (izimbangi zabo).
8. Yini wena oyenza kangcono, futhi oshibhile kuyo noma oyenza ngokushesha ukwedlula izimbangi zakho ebhizinisini? Ungabusebenzisa kanjani ubuthaka bezimbangi zakho ukuthi bukusebenzele wena?
9. Ngabe uzowafezekisa kanjani amaphupho akho na? Ukuchaza amaqhinga/amacebo akho kuyokwenza ukuthi amandla akho uwasebenzisele ekufezekiseni amaphupho akho. Sempokophelo.
53
Iphepha lokusebenzela – iIsitatimende sakho sempokophelo
Phendula imibuzo, hlanganisa amagama, thuthukisa isitatimende sakho sempokophelo bese uyasibhala-ke:
54
Printa isitatimende sakho sempokophelo ekhasini lesitatimende sempokophelo
55
Ukulalela kungaphezu kokuzwa nje okushiwoyo
Ukulalela yikhono elibaluleke kakhulu empilweni. Kuvame ukuthi
kube wukulalela okuletha uguquko, ngoba phela ngaphandle kokulalela ibhizinisi lakho kungenzeka lifadalale futhi lehluleke
ukuhambisana nezidingo zamakhasimende akho.
Ayikho indlela engcono yokufunda ukuthi afunani amakhasimende akho ngaphandle kokulalela.
Imivuzo yokulalela mibili. Isipiliyoni sokulalela sihlinzeka ngemibono emisha kumathuba ebhizinisi. Kodwa
okubaluleke kakhulu, ubuye ufunde ngokuphoxeka amakhasimende akho abhekana nakho, ukudideka
ahlangabezana nakho kanye nobuhlungu abuzwayo ngokuba yingxenye kubhizinisi lakho.
Ngabe ukuphi umehluko phakathi kokulalela kanye
nokuzwa? Ukuzwa yinto eyenzeka emzimbeni – ngaphandle-ke uma ukuzwa kwakho kuthikamezekile,
esimweni esifuze leso-ke angeke wakwazi ukuzwa. Ukulalela nakho kuyinto eyenzeka emzimbeni, kodwa kubuye kwenzeke nasengqondweni, kanti kuyisenzo esithinta umoya.
Kungenzeka uzwe ikhasimende likhalaza ngento ethile. Uma
lokho okuzwayo kuyinto oyaziyo, phendula ngendlela efanele, bese wenza okuthile ngalokho.
56
1. Uma ufuna ukuthi ibhizinisi lakho liphumelele, kufanele uhehe inani lamakhasimende elikhulayo kanye nelenelisekile.
2. Zonke izinkampani zinamacebo azo okukhangisa aqondile. Yize lawa macebo ehlukene, kodwa inhloso yawo kuwukunxenxa abantu ukuthi bazame ukuthi
basebenzise imikhiqizo yaleyo nkampani noma baqhubeke nokusebenzisa
amasevisi ayo.
3. Uma kuza ngasekuzimaketheni, ngaso sonke isikhathi khumbula lokho:
Yonke imigomo yebhizinisi lakho kanye nemisebenzi kufanele kwenzelwe ukwanelisa izidingo kanye nezimfuno zamakhasimende akho.
Ukuthengisa okwenza inzuzo kubalulekile kunokuthengisa okuningi okungenzi inzuzo.
Izizathu zokuthi luyini futhi kungani kumele kube nocwaningo lwezimakethe
57
Imithombo yokucwaninga ngezimakethe
58
Konke lokhu akuthi shu ngaphandle-ke uma...
60
Ukubaluleka kocwaningo
Ingxenye 6: Ucwaningo ngezimakethe:
Lumayelana nani
57
Izizathu zokuthi luyini futhi kungani kumele kube nocwaningo lwezimakethe
1. Ukuphenya ngezimakethe uhlelo lokuthungatha ulwazi ngokuthi yini efunwa noma edingwa amakhasimende futhi uthole nendlela yokukwazi ukwenelisa lezo zimfuno kanye
nezidingo. Lena yiyona ndlela kuphela esebenzayo yokufunda kabanzi ngalabo bantu okungenzeka babe amakhasimende akho.
2. Uphenyo oluhle lwezimakethe lwenza umehluko phakathi kwezinqumo ezinhle kanye nezinqumo ezingezinhle nezihambelana nalokho okuthengisayo ebhizinisini lakho.
Izinqumo ezingezinhle zingaholela ekukaleni kwakho amanani omkhiqizo wakho ngendlela engeyinhle futhi ube necebo lokuzithengisa elingelihle, futhi lokho kungahle kuholele ekutheni ibhizinisi lakho liwe. Nazi-ke izinto ezimbalwa ongazenzelwa uphenyo ongalwenza ngezimakethe:
1. Uphenyo lukutshela ukuthi obani amakhasimende akho futhi yini ayifunayo.
2. Lukutshela ukuthi yiyiphi indlela ongayisebenzisa ukufinyelela kumakhasimende akho.
3. Lukukhombisa izimakethe lapho ungathengisa khona imikhiqizo yakho.
4. Lukusiza ukuthi ukwazi ukubona ukuthi ngabe umkhiqizo wakho noma isevisi yakho iyahlangabezana yini nezidingo zamakhasimende akho.
5. Lukusungulela isizinda solwazi esibalulekile kuwe.
6. Lukukhombisa amandla kanye nobuthaka bezimbangi zakho.
7. Lungakuvundululela izidingo zamakhasimende ezingafeziwe.
8. Lukusiza ukuthi ukwazi ukusungula icebo elihle lokuthengisa ibhizinisi lakho.
9. Lukusiza ukuthi ukwazi ukugwema amaphutha okuzimaketha angakudla imali eshisiwe.
3. Nansi-ke imibuzo embalwa engakusiza ukuthi ukwazi ukuthola ulwazi olufanele:
1. Ngabe ngobani amakhasimende ami na?
2. Ngabe angabantu abanjani?
3. Ngabe ahlala kuphi?
4. Ngabe angakwazi yini futhi ayothanda yini ukuthenga/ukusebenzisa umkhiqizo wami na?
5. Ngabe ziyini izidingo zawo?
6. Ngabe yini ayifunayo?
7. Ngabe mina amakhasimende ami ngiwahlinzeka ngomkhiqizo awufunayo nawudingayo yini na?
8. Ngabe amanani ami ayahambisana yini nalokho amakhasimende akubona kufanelwe umkhiqizo noma isevisi engiwahlinzeka ngayo?
9. Ngabe ukwenza kwami indali yemikhiqizo yami kuyosebenza yini kula makhasimende na?
10. Ngabe lolu hlobo lwamakhasimende lucabangani ngohlobo lwebhizinisi lwami?
11. Ngabe ukwenza kwami indali yemikhiqizo yami kuyosebenza yini kula makhasimende na?
12. Ngabe ibhizinisi lami liqhathaniseka kanjani namabhizinisi ezimbangi zami?
58
Imithombo yokucwaninga ngezimakethe
Nansi-ke eminye imithombo emikhulu yolwazi lokucwaninga ngezimakethe. Le mithombo ingasetshenziswa ukuthola inqwaba yolwazi emkhakheni okuwo, futhi uthole okuningi ngemakethe oyiqondile kanye nezimbangi zakho ebhizinisini. Sebenzisa imithombo eminingi ngendlela ongakwazi ngayo ukuze uqiniseke ukuthi ulwazi olutholayo luyanemba futhi lushaya khona.
1. I-inthanethi I-inthanethi iyisizinda esikhulu kakhulu nesigcwele ulwazi oluningi mayelana nokucwaninga ngezimakethe. Cishe ukuba yonke le mithombo ekulolu luhla ingakwazi ukubhekwa kwi-inthanethi. Ukungena ku-Google kwi-inthanethi yindlela esheshayo futhi ekunika konke lokhu. Kodwa futhi-ke kulula njalo belu ukudikibala, ngakho-ke zicije ngokucwaninga wazi ukuthi ufunani ngamafuphi futhi ukwazi ukusebenzisa amagama amaningi okusesha. Uma uthanda futhi ungavula ngisho nalokho okubizwa nge-chat room ukwazi ukubhalelana nabantu abehlukene ubabuze nemibuzo ethile ngebhizinisi.
2. Izindawo zamabhizinisi Lezi zindawo zivame ukuba nesizinda esibanzi solwazi mayelana nezindawo, imithombo yokuxhumana nabantu, imithombo yomphakathi ukusiza ibhizinisi lakho, njl. Zibheke zonke lezi zindawo kwi-inthanethi – kodwa okubaluleke kakhulu, khulumisana nabantu abakuzo mlomo nomlomo. Cishe ukuba wonke amadolobha, ngisho namancane imbala, anazo izindawana ezingatheni eziyizizinda zamabhizinisi.
3. Isikhungo sezokuvakasha Uma ungena emkhakheni wezokuvakasha, lona vele yiwona mthombo omkhulu – akubuzwa nakubuzwa lokho. Yilapha ongathola khona ulwazi oluningi. Kodwa-ke ngisho noma ngabe ibhizinisi lakho alikhulumi ngezokuvakasha, isikhungo sezokuvakasha sendawo yangakini singaba yisizinda esicebile solwazi mayelana nendawo, izibalo zabantu, izimpilo abaziphilayo kanye nezinto abathanda ukuzenza.
4. Izinhlangano zokuhweba kanye nezinhlangano zabafundele imisebenzi ethile Cishe ukuba zonke izimboni kulezi zinsuku zanamhlanje zinezinhlangano noma isigungwana esingatheni. Lezi zindawo ziyoba nolwazi mayelana namakhasimende okumele uwathengisele umkhiqizo wakho. Futhi zivame ukukhiqiza amaphepha ezindaba alusizo kakhulu nasuke ebhekiswe kumalungu, kuhlanganisa nezinsizakalo zokuxhumana nabantu, ukuphendula imibuzo, njl.
5. Ushicilelo kwezokuhweba kanye nezinhlangano zabafundele imisebenzi ethile Lolu shicilelo lubaluleke kakhulu futhi liwusizo kwazise iningi lezokuhweba seligxila kumkhakha owodwa.
59
6. Izimbangi zakho ebhizinisini Vakashela amawebhusayithi abo. Hlola izikhangiso zabo, izindali ezinazo, kanye nokunye okuningi okubhaliwe okwenziwe. Okubaluleke kakhulu, zenzele olwakho ucwaningo “lokuthenga mbumbulu.” Bheka esitolo. Bheka indlela okuhlelwe ngayo imikhiqizo - amanani alokho okuthengiswayo - indlela okuphathwa ngayo amakhasimende – futhi ubheke nokuthi wona amakhasimende aziphatha futhi esabele kanjani.
7. Khulumisana nabanikazi bamabhizinisi abakude nalapho uqhubela khona ibhizinisi lakho Thola amabhizinisi awenza umsebeni ofanayo nowakho kodwa akude nalapho uqhubela khona ibhizinisi lakho ngoba vele wona angeke waqhudelana nawo. Shayela umnikazi webhizinisi ucingo, mtshele iqiniso mayelana ngenhloso yakho, bese ubuza ngebhizinisi.
8. Khuluma nabanye abanikazi bamabhizinisi abasendaweni yangakini Ngisho noma ngabe anikho ebhizinisini elifanayo, abanye osomabhizinisi bangakini kufanele babe yimithombo ecebile yolwazi mayelana nezibalo zabantu, izimpilo abaziphilayo, indlela amakhasimende aziphatha ngayo kanye nezinto azenzayo. Laba futhi bayisiqalo esinqala ekuthungatheni kwakho usizo ngebhizinisi lakho.
9. Khuluma nanoma ubani othengisa ngebhizinisi endaweni yangakini Kungani lo mnikazi webhizinisi elidayisa ibhizinisi lakhe? Ngabe kukhona yini okungalungile ngebhizinisi na? Ngabe kukhona osekushintshile yini kumboni na? Izibalo zabantu? Izimpilo eseziphilwa abantu?
10. UMnyango wezohwebo nezimboni Iwebhusayithi yalo Mnyango kaHulumeni (thedti.gov.za) ishicilela ulwazi oluningi kakhulu mayelana nomnotho waseNingizimu Afrika – ubungako bawo, ukukhula kwawo, izizinda zawo ezahlukene, amanani, izinkomba zomnotho, imithombo, njl.
11. UMnyango wezibalo, i-statistics South Africa Kunolwazi oluningi kakhulu olutholakalayo kuwebhusayithi yalo Mnyango kaHulumeni (statsa.gov.za) mayelana noshicilelo olukhuluma ngezibalo, izibalo ngabantu, izinkomba ezibalulekile, njl.
12. Amaphephandaba Ungabheki nje kuphela endimeni yezamabhizinisi! Iphephandaba lonke nje lingumthombo othembekile nocebile nongakutshela okuningi ngendlela ongeke uze ucabange ngayo mayelana nomnotho kanye nebhizinisi lakho. Uma uzobheka emakhasini akhuluma ngesitayela, ezobuciko, ezenjabulo, ezokuhamba, ezempilo, ezemidlalo kanye nawezezindlu uyothola umqondo omuhle wokuthi yini esivame ukwenziwa ngabantu ngaleso sikhathi, izinto abazithandayo kanye nezimpilo abaziphilayo.
60
13. Amaphephandaba omphakathi wangakini Izintatheli zamaphephandaba asendaweni zihlala ngaso sonke isikhathi zinesifiso sokusondelana nomphakathi ezisebenza kuwo. Lezi zintatheli zihlala zazi ukuthi kwenzakalani emiphakathini ezisebenza kuyo, ziyazi ngezinto ezenziwa umphakathi endaweni, futhi zazi nokuthi bacangani futhi bacabanga kanjani labo bantu ezisebenza phakathi kwabo.
14. Abahlinzeki ngezimpahla ezithile kanye nabasabalalisi bezimpahla Laba bantu isikhathi esiningi bayazi ukuthi kwenzakalani emkhakheni okuwo, kanye nokuthi ngabe izindlela ezikhona abantu abenza ngazo izinto kuhlanganisa nezitayela zempilo kulithinta kanjani ibhizinisi lakho.
15. Ukuhlola ukhiqizo Uma kungenzeka, hlola umkhiqizo wakho noma isevisi leyo ohlinzeka ngayo kulabo bantu okungenzeka babe amakhasimende akho, nabayokwazi ukugxeka ngendlela eyakhayo ukuze ukwazi ukubona ukuthi ngabe ibhizinisi lakho liyokwazi yini ukuhlangabezana nezidingo zamkhasimende akho na.
16. Isiteshi samaphoyisa sangakini Izibalo ngobugebengu obenzeka endaweni yangakini, izinto ezingadingeki, ubugebengu obukhona kanye nezindawo “ezingo-alubhadwa” ngenxa yobugebengu singaba wulwazi oluwusizo kakhulu mayelana nendawo ongahle uqhubele kuyo ibhizinisi lakho.
17. Okokugcina-ke, akukho okwedlula UKUKHULUMA nalabo okungenzeka babe amakhasimende akho!
Khuluma nalabo okungenzeka babe amakhasimende akho, ubabuze ngemisebenzi abayenzayo, izinto abazithandayo kanye nemikhuba yabo yokuthenga. Lalela izicelo zabo ngemikhiqizo kanye namasevisi. Lalela izikhalo zabo kanye nokugxeka kwabo. Ukukhuluma ubuso nobuso nomuntu yiyona nto engcono kakhulu. Lapho umuntu umqonda ngqo. Lapho-ke futhi ungakwazi ukuthola ulwazi oludingayo. Ukukhuluma nabantu ocingweni isikhathi esiningi akusiyona indlela engcono yokukhuluma nabantu ngoba abantu abaningi abathandisisi kahle uma kwenziwa ucwaningo nabo ocingweni. Futhi nawe awuthandi ukubonwa njengomuntu ogxambukelayo. Kanti nokubhalela abantu izincwadi ufuna ukuthola uvo lwabo isikhathi esiningi kuvame ukungabi nazimpendulo ngaphandle-ke uma kunemiklomelo emincane (izipho ezincanyana) etholakalayo ngokugcwaliswa kwemibuzo leyo.
Konke lokhu akuthi shu ngaphandle-ke uma...
1. Ungaluhlaziyi ulwazi olutholile ngokucophelela, kuyoba yinto engathi shu nje ukuba nalawo maqiniso kujenali yakho. Ukucwaninga ulwazi ngokucophelela kuyokwenza ukuthi ulwazi oluthole
wenza ucwaningo lube ulwazi olusebenzisekayo oluyokusiza ukwazi ukuchaza nokudweba icebo lakho lokuzimaketha.
2. Ungakwazi kuphela ukulubukisisa kahle nokuluqonda lonke ulwazi oluqoqile uma usuluhlanganisile lwabandawonye. Kungaleso sikhathi-ke lapho khona uqala ukubona
amaphethini futhi ubone nokuthi okunye kukuthinta kanjani okunye.
61
Isikhathi “Sokucabanga Nokuhlela”
Ukuhlela usuku lwakho kuyinto ebaluleke kakhulu kabi. Uma usuku lwakho uluhlela kahle uyokwazi ukuphumelela futhi ukwazi ukusebenzisa isikhathi ngendlela. Uma ukwazi ukuphumelela futhi ukwazi ukusebenzisa isikhathi ngendlela – usuku lwakho nakanjani luyoba yimpumelelo!
Uma ungaluhleleli usuku lwakho uzibeka engcupheni yokuthi udamane wenza
umsebenzi usuke kuwo uye komunye ngaphandle kokuthi kube khona okuzuzayo. Uma lokhu kwenzeka, ugcina usulahlekelwe nayilokho obufuna ukukuzuza ngalolo suku. Ugcina usumoshe isikhathi esihle kabi.
Uma uluhlelela usuku lwakho awuyukwenza nje izinto ezibalulekile kuqala
kuphela, kodwa futhi uyozenza ngendlela ehlelekile. Ukuhlela usuku lwakho kukuvumela ukuthi ukwazi ukuqapha nokubheka
isikhathi sakho futhi ukwazi ukuhambisa izinto ngendlela uma kwenzeka usalela emuva. Lokhu kukuvumela ukuthi ukwazi ukubeka izinto zakho ngononina.
Imfihlo yokuhlela usuku lwakho ukuthola isikhathi esithule. Bekela eceleni
ingxenye ethile yosuku lwakho njengesikhathi “Sokucabanga Nokuhlela.” Lesi sikhathi akumele sibe side ngaphezu kwemizuzu eyi-15. Futhi-ke
nakanjani, isikhathi esingcono sokwenza lokhu, yisekuseni uvuka nje!
62
Ingxenye 7: Ucwaningo lwezimakethe:
Umkhakha wakho
1. Udinga ulwazi olugcwele nolugxilile ngemboni ibhizinisi lakho elikuyo.
2. Ungalenzi iphutha lokubheka imboni okuwo “ngeso lokweya” – ngokuvele ubheke isithombe esincane nje lapho kungena khona umkhakha webhizinisi
lakho.
3. Isithombe esibanzi – izimo, izinto ezenziwayo embonini, izindlela zokukhula, njl. kwemboni iyonkana – siyoba nomthelela kubhizinisi lakho. Udinga ukuyibuyekeza
kahle imboni ongena kuyo uma uthanda ukuthi uhlolwe kahle ngendlela efanele nenembayo.
Ukuphenya umkhakha wakho
63
Ukuqonda ngemininingwane ngomkhakha wami
67
Isithombe esikhulu semboni okuwo
Yimba, yimba, yimba.
Sir Ian Hamilton
63
Ukuphenya umkhakha wakho
1. Ziningi izinto ezifanayo emikhakheni eyahlukene endimeni yezamabhizinisi. Udinga ukuthi uzazi lezi zinto. Into nento kulezi inemininingwane yayo. Kudingeka ukuthi uyazi nayo
ngokunjalo.
2. Uma wazi okuningi, lokho kuyosho ukuthi uyokwazi ukusebenzisa ubuhle balezi zinto ukuze bukusebenzele futhi ukwazi ukubhekana nobubi bakhona ngendlela encomekayo.
3. Zama ukuthola izimpendulo kule mibuzo:
1. Ngabe ungakanani ubukhulu lo bale mboni ongena kuwo njengamanje?
2. Ngabe uthini umlando wokukhula kwamanani alo mkhakha (ngabe ukhule/wafadabala/wawa kangakanani lo mkhakha esikhathini esedlule)?
3. Ngabe izinto zimi kuphi (esikhathini eside kanye nasesikhathini esifushane) kulo kule mboni?
4. Ngabe yiziphi izinto ezihambelana nemboni yakho sesiyonke?
5. Ngabe yiziphi izinto ezehlukile kulo mkhakha wemboni okuwo?
6. Ngabe likuliphi izinga le mboni ongena kuwo wena?
7. Ngabe yiliphi izinga elilindelwe lokukhula kwale mboni?
8. Ngabe yini okungenzeka ibange ukufadabala noma ukuwa kule mboni?
9. Ngabe yini engenza ukuthi izinto zihambe kahle kakhulu kule mboni ocabanga ukungena kuwo?
10. Ngabe sinjani isimo sale mboni jikelele?
11. Ngabe ngobani abangamakhasimende amakhulu kule mboni (ingabe abasebenzisi bomkhiqizo, amabhizinisi amancane, amakhulu, njl.)?
12. Ngabe imakethe kule mboni ongena kuyo ikhula ngendlela efanele ingabe kunamakhasimende enele yini kuzimakethe zamanje nezesikhathi esizayo?
13. Ngobani izimbangi zakho oncintisana nazo kule mboni?
14. Ngabe ngobani abanye oncintisana nabo kwezinye izimboni?
Imithombo: Sebenzisa imithombo eminingi ngendlela ongakwazi ngayo kuleyo esohlwini emakhasini 59 kanye nelama-60.
64
Ukuhlela ucwaningo lwakho
Lezi yizinto okumele nakanjani ngithole kabanzi ngazo:
65
Imininingwane yocwaningo – imboni engikuyo
Le yiyo YONKE imininingwane yocwaningo kule mboni yami:
66
Imininingwane yocwaningo – imboni engikuyo
67
Ukuqonda imininingwane ngemboni engikuyo
Lezi yizona zonke izinto engizifunde ophenyweni lwami – kanye nezinguquko okufanele ngizenze:
1. Kudingeka uqiniseke ukuthi uyayiqonda imininingwane ngemboni okuyo ukuze ukwazi ukuyisebenzisa ngendlela egcwele. Indlela yokwenza lokhu ukuthi uyifunde yonke bese
uzibuza le mibuzo elandelayo:
1. Ngabe le ngxenye yemininingwane ingitshela ukuthini mina na?
2. Ngabe iyinto eyokwazi ukungisiza noma ingivimbele na?
3. Ngabe yikuphi engikufundile engizokwazi ukukwenza ngendlela ehlukile/noma engingakwenza kangcono/ngendlela eshibhile?
4. Ngabe ngingakusebenzisa kanjani lokhu na?
2. Bhala phansi ZONKE izinguquko okudingeka ukuba uzenze.
68
Ukuqonda imininingwane ngemboni engikuyo
69
Ukuvumelana kweqembu! Amathimba asebenzisanayo kudingeka ukuthi avumelane ngesinqumo esithile asithathayo. Kodwa-ke iqiniso ukuthi uma nisebenza nibaningi akulula ukuthi nivumelane ngo-elethu ngaso sonke isikhathi! Incazelo enhle nje “Yokuvumelana Kweqembu” yilena: Wonke umuntu okungenani uthokozile ngokwesilinganiso esingamaphesenti angu-80 ngesinqumo esithathwayo bese ezimisela ngokungamaphesenti angu-100 ngokuthi abambe iqhaza ekusetshenzisweni kwaleso sinqumo! Kodwa-ke futhi phela ukuvumelana kweqembu akusho ukuthi sekufanele ukuthi umuntu abe nguvuma zonke kukhona konke okwenzekayo nokufunwa amalungu athile eqembu. Uma kukhona ukungavumelani ngezinto ezithile, lezo zinto okungavunyelwana ngazo kufanele zibekelwe eceleni kodwa kubuye kubuyelwe kuzo zihlaziywe kuboniswane ngazo. Uma lokhu kwenziwa, isixazululo kuyaye kumele ukuthi sifunwe size sitholakale bese kuthi wonke umuntu akwazi ukwamukela isinqumo okuphunywe naso ekugcineni.
70
1. Ibhizinisi eliphethwe kahle, ithimba labasebenzi elikhuthele kanye nomkhiqizo/isevisi ehamba phambili angeke kukwenzele lutho uma ungenawo amakhasimende
enele.
2. Njengamanje ibhizinisi lakho linabo labo okungenzeka babe amakhasimende akho futhi basebenzise umkhiqizo wakho ngomuso. Ngisho noma ngabe uhlose
ukuthengisa umkhiqizo wakho noma isevisi yakho edolobheni langakini kuphela, ukhumbule ukuthi akusibona bonke abantu abahlala kuleyo ndawo abangamakhasimende akho. Ngakho-ke uyadinga ukuthi nakanjani ukwazi ukuchaza amakhasimende okuyiwona owahlosile.
3. Lokhu kusho kumele wazi ukuthi bangaki okungahle kube ngamakhsimende akho ngaphandle kokunanazaa, nokuthi wazi ukuthi badingani futhi bafunani kanye
nanokuthi bangabantu abanjani.
4. Ukwenza ucwaningo olunzulu noluhle ngamakhasimende kwenza ukuthi okungenani ibhizinisi lakho lazi ukuthi licibe obani, uma kungelona iso lenkunzi
uqobo lwalo.
5. Uma wehluleka ukubhekana ngqo nalabo obahlosile, kungenzeka ibhizinisi lakho lehluleke lifadabale ngaphandle-ke uma kuwukuthi wena zikhona ezinye izimali
onazo osazophinda futhi uzifake uzame kabusha, uvuke uzithathe. (Ungakhohlwa-ke belu ukuthi kwakhona ukuvuka uzithathe lokho kungenzeka kwenze ukuthi amakhasimende akho alibheke ngenye indlela ibhizinisi lakho.)
Ukuciba iso lenkunzi
Ukwenza uphenyo ngemakethe oyihlosile
71
Ukuthola ukusizakala okukhulu ngokukhuluma nabantu
72
Ukuqonda imininingwane yalabo engibathengiselayo
76
Ingxenye 8: Ucwaningo lwezimakethe:
imakethe okuyiyona oyiqondile
Kungcono ukubuza imibuzo ephusile kunokwazi zonke
izimpendulo.
James Thurber
71
Ukwenza uphenyo ngemakethe oyihlosile
1. Osomabhizinisi abaphumelelayo bakuqonda kahle ukuthi yisigejana esithile kuphela sabantu esiyokwazi ukuthenga imikhiqizo yabo noma ukusebenzisa amasevisi abo.
Ngakho-ke bayaye bazihluphe ngokuthola ukuthi bangobani labo bantu bese “bebaqonda” ngqo ekuthengiseni kwabo.
2. Ukumaketha kulawo makhasimende owaqondile kuyinto ebalulekile futhi ngoba isikhathi esiningi labo okusuke kumele ukuthi babe amakhasimende akho basuke bengazi lutho
ngebhizinisi lakho noma basuke bengawazi umehluko phakathi kwebhizinisi lakho kanye namanye amabhizinisi.
3. Abantu baye bathenge imikhiqizo noma basebenzise amasevisi ngenxa yezizathu ezintathu ezinqala:
1. Ukwanelisa izidingongqangi zabo
2. Ukuxazulula izinkinga
3. Ukuze bazizwe bekahle nje (ukwanelisa izimfuno zabo).
4. Kudingeka wazi ukuthi yimiphi imikhakha ibhizinisi lakho noma amasevisi akho angena ngapahnsi kwayo ebese ulimaketha ngendlela okumakethwa ngayo amabhizinisi noma
amasevisi akuleyo mikhakha. (Kusengenzeka-ke ibhizinisi noma isevisi yakho kungene ngaphansi kwemikhakha engaphezu kowodwa.)
5. Into yokuqala nje okumele uyenze ukwenza ucwaningo “ngabantu” abayimakethe yakho:
1. Iminyaka yabo yobudala: bancane, baphakathi nendawo nje, badala, abantwana, yintsha
2. Ubulili babo: abesilisa, abesifazane
3. Izinga lemfundo: bafundile nje okungatheni, bagcine esikoleni samabanga emfundo ephakeme, baye emayunivesithi
4. Imali abanayo: bahola kancane, ngokuphakathi, bahola kakhulu
5. Isimo sokushada kwabo: abashadile, bashadile, badivosile
6. Ubuzwe babo kanye/noma isimo senkolo yabo 7. Isimo somndeni wabo: ngabe banabantwana noma abanabo abantwana.
6. Okunye, kudingeka ukuthi ukwazi ukuzungeza imakethe ngendlela ongakwazi ngayo. Yenza uphenyo:
1. Ngempilo ephilwayo: kusadliwa ngoludala, abadla ubusha babo abasezintweni, abongayo/ongoqo, abaxubile.
2. Izinga lomphakathi: baphansi, baphakathi, baphezulu.
3. Umboo: bathatheka kalula, banemibono okungeyabo.
4. Imisebenzi abayenzayo kanye nezinto abazithandayo: ezemidlalo, ukuvocavoca umzimba, ukuthenga (kubalulekile futhi nokuthola ukuthi luhlobo luni lokuthenga), izincwadi, njl.
72
7. Kudingeka ukuthi uqiniseke ukuthi umkhiqizo wakho noma isevisi yakho iyahlangabezana nezidingo kanye nezimfuno zalabo okungenzeka babe
ngamakhasimende akho kanye nalokho abakulindele kuwe. Zama ukuthola ukuthi :
1. Ngabe badingani emkhiqizweni wami/ kusevisi yami?
2. Ngabe bafunani emkhiqizweni wami/ kusevisi yami?
3. Ngabe balindeleni emkhiqizweni / kusevisi yami ?
Imithombo Sebenzisa imithombo eminingi kakhulu ngokusemandleni akho kulena esohlwini lwejenali ekhasini lama-59 nelama-60 .
Ukuthola ukusizakala okukhulu ngokukhuluma nabantu Nazi-ke izinto ezingakusiza ukuthi uthole ukusizakala okukhulu ngokukhulumisana nabantu:
1. Hlela lokho ofuna ukukubuza kube wuchungechunge lwemibuzo.
2. Khulumisana nabantu abaningi kakhulu ngokusemandleni akho. Ungakhulumi nje nabantu abacabanga ngendlela efanayo nawe kuphela – khulumisana nabantu futhi abazokutshela okuhlukile!
3. Batshele lokho ofuna ukukwenza. Babuze ukuthi ngabe yiziphi izinto abahlangabezane nazo. Yisiphi iseluleko abangakupha sona. Ngabe yiziphi izinkinga abazibonayo.
4. Babuze ukuthi ngabe bona – njengamakhasimende – yini abayidingayo ebhizinisi elifana nelakho.
5. Ungabuzi imibuzo ezokwenza ukuthi baphendule ngendlela ethandwa nguwe. Phela angithi ufisa ukuthola ukuthi ngabe bona bacabanga kanjani hhayi ukuthi wena ucabanga kanjani.
6. Lalela ngokucophelela lokho okushiwo abantu. Bheka izimpawu abazenza ngomzimba.
7. Bacele ukuthi abakunike izibonelo zalokho abakutshela khona ngaleso sikhathi.
8. Uma kwenzeka besho into ongafuni ukuyizwa, ungaphikisani nabo, noma uzame ukubehlula ngamazwi ukuthi bavumelane nawe. Khulumani ngalokho abakushoyo! Phela iphuzu elibalulekile akusikhona nje ukuthola ukuthi wena ubehlule ngamazwi bagcine sebevumelana nawe noma ngendlela ocabanga ngayo, kodwa inhloso yakho ukuthola ukuthi ngabe bona – njengamakhasimende akho – yini abayifunayo kanye nabayidingayo.
73
Ukuhlelela ucwaningo lwakho
Lokhu-ke yizinto okudingeka ukuthi ngizithole mayelana nemakethe yami engiyihlosile:
74
Yiyona YONKE imininingwane yocwaningo lwami kumakethe engiyihlosile:
Imininingwane yocwaningo
75
Imininingwane yocwaningo – imakethe yami engiyihlosile
76
Lezi yizona zonke izinto engizifunde ophenyweni lwami – kanye nezinguquko okufanele ngizenze:
Ukuqonda imininingwane yalabo engibathengiselayo
1. Kudingeka ukuthi uyiqonde kahle imininingwane yalabo obathengiselayo ukuze ukwazi ukuyisebenzisa ngendlela ezokusiza. Indlela yokwenza lokhu ukuyibheka yonke le
mininingwane bese uyihlola ube uzibuza le mibuzo elandelayo:
1. Ngabe lolu lwazana lungitshela ukuthini mina na?
2. Ngabe luyinto eyokwazi ukungisiza noma yinto ezongivimbela na?
3. Ngabe yikuphi engikufundile engingakwazi ukukwenza ngendlela ehlukile/noma engingakwenza kangcono/ngendlela eshibhile?
4. Ngabe ngingakusebenzisa kanjani lokhu na?
2. Bhala phansi ZONKE izinguquko okudingeka ukuba uzenze.
77
Ukuqonda imininingwane yalabo engibathengiselayo
78
Ukuqhathanisa abanqobi nezehluleki!
Uma uMnqobi efuna ukuqonda, uthi: “Ake sithole ukuthi kusebenza kanjani lokhu!” ... Isehluleki sithi: “Awu, uzihluphelani kodwa? Akekho umuntu owaziyo.”
Uma uMnqobi enza iphutha, uthi: “Ngiphazamile.” ... ISehluleki sithi: “Hhayi sengathi akulona iphutha lami-ke lelo.”
Uma uMnqobi edinga usizo, uthi: “Ngidinga usizo.”
...Kanti iSehluleki sithi: “Hhayi suka, sezinganamane zilime ziye etsheni.”
Uma uMnqobi engazi, uthi: “Angazi. Awuthi ngibuze.”
...ISehluleki sivele siqagele nje.
UMnqobi uyayisebenza inkinga ukuze ayixazulule.
...ISehluleki siyayiziba nje. UMnqobi wenza izethembiso – futhi – uyazigcina izethembiso azenzayo.
...ISehluleki siyazephula izethembiso azenzayo.
UMnqobi uthi: “Angikabibikho ezingeni okumele ngabe ngikulo manje.”
...ISehluleki sithi: “Kodwa mina ngingcono kabi kunabanye abaningi.”
UMnqobi uza ngomqondo wokuthi “Ngilapha ukuzokulalela – ukuze ngikusize.”
. . .ISehluleki siza ngomqondo wokuthi “Yimina-ke okufanele ngikutshele.”
UMnqobi uthi: “Uyazi kunendlela engcono yokukwenza lokhu.”
... ISehluleki sithi: “Le nto selokhu kwathi nhlo yenziwa kanje.”
UMnqobi uthi: “Ngiyazi ukuthi ngingakwazi ukukwenza lokhu.”
... ISehluleki sithi: “Vele ukhohlwe, chitha amanzi. Ayikho le nto, ngeke kulunge.”
UMnqobi uthi: “Kuhlala njalo kunethuba lokuthi usengenza kangcono.”
... ISehluleki sithi: “Kodwa awusho, uzihluphelani nje, dade?”
UMnqobi uyanakekela – futhi kuyakhombisa!
...ISehluleki asinandaba ngisho nokuba nendaba – futhi kuyakhombisa.
79
1. Ibhizinisi yilapho kuncintiswana khona. Ukuze ukwazi ukudlala indima ekuncintisaneni ufanele uwuqonde kahle umncintiswano.
2. Phela angeke wakwazi ukungenela lo mncintiswano uma ungazi ukuthi uncintisana nobani futhi ungazi noma amabhizinisi abo ayakhula, amile noma
ayafadabala na.
3. Kudingeka ukuthi wazi ukuthi ngabe umkhiqizo noma isevisi yalabo oncintisana nabo ukuthi yehluke kanjani kulokho wena okunika
amakhasimende futhi yikuphi wena okwazi ukukwenza kangcono, ngokushesha nangendlela eshibhile.
4. udingeka ukuthi uwazi amandla kanye nobuthaka bezimbangi zakho. Kufanele futhi wazi konke ngokusebenza kwazo kanye nezindali eziba nazo.
Kubi laphayanga ngaphandle ebhizinisini, izimbangi zakho nazo azizibekile phansi
Ukwenza uphenyo ngezimbangi zakho
80
Ukuqonda imininingwane yezimbangi zami
84
Ukuqhathanisa umkhiqizo wami/ isevisi yami
86
Ngabe umkhiqizo wami / isevisi yami imi kuphi
87
Ingxenye 9: Ucwaningo iwezimakethe:
Izimbangi zakho Ngesinye isikhathi
kuyasiza ukuthi uke uzinuke makhwapha
empilweni.
O. Holmes
80
Ukuhlaziya izimbangi zakho
Ukuze ukwazi ukuhlaziya izimbangi zakho ngendlela efanele, thola lokhu:
1. Amagama ezimbangi zakho Bhala phansi zonke izimbangi zakho ebhizinisini. Cwaninga noma yiziphi izimbangi zakho okungenzeka zingene ngonyaka ozayo ebhizinisini.
2. Bhala ngamafuphi imikhiqizo / amasevisi embangi yakho ngayinye Faka nokuthi zitholakala kuphi, bangaki abasebenzi abakhona, ikhwalithi, ukukhangisa, izindlela zokusabalalisa umkhiqizo, izindlela zokuthengisa, ukusizakala kwamakhasimende, inqubomgomo yokubuyiswa kwemikhiqizo, inani langempela nelicatshangwayo, njl.
3. Amandla ezimbangi zakho Hlaziya amandla ezimbangi zakho ngokucophelela. Kungenzeka nawe ukwazi ukuhlinzeka amakhasimende akho ngamasevisi afanayo:
1. Ukukwazi ukwanelisa izidingo zamakhasimende. Ngabe zikwenza kanjani izimbangi zakho na.
2. Ingxenye enkulu yemakethe kanye nolwazi lwabathengi oluhambisana nalokho.
3. Igama elihle kanye nokusebenzisana kahle namakhasimende.
4. Abasebenzi abaqavile. Ngabe izimbangi zakho zibaqasha kanjani laba basebenzi futhi zibagcina kanjani bengathathiwe amanye amabhizinisi.
5. Ukwethembeka kwamakhasimende.
4. Ubuthakathaka bezimbangi zakho ebhizinisini Hlaziya ubuthakathaka bezimbangi zakho ebhizinisini. Zama ukuthola ukuthi kungani zinezinkinga – khona uzokwazi phela wena ukugwema ukuthi ungangeni kulezo zinkinga. Ngabe ungakwazi kanjani ukwenza ukuthi lobo buthaka bazo bukusebenzele wena? Nazi-ke izibonelo ezimbalwa zobuthakathaka:
1. Ungathola ukuthi abazenelisi izidingo zamakhasimende abo. Kungani bengazenelisi?
2. Abakwazi ukungena kahle emakethe. Kungani? 3. Kanti namagama abo ebhizinisini awamahle kahle. Kungani? 4. Abakwazi ukugcina abantu abasebenzisana kahle nabo. Kungani?
Imithombo Sebenzisa imithombo eminingi ngokusemandleni akho kuleyo esohlwini ekhasini lama-59 kanye nelama-60.
81
Ukuhlela ucwaningo lwakho
Lokhu-ke yizinto okudingeka ukuthi ngizithole mayelana nezimbangi zami:
82
Imininingwane yocwaningo – izimbangi zami
Yilona LONKE ulwazi locwaningo mayelana nezimbangi zami:
83
Imininingwane yocwaningo – izimbangi zami
84
Ukuqonda imininingwane yezimbangi zami
Lezi yizona zonke izinto engizifunde ophenyweni lwami – kanye nezinguquko okufanele ngizenze:
1. Bheka yonke imininingwane yakho. Indlela yokwenza lokhu ukuthi uyibheke yonke imininingwane bese uyihlola ube uzibuza le mibuzo elandelayo:
1. Ngabe lolu lwazana lungitshela ukuthini mina na?
2. Ngabe luyinto eyokwazi ukungisiza noma yinto ezongivimbela na?
3. Ngabe yikuphi engikufundile engingakwazi ukukwenza ngendlela ehlukile/noma engingakwenza kangcono/ngendlela eshibhile?
4. Ngabe ngingakusebenzisa kanjani lokhu na?
5. Bhala phansi ZONKE izinguquko okudingeka ukuba uzenze.
85
Ukuqonda imininingwane yezimbangi zami
86
Ukuqhathanisa imikhiqizo / amasevisi
Imikhiqizo / amasevisi Ubuhle bami: Ububi bami: aqhudelanayo:
1. Kudingeka ukuthi ukwazi ukuhlonza leyo mikhiqizo noma amasevisi aqhudelana nawakho. Kungenzeka imikhiqizo yenu ifane – noma kungenzeka yehlukane kodwa futhi
kungenzeka uyikhiphe emakethe imikhiqizo yezimbangi zakho kuvele kukhonye eyakho.
2. Ngabe imi kuphi imikhiqizo yakho kuleyo mboni okuyo na? Uma phela imikhiqizo yakho ingakwazi ukuqhudelana neminye imikhiqizo lokho kuyothikameza ukusebenza
kwebhizinisi lakho ngomuso.
3. Ngemuva kokuba usukwazile ukuhlonza imikhiqizo leyo/ amasevisi, aqhathanise nawakho. Bhala phansi ubuhle nobubi bemikhiqizo yakho ubuqhathanise nemikhiqizo
yezimbangi. Ngemuva kokuba usuqhathanisile, phendula le mibuzo emibili: ·Ngabe imikhiqizo yami noma isevisi yami iyokwazi yini ukuqhudelana ngendlela efanele na. ·Uma ingeke ikwazi, ngabe yini okufanele ngiyenze ukuthi ikwazi ukuqhathaniseka neminye imikhiqizo.
87
Ngabe umkhiqizo wami / isevisi yami imi kuphi
Ngabe imikhiqizo yakho/amasevisi akho kuyokwazi yini ukuqhudelana ngendlela efanele neyezimbangi zakho na? YEBO! Imikhiqizo yami/amasevisi ami aqhudelana ngendlela efanele! Nakhu-ke mina engizedlula ngakho izimbangi zami:
CHA! Imikhiqizo yami/ amasevisi ami akuqhudelani ngendlela efanele! Nakhu-ke okufanele kwenziwe:
Yini okumele yenziwe: Ubani ozokwenza lokho: Kuyokwenziwa nini:
Bhala izinto ezikwedlula ngazo izimbangi zakho kusithombe
ESIKHULU sokuzimaketha
88
Ukukhuluma okuyigxoba emsileni
ingxoxo!
Lokhu ukukhuluma okukhamba phambili ekubulaleni noma iyiphi ingxoxo ephusile obungaba nayo. Kugweme lokhu kukhuluma okulandelayo uma nibonisana ngebhizinisi! “Cha.” “Yebo, kodwa...” “Angeke kuze kusebenze-ke lokho.” “Sesake sakuzama lokho phambilini.” “Uma kungafile, pho-ke manje...” “Uyabona-ke akusiyona indlela esikwenza ngayo lokho.” “Ngizobuye ngibuye kuwena ngalowo mqondo.” “Thina njalo nje besihlala sikwenza ngale ndlela lokhu.” “Uyazi umqondo omuhle lowo, kodwa hhayi la, awufanele lapha.” “Kodwa uthi uyazi ukuthi le nto okhuluma ngayo izosiphoqa ukuthi sibhale inqwaba engakanani yamaphepha?”
89
1. Uma kuziwa ngasekumaketheni umkhiqizo wakho, amabhizinisi amaningi amancane enza iphutha elikhulu lokucabanga ukuthi wonke umuntu
uyikhasimende. Awukho umkhiqizo othandwa yiwona wonke umuntu, kungakhathalekile ukuthi udingeka noma ufunwa kangakanani, usemgangathweni kangakanani, noma kubuphi ubulili, impilo ephilwayo, izinga kanye nokuba nezimali.
2. Njengamanje kufanele ngabe ucwaningo lwakho luyakukhombisa ukuthi awusoze wazi kuze kube kuningi kakhulu ngamakhasimende akho – kanye nokuthi uma
ungayazi imakethe yakho uzifaka engcupheni yokuthi uzame icebo lokuthengisa kumakhasimende angafanele ngesikhathi esingafanele.
3. Imiphumela yocwaningo lwakho ikhuphula izinhlelo zokumaketha kwakho kusukela usuwucabanga umqondo webhizinisi kuya usukwenza lokho
owawukucabanga futhi lokhu kwenza ukuthi ukwazi kahle kamhlophe ukuthi:
UBANI kahle kahle okumele umthengisele umkhiqizo wakho
KUNGANI kumele kube yilaba bantu obathengisela umkhiqizo wakho
Kufanele ubathengisele NINI lo mkhiqizo wakho
Kufanele ubaqonde KANJANI.
Ukuciba ngokuqonda ngqo
Ukucaba indlela yokubhekana nalabo obaqondile
90
Umyalezo wokuzimaketha kwakho
92
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 10
94/95
Ingxenye 10: Ukumaketha:
Icebo kulabo obaqondile Lokho
okuhlelwayo, kuyenzeka ekugcineni.
Peter Drucker
90
Ukucaba indlela yokubhekana nalabo obaqondile
1. Umongo wokumaketha kwakho yindlela yokubhekana nalabo obaqondile nokumele basebenzise umkhiqizo wakho. Kufanele uyisebenzise YONKE imininingwane
yokucwaninga kwakho ukuze uyazi. Phinda futhi ubuyekeze imininingwane yokucwaninga kwakho bese uhlola lonke ulwazi bese uzibuza lo mbuzo:
Ngabe lolu lwazi luyangitshela yini ukuthi UBANI okumele ngiqondane naye ekuzimaketheni – KUNGANI kumele ngiqondane nabo – noma kumele ngibaqonde NINI – noma ngingabaqonda KANJANI?
2. Uma usukwazile ukuthola ukuthi YINI kahle hle oyitshelwa yilolu lwazi – kubhale phansi kholumu efanele. Lokhu kuzokunika isithombe esicacile ngekhasimende oliqondile.
3. Ukuphinda futhi ucacise imakethe oyiqondile, bhala phansi izinto ezimbalwa ngekhasimende lakho. Isibonelo: Ikhasimende engiliqondile umuntu wesifazane ofundile
osebenza kahle oneminyaka yobudala ephakathi kwengama-30 kuya kwengama-40. Ushadile futhi unabantwana. Umuntu owaziyo ngemvelo. Uphila impilo enempilo futhi uzigcina enomzimba omuhle.
Ubani oqondiwe Kungani kuqondwe yena Angaqondwa nini Angaqondwa kanjani
91
Ubani oqondiwe Kungani kuqondwe yena Angaqondwa nini Angaqondwa kanjani
Lena yincazelo ngekhasimende lami:
Ukucaba indlela yokubhekana nalabo obaqondile
Bhala indlela ochaza ngayo ikhasimende lakho kanye nendlela ozoyilandela ngayo kusithombe sakho ESIKHULU sokumaketha
92
Umyalezo wokuzimaketha kwakho
1. Umyalezo wokuzimakethe kwakho ubaluleke kakhulu. Utshela amakhasimende akho mayelana nebhizinisi lakho, umkhiqizo wakho kanye nawe.
2. Omunye wongoti emkhakheni wokumaketha, uDavid Oglivy, washumayela lo mqondo: “Ungalokothi wenze isikhangiso ngaphandle uma unendlela eyehlukile yokuzithengisa
(i-USP).”
3. Lena kuseyindlela engcono yokuzimaketha kuze kube yimanje ngoba indlela eyehlukile yokuzithengisa yiyo eyenza ukuthi wehluke kuzimbangi zakho. Phela futhi nje-ke uma
wena uzosebenzisa ukuthi uzosusa igama lembangi yakho nje emyalezweni wokuzimaketha kwakho, angeke nakancane ukwazi ukuphuma uthi qekelele futhi angeke ukwazi ukungena ugxile emiqondweni yamakhasimende akho.
4. Umyelazo wakho wokuzimakethe kufanele unxenxe amakhasimende akho azi ukuthi nawo kukhona azokuhlomula ekugcineni. Ziningi izinhloso zokuthenga ezingenza ukuthi
amakhasimende eze ebhizinisini lakho – futhi akuhlinzeke Ngendlela Eyehlukile Yokuzithengisa: • Injabulo • Ukuvikeleka • Ukwesaba • Impilo • Umkhiqizo • Inzuzo • Ukusizakala • Ukonga isikhathi • Isidingo • Ukonga imali • Ukufana • Intokozo • Umnotho • Ubuze • Imfudumalo • Izimfuno • Ukutamasa • Ukuthokoza • Uthando • Umzamo wokonga
5. Akulula neze ukubhala umyalezo wokuzimaketha. Kodwa futhi ukuzimaketha kumayelana nokuxhumana. Kusebenzisa amagama, izithombe, kanye nemiqondo
ukutshela kanye nokunxenxa amakhasimende.
6. Umbhalo wokuzikhangisa omuhle kufanele ucace, uqonde futhi ungathemelezi. Lokhu kusho ukuthi:
1. Ungasebenzisi amagama amakhulu uma amagama amancane engawenza umsebenzi.
2. Sebenzisa amatemu achazayo.
3. Sebenzisa inani elidingekayo lamagama ukuze wenze umyalezo wakho ucace – futhi ungasebenzisi amagama amaningi kakhulu noma amancane kakhulu!
4. Ukukhetha amagama afanele kubalulekile ukuze umyalezo wakho wokuzimaketha ube yimpumelelo ngakho-ke zama ukuqhamuka nezinto ezintsha kodwa gwema ubuhle (ngaphandle-ke uma kuwukuthi uvele uthengisa nangabo ubuhle lobo).
7. Uma kuziwa ngasekuzimaketheni, kusabalulekile ukuthi wethembeke phela! Uma umyalezo wokuzimaketha kwakho ungenalo iqiniso, amakhasimende akho azokuthola
ngokushesha lokho.
93
Lona umyalezo wokuzimaketha kwami:
Umyalezo wokuzimaketha kwakho
Bhala umyalezo wakho wokuzimaketha kwisithombe sakho ESIKHULU sokuzimaketha
94
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 10 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
95
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 10
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
96
Ukwenza imicabango isebenze
Abantu abenza imicabango emisha nenobuchule, bangabantu abaqhubekela phambili. Kanti labo abahlale
bethembele kumicabango emidala ehlala ikhona ngaso sonke isikhathi bavame ukudukuza oswini.
Kodwa-ke akusiyona yonke imicabango emisha eyohlala
isebenza ngendlela efanele. Imfihlo lapha UKUNGADIKIBALI kodwa okunalokho kumele...
uzame umcabango omusha . . .
uhlole ukusebenza kwawo . . .
wulungise kancane . . .
uphinde uwuzame futhi . . .
uthi ukuwuxhoza lapha nalaphayana . . .
wususe uma kuwukuthi namanje awusebenzi . . .
. . . bese uqala umcabango omusha futhi!
97
1. Manje sekuyisikhathi sokuthi uke uqale phansi uwubheke kabusha imikhiqizo/isevisi yakho leyo ohlongoza ukuyimaketha.
2. Ucwaningo lwakho belubheke umkhiqizo/isevisi yakho ngezindlela ezahlukene – ngokomkhakha okuwo – ngendlela wena owubona ngayo – indlela
amakhasimende akho awubona ngayo – uma kuqhathaniswa nendlela izimbangi zakho eziwubona ngayo, njl.
3. Kuyinto engeke ize igwemeke ukuthi nakanjani kunezinguquko okumele uzenze. Njengamanje kumele ukuthi ubuye uwuchaze kabusha umkhiqizo/isevisi yakho
bese wenza lezo zinguquko.
4. Uma ungaziboni ezinye izinguquko ezidinga ukwenziwa, kudingeka ukuthi ubuyele emuva ekuqaleni kokucwaninga ngemakethe ubuye uqale phansi futhi
ukwenze lokho. Phela angeke kwenzeka ukuthi ungafike wenze ucwaningo olunzulu kangako kodwa ekugcineni ungavuki nazinguquko kulokho!
Ukuchaza kabusha umkhiqizo/ isevisi yakho
Ukwenza izinguquko
98
Ukunquma amanani omkhiqizo/isevisi yakho
100
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 11
105/106
Ingxenye 11: Ukumaketha: Umkhiqizo/
isevisi lakho Ungenzi into noma
iyiphi uyishiye phakathi.
Louis Armstrong
98
Umkhiqizo/isevisi Izinguquko okufanele ngizenze
1. Ezinye zezinguquko okungenzeka kudingeke ukuthi uzenze zingaba zinkulu, ezinye zibe zincane. Ungalinge ucabange ukuthi imininingwane eyizinguquko ezincane ayithi shu.
Isikhathi esiningi yizona kanye izinguquko ezincane lezi okuyizona ezigcina zinxenxe ikhasimende ukuthi kumele yini noma akumele lithenge umkhiqizo wakho na.
2. Yonke into emayelana nomkhiqizo/isevisi yakho kufanele iwachaze amakhasimende akho. Khumbula ukuthi emehlweni ekhasimende umkhiqizo/isevisi yakho icishe
ingehlukaniseki nephakathe ofakwe kulo, ngendlela owethulwe ngayo, kusithombe sebhizinisi lakho, kumyalezo wokuzimaketha kwakho, kumihlomulo yawo, kumagugu awo (noma ngabe akhona noma acatshangwayo), nendlela owuthengisa ngayo, indlela onakekela ngayo amakhasimende, indlela okwazi ngayo ukusiza amakhasimende ngemuva kokuba esewuthengile umkhiqizo wakho, inqubomgomo yokubuyiswa kwezimphahla ebezithengwe kuwe – cishe nayo yonke into emayelana nebhizinisi lakho!
3. Sebenzisa ucwaningo lwakho ukubheka wonke umunxa womkhiqizo/isevisi yakho. Ungancengi uma wenza lokhu – kuyokusiza ekugcineni.
4. Konke phela ekugcineni kuncike kukhwalithi kanye nokukwazi ukuzehlisa (kuyona yonke iminxa yomkhiqizo/isevisi yakho hhayi nje kuzinto ezinkulu kuphela). Khumbula
ukuthi uma wena ukhetha ukusebenzisa ikhwalithi ephansi, ibhizinisi lakho angeke laphumelela.
5. OKuyothi-ke lapho usubhekene nezinguquko lezo, kufanele ubuye uqale kabusha uchaze umkhiqizo/isevisi yakho, uwuchaze kafushane nje..
Ukwenza zinguquko
99
Umkhiqizo/isevisi Izinguquko okufanele ngizenze
Lena yincazelo kafuphi yomkhiqizo/isevisi yami:
Ukwenza izinguquko
Bhala umkhiqizo wakho/insizakalo yakho echazwe kabusha kwisithombe sakho Esivamile esikhulu
100
1. Ukunquma inani lemikhiqizo/amasevisi akho kuyisinqumo esinzima kakhulu kumnikazi webhizinisi osemusha ebhizinisini. Uma ukwenza kahle ngendlela efanele, kungenzeka
ibhizinisi lakho livele lihambe kahle kakhulu! Kodwa uma nje uke washaya into ephansi, nakanjani ibhizinisi lakho liyogcina selingene esimeni esibi sezezimali.
2. Ngabe iyiphi indlela esebenza kahle kakhulu ekunqumeni amanani athile ezimali? Iqiniso ukuthi, akukho mlingo okhona lapha. Kodwa kukhona izindlela ezahlukene zokunquma
amanani nezikuhlinzeka ngohlaka lokuthatha izinqumo ezithile ezihambisana nokunquma kwakho amanani. Kodwa-ke ngaphambi kokuthi ubheke izindlela eziningi ezahlukene zokunquma amanani, into eyokusiza kakhulu kuyoba ukwazi ukuthi amanani akho aqala kuliphi inani bese futhi egcina kuliphi inani, nokuyoholela ekutheni ukwazi ekugcineni ukuvela necebo lamanani akho – noma mhlawumbe uhlanganise izindlela namacebo okukhona ukuze ukwazi ukunquma amanani kubhizinisi lakho ). Inani “eliphansi naphezulu”
1. Lapha cabanga ngezindleko zokuthi ukwazi ukugcina ibhizinisi lakho lingacwilile ezikweletini futhi lingafadalele kodwa lisebenza ngendlela efanele. Okucacile ukuthi
kufanele ukuthi uma unquma amanani kube amanani athe ukwenyuka kancane ukuze ukwazi phela nawe ukubhekana nezindleko kungenjalo, uzozibona ulokhu ungenzi mali uze uphume ebhizinisini.
2. Cabanga ngenani elicatshangwa yikhasimende njengenani eliphezulu. Leli yinani eliphezulu kakhulu elingakhokhwa amakhasimende okuyobe kuncike ekutheni lowo
mkhiqizo uwasiza kanjani. Lokhu isikhathi esiningi kuvame ukubizwa ngokuthi “yilelo nani imakethe ekwazi ukulibekezelela.” Ukucabanga kwamakhasimende ukuthi umkhiqizo wakho kufanele ngabe ubiza malini kuyokwenzeka uma usunegama elihle emakethe, imiyalezo yokuzimaketha kwakho, amaphakethe umkhiqizo wakho ofakwe kuwo, indawo othengisela kuyo, indlela okwazi ukusiza ngayo amkhasimende akho, yindlela amakhasimende acabanga ngayo ngomkhiqizo, njl.
3. Ndawana thile phakathi kwenani eliphansi kanye nenani eliphezulu lomkhiqizo wakho, kukhona inani elifanele umkhiqizo wakho – inani eliyokwenza ukuthi ukwazi ukwenza
inzuzo futhi kube yinani elingawakhalisi amakhasimende akho.
4. Sekuyothi-ke uma usuqonda ukuthi inani lomkhiqizo wakho lingaqala kuphi liye liyofika kuphi, lapho-ke ungabe usukwazi ukunquma inani okuyilona elifanele umkhiqizo/isevisi
yakho. Izindlela zokunquma amanani Lapha-ke yizindlela zokunquma amanani ukuze kukusize ukwazi ukuzisungulela indlela yakho engcono yokunquma ngamanani kubhizinisi lakho.
1. Ukukhuphula amanani Ukukhuphula amanani omkhiqizo wakho kusho ukubala inani elizobizwa umkhiqizo wakho ngokuthi ubale inzuzo ocabanga ukuthi umkhiqizo wakho ungakwenzela wona, noma ukwengeza iphesenti elithile kuwona. Lokhu kusho ukuthi uziqonda kahle zonke izindleko
Ukunquma amanani omkhiqizo/esevisi yakho
101
zokusebenza ibhizinisi lakho. Abanikazi bamabhizinisi abaningi bayehluleka ukuthi bakhuphule amanani ngendlela yokuthi bakwazi ukukhava izinto ezifana nokwehliswa kwamanani, izephulelo, ukuncipha kwamanani kanye nezinye izindleko ezingalindeleka kodwa uthole ukuthi yize kunjalo ekugcinenani bagcina bekwazile ukwenza inzuzo eyanelisayo. Ububi bale ndlela yokunquma inani lomkhiqizo wakho ukuthi isikhathi esiningi inani lomkhiqizo wakho livele libe phezulu kunalokho lo mkhiqizo obiza khona ngempela. Ukusizakala okufanele, ukusizakala kwamakhasimende, ukuthuthulwa impahla mahhala noma ngokushesha, indawo, igama lomkhiqizo, kanye negama osuzenzele lona ebhizinisi konke kubamba iqhaza ekulinganisweni kwenani lomkhiqizo wakho futhi isikhathi esiningi yikhona kanye okuvame ukudlala indima yokuthi yimalini ikhasimende elizimisele ukuyikhokha ukuthenga umkhiqizo wakho na.
2. Inani elihlongozwe umkhiqizi Abanye abahlinzeki bempahla banamanani abakhangisa ngawo imikhiqizo yabo angekho ngaphansi kwenani elithile bese futhi besho kulabo ababahlinzeka ngezimpahla lezo ukuthi bebefisa ukuthi izimpahla lezo uma sezithengiswa zibizwe malini. Lena yindlela elula yokunquma inani lomkhiqizo, kodwa-ke nayo njalo belu inayo nje inking yayo enkulu – ayikuvumeli ukuthi ukwazi ukubiza okuthe xaxa ukunezimbangi zakho.
3. Ukubeka amanani ngokubheka izimbangi Lokhu kusho ukubheka ukuthi izimbangi zakho ebhizinisi zinquma kanjani zona amanani azo bese nawe unquma awakho-ke ususela kwawazo, isikhathi esiningi ayaye afane namanani ezimbangi zakho. Kodwa-ke, kumele ungakulibali ukuthi, nangale nje kwenani lomkhiqizo, ziningi ezinye izinto ezenza abathengi ukuthi beze kuwe, noma bathenge kumabhizinisi athile, okuhlanganisa nendawo ibhizinisi elikuyona, ukusizakala abakutholayo kanye nendlela abaphathwa ngayo kuhlanganisa nokunakwa uma bekuleyo ndawo – ngakho-ke ungeke wakwazi kahle hle ukugaba ngenani kuphela nje. Ukusebenzisa amanani ezimbangi zakho ukunquma awakho amanani kusho ukuthi kuyomele ukuthi wena ukwazi ukuphatha kahle amakhasimende ngokwedlulele ngaphezu kwezimbangi zakho. Zama ukuhlaziya indlela izimbangi zakho eziphatha ngayo amakhasimende ukuze ukwazi ukubona ukuthi yini le izimbangi zakho ezingayenzeli kumakhasimende wena okumele ukuthi uyenze ukuze uvale leso sikhala, isib. ukuhanjiswa mahhala kwezimpahla ezithengiwe, ukulandwa kwabantu abazothenga, ukuhlawumbiselwa kwamanani, izaphulelo kulabo abakulethela amakhasimende amasha, ukuba nobungani ngokwedlulele uma usiza amakhasimende, njl. Kodwa-ke futhi uma izimbangi zakho ebhizinisini amanani azo ephezulu ngokwedlulele nokungaphezu kwalokho wena ongakwazi ukukukhona, kusho ukuthi sekungafanele ukuthi wehlise kancane amanani wena athi ukuba ngaphansana kunawazo.
4. Ukubeka amanani abe ngaphansi kwawezimbangi Indlela esebenzayo nejwayelekile lapha emabhizinisini amancane ikakhulukazi kulawo asemasha nasafikayo emakethe yileyo yokunquma amanani abe ngaphansi kwawezimbangi ukuze ibhizinisi likwazi ukungena emakethe. Ngokushaya amanani akho athi ukuba phansana, inhloso ukukwazi ukungena emakethe ukuze abantu bezolokhu bebuye njalo kuwe bezolanda impinda. Isinqumo sakho sokuqhudelana ngamanani aphansi akumele sithathwe kancane, ngoba kungenzeka sibe nemiphumela engemihle neze ebhizinisini lakho:
1. Inani eliphansi lingasho umkhiqizo ongekho ezingeni elilindelekile.
2. Kungasuke futhi kube nzima ukuphinda wenyuse amanani ngokuhamba kwesikhathi
102
ngemuva kokuba amakhasimende esejwayele ukuthi akhokha kancane lapha kuwe.
3. Izinkampani ezinkulu ezisemkhakheni ofanayo nowakho zinazo zonke izinhlobo zomnotho lezo ongenazo wena, futhi-ke angeke wakwazi ukuhlala uzishaya ngenani lomkhiqizo wakho. Iseluleko esingakunika sona esokuthi okungcono uzame enye indlela.
4. Le ndlela futhi ikubeka engcupheni yokuthi ube sempini yamanani. Imbangi yakho ingavele isuke nayo ibize lelo nani lakho eliphansi olibizayo bese wena uvele usale uncela isithupha.
5. Ukubiza umkhiqizo ngamanani angaphezu kwawasemakethe Lena phela yindlela yokudulisa umkhiqizo wakho ube ngaphezu kwamanani obiza wona emakethe ukuze ukwazi ukuthi wenze ukuthi kwaziwe nje ukuthi wena uthengisa umkhiqizo osezingeni futhi kwakho akungeni noma wubani kepha kungena omntakabani kuphela. Leli qhinga lingasebenza nalo kodwa kuye ngendawo, nokuthi lifanele obani nanokuthi kusho ukuthi unendlela eyahluke ngempela yokunakekela amakhasimende nokungenza ukuthi kubonakale ukuthi lawa manani aphezulu alifanele ibhizinisi lakho – futhi-ke lokhu kusebenza isikhathi esiningi ezindaweni lapho kubonakala khona ukuthi ikhasimende alinandaba ukuthi likhokha malini. Ucwaningo oselwenziwe lukhombisa ukuthi amakhasimende amaningi akholwa ukuthi inani lomkhiqizo kanye nomkhiqizo kuyahambisana. Imikhiqizo edulayo ibukeka iyikhwalithi ephambili ukwedlula leyo eshibhile ngisho noma kungasenjalo ngempela kwezinye izikhathi. Njengoba izimali ezingenayo kubantu zenyuka, abantu benza imali, abathengi kuvele kube yinto abangayishayi ndiva indaba yokuthi umkhiqizo ubiza malini kodwa into okuyiyona amakhasimende asuke eseyibeke phambili ngaleso sikhathi ‘yikhwalithi’ kanye ‘nezinga emphakathini’. Lapho-ke uthola ukuthi kwalona inani eliphezulu lelo yilona kanye elikhuthaza amakhasimende ukuthi alokho engena engenile – kanti-ke inani ‘lezinga eliphezulu’ angeke nje wakwazi ukuligcina – okunalokho likwazi ukuzigcina lona lizikhokhele lona ngoba amakhasimende angene engenile.
6. Ukukala amanani alugweje olungalingani Le ndlela yokunquma amanani yilapho khona uthola ukuthi ikhasimende libona ukuthi kunomehluko enanini lomkhiqizo kodwa eqinisweni uthole ukuthi umkhiqizo uyinani elilinganayo nje nakwezinye izindawo. Isibonelo nje umkhiqizo obiza inani elingu-R299. 95 uvame ukuthi kuthiwe ubiza kancane kakhulu kunomkhiqizo ovele ubize uR300.00.
7. Ukubeka amanani amaningi Le ndlela ifaka phakathi ukuthengisa imikhiqizo engaphezu kowodwa ngenani elilodwa, njengokuthi nje uthengise izimpahla ezintathu ngo-R100.00. amakhasimende isikhathi esiningi avame ukuthenga imikhiqizo ekanje ibe miningi uma kusetshenziswe le ndlela, kodwa-ke lendlela futhi nayo ayisebenzi kuzona zonke izinto ezithengiswayo.
8. Ukubeka amanani abe phansi / ehlisiwe Ukwehlisa amanani yiyona ndlela esetshenziswa yizitolo ezinkulu. Amabhizinisi anikeza izaphulelo kumanani ngenxa yezizathu eziningi:
1. ukwehlisa amanani kuleyo mikhiqizo okumele ihlale isikhathi esincane (leyo mikhiqizo okusuke kufanele iphume kungene eminye noma leyo esiphelelwa yisikhathi)
2. ukwehlisa amanani kulabo abathenga ngemali engukheshi (uma kubalulekile ukuthi kutholakale imali engukheshi ebhizinisini)
3. ukwehliswa kwamanani uma kuthengwa imikhiqizo eminingi (uma umthamo ubalulekile
103
4. amanani ehlisiwe kulabo abawuthengela ukuyowuthengisa umkhiqizo (ukuze kwandise ukusatshalaliswa komkhiqizo).
Amabhizinisi amaningi kodwa asebenzisa le ndlela yamanani ehlisiwe ukuze abantu bakwazi ukuthenga ngokushesha esikhathini esifushane nje noma kwesinye isikhathi lokhu akwenzela ukuze amelana namanani ehlisiwe kuzimbangi zawo. Kodwa-ke kufanele uma usebenzisa leli qhinga lokwehlisa amanani ulisebenzise ngokucophelela. Uma ikhasimende leneliswa ukubiza komkhiqizo kunebhrendi ukuthi umkhiqizo ubiza kancane kangakanani, lapho-ke wena usenkingeni yokuthi udamane unquma amanani ngokulandela imbangi yakho. Ungagcina usuphoqelekile ukuthi nawe wehlise kakhulu amanani akho ukuze ukwazi nawe ukuba semakethe. Kungenzeka ekugcineni ugcine usuwile waphuma nya ebhizinisini .
Ezinye izinto ezinomthelela ekunqunyweni kwamanani Ziningi nezinye izinto eziba nomthelela ekunqunyweni kwamanani. Nazi-ke izinto ezine ezejwayelekile neziba nomthelela ekunqunyweni kwamanani:
1. Indawo Indawo okuyo inomthelela omkhulu kakhulu ngendlela ozobeka amanani omkhiqizo wakho. Uma kukhona amanye amabhizinisi ambalwa akhona endaweni okuyo ebe futhi ethengisa umkhiqizo/ehlinzeka ngesevisi efanayo neyakho, lokho kuyosho ukuthi bayoba bancane abantu abafuna kakhulu umkhiqizo lowo ngoba vele umkhiqizo uyobe uyinsada. Nokungagcina sekwenze ukuthi kufanele ukuthi wena uthi ukwehlisa kancane amanani akho. Kanti ngakolunye uhlangothi, ake sithi nje isibonelo, unendawo yokuwasha izimpahla, futhi uwena kuphela onaleli bhizinisi edolobheni. Ungakwazi nje lapho ukuzibizela amanani aphezulu ngendlela ofuna ngayo, nobungeke ukwenze ukuba bekuthiwa abekhona amanye amabhizinsi ayizindawo zokuwasha izimpahla akhelene nawe. Ngendlela efanayo-ke futhi ibhizinisi elisedolobheni livame ukubiza kakhudlwana kunebhizinisi elifanayo elisemaphandleni ngoba abantu basemadolobheni abanankinga nokukhokha njengoba nemali benayo ukwedlula labo bantu abazihlalela le emakhaya.
2. Igama Uma unegama elihle ebhizinisini, abantu bayohlala njalo bezimisele ukukhokha okungaphezulu kubhizinisi lakho ngoba bona ngesingabo bayobe bazi nje ukuthi vele kuningi abakutholayo. Isibonelo nje uma unebhizinisi lokuphrinta kodwa futhi unegama elihle waziwa ukuthi wena umsebenzi uwuthatha ngisho sekuvalwe amehlo sekuthiwa ngeke kusalunga isikhathi sesihambile, kodwa wena ukwazi ukwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu, futhi uwulethe ngesikhathi okuvunyelwene ngaso, lapho-ke ungakwazi ukubiza amanani athe xaxa.
3. Izimo zomnotho Izimo zomnotho jikelele ziyoba nomthelela ngendlela ubeka amanani ngayo. Uma kuyinala, izimali ziyinsada, abantu abanankinga nokukhokha amanani aphezulu ngemikhiqizo nangamasevisi uma kuqhathaniswa nangaleso sikhathi endlala.
4. Ukuguquka kwezimakethe Njengalokhu izimakethe zishintshashintsha, kanjalo nebhizinisi lakho phela kuyofanele ukuthi nalo lishintshashintshe. Kufanele ngaso sonke isikhathi uhlale uhlale ubheke ukuthi ngabe amanani osawabiza wena ayiwona yini ngokuphinde ubheke nakumakethe.
104
Lena yiyona ndlela engizobiza ngawo umkhiqizo wami:
Ukubeka amanani omkhiqizo wami
Bhala amanani ozowabiza umkhiqizo wakho kusithombe sakho ESIKHULU sokuzikametha
105
Uhlu “lokumele kwenziwe” – Ingxenye 11
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 11 yokuhlela kwakho:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
106
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 11
107
IMithetho eyi-6 “okungafanele nakancane yephulwe” ngabanikazi bamabhizinisi
amancane Nansi-ke imithetho eyi-6 osomabhizinisi abaphumelelayo abangalokothi bayephule: 1. Ungalokothi usebenzise iseluleko esithile ungakasicwaningi kuqala
Kungakhathalekile ukuthi ubani lowo okunika iseluleko, kudingeka ukuthi usibheke ukuthi ngabe leso seluleko sikufanele yini wena, ibhizinisi lakho kanye nendlela wena owenza ngayo izinto.
2. Ungalokothi ukhale njalo
Musa ukulokhu wena wahlala ungumakhalanjalo. Ukukhala abantu abaningi bakuthatha njengendlela yokwamukela ukuthi uyehluleka – nokuyisithombe okungekho ngisho noyedwa usomabhizinisi ongathanda ukuthi senziwe ngaye. Uma ikhasimende liqala likhala, ungalijoyini kulokho kukhala kwalo. Zama nje wena ukuzwelana nalo bese ubona ukuthi ayikho yini indlela ongasiza ngayo.
3. Ungalokothi ucabange ukuthi izinkinga zokungangeni kwezimali zizozixazulula zona ngokwazo
Noma yiliphi ibhizinisi liyaba nezinkinga zezimali. Lokhu-ke akusho ukuphela komhlaba – ngaphandle-ke kodwa phela uma ukushaya indiva, ngoba phela uma wenza njalo lokho kuyosho ukuthi ekugcineni lokho sekuwukuphela kwebhizinisi lakho. Empeleni nje ukuxakeka ngakwezezimali kusuke kusho ukuthi wena kufanele ucabange enye indlela yokwenza izinto, ukushintsha izinhlelo, ukuzama izindlela ezithile zokuzimaketha, njl.
4. Ungalinge uthathe izinto okumele uzenze uzibekele isikhathi esizayo
Uma umosha isikhathi, izinto zivame ukuthi ekugcineni ziqhamuke seziziningi, izinkinga sezinqwabelane. Uma kuwukuthi wena uhlale ubhekene nezinkinga nje uthi usuka kwenye ube ungena kwenye, awusoze waphumelela futhi awusoze wakwazi ukusizakala kumathuba amasha avelayo.
5. Ungalokothi ubukele phansi impilo yakho
Uma ungayinakekeli impilo yakho, amazinga okusebenza kwakho kanye nokuba nogqozi kwakho kuyofadabala bese kuthi izinqumo ozithathayo kanye nomsebenzi owenzayo konke kube sezingeni eliphansi. Uma amakhasimende eseqala ekubona lokhu, wena uyobe ususenkingeni enkulu.
6. Shiya umsebenzi wakho emsebenzini
Omunye wongoti kwezamabhizinisi uLee Lacocca wathi ngelinye ilanga ubokwazi ukuthi awuphumeleli ebhizinisini uma ungakwazi ukuba sekhaya udle isidlo sakusihlwa nomndeni wakho. Kanti-ke wayeqinisile – umndeni wakho uyakudinga. Uma kufanele ukuthi ubuye usebenze ngemuva kwamahora okusebenza, qala ngokuba nomndeni wakho kuqala.
108
1. Ukuthengisa kuwumongo webhizinisi. Ngakho-ke uma ufuna ukuba ibhizinisi lakho liphumelele kufanele ube nendlela yokulithengisa.
2. Ukuthengisa angeke nje kuphela kukusize ukuthi ukwazi ukuthengisa imikhiqizo yakho kuphela, kodwa futhi kuyokusiza ukuthi ukwazi ukudoba amakhasimende
amasha kodwa futhi ngaleso sikhathi ube ukwazi ukugcina nalawa amadala ekhona.
3. Ukuzithengisa okuhle angeke nje kuphela kutshele abantu ukuthi wena ungubani kanye nokuthi wenza ini, kodwa okunalokho kungenzeka kudobe ngisho
nabatshalizimali imbala. Uma ufaka isicelo semalimboleko, lezo zikhungo ezitshelekisa ngemali zivame ukuwathandathanda lawo mabhiznisi anendlela ethile necatshangwe kahle yokuzithengisa.
Konke kumayelana nokuzithengisa!
Ukubhajethela imikhiqizo yokuzithengisa
109
Izikhangiso
111
Amawebhusayithi e-inthanethi
113
Amawebhusayithi e-inthanethi
115
Indlela ehamba phambili yokuzikhangisa: ubudlelwano obuhle kakhulu namakhasimende
122
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 12
124/125
Izindlela ezinobuchule zokukhangisa ibhizinisi lakho
120
Ingxenye 12: Ukumaketha:
Ukuzithengisa kwakho Impumelelo
ikundlela esicabanga ngayo.
O.W. Holmes
109
1. Uma ungenayo ibhajethi oyibekele izikhangiso kanye nokuzithengisa, lokho kusho ukuthi awunalo uhlelo lwangempela nolusebenzayo lwebhizinisi. Ukuzithengisa kanye
nezikhangiso yizona zindlela zokwenza noma ngabe yiliphi ibhizinisi ngoba lapho usuke wazisa abantu ukuthi ungubani wena futhi wenza ini. Uma-ke wena ungakwenzi lokho kanti ucabanga ukuthi abantu bazokwazi kanjani ukuthi kukhona ibhizinisi elifana nelakho.
2. Ungalenzi iphutha lokuvele nje uthathe noma ngabe yimalini esele kubhajethi yakho
njalo ngenyanga uthi leyo yiyona mali ebhekele ukuzikhangisa kwakho. Amathuba akhona lapha awokuthi kungenzeka kungabibikho mali esalayo njalo ngenyanga. Into engcono ukuthi nakho ukukhangisa ukubhajethele eceleni njengezinye izindleko.
3. Hlela ukuhlala ulikhangisa njalo nje ibhizinisi lakho. Ungabi nendumezulo yomkhankaso
lapho usalethula ibhizinisi lakho kuyaba emva kwalokho sekucweba isiziba bese wethemba ukuthi kuzohlala emiqondweni wabantu unyaka wonke ukuthi laliyinto enkulu mhla ulethula. Angeke nakanjani. Empeleni nje uma usumile ukuzithengisa, abantu bavele bakhohlwe yindaba yakho.
4. Ukulikhangisa kahle ibhizinisi lakho kusho ukuthi kufanele uqaphele kahle lapho ukhipha
izimali ngononina ukuze zikwazi izimali zakho ukukusebenzela. Kula makhasi ambalwa alandelayo uzobe wenza izindlela zokukhangisa ibhizinisi lakho kakhulu kodwa futhi usebenzisa imali encane!
5. Ungalinge unciphise imali ebhekene nokukhangisa ibhizinisi lakho uma ukuthengwa
komkhiqizo kungahambi kahle. Empeleni nje futhi ngenkathi umkhiqizo wakho ungathengwa, yisona kanye-ke isikhathi sokuthi uzikhangise ngamandla-ke leso. Uyabona ukunqamula imali ebizongena ekuzikhangiseni kuliqiniso khona ukuthi kungakongela imadlana ethile, kodwa uma umkhiqizo wakho ungasathengwa, kuyovele kube yisimo esinzima kakhulu.
6. Ukwehla kwendlela umkhiqizo wakho othengisa ngayo kusho ukuthi kusuke
sekuyisikhathi sokuthi uzibuyekeze indlela ozikhangisa ngayo. Ngabe lokhu kwehla kuyisizathu sokuthi awusazikhangisi ngendlela okuyiyona? Ngabe ubulokhu uzithengisa ngendlela eyodwa kangangokuthi abantu abasenandaba nendlela ozithengisa ngayo.
7. Izikhungo ezeluleka ngokuzikhangisa okusezingeni eliphezulu ziyadula kakhulu, kodwa
futhi ziyasebenza kakhulu. Kungani ungaziniki isikhathi ukubona ukuthi lezi zikhungo ziwakhangisa kanjani amanye amabhizinisi kanye nemikhiqizo yawo/amasevisi – bese nawe wenza okufanayo, nokuyokusiza ukuthi ukwazi ukuba nendlela yokuzithengisa esezingeni eliphezulu – bese futhi wonga kakhulu.
Ukubhajethela imikhiqizo yokuzithengisa
110
Ukubhajethela imikhiqizo yokuzithengisa kwami
Njengoba uzobe ubheka kula makhasi alandelayo ukuthi yiziphi izindlela zokuzithengisa ohlela ukuzisebenzisa, bhala phansi izindleko ezihambisana nalokho lapha ngezansi.
Indlela yokuzithengisa: Izindleko:
Bhala phansi lapha Ibhajethi okuzithengisa kwakho kusithombe ESIKHULU sezimali zakho
111
Ukuzikhangisa kubalulekile! Nayi imithombo ejwayeleke kakhulu ongazikhangisa kuzo:
1. Amaphephandaba: Amaphephandaba ayindlela edume kwezokukhangisa kakhulu amaningi awo ayakwazi ukufinyelela kumakhaya amaningi – kanti futhi nabantu abawafundayo kuyaziwa ukuthi baningi kakhulu. Amaphephandaba ahlinzeka ngezindlela eziningi zokuzikhangisa. Ungakwazi ukuzicelela wena ukuthi isikhangiso sakho basibeke kuphi nendawo; kungaba kwezemidlalo, kwezamabhizinisi, kusigaba sezokudla, njl. Kodwa-ke konke lokhu kulinganiselwe. Isikhangiso sakho kumele silwele ukuthi sikwazi ukubonwa abantu. Kodwa futhi kusho ukuthi lawo makhasimende angalifundi iphepha wona ayakulahlekela.
2. Amaphephabhuku: Ubuhle bamaphephabhuku ukuthi anabantu abawafundayo nabakwazi ukuchazeka ngandlela ethile nokwenza ukuthi wazi ukuthi uma ufaka isikhangiso sakho kuphephabhuku elithile siyofinyelela kubantu abanjani. Isibonelo nje, uma ufaka isikhangiso kuphephabhuku elikhuluma ngezolimo, lapho-ke ungacishe ube nolwazi lokuthi nakanjani abantu abathenga lelo phephabhuku abalimi.
3. Izincwajana zolwazi namaflaya: Kumabhizinisi amaningi amancane, incwajana yolwazi ebhaliwe yiyona ndlela engcono yokuzithengisa futhi ekwazi ukuyisho yonke indaba yakho ngamagama abanzi. (Bheka ikhasi 144 ukufunda kabanzi ngezincwajana zokuzithengisa.)
4. Eminye imithombo yabezindaba ebhalwe phansi yakuleyo ndawo okuyo: Ungazibukeli phansi izikhangiso ezibhalwe kumabhukwana kanye nakumabhuku ezingcingo atholakala mahhala emiphakathini ethile. Bheka ibhukwana ngalinye ukuze ubone ukuthi ngabe liyakunika yini lokhu okufunayo na, uphinde ubheke futhi nokuthi ngabe kufanele yini ulisebenzise wena na.
5. Iwebhusayithi ye-Inthanethi: Cishe wonke umuntu namhlanje unewebhusayithi yakhe, kodwa-ke yize kuyizigidi ngezigidi zabantu ezisebenzisa i-inthanethi nsuku zonke, lokho akusho ukuthi izigidi zabantu ziyovakashela iwebhusayithi yakho. Ngakho-ke ungalenzi iphutha lokuthi lena kube yiyona ndlela kuphela ozikhangisa ngayo. (Bheka ikhasi 149 ukuze uthole imininingwane ebanzi mayelana namawebhusayithi.)
6. Umsakazo: Umsakazo kuphela okwazi ukuthatha isikhangiso sakho usibeke kubantu njengoba beshayela izimoto zabo, besebenza noma bezipholele! Iziteshi eziningi zomsakazo zenzelwe ukuthi zikwazi ukufinyelela kusigejana esithile sabantu. Lokhu kungakusiza ukuthi ukwazi nawe ukufinyelela kumakethe oyiqondile noma uyinwebe. Izikhangiso zomsakazo eziyimpumelelo yilezo ezenziwa ongcweti bazo, ngakho-ke uma unemali, khuluma ngqo nomsakazo lowo, yiwona ozokusiza.
7. Ithelevishini: Ukubukela ithelevishini yiyona ndlela yokuphuma eyejwayelekile. Ukuzikhangisa kuthelevishini kwenza ukwazi ukufinyelela kubantu abaningi kakhulu ababukela isiteshi leso. Ithelevishini kusukela kudala ibilokhu iyindlela edume kakhulu kuzitolo ezinkulu ekuzithengiseni kodwa-ke inkinga ukuthi idula kakhulu kumabhizinisi amancane.
Izikhangiso
112
Lena yiyona ndlela engizozibeka ngayo izikhangiso zami kanye nendawo engizozibeka kuyo yile:
Izikhangiso
Bhala imininingwane yezikhangiso zakho kusithombe sakho ESIKHULU sokuzikametha
113
1. Izincwajana zolwazi kanye namaflaya kukunika indlela esebenzayo yokuzimaketha kanye nokunika abantu ulwazi olujulile mayelana nebhizinisi lakho, umkhiqizo noma isevisi
ohlinzeka ngayo. Akudingekile ukuthi lawa maflaya nezincwajana zolwazi kuze kube kuhle kuhlobe ngemibala futhi kudule. Ngisho namapheshana anemibala emnyama nemhlophe nje uma kwenziwe kwaba nomqondo kungakwazi ukuthi kube negalelo elikhulu.
2. Incwajana yolwazi ingahlinzeka ngesithombe esibanzi mayelana nebhizinisi lakho lonkana noma mhlawumbe ingagxila emkhakheni othile kuphela. Iflaya yona iba nolwazi
olufushane futhi ivame ukugxila entweni eyodwa noma ezimbili.
3. Uma uhlela ukubhala incwajana yolwazi noma iflaya ngebhizinisi lakho, zibuze le mibuzo elandelayo:
1. Ngabe yiluphi ulwazi ofuna ukuthi lube kulezo zincwajana zolwazi noma kumaflaya ozowakhipha?
2. Ngabe ulwazi olungakanani ozolukhipha na?
3. Ngabe sithombe sini ofuna ukuthi senziwe izincwajana zolwazi noma amaflaya akho na? Kungabe yinto nje engatheni?
4. Uyanakekela? Usemgangathweni? Ungumuntu obeka phambili izinto ezibalulekile?
4. Izincwajana zakho zolwazi noma amaflaya akho kufanele athokozise futhi abe nolwazi olwanele, faka izithombe ezidwetshiwe noma izithombe ezithathwe kwenye indawo
noma imidwebo uma indlela ikhona. Uma kufanele usebenzise umbhalo kuphela, sebenzisa amafonti okubhala ehlukene nezinhlobo zawo ezahlukene ukuze ukwazi ukuheha ozobe efunda lokho okubhalile.
5. Ziningi izindlela ongasabalalisa ngazo lezi zincwajana zakho zolwazi kanye namaflaya akho: ungazithumela ngeposi, zifakwe kuzincwadi ezihanjiswa ezindaweni ezithile,
zikhishwe emihlanganweni, emibukisweni, kuma-workshops noma zibekwe nje lapho umuntu afike azithathele khona akufunayo.
6. Kodwa-ke ngenxa yezindleko ezikhona kugaywa la maphepha, nakanjani kufanele anikwe labo bantu kuphela abakhombise intshisekelo yokuwathakasela noma
yokuyithakasela into okukhulunywa ngayo lapho ephepheni lelo. (Kuwukumosha imali eningi kabi ukuvele ukhiphe amaphepha uwanike noma wubani oqhamukayo nje.)
7. Bheka izindleko ezihambisana nokukhipha la maphepha ngokucophelela. Ungakwazi ukuzenzela awakho nje angenamicikilisho eminingi kukhompyutha yakho ekhaya bese
uwafothokhopha noma kungenzeka udinge ukuthi aphrintwe umuntu osebenza ngawo ngokusezingeni eliphezulu. Kungenzeka uthole inkampani ethi yona ingakuphrintela wona nje abe maningi yinqobo nje uma nayo izokwazi ukuthi ibhale lapho kuwona ukuthi enziwe yiyo futhi itholakala kanjani.
8. Ungalinge uqagele ngezindleko. Thola amakhotheshini abhalwe phansi kuzinkampani zokuphrinta ezahlukene kuqala bese uqhathanisa-ke.
Izincwajana zolwazi namaflaya
114
Izincwajana namapheshana
Lena yiyona ndlela engihlela ngayo incwajana yami yolwazi/iflaya yami (ungalibali ukubhala phansi izindleko eziqondile zokwenza lokho.)
Uma kwenzeka, bhala imininingwane yezincwajana zolwazi kanye namaflaya akho kusithombe sakho ESIKHULU sokuzikametha
115
Kulesi sikhathi esesiphila kuso ukuba newebhusayithi kuyinto eyisidingo kubhizinisi. Nazi-ke izizathu ezinhle eziyi-10 zokuthi iwebhusayithi ingalisiza kanjani ibhizinisi lakho likwazi ukuqhubeka kanye nokuphumelela:
1. Yakha isithombe sokuba umuntu osezingeni elifanele ngokwebhizinisi Iwebhusayithi enhle ingakwazi ukunika ibhizinisi lakho isithombe esihle kakhulu kukhasimende. Iwebhusayithi edizayinwe kahle nendlela ebekwe ngayo esebenziseka kahle yenza ukuthi ukwazi ukudlisela ogageni izimbangi zakho futhi inika amakhasimende isithombe sokuthi asebenzisana nenkampani angayethemba. Iwebhusayithi eyenziwe kahle yenza umkhiqizo/isevisi yakho ihlonipheke.
2. Zibeke ezingeni elifanele wena Ibhizinisi elincane nje elingenazo izimali ezitheni kodwa futhi elinewebhusayithi esebenza kahle lingakwazi ukubonakala kahle kuwebhusayithi futhi lingenza ukuthi le nkampani encane igcine isiqhudelana nezikhondlakhondla zezinkampani kulowo mkhakha. Iwebhusayithi ingakwazi ukwenza inkampani yakho ibukeke inkulu ukunalokhu eyikho!
3. Iwebhusayithi isebenza 24/7 ... kanti akukho sikhathi esengeziwe osikhokhelayo lapha! Iwebhusayithi yiyona kuphela indlela yokuzikhangisa esebenza amahora angama-24 ngosuku/ ubusuku nemini. Iwebhusayithi isebenza izinsuku eziyi-7 esontweni, kanti futhi akukho lapho kuke kuthiwe khona usuzokhokha okuthe xaxa njengoba kwenzeka ezikhangisweni ezishicilelwe. Iwebhusayithi ihlala njalo iyintsha, ihlala iheha, imemana, futhi ihlala ikulindele ukwenza umsebenzi.
4. Ukufundisa amakhasimende Abantu abaningi abangahle babe amakhasimende babuka bangena ku-inthanethi ukubheka ukuthi yiluphi ulwazi abangaluthola ukuze bakwazi ukuthi bethi bethatha izinqumo ezithile nje ngokuthenga izinto ezithile bebesebefundiseke kahle. Uma-ke wena uzothatha lelo thuba lokuthi uze ngaphambili ubanike lonke ulwazi abaludingayo, laba bantu bakubona njengongoti emkhakheni wakho futhi baba nokukwethemba.
5. Amakhasimende aseshaya impinda Ayikho phela indlela engcono yokuphinda ubuyise amakhasimende eyedlula eyokuhlala uxhumana nawo. Uma unewebhusayithi ungakwazi ukuxhumana namakhasimende akho ngamanyuziletha athunyelwa ngekhompiyutha, ngezindlela zokuvota ezithile, ngamaforamu kanye nemititilizo yezipesheli. Uma uhlala uxhumana namakhasimende akho, kukhombisa ukuthi uyanakekela.
6. Imibuzo evame ukubuzwa Imibuzo Evame Ukubuzwa kuwebhusayithi yakho ikunika ithuba lokuthi ukwazi ukuphendula imibuzo yamakhasimende ngaphambi kokuba ize ibuzwe. Le mibuzo yongela wena kanye nekhasimende isikhathi futhi yenza ukuthi ikhasimende likwethembe.
7. Ukukwazi ukwenza izinto ezithile kuwebhusayithi Ungakwazi ukwenza izingxenye ezithile kuwebhusayithi yakho zenziwe khona kuwebhusayithi
Iwebhusayithi – izizathu eziyi-10 zokuba nayo
116
ngqo. Ungakwazi nje ukunika amakhasimende ilungelo lokuba akwazi ukuzikhethela ukuthi akhokhe izikweletu zawo khona lapho kuwebhusayithi. Ungakwazi futhi ukuthi ube nesevisi yokuthi ngokucindezela inkinobho nje azi amakhasimende akho ukuthi umkhiqizo wawo usuzolethwa kuwo. Ungawavumela futhi nokuthi akwazi ukubhukha izikhathi zokubonana nawe khona njalo belu ku-inthanethi, kanti kuningi nokunye okungenziwa.
8. Amakhasimende alindele vele ukuthi ube newebhusayithi Amabhizinisi kulesi sikhathi samanje kulindele ukuba abe namawebhusayithi. Lokhu kulindeleka kusazokhula kube kukhulu ngomuso.
9. Sebenzisa ubunyoninco ukuthola ukuthi bangaki abantu abavakashela iwebhusayithi yakho Sebenzisa amathuluzi akhona ukuthola ukuthi bangaki abantu abavakashela iwebhusayithi yakho, bahlala isikhathi esingakanani kuyo, kanti futhi yimaphi amakhasi abawafunda kakhulu. Ngabe nezikhangiso zakho ozifaka kumaphephandaba kanye nakumaphephabhuku kanye nakulezo ezisemisakazweni kanye nakwizincwajana zolwazi nakumaflaya ungakwazi ukusho ukuthi kwenzeka okufanayo?
10. Ingcindezi yokungedlulwa yizimbangi zakho Izimbangi zakho zinamawebhusayithi. Ngabe kukhona yini kanti izimbangi zakho ezikwaziyo wena ongakwazi na?
Iwebhusayithi – zakhele uzinakekelele yona ngokwakho
1. Akukaze nanini phambilini kube lula ngale ndlela ukuzitholela eyakho iwebhusayithi esezingeni, ozenzele wena ukuze ithengise ibhizinisi lakho ... ngaphandle kokuthi uze ufune izinkampani ezidulayo ezenza amawebhusayithi, ukhiphe izimali ezishisiwe zokwenza ukuthi iwebhusayithi yakho ihlale isemoyeni, ukhokhe ngaso sonke isikhathi uma kukhona ofuna ukukwengeza kuwebhusayithi yakho, ukubambezeleka okukudla imali eningi kanye nezinye nje izinkinga eziningi ezikuphathisa ngekhanda.
2. Manje usungakwazi ukuzenzela iwebhusayithi yakho ethi wena usebenzisa isakhi samawebhusayithi. Kulula futhi kumahhala!
3. Isakhi sewebhusayithi yindlela elula yokuzakhela iwebhusayithi esezingeni eliphezulu – ngisho noma ngabe kuthiwe awunalwazi lokwenza amawebhusayithi.
4. Isakhi samawebhusayithi sikuvumela ukuthi ukwazi ukuba newebhusayithi ethi wena futhi kuyashesha. Ungakwazi ukwenza noma ngabe yini kusukele ekwakheni isayithi nje ezokwazisa abantu kuye kufinyelele kuwebhusayithi evuthiwe impela ethengisa ngomkhiqizo wakho.
5. Iqiniso ngewebhusayithi yebhizinisi ukuthi kufanele yenze umsebenzi – hhayi iwebhusayithi evela igcwale umculo nje ungabe usazi noma yini manje, uthola iwebhusayithi isiwubukhazikhazi nje obungaqondakali, isiyisicwebecwebe nje esingaqondakali. Amakhasimende akho afuna ulwazi olushaya khona futhi lwethulwe ngendlela ecacile kanti-ke awudingi ukuthi uze uqashe umuntu okufundele ukwenza lo msebenzi.
6. Izakhi zamawebhusayithi eziningi zisebenza njenge-Microsoft Word. Ukufaka amagama kanye nezithombe kulula kakhulu ... ukucindezela inkinobho nje, ngemuva kwalokho ziyasha! Asikho nesidingo sokuthi uze uyofunda ngama-software anzima asetshenziswa uma kwenziwa amawebhusayithi njalo njalo noma ufunde ngo-HTML noma ezinye izindlela zokusebenzisa imicikilisho eminingi yamakhompiyutha!
7. Ubuhle balokhu ukuthi ungakwazi ukuzigcinela wena isayithi ngokwakho. Uma nje umuntu olungisa amawebhusayithi kunguyena kuphela okwazi ukuthi ashintshe izinto ezithile lapha kuwebhusayithi yakho ngemali ethile, kuyacaca-ke ukuthi angeke wakwazi ukuhlala
117
ushintsha izinto ezithile kuwebhusayithi yakho ngoba phela kuyimali ngaso sonke isikhathi. Iwebhusayithi othola ukuthi isakhuluma ngezinto ezindala yimbi kabi kungcono ngisho nokungabi nayo sanhlobo nje-ke.
8. Kulula kabi ukugcina iwebhusayithi yakho. Cishe yonke into ofuna ukuyenza nje ukuvele ucindezela inkinobho kanye nje. Ngisho noma ngabe ufuna ukufaka umkhiqizo omusha noma isevisi entsha. Ucindezela inkinobho kanye nje! Ufuna ukushintsha umugqa othile ochaza ngokwenzayo? Cindezela inkinobho kanye nje! Ufuna ukuhlela kabusha ikhasi lakho? Cindezela inkinobho kanye nje! Ukuhlela indlela amagama akho abhaleke ngayo kuwebhusayithi yakho? Cindezela inkinobho kanye nje bese kwenzeka lokho okufisayo.
9. Obunye ubuhle bokuzibambela wena mathupha iwebhusayithi yakho ukuthi ungakwazi ukuyisebenzisa ukuhlola imikhiqizo emisha kanye nezinto ezintsha ohlinzeka ngazo amakhasimende akho. Izipesheli zasehlobo, izaphulelo, amasevisi amasha ... konke lokhu kulula nje ngoba uvele ukuphanyeke nje bese ubona ukuthi kwenzakalani. Uma kungasebenzi futhi uyakukhipha khona lapho nje.
10. Into enzima kakhulu ukuthi ungayenza ukuza nedizayini ethile. Uma usebenzisa isakhi samawebhusayithi, akudingeki noma uze uzikhathaze ngalokhu. Kunezinqwaba zamathemplethi amawebhusayithi ahleli nje aphuma nesakhi samawebhusayithi ongazisebenzisela wona njengawakho ukuze uzenzele iwebhusayithi yakho eyehlukile kwamanye.
11. Okunye futhi ukuthi akumele nakancane uze uzihluphe ngokuthi uthenge indawo ozobeka kuyo iwebhusayithi yakho ngoba nayo ifakiwe uma usebenzisa isakhi sewebhusayithi.
12. Ziningi izindawo lapho ungathola khona izakhi zamawebhusayithi ku-inthanethi. Kodwa-ke okuyiyona esiyincomayo, yilena ethi: www.weebly.com. Le webhusayithi ihlinzeka ngezinye zezindlela ezilula kakhulu zokuthi ukwazi ukuzakhela futhi uphinde upholishe iwebhusayithi yakho esezingeni eliphezulu.
Iwebhusayithi – amathiphu okwenziwa kwayo
Nanka amathiphu ayishumi nambili asebenzayo ayokusiza ukuzakhela iwebhusayithi enhle – bese ugwema amaphutha ajwayelekile:
1. Iwebhusayithi kufanele isheshe ivuleke kulowo oyivulayo Uma umuntu ovula iwebhusayithi yakho, kufanele kungabibikho sikhathi asilindayo. Empeleni nje abanye ongoti baze bathi uma kuke kwaphela imizuzwana eyisishiyagalombili iwebhusayithi yakho isanwabuluka ingavuleki, cishe iningi labantu abasuke bethi bayayivakashela bavele bayivale babheke amanye amawebhusayithi. Gwema ukuba nenqwaba yezithombe ezigcwele iwebhusayithi.
2. kuba lula ukuyifunda yonke iwebhusayithi yakho Iwebhusayithi yakho kufanele kube lula ukuyiphuma kanye nokuyingena kangangokuthi ngisho nosana oluneminyaka eyi-8 lungakwazi nje ukwenza noma yini kuyo ngaphandle kwenkinga. Laba bakwazi ukwenza amawebhusayithi futhi abawenza kahle bathi noma ngabe yiluphi ulwazi olutholakala kuwebhusayithi yakho kufanele lufinyeleleke kulo okungenani ngemuva kokuchofoza amahlandla amathathu kuphela uma usuka kwelinye ikhasi, hhayi ngaphezulu.
3. Okuqukethwe, okuqukethwe, okuqukethwe Khumbula ukuthi abantu abavakashela iwebhusayithi yakho basuke bengezele nje ukuzobona imibala emihle kanye nokwakheka kahle kwayo – basuke bezele ukuthi bakwazi ukuthenga okuthile ekugcineni noma ukuze bathole ulwazi oluthile. Ngakho-ke kufanele ukuthi wazi ukuthi iwebhusayithi yakho inezinto ezintsha nezinhle. Qiniseka ukuthi lowo osebenzisa iwebhusayithi
118
yakho uyakwazi ukufunda konke. Sebenzisa lokhu esikubiza ngokuthi ngamabhulethi, izihloko kanye nezihlokwana, uhla, njl.
4. Yenza ikhasi lakho lasekhaya libe kahle Ikhasi lokuqala elivakashelwa abantu abavula iwebhusayithi yakho, yikhasi lakho lasekhaya. Kufanele leli khasi lakho licace, lisheshe futhi libe lula – lisho ukuthi yini etholakala kuwebhusayithi yakho – kutholakala kuphi – uthinteka kanjani wena – kungani abavakashele iwebhusayithi yakho kufanele baqhubeke bayivule.
5. Gwema noma yini okungenzeka ithene amandla labo abavula iwebhusayithi yakho Gwema izinto ezigqame kakhulu nezilokhu zinyakaza, imibhalo ecwayizayo (ibulala amehlo kwabanye), yizinto ezilokhu zivela zingamenyiwe uma uchofoza, imibhalo elokhu yehle njalo. Gwema isethulo kuwebhusayithi lapho ilokhu izibongela khona iwebhusayithi yakho, ungalokhu ubhala izinto ezingayi ndawo ngesethulo kanye nanoma yini engenza ukuthi labo abavakashela iwebhusayithi yakho bagcine sebephazamisekile olwazini abalufunayo.
6. Gcina ukulokhu kwehla imibhalo kusayithi yakho kube kufushane Abasebenzisi bamawebhusayithi abangu-10% kuphela abavame ukulokhu behla njalo noma “beskhrola” beshona ezansi beya olwazini abangasaludingi. Amakhasi amade wanqamule abe amakhasi ehlukene, angalokhu eba yikhasi eliyindendende.
7. Kubalulekile ukugcina izinto zefana Qiniseka ukuthi wonke amakhasi ewebhusayithi yakho ayafana.
8. Ukukhethwa kombala wewebhusayithi yakho kungayakha noma kuyibhidlize Ungalokothi ukhethe umbala ogqame lokhu okuyisicefe noma imibala eminingi eyahlukene. Ngaso sonke isikhathi sebenzisa amagama azothile kusizinda esigqamile.
9. Qaphela amafonti owasebenzisayo Sebenzisa uhlobo oluthile lwamafonti. Lapha singabala amafonti amahle afana no-Arial, Verdana noma i-MS Sans Serif. Ikhasi lakho ngalawa mafonti liyobukeka lisesimweni sokuba sezingeni elisemgangathweni futhi kuyoba lula nokufunda okubhalwe kulo. Ungawenzi amagama abe mancane kakhulu noma abe makhulu kakhulu.
10. Gwema amaphutha ezipelingi, ukusetshenziswa kolimi kanye nezimpawu zokukhuluma Lena enye yezingxenye ezibaluleke kakhulu kuwebhusayithi yakho, kanti ukungahambi kahle kwayo kungenzeka kuthikameze ikhwalithi yewebhusayithi yakho.
11. GASO SONKE isikhathi faka amanani Ukungawafaki amanani ngelinye lamaphutha ongalenza kuwebhusayithi yakho.
12. Gcinabantu belokhu beyivakashele isayithi yakho a Khumbula – abantu abaningi bavame ukusebenzisa i-inthanethi ukuze bathole ulwazi LWAMAHHALA. Ngamanye amazwi into oyibhalile kuwebhusayithi yakho ingakudobela abantu abaningi abangabe befisa ukulokhu bedamane bezobona bafunde ulwazi olukuyo. Abantu badinga isizathu esizobenza ukuthi babuyele kuwebhusayithi yakho. Uma laba bantu bengatholi lutho olusha, kungenzeka bangabe besakunika ithuba lesibili. Yenza izinguquko kuwebhusayithi okungenani kanye njalo ngemuva kwamasonto amabili.
119
Iwebhusayithi ye-inthanethi
Yilokhu-ke engihlele ukukwenza kuwebhusayithi yami ye-inthanethi:
Bhala imininingwane yewebhusayithi yakho kusithombe sakho ESIKHULU sokuzikametha
120
1. Kunezindlela eziningi kakhulu ongazisebenzisa ukukhangisa ibhizinisi lakho. Konke okumele ube nakho nje umqondo wokuthi ufuna ukuthi izinto zakho zime kanjani:
1. Nanka amasu ambalwa okuthi ungawuqala kanjani umqondo wokucabanga ngebhizinisi lakho.
2. Zenzele isipeledu esinegama lakho kanye negama lebhizinisi lakho kuyo.
3. Khipha inyuziletha. (Akufanele kuze kube yinyuziletha enhle noma edulayo.)
4. Hlala njalo uphethe amakhadi akho ebhizinisi lapho ukhona (usuku lonke, nsuku zonke). Khumbula ukuthi amakhadi ebhizinisi ngeke akusebenzele uma elokhu egcinwe emabhokisini. Wakhiphe uwanike abantu abazowasebenzisa. Nika lowo omethembayo amakhadi amabili – elilodwa azozigcinela lona kanye nelinye naye azolinika noma ngabe ubani amthandayo.
5. Yenza isikibha esinegama lebhizinisi lakho kuso bese uyasigqoka.
6. Bhala umyalezo wokuzithengisa kwakho kuma-letterheads akho, kumaphepha ahambisana nefekisi kanye nakuma-invoice.
7. Bhala i-athikhili emfushane ubhalele iphephandaba lasendaweni ohlala kuyo.
8. Khipha uthumele kwabezindaba lokho okubukeka kuyizindaba ebhizinisini lakho kaningana futhi kuthumele kusenesikhathi.
9. Yazisa umphakathi ngezinto ezinhle nezinkulu ezizuwe ebhizinisini lakho.
10. Yenza umklomelo oba njalo kanye ngonyaka bese futhi uthumele kwabe zindaba ukuze usakazwe.
11. Yiba negama kanye nophawu lwebhizinisi lakho emotweni yakho.
12. Yiba yingxenye yezinhlelo lapho kukhulunywa ngamabhizinisi afana nawakho emsakazweni.
13. Bhala imibhalo “engamathiphu” kumanyuziletha nakumaphephandaba ajwayelekile.
14. Bamba isemina nabantu abanomqondo ofana nowakho ebhizinisi lakho.
15. Yiba nelanga nje lokuthi kuke kukhulunywe ngohlobo lwebhizinisi okulo.
16. Thola itafula lokukhangisa ibhizinisi uma kunezindawo lapho kuhlangene khona abantu abanomqondo ofanayo nowakho .
17. Phrinta igama lebhizinisi lakho kanye nophawu lwalo kumapeni noma kumisizi bese unikeza abantu mahhala.
2. Ungakhohlwa ukwethula ibhizinisi lakho – lena yindlela enkulu kakhulu yokuthi waziwe futhi yenza ukuthi namakhasimende afune ukwazi ukuthi kwenzakalani ebhizinisini
lakho, futhi ngale ndlela ungagcina usuzitholela usizo! Ngakho-ke ungazilibazisi! Lena yindlela enkulu yokuqala ukuthola abantu abangakusiza ebhizinisini – ngakho-ke qala ukumema kumanje! Nansi eminye imiqondo ongayisebenzisa:
1. Yenza usuku lokwethulwa kwebhizinisi lakho kube wusuku abantu abayohlala belukhumbula!
2. Makube sengathi yidili – maziwe, kube yiphathi. Yenza kuhehe, kube ubukhazikhazi, kube wusuku olunenjabulo.
3. Zama ukuthola iphephandaba lasendaweni ukuthi lizocoshela lolo daba. Ungazishiyi ngaphandle iziteshi zomsakazo zendawo.
Izindlela ezinobuchule zokukhangisa ibhizinisi lakho
121
4. Gwema izindleko ngokucela amalungu omndeni ukuthi anikele ngesikhathi sawo, noma ngamakhekhe ambalwa, noma aphathe o-champagne noma iziphuzo, noma izambulela, noma amaphosta, noma iribhoni okumele lisikwe – ngisho noma ngabe yisikele sokusika lelo ribhoni!
5. Mema abantu abazofaka umfutho omuhle ebhizinisi lakho.
6. Thola umuntu odumile ukuthi kube nguye osika iribhoni.
7. Mema abemithombo yezindaba – amaphephandaba (ikakhulukazi amaphepha asendaweni), ungabashiyi ngaphandle abethelevishini uma uzokwethula ibhizinisi lakho!
Yini okumele yenziwe: Ubani ozokwenza lokho: Kuyokwenziwa nini:
Bhala izindlela zakho ezinobuchule kusithombe sakho ESIKHULU sokuzimaketha
122
1. Amakhasimende angumongo webhizinisi. Awudingi nje kuphela amakhasimende azolokhu ebuyile kubhizinisi, kodwa futhi uyadinga ukuthi la makhasimende akuthengise
kwabanye abantu. Lena enye yezindlela zokukhangisa ibhizinisi lakho – kanti imahhala.
2. Kufanele ube nobudlelwano obuhle nobungefaniswe namakhasimende akho uma ufuna ukuhlala unamakhasimende akho nje engasuki kuwe.
3. Ngabe buyini ubudlelwano obuhle kakhulu namakhasimende? Leli gama elithi “ubudlelwano” ebudlelwaneni namakhasimende limayelana nokuhlobana – ukuhlobana
nabantu, ukuzwelana nemizwa yabo, ukuzwelana nezidingo zabo kanye nezimfuno zabo. Lokhu nje kumayelana nokuphatha amakhasimende akho sengathi ayinto ebaluleke kakhulu ebhizinisini lakho ... ngoba phela vele bayiyona kanye!
4. Nazi izinto ongakwazi ukuzenza ukuphatha kahle amakhasimende:
1 Mamatheka!
2 Yithi “Siyabonga”. Awekho amagama akha ubudlelwano okunokuthula ebhizinisini ukwedlula lawa mazwi. Futhi uma uwasho la mazwi, khombisa ukuthi ukuqondile lokho okushoyo. Washo uwaphelezele ngokumamatheka la magama.
3 Khuluma kahle futhi khombisa ukuphila – makube nokumamatheka ezwini lakho. Khuluma nawo wonke amakhasimende kube sengathi ukhuluma nezicukuthwane ezithile.
4 Yenza abangani namakhasimende akho. Uma zonke izinto zilingana, abantu abaningi bangathanda ukwenza ibhizinisi nomuntu ongumngani wabo!
5 Khuluma nekhasimende ngalinye ngenhlonipho, ungabheki ukuthi lineminyaka yobudala emingaki, ubulili, uhlanga, noma indlela eligqoke ngayo, njl.
6 Khombisa ikhasimende ngalinye ukuthi uyakuthokozela ukuba khona kwalo lapho.
7 Naka amakhasimende ngokuphelele. Ungazami ukubhekana nabantu ababili ngesikhathi esisodwa.
8 Ungalokothi ulindise ikhasimende.
9 Ungalinge wenze izethembiso ongeke – noma ongasoze wazigcina.
10 Nika ikhasimende ngalinye umuzwa wokuthi lamukelekile, libalulekile, futhi liyadingakala.
5. Into eyodwa ebaluleke kakhulu uma kuziwa ngasebudlelwaneni namakhasimende akho yilapho kusuke sekufanele ubhekane nezikhalo. Iyodwa vo indlela yokubhekana
nezikhalo – yindlela ekahle. Nazi ezinye izindlela ongazisebenzisa:
1. Ungalinge uzishaye indiva izikhalo! Izikhalo ezibhalwe phansi ezingaphendulwa, izingcingo ezishaywa mayelana nezikhalazo ezingaphendulwa bese kuthi amakhasimende anezikhalazo ashaywe indiva ezinye zezinto ezivamile nezindlela ezimbi zokwenza ibhizinisi.
2. Uma ikhasimende likhalaza, bhekana naleso sikhalo salo ngokushesha, ngendlela enobungani, nangendlela ekhombisa ukukhuthalela ngendlela onokwenza ngayo.
3. Ungalokothi uqophisane nekhasimende. Kungenzeka uyinqobe impikiswano leyo,
Indlela yokukhangisa engungqa phambili: ubudlelwano obuhle kakhulu namakhasimende
123
kodwa okusalayo uzolahlekelwa yikhasimende.
4. Yehlisa umoya. Amakhasimende akhalazayo avame ukuthi abe nokucasuka. Uma nawe ungakhombisa ukucikeka ngasohlangothini lwakho ungasusa uthuli lwezichwe.
5. Khumbula lokhu: ucwaningo luveza ukuthi ikhasimende eselike laba nesikhalo ebhizinisini elithile kodwa isikhalo salo saxazululwa ngendlela egculisayo, noma elenelisayo ikhasimende lelo, kusukela ngalelo langa, lelo khasimende liba yikhasimende elethembekile kulelo bhizinisi.
Lena yiyona ndlela mina kanye nethimba lami engisebenzisana nalo esizoba nobudlelwano obukhulu namakhasimende ami ngayo:
Lena yiyona ndlela esizosombulula ngayo izikhalo zamakhasimende ethu:
124
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 12 yokuhlela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla LOKUMELE KWENZIWE lube uhlelo lokwenziwayo.
3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
125
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 12
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
126
Ukufunda emaphutheni akho owenzile
Njengoba singabantu, sivame ukufunda kakhulu emaphutheni ethu ukudlula kulokho esikuzuzile. Ingxenye ebaluleke kakhulu ukuthi ukwazi ukubona ukuthi amaphutha ayingxenye yethuluzi lokufunda elinamandla umuntu angakwazi ukufunda kuwo. Into engcono ongayenza ukuthi ubheke amaphutha owenzile ngaphandle kokuphoxeka ngawo. Eqinisweni nje, enye yezinto ezikhulula kakhulu empilweni ukukwazi ukubheka emuva bese uthi: “Ngenza iphutha laphayana. Ukukwazi ukubona ukuthi wenze iphutha yiyona kuphela indlela yokulilungisa, funda kulo (ngokuthi phela ungaliphindi), libeke ngemuva kwakho, bese uqhubeka nempilo yakho. Kubalulekile ukukwazi ukubona ukuthi yikuphi lapho wona khona. Kodwa futhi kubalulekile ukubheka ukuthi yikuphi owakwenza kahle. Khumbula ukuthi, akusikhona konke okwenzeka ephutheni owalenza okubi. Kwaba khona isikhathi nje lapho waphambuka khona.
127
1. Kubalulekile ukuthi ukwazi ukuyibamba iqine ekuthengisweni komkhiqizo wakho. Lokhu kusho ngaphezu kokuthi uyowuthengisa kanjani umkhiqizo wakho.
2. Kusho ukubheka ukuthi uhlose ukuthengisa kanjani esikhathini esinzima kanye nasesikhathini eside. Futhi ubani ozobe ekuthengisela umkhiqizo wakho.
Ngakho-ke kudingeka ukuthi ukuhlele ngokucophelela lokhu okulandelayo:
1. Uhlela ukuwuthengisa ndlelani umkhiqizo wakho.
2. Ubani ozowuthengisa.
3. Ubani ozoqapha ukuthengiswa komkhiqizo wakho.
4. Ngabe uzoyilandela kanjani imizamo yalowo okuthengiselayo na (uma lowo okuthengiselayo ehlulwa ukukwenza lokho ungagcina wena usucabanga ukuthi umkhiqizo wakho onephutha).
5. Ngabe badinga kuqeqeshwa kuphi abantu abazokuthengisela.
6. Ngabe yikuphi ukulandelela ozokwenza kanye nenqubomgomo ohlose ukuba nayo.
Izindlela zokuthengisa kwakho
128
Ukuqeqeshelwa ukuthengisa
130
Ukulandelela indlela othengisa ngayo nezinto ozithengisayo
131
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 13
132/133
Lokhu kungaphezu kokuthengisa nje
Ingxenye 13: Ukuphathwa kwezinto
ezithengiswayo Qaphela! Amakhasimende
ayancibilika!
Uphawu oluseNordstroms
128
Lawa manothi alandelayo kanye nemibuzo kuzokusiza ukuthi ucabange ngokuthengisa. Bhekana nombuzo ngamunye kulena elandelayo.
1. Ngabe uhlela ukuwuthengisa kanjani umkhiqizo wakho na? Ngabe uzosebenzisa abantu abawuthengisayo noma uzozithengisela wena ngqo, ubuso nobuso ukhulume
namakhasimende akho endaweni yakho yokusebenzela?
2. Noma ngabe kwenzekani, ngabe yikuphi okuyoholela ekuthengiseni okuhle? Ungalinge uzishaye isifuba. Ayikho indlela yokuthengisa engeke yenziwe ngcono.
3. Cabanga ngesikhathi nawe uyikhasimende. Kuningi ongakufunda ngesipiliyoni sakho nawe njengekhasimende. Zibuze ukuthi:
1. Yini ekugqugquzelayo wena njengekhasimende?
2. Yikuphi okukubhocobalisayo?
4. Ngabe ungakwazi kanjani ukusebenzisa lezi zimpendulo kubhizinisi lakho kanye nendlela yokuthengisa ebhizinisini lakho?
5. Ngabe yikuphi ukulandelela oyoba nakho ngemuva kokuba usuwathengisele amakhasimende umkhiqizo? Uma ungakwazi ukusiza amakhasimende ngemuva kokuba
esethengile, azokubalekela amakhasimende aye kwezinye izindawo.
6. Ngabe ithini inqubomgomo yakho ngokubuyiswa kwezimpahla ezithengiwe na?
7. Ngabe yiziphi izinto zokusiza endaweni yokuthengisa oyoba nazo – izinto eziyokhuthaza labo abazibukela nje iwebhusayithi ukuthi bagcine sebengabathengi?
Izindlela zokuthengisa kwakho
129
Izindlela zokuthengisa kwakho
Nazi-ke izimpendulo zami zemibuzo esekhasini elingenhl:
Bhala izindlela zokuthengisa kwakho kusithombe sakho ESIKHULU sokuzikamaketha
130
1. Ukuqeqeshelwa ukuthengisa yindlela ehamba phambili yokutshala izimali ekusaseni lebhizinisi lakho. Nansi-ke eminye yemihlomulo yokuqeqeshelwa ukuthengisa okuhle:
1. Kwenza ukuthi ibhizinisi lakho lisheshe lizuze kanjalo futhi nalowo muntu
oqeqeshelwe ukuthengisa.
2. Kwenza ukuthi abasebenzi bahlale befuna ukusebenza bethokozile ngoba izinto zabo zisuke zihamba kahle futhi bayakhuthazwa kulokho.
3. Kufaka imali ephakatheni lakho.
4. Amakhasimende ngaso sonke isikhathi ahlala elindele abasebenzi abathengisayo abaqeqeshwe ngendlela efanele nokusho ukuthi ziyoba zincane izikhalo oyobhekana nazo.
2. Amakhasimende amaningi avame ukukhalaza ngabantu abasebenza ukuthengisa abangaqeqeshekile kahle noma abaluhlaza, abangenanhlonipho. Lokhu kusho ukuthi
ukuqeqesha kwakho kufanele kugxile ezintweni ezimbili:
1. Ukuba nolwazi ngomkhiqizo – abasebenzi bakho abathengisayo akusoze kwaba nesikhathi lapho kuthiwa khona sebazi kabanzi ngomkhiqizo abawuthengisayo.
2. Ukukwazi ukuphatha amakhasimende – abasebenzi bakho abathengisayo akusoze kwaba nesikhathi lapho kuthiwa khona sebazi kabanzi ngokuphathwa kwamakhasimende!
3. Ukuqeqeshelwa ukuthengisa akusiyona nje into engenziwa yinoma ngubani. Esinye sezizinda lapho ungathola khona usizo umtapolwazi. Laphayana kunezinqwabanqwaba
zezincwadi ezifundeka kalula ngokuthengisa ngendlela efanele. Zibheke lezi zincwadi.
Ukuqeqeshelwa ukuthengisa
Okudingeka ngiqeqeshe kukho: Indlela engizokwenza ngayo:
Bhala ukuqeqesha kwakho kwabazothengisa kusithombe sakho ESIKHULU sokumaketha
131
1. Kudingeka ukuthi ukwazi ukuqaphisisa izinga umkhiqizo othengisa ngalo ngoba uma kwenzeka kuba nenkinga ekhona kumele ukwazi ukubhekana nayo ngokushesha.
Awukwazi ukuvumela izinga lokuthengwa komkhiqizo ukuthi kuvele kufadabale nje. Izimpendulo zakho kule mibuzo elandelayo ziyokusiza ukuthi ukwazi ukuthatha isinqumo sokuthi ungakwazi kanjani ukuqapha izinga umkhiqizo othengisa ngalo:
1 Ubani okunguyena ozoqapha izinga umkhiqizo othengisa ngalo? (Futhi ngabe lowo muntu unamakhono maphi futhi unesipiliyoni esingakanani?)
2 Ngabe lowo muntu uzoliqapha kanjani izinga umkhiqizo othengiswa ngalo? (Ngabe yindlela elula nesebenzayo leyo?)
3 Ngabe lowo muntu uyoyilandelela kanjani imizamo yomuntu othengisayo? (Khumbula ukuthi: Ukwehluleka ukwenza umsebenzi komuntu oqashelwe ukuthi athengise umkhiqizo kungagcina sekuthiwa yingoba umkhiqizo ungalungile.)
2. Thola izimpendulo zale mibuzo ebalulekile bese ubhala izimpendulo zakho lapha ngezansi.
Ukuqapha izinga lokuthengisa
Lena yiyona ndlela engiyoqapha ngayo izinga lokuthengwa komkhiqizo:
Bhala izindlela zokuthengisa kwakho kusithombe sakho ESIKHULU sokuzimaketha
132
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 13 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
133
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 13
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
134
Yiba nomndlandla!
Ungoti kwezefilosofi, uRaph Waldo Emerson, wathi ngelinye ilanga: “Ayikho into enkulu eyake yazuzwa ngaphandle komdlandla.” Umdlandla yisithako esibalulekile
ekwakheni ibhizinisi eliphumelelayo:
Umdlandla ukwenza ukuthi ube nofuqufuqu futhi ugcwale impilo!
Umdlandla uyakhazimula kuyona yonke into oyenzayo!
Uma ucabanga ngendlela enomdlandla ngawe, kuyokusebenzela!
Umdlandla ufaka umoya omusha kusikhunta!
Uma wena unomdlandla – nalabo abakuzungezile bayoba nawo!
Ukuze ube nomdlandla ngento ethile – funda kabanzi ngayo!
Umdlandla uthelelana ngokunamandla!
Izimpawu zomdlandla yilezi: amandla, ugqozi, kanye nofuqufuqu!
Ngakho-ke zisondeze eduzane komuntu onomdlandla omkhulu . . .
. . . ukuze ukwazi ukuba nomdlandla nawe!
135
1. Imali isikhathi esiningi ivame ukuthi kube yiyona nkiyankiya enkulu kakhulu kubantu ukuthi baqale amabhizinisi abo futhi bakwazi ukuwaqhuba.
2. Uhlangothi lwesikhathi eside ebhizinisini lakho kufanele lucatshangisiswe kahle futhi luhlelwe ngendlela efanele. Ukuba nezimali ezingenele kungasho ukuthi
ibhizinisi lakho aliyi ndawo ngaphambi kokuba lize liqale nje ngisho nokusimama.
3. Kodwa-ke ukungabibikho kwezimali zokuqala ibhizinisi akusho ukuthi sekuphelile ngawe. Udinga ulwazi kanye nendlela yokukwazi ukuyiphatha
ngendlela imali. Lokhu phela kuyokusiza ukuthi ugweme amaphutha angakushiyi ungenalutho. Isibonelo nje, ukucabanga ukuthi umali ongayisebenzisela ukuqala ibhizinisi lakho yimadlana nje – lokho kungaba yiphutha ongeke usakwazi ukuthi ubuye ulilungise!
Izindleko zakho zokuqala ibhizinisi
136
Ukwenza ibhajethi yenyanga
140
Ukubhajethela izindleko zezinyanga zokuqala ezi-3
142
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 14
144/145
Inkiyankiya enkulu kakhulu
Ingxenye 14: Ukugxila ezimalini: Izimali
zokuqala ibhizinisi Izimali namanje njengoba kwakunjalo
nasezikhathini zakudala ziseyisisu lapho
zonke izitho zithola amandla khona.
Sam Smiles
136
1. Ayikho indlela engujikelele yokukala ukuthi zingahle zibe yimalini izindleko zokuqala ibhizinisi. Ibhizinisi ngalinye linezidingo zalo ezidinga ukheshi ezikhathini ezahlukene
zokusebenza kwebhizinisi. Ungakwazi ukuqala ibhizinisi ngemali engatheni – imali engekho nje. Kanti abanye badinga izizumbulu zezimali ukuze bakwazi ukuqala amabhizinisi abo. Noma ngabe yikuphi-ke okwenzayo, kumele wazi nje ukuthi uma uqala ibhizinisi kufanele ube nemali eyanele ukwethula ibhizinisi lakho.
2. Kudingeka ukuthi uzibhajethele zonke izindleko ezimayelana nokuqala kwakho ibhizinisi lakho. Lokhu kusho ukukwazi ukuhlonza ZONKE izindleko okuyomele ungene kuzo
ukuze ukwazi ukuvulela ibhizinisi lakho iminyango yebhizinisi, kuye kufinyelele kuzindleko ezincane zezinto ezifana nepeni lomsizi. Izindleko zokuqala ibhizinisi zivame ukuthi zikhule kunalezo ezisuke zilindelwe – futhi isikhathi esiningi zivele ziqonge.
3. Udinga ukuthi ukuba usuzibalile zonke izindleko zezinto zokusebenza kanye nezinto ozozidinga. Njengamanje vakashela Ikhasi 42 (Ingxenye 3) bese ulubheka uhla.
Ungazincengi bese ulokhu uzibuza imibuzo ethile. Ngabe zikhona yini izinto ezishibhile ongazizama? Imali yokuqala ibhizinisi kufanele ukuthi ifake lezo zinto ezibalulekile kuphela ekuqalweni kwebhizinisi. Ungalezi iphutha lokuhlanganisa imali enkulu kakhulu yokuqala ibhizinisi kangangokuthi ingabe isabuya.
4. Kudingeka futhi ukuthi uhlelele nezindleko ezilokhu ziba khona ezingapheli ezifana nerenti, ugesi, umshwalense, njl. Izindleko ezihlala zikhona kufanele zehlukaniswe
izigaba ezimbili: izindleko ezingaguquki kanye nezindleko eziguquguqukayo. Lezo zindleko zimi kanje:
Izindleko ezingaguquki:
Noma yiliphi ibhizinisi linezindleko ezithile ezingaguquki nezikhokhwa zinyanga zonke, kungakhathalekike noma ngabe uthengise kahle kuleyo nyanga noma ngabe izinto azihambanga kahle. Lezo zindleko zibandakanya irenti, ugesi, ucingo, imoto kanye nezinto zokusebenza, umshwalense, izindleko zokuqhuba ibhizinisi, njl. Izindleko zakho zebhizinisi ezingaguquki zihlala zikhona. Ngisho noma ngabe awungenisanga mali ngenyanga ethile, lezi zindleko zihlala zikhona zidinga ukukhokhwa. Gcina lezi zindleko zakho ezingaguquki ziphansi ngokusemandleni akho ngesikhathi usaliqala ibhizinisi lakho. Khumbula ukuthi abantu abaningi basuke bacabange ukuthi uma beke bangena nje ebhizinisi yonke into isuke isizolunga ngokushesha! Gwema ukumosha izimali kanye nokufuna ukubukwa, uqasha izimoto ezinkulu ezibizayo uma usuqala ibhizinisi. Yonga, ukuze uma kukhona amasentshana onokuwabeka eceleni ukwazi ukwenza njalo!
Izindleko eziguquguqukayo:
Umkhiqizo ngamunye noma ngabe kuthiwa yisevisi ohlinzeka ngayo, inezindleko eziguquguqukayo nezibangelwa yingenkathi umkhiqizo wenziwa noma usudayiswa. Lezi zindleko zibandakanya ibhajethi yokumaketha, izinto ozozisebenzisa ebhizinisini, izindleko zokuzithwala kanye nezindleko zokuzifaka emaphaketheni, ikhomishini kanye nezinye izindleko ezihambisana nokuthengiswa ngqo komkhiqizo wakho. Lezi zindleko eziguquguqukayo ziyehla zenyuke kuye ngokuthi ibhizinisi libhizi kangakanani.
Izindleko zakho zokuqala ibhizinisi
137
Isinyathelo 1: Cubungula zonke izindleko ozongena kuzo ngenkathi uqala ibhizinisi lakho.
Impahla: Izindleko:
Isinyathelo 2: Hlola uhla lwakho bese ususa zonke izinto ezingenasidingo kangako noma izinto ongakwazi ukuqhubeka nebhizinisi ngaphandle kwazo.
Isinyathelo 1 – isinyathelo 2: izindleko zokuqala Ibhizinisi lakho
138
Isinyathelo 3: Yehlukanisa uhla lwezindleko zakho zokuqala ibhizinisi kube izindleko “ezingaguquki” kanye “neziguqukayo“ Ezingaguquki: Izindleko:
Isinyathelo 3: izindleko zakho ezingaguquki
Bhala izindleko zakho ezingaguquki zemali yokuqala Ibhizinisi lakho kusithombe sakho ESIKHULU sezimali
139
Eziguquguqukayo: Izindleko:
Isinyathelo 3: izindleko zakho eziguquguqukayo
Bhala izindleko zakho eziguquguqukayo zemali yokuqala ibhizinisi lakho kusithombe sakho ESIKHULU sezimali
140
Izimpahla: Inani lazo/izindleko ezilinganisiwe:
1. Kudingeka ukuthi ubale inani lemali ozolidinga ukuze uvule ibhizinisi lakho lisebenze zinyanga zonke. Njengamanje usaqala nje kubalulekile ukuthi ukwazi ukuhlawumbisela
ibhajethi yakho zinyanga zonke impilo yebhizinisi lakho. Nazi izizathu ezinqala zokuthi kungani kumele wenze lokho:
1. Lokho kukwenza ukuthi ukwazi ukuyazi imali yakho yonke inyanga nenyanga.
2. Uyakwazi ukuhlela imisebenzi yebhizinisi lakho inyanga nenyanga.
3. Uyakwazi ukuqala kabusha uzame ukunciphisa izindleko, uma kunesidingo.
4. Kwehlisa nengcindezi yokulokhu ukhathazeka ngendlela engafanele ngemali.
5. Kukusiza ukuthi ukwazi ukuhlela ikusasa lebhizinisi lakho.
2. Phinda futhi ubhale phansi zonke izindleko, kuye kufike ngisho nakuzinkambi zetiye ozoliphuza ukuleyo ndawo ozosebenzela kuyo. Lezi zimali oyobe uzibala lapha angeke
zishaye khona ncamashi. Kodwa kufanele okungenani ziyele ngakhona ukuze zikusize ukwazi ukucabangela phambili ukwazi ukwenza uhlelo lokubhajetha.
Ukwenza ibhajethi yenyanga
141
Izimpahla: Inani lazo/izindleko ezilinganisiwe:
Ukwenza ibhajethi yakho yenyanga
Bhala izindleko zakho zenyanga ezilinganisiwe kusithombe sakho esikhulu sezimali
142
1. Izinyanga zakho zokuqala ezintathu zizoba nzima kakhulu. Akusiwona wonke amacebo akho ayosebenza ngalesi sikhathi. Uyoba nezinkinga zokuthi usaqala ibhizinisi.
Kungenzeka ungakwazi ukwenza inzuzo ngalesi sikhathi. Ngaphandle-ke uma wenze ibhajethi yezinyanga zokuqala ezintathu, lezi zinyanga zingagcina seziyingcindezi enzima kakhulu kabi kuwe – nokuyinto ongakwazi ukuyigwema ngokuhlela izinto zakho kwasekuqaleni.
2. Hlela izindleko zakho zezinyanga ezintathu zokuqala. Ibhajethi yakho yenyanga (sisanda kukhuluma ngayo nje) iyona eyokusiza kulokhu.
Izimpahla: Inani lazo/izindleko ezilinganisiwe:
Ukubhajethela izindleko zezinyanga zokuqala Ezi-3
143
Izimpahla: Inani lazo/izindleko ezilinganisiwe:
Ukubhajethela izindleko zezinyanga zokuqala Ezi-3
Bhala izindleko zakho zezinyanga zokuqala Ezi-3 kusithombe sakho esikhulu sezimali
144
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 14 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
145
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 14
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
146
Ukuthatha izinqumo
Uma ukuthola kunzima ukuthatha izinqumo, ake ucabange ngalokhu: ukungasithathi isinqumo kwakhona kuwukuthatha isinqumo – isinqumo
osithathayo ukuvele uthi nje nakwaMakhanya kwazikhanyela, izinto zizozilungela. Asikhulume iqiniso nje; yinkinga leyo! Nanka amanye amathiphu ambalwa angakusiza ukwazi ukukhulisa amakhono akho
okuthatha izinqumo:
Gwema ukuthatha izinqumo ungacabanganga. Ukuvele uthathe isinqumo nje ususithathela phezulu kuvame ukuba ukuqagela lokho. Uma uzovele uthathe izinqumo eziningi zoku-qagela, ugcina wena usuzibona “njengomuntu othatha izinqumo ezibhedayo” ngoba isikhathi esiningi lezi zinqumo ziv-ele ziqhamuke sekuyizinqumo ezingashayi khona. Gwema ukuthatha izinqumo phansi kwengcindezi. Uma ucasukile, uthukuthele noma ungaphansi kwengcindezi ethile, ungasheshe uthathe isinqumo ngoba isikhathi esiningi izinqumo ezenziwa ngaphansi kwengcindezi zivame ukuba yizinqumo ezina-maphutha. Uma kufanele uthathe isinqumo, qhela kuleyo nkinga leyo, ubheke isimo okuso kuqala bese usebenzisa sonke isikhathi onaso. Yiba nawo wonke amaqiniso ngaphambi kokuba uthathe is-inqumo. Isinqumo sakho masigxile kulona lonke ulwazi ongakwazi ukufinyelela kulo ngaleso sikhathi sokuthatha isinqumo. Bhala phansi izinto ongakwazi ukukhetha kuzo ngaphambi kokwenza isinqumo. Kufanele uthathe isinqumo njengoba unezinto eziningi okwazi ukuk-hetha kuzo, ngakho-ke zibhale phansi zonke lezo zinto. Kala zonke izinto okwazi ukukhetha kuzo. Hlola ngokomqondo zonke izinto okwazi ukukhetha kuzo ucabange nje ukuthi ake sithi lesi sinqumo sesithathiwe-ke.
Bheka ubuhle kanye nobubi besinqumo ongahle usithathe. Yenza isinqumo sakho, bese uqhubeka nomsebenzi. Ungalokothi uhlale esinqumweni osithathile uma ususithathile. Naka izinto ezibalulekile manje nezikudingayo.
147
1. Ukuthola imali yiyona nto eyisizinda kuwona amabhizinisi. Isikhathi esiningi kucishe kube umsebenzi onzima kunayo yonke eminye ekhona. Eqinisweni nje,
lona umsebenzi onzima futhi ofaka izinto eziningi kanti ungakuphathisa ngisho nangekhanda. Kodwa-ke futhi uma uhlela kahle izinto zakho, ukuzama ukuvukuza imali wenzela ibhizinisi lakho kungahamba kahle kakhulu ngaphandle kwezihibe.
2. Uma ufaka isicelo sokuxhaswa ngezimali, qiniseka ukuthi uhambisa uhlaka lwakho olungcono ngempela oluhambisana nesicelo sakho ngoba amathuba
akhona awokuthi kungenzeka ukuthi ungabe usalithola ithuba lesibili.
3. Kodwa-ke ngabe wazi kanjani ukuthi leso sicelo osihambisayo singcono kunazo zonke na? Kulula. Yiba nohlelo lwebhizinisi oluphelele, bese wenza wonke konke
okumele kwenziwe bese uyaqinisekisa ukuthi ucela ukuxhaswa ngenani elifanele lezimali, futhi uzicela emthonjeni ofanele.
Imithombo yemali yakho
148
Izinto ezi-5 ezibaluleke kakhulu ekwebolekeni imali
150
Ukuhlakanipha ngezimali zakho
153
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 15
154/155
Alikho ithuba lesibili
Ingxenye 15 Ukugxila ezimalini:
Ukuthola imali Emqondweni wevukana kuhlala kunezinto eziningi
ezishayisanayo kodwa emqondweni wengcweti
kunezinto ezimbalwa.
S. Suzuki
148
Imithombo yemali yakho
Udinga imali ukuze ukwazi ukuqala ibhizinisi lakho, uthenge izinto ozozidinga ebhizinisini, ukhokhele abasebenzi, uthenge izinto ezibalulekile zebhizinisi, ukhokhe ezinye izimali ezikhokhwayo – noma ngabe yini eyenziwayo – udinga imali ukuze uyenze. Ukudinga kwakho imali kuyinto eqhubekayo. Ukuze uhlale usebhizinisini udinga imali. Kodwa-ke umbuzo omkhulu uthi: uyithathaphi imali? Kunemithombo embalwa okumele uyibheke uma ufuna uxhaso lwezimali. Kubalulekile ukuthi ubheke zonke izindlela ongathola ngazo imali ngaphambi kokuba uthathe isinqumo. Kungaba yimali ephuma ephaketheni lakho:
1. Umthombo omkhulu nonqala kumabhizinisi amasha kuba yizimali umuntu asuke ekade ezongile wazibeka kanti ezinye ziphuma kweminye nje imithombo yomuntu,
okungenzeka kube yizimali zamafa, noma izimali eziphume umuntu lapho edilizwa emsebenzini.
2. Yize-ke ama-credit cards evame ukusetshenziswa ukubhekana nezidingo zebhizinisi, zikhona kodwa izindlela ezinye ezingasetshenziswa, ngisho nezimalimboleko ezincane.
Kungaba yimali evela kubangani nomndeni:
1. Osomabhizinisi abaningi bayaye babheke izindawo zangasese lapho bengathola khona izimali zokuqala amabhizinisi abo, ngoba abanye nje bakhulumisana nabangani babo
kanye nemindeni yabo ukuthi ibaxhase ngezimali.
2. Umngani noma ilunga lomndeni kungenzeka lithande ukukusiza ngezimali ngaphandle kokuthi uze kube khona okusayinayo. Kodwa-ke lokhu kuyingozi kinina nobabili. Kuhlala
kuyinto engcono ngaso sonke isikhathi ukuthi uma ninikezana izimalimboleko nikubhale phansi lokho futhi nibhale nokuthi inzalo yayo iyoba yimalini kanye nohlelo lokuyikhokha leyo mali. Kungenjalo, lokho eniyobe nikwenza niyobe nifuna ukususa ingxabano nje engathi isuka ibe yona ubudlelwano benu. Izimali ezikhishwayo zokuxhasa amabhizinisi:
1. Ziningi kakhulu izinhlangano ezihlinzeka ngezimali zokwenza izinhloso eziningi. Ngeshwa-ke kodwa ukuthola ukuxhaswa ngezimali manje sekunzima kakhulu ngoba
baningi kakhulu nabantu abafuna ukuxhaswa ngezimali ukuze bavule amabhizinisi abo amancane.
2. Iqiniso ukuthi, uma ungayidingi kakhulu imali yoxhaso, yilapho-ke othola khona ukuthi usuke usemathubeni amahle okuthi ungaxhaswa ngezimali! Uma ukwazi ukuzitholela
izimali ezithile wena uqobo kungatshela lezo zinhlangano ezixhasa ngezimali ukuthi wena uyayazi into oyifunayo futhi uzibophezele kuyona.
3. Kufanele ubhale incwadi enhle yokufuna ukuxhashwa ngezimali. Kunezinto eziningi ekubhalweni kwalolu hlobo lwencwadi okwaziwayo nje ukuthi ziyenziwa kanye nalezo
okwaziwayo ukuthi azenziwa, kanti-ke kukuwe ukwenza ukuzilungiselela ngendlela eyiyona ukuze ukwazi ukuqondisa incwadi yakho yokufuna uxhaso lwezimali enhlanganweni efanele.
149
Imalimboleko yasebhange:
1. Ibhange liyokweboleka imali kuphela uma uyokwazi ukukhombisa ukuthi lokho ohlon-goza ukukwenza ngebhizinisi lakho kuyinto ephusile futhi ezwakala kangcono.
2. Kuyinto ekhanye bha ukuthi nakanjani ibhange alisoze lakweboleka imali yalo uma linezinsolo zokuthi kungenzeka wena ekugcineni ungakwazi ukuyikhokha le mali.
3. Ukuze lingabi sengcupheni yokulahlekelwa, isikhathi isiningi ibhange liyocela ukuthi kube khona into obambisa ngayo uma weboleka imali kulo.
4. Akukho ngisho nelilodwa ibhange elingayikhuluma ngisho nokuyikhuluma nje indaba yemalimboleko uma ungenalo uhlelo lwebhizinisi olubanzi futhi olusezingeni eliphezulu.
5. Kufanele kodwa futhi nerekhodi lakho elimayelana nokwebolekwa izimali kube elimhlophe qwa. Akukho ngisho nalinye ibhange elingavuma ukuzifaka engcupheni
yokukweboleka imali uma usuzikhombisile wena ukuthi unegama elingelihle. Bheka izinto ezibaluleke kakhulu ekwebolekeni imali ekhasini elilandelayo.
Lena yimithombo engicabanga ukuthi ngingazama kuyona ukuthola izimali zami:
Bhala imithombo yemali yakho kusithombe sakho ESIKHULU sezimali
150
Ibhange lakho (noma yimuphi umtshalizimali owebolekisa ngezimali) ufisa ukuqiniseka ukuthi imali yakhe iyakhokhwa ibuye kuye ekugcineni. Ukwenza kwakho isiqiniseko sokuthi izinto ezibaluleke kakhulu ezi-5 ekwebolekeni imali ziyahambisana nalokho izikhungo ezebolekisa ngemali ezikudingayo, kuyokwenza ngcono amathuba akho. Njengoba ungeke nanini wanikwa ithuba lesibili lokweboleka imali, kubaluleke kakhulu ukuthi ulisebenzise ithuba. (Lokhu kubuye futhi kukunike izithombe ezinhle zokusetshenzwa kwebhizinisi.
1. Amandla: Ukukwazi kwakho ukukhokha imalimboleko yiyona nto ebaluleke kakhulu kulezi zinto ezinhlanu. Leso sikhungo esingahle sikweboleke imali siyothanda ukwazi ukuthi uyoyikhokha kanjani imalimboleko leyo. Leso sikhungo esebolekisa ngemali siyobheka indlela okuphethwe ngayo izimali kubhizinisi lakho, isikhathi sokukhokha leyo malimboleko, kanti namathuba okuthi ungakwazi ukuyikhokha ngempumelelo le mali. Lezi zikhungo futhi ziyofuna ukwazi ukuthi yiziphi ezinye izindlela oyozisebenzisa ukukhokha izimali uma lezo zindlela eniyobe nivumelene ngazo zingasebenzi. Isibonelo nje, zingafuna ukwazi ukuthi ngabe unazo yini izimali ozibekile nozongile na? Ngabe unayo indlu okungenzeka uyithengise uma ibhizinisi lifadabala ukuze ukhokhe izimali oyobe webolekwe zona? Kanti nomlando wokweboleka kanye nokukhokha kwakho izimali lezo osuke webolekwe zona uthathwa njengenkomba yokuthi uyokhokha kanjani esikhathini esizayo. Bheka isimo sakho sokwebolekwa izimali kanye nendlela okhokha ngayo izikweletu zakho onazo. Isikhathi esiningi abanikazi bamabhizinisi bavame ukucabanga ukuthi indlela abakhokha ngayo izikweletu zabo siqu, yehlukile kuleyo ndlela abakhokha ngayo izikweletu zamabhizinisi abo. Cha, akunjalo. Ukwebolekwa kwakho imali yebhizinisi lakho kususelwa kuleyo ndlela wena okwazi ukukhokha ngayo izimali osuke webolekwe zona nje ngokwesiqu sakho.
2. Imali: Lapha sikhuluma ngemali wena siqu sakho oyitshale ebhizinisini. Le mali ikhombisa ukuthi ngabe yimalini ezokulahlekela wena uma kwenzeka ibhizinisi lakho liwa noma lifadabala. Abebolekisi ngezimali ngaso sonke isikhathi bahlala belindele ukuthi nawe kube khona okufakayo phela okungokwakho ebhizinisini olisungulayo futhi ufunge ugomele ukuthi nawe uzimisele ukuzifaka engcupheni yezezimali ukuze usungule ibhizinisi ngaphambi kokuba uze ucele lezi zikhungo ezebolekisa ngemali ukuthi zikweboleke imali. Futhi phela-ke nje uma kunezimali zakho nawe ozifake ebhizinisini lelo, uyokwenza ngakho konke okusemandleni akho ukwenza ibhizinisi lelo ukuthi liphumelele.
3. Isibambiso: Phela ukukhipha isibambiso noma ukubambisa nganoma yini into yakho enkulu efana nomuzi wakho kunkampani ekweboleka imali ngesivumelwano sokuthi lokho owenze isibambiso ngakho kuyoba yikhona okuyosetshenziswa ukuze kukhokhwe isikweletu leso oyobe usidalile. Zozimbili izinto zakho zebhizinisi kanye nezinto zakho nje siqu sakho zingasetshenziselwa ukuthi zibe yisibambiso ekuthatheni kwakho imalimboleko. Bese kuthi umuntu ogarantayo kube yilowo muntu osayina isivumelwano semalimboleko efunga egomela ukuthi uma kwenzeka wena ungasakwazi ukukhokha imalimboleko, uyena oyoyikhokha leyo mali. Kuyenzeka-ke ukuthi ezinye izikhungo ezebolekisa ngemali zikufune kokubili isibambiso kanye nomuntu ozogaranta ukuthi uyena oyoyikhokha leyo mali uma kwenzeka wena ungasayikhokhi.
Izinto ezi-5 ezibaluleke kakhulu ekwebolekeni imali
151
4. Imibandela: Ngemibandle kusuke kugxilwe kunhloso yakho yokuthatha leyo malimboleko osuke uthi uyayidinga. Ngamanye amazwi, ngabe imalimboleko leyo iyosetshenziselwa ukuqala ibhizinisi, imali yokuliqhuba, ukuthenga izinto zokusebenza ibhizinisi, isitokwe noma yini? Inkampani eyebolekisa ngemali iyobuye futhi ibheke isimo somnotho kanye nezimo ezithile kumboni yakho kanye nakwezinye izimboni nokungenzeka ukuthi zibe nomthelela kubhizinisi lakho.
5. Ubunjalo bakho: Uma sikhuluma ngobunjalo (bakho) asikhulumi ngenye into kodwa sikhuluma ngobunjalo bakho – ukuthi wena uma ubhekwa ubukeka ungumuntu onjani, oziphethe kanjani. Inhlangano eyebolekisa ngemali iyaye ithathe isinqumo sokuthi ngabe wena wethembeke ngokwanele yini ukuthi uyoyikhokha le malimboleko ngelinye ilanga noma mhlawumbe ngabe uyokwazi yini ukugaya izinzuzo nezinzalo ezanele ngezimali eziyobe zitshalwe kunkampani yakho. Isimo semfundo yakho kanye nesipiliyoni sakho kubhizinisi lakho kanye nakumboni jikelele kuyohlolwa. Bhala uhlaziye kafushane ngokunomqondo ophusile nojulile izinto zakho ezi-5 ezibaluleke kakhulu. Izidingo zakho zezimali zincike ekutheni zonke lezi zinto zakho zibe sesimweni esifanele. Ekhasini elilandelayo kunohla lwezinto “Lokumele Kwenziwe” lapho khona-ke ungakwazi ukubhala phansi yonke le misebenzi okudingeka ukuthi uyenze ukuqiniseka ukuthi izinto zakho ezinhlanu ezibalulekile nokumele uzenze zisesimweni esifanele!
1. Amandla:
2. Imali:
3. Isibambiso:
4. Imibandela:
5. Ubunjalo bakho:
152
Uhlu lwami “lwezinto ezibalulekile ezi-5”
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
Lokho okufanele kwenziwe: Ubani ozokwenza: Uzokwenza nini:
153
Impahla: Izindleko:
1. Ungalinge nje uze ucabange ngokuba nebhizinisi lakho uma kanti izimali zakho eziqondene nawe zingekho esimweni esifanele. Ukuqala ibhizinisi kungaba yinkinga
enkulu kabi ezimalini eziqondene nawe ngoba kungenzeka phela ukuthi ibhizinisi lakho kube yizinyanga eziningi kakhulu ngaphambi kokuba kube nemali oyenzayo ngalo. Kufanele ube nesiqiniseko futhi sokuthi uyokwazi ukukhokha izikweletu zakho okudingeka uzikhokhile ngesikhathi ibhizinisi lisatabalasa futhi unazo nezimali ezanele ukuthi uzondle wena kanye nomndeni wakho.
2. Buyekeza isimo sakho sezimali. Hlala njalo uqwashile, ungalinge ugeje ukubona imininingwane emincane uma kukhona into engakuphethe kahle kuzimali zakho. Uma
kukhona okukukhathazayo, bhekana nakho lokho ngaphambi kokuba uze wethule/usungule ibhizinisi lakho.
3. Beka eceleni ibhajethi eqondene nawe ngqo. Kubalulekile ukuthi ube nezimali zokubhekana nezindleko zasekhaya ngenkathi usazama ukusimamisa ibhizinisi lakho.
Noma yikuphi ukukhathazeka ongaba nakho ngezimali eziqondene nawe kungabeka ibhizinisi lakho engcupheni.
Ukuhlakanipha ngezimali zakho
Bhala imininingwane yebhajethi yokuzithengisa kwakho kusithombe ESIKHULU sezimali zakho
154
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 15 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
155
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 15
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
156
O-R aba-3
Ngenkathi sisesesikoleni othisha bethu basifundisa amagama abalulekile olimi lwesiNgisi naqala ngohlamvu olungu-R. Lawo magama-ke yilawa:
Reading ’Riting kanye nelithi ‘Rithmatic!
Njengoba sesibadala-ke manje sesikhulile nje, lawa magama ethu aqala ngohlamvu olungu-“R” asho okuthile okwehluke kakhulu. Nakhu-ke osekushiwo amagama aqala ngohlamvu olungu-“R” njengamanje:
Respect for self (Ukuzhlonipha) Respect for others (Ukuhlonipha abanye abantu) Responsibility for our own actions. (Ukubhekana nemisebenzi yethu emibi/emihle esiyenzile)
157
1. Ukuqonda izitatimende zezimali kubaluleke kakhulu empumelelweni yebhizinisi elincane. Ngeshwa-ke abantu abaningi abakuqondi ukuthi izitatimende zezimali
lezi zibaluleke kakhulu hhayi nje kuphela ekulungiseleleni ukuhambisa amaphepha amayelana nokukhokhwa kwentela kanye nasekufakeni izicelo zokuxhaswa ngezimalimboleko, kodwa ngisho nasekuphileni nje kwebhizinisi lonkana.
2. Phela izitatimende zezimali zenza ukuthi wazi ukuthi kwenzakalani futhi kungani kwenzeka lokho, futhi kuyenzeka zigagule ukuthi yini engahle yenzeke ngomuso
bese lokho kwenza ukuthi ukwazi ukulungiselela ingomuso ngokuthatha izinqumo ezifanele.
3. Izitatimende zezimali ezintathu ezinqala yilezi-ke: 1. Isitatimende Semali Engenile Nephumile (Isitatimende Semali Engenayo
(Income Statement) 2. Isitatimende Sokuma Kwezimali (Balance Sheet) 3. Isitatimende Esimayelana Nokusebenza Kwemali (Cash Flow Projection)
4. Isitatimende sesithathu – Isitatimende Esimayelana Nokusebenza Kwemali – sichazwe kabanzi kulesi sahluko esilandelayo: Ingxenye 17: Ukuphatha Izimali.
Isitatimende semali engenile nephumile
158
Isitatimende sokuma kwezimali
160
Izitatimende zezimali njengezinkombandlela zekusasa
Ingxenye 16: Ukugxila ezimalini:
Izitatimende zezimali Ukuphokophelela
kusho umsebenzi onzima owenza ngemuva kokuba
usukhathele ukwenza umsebenzi onzima osuvele usuwenzile.
Newt Gingrich
158
Isitatimende semali engenile nephumile
rofit and loss projection
1. Lesi sitatimende sezimali sibeka ngamafuphi imali engenile, esetshenzisiwe kanye nezindleko okusuke kungenwe kuzo esikhathini esithile – isikhathi esiningi kuvame ukuthi
kube yisigamu sokusetshenziswa kwezimali onyakeni. (Kodwa onyakeni wakho wokuqala kufanele ukuthi wenze isitatimende njalo ngenyanga.) Lesi sitatimende sihlinzeka ngolwazi olukhombisa ngokukwazi kwebhizinisi lakho ukugaya inzuzo ngokukhulisa izimali ezingenayo kulo futhi bese ukwazi ukunciphisa izimali ozisebenzisela ukusimama kwebhizinisi lakho. (Lokhu futhi kubuye kwaziwe ngokuthi yisitatimende sezimali ezingenayo.)
2. Lesi sitatimende sokusetshenziswa kwezimali kusuke kungahlosiwe ngaso ukuthi kube yinto ende kodwa sisuke senzelwe ukuthi nje sibe wumhlahlandlela wokuthi ukwazi
ukubheka ukusebenzisa izimali kubhizinisi lakho kanye nezindleko ezihambisana nalo. Lokhu kuyokusiza kakhulu wena ukuthi ukwazi ukuphatha izimali zakho kanye nebhizinisi lakho ngendlela efanele:
a. Hlelela ngaphambili ukuthengisa kwakho:
Ukuhlelela ngaphambili ukuthengisa kwakho kuyinqubo yokuhlaziya ulwazi olukuvumela ukuthi ukwazi ukuqagela ukuthi ngabe izinto zizohamba kanjani kubhizinisi lakho. (Lokhu akusikhona nje ukuqagela okungaqondile noma okunhlanhlathayo.) Uma uhlaziya ukuthengisa kwakho ebhizinisini kumele ukhumbule ukuthi ziningi izinto okusuke kumele ukuthi uzibheke nokungenzeka ukuthi zibe nomthelela ekusebenzeni noma ekungasebenzeni ngendlela kubhizinisi lakho. Lezo zinto yilezi ezilandelayo:
EZANGAPHANDLE: EZANGAPHAKATHI: • Izikhathi zonyaka/amaholide • Izinguquko kumkhiqizo, isitayela ikhwalithi • Isimo sezulu • Izinguquko kusevisi, uhlobo, ikhwalithi • Izigameko ezithile • Ukushoda • Izigameko zezepolitiki • Izinguquko ngenxa yemizamo yokuzimaketha • Umncintiswano • Ukugqugquzeleka kokuthengisa kanye nokungaguquki • Izigameko zangaphandle zabasebenzi • Izinguquko kumanani • Izinguquko zokukhiqiza • Izinguquko kunqubomgomo yokuthenga ngesikweletu Gwema ukuzinika ithemba elikhulu kakhulu. Umqondo omuhle kungukubikezela “isimo esingcono nesingahle senzeke” kanye “nesimo esibi kakhulu esingahle senzeke”. Kanti okuyikhona okuyokwenzeka ngempela yilokho okuyoba phakathi nendawo kulokhu!
b. Ukuhlelela ngaphambili izindleko:
Bheka zonke izindleko zakho oyongena kuzo uma uzama ukuthola imali yokuqhuba ukwenziwa komsebenzi kubhizinisi lakho. Bandakanya izindleko ezingaguquki kanye nalezo eziguqugukayo.
c. Thola izinga lenzuzo oyenzayo ngaphambi kokwehla kwamandla emali kanye nezintela okumele uzikhokhe:
Susa izindleko ozihlelele ngaphambili kuzimali zokuthengisa ozihlelele ngaphambili kwakho. Lokhu kuyokwenza ukuthi ukwazi ukubona ukuthi yimalini eyinzalo yakho ngaphambi kokwehla kwamandla emali kanye nezintela okuyobe kumele uzikhokhe. Ngemuva kwalokho-ke ungabe usubala ukwehla kwamanani kwempahla onayo.
d. Thola inzuzo osala nayo wena ngaphambi kokukhokha izintela okumele uzikhokhe: Susa ukwehla kwamandla emali kanye nezintela okuyobe kumele uzikhokhe. Lokhu kukunika isithombe esigqamile sokuthi yimalini okumele uyenze ngaphambi kokukhokha izintela okumele uzikhokhe.
159
Isampula — isitatimende semali engenile nephumile
Isitatimende semali engenile nephumile
IMALI EQOQIWE : Okuthengisiwe sekukonke: R0.00 Khipha izinzuzo zokuthengisiwe nezinye izimali: R0.00
Imali yokuthengisiwe iyodwa R0.00
IZINDLEKO: Ukukhangisa: 0.00
Izikweletu ezimbi 0.00 Izindleko zebhange 0.00 Izimali eziya kwabahlwempu 0.00 Amakhomishini 0.00 Izimali zabasebenzi benkontileka 0.00 Izimali ze-credit card 0.00 Izindleko zokulethelwa umkhiqizo 0.00 Ukwehla kwamandla 0.00 Izimali ezikhokhwayo nezokuthenga 0.00 Ezokuthutha 0.00 Umshwalense 0.00 Inzalo 0.00 Izindleko zokulungisa 0.00 Izindleko zehhovisi 0.00 Izinto zokusebenza 0.00 Izintela 0.00 Izindleko zamaphemithi nezimvume 0.00 Izimali zongoti 0.00 Izimali Zokulungisa Izinto Ezithile Ezonakele 0.00 Ucingo 0.00 Izimali Zokuhamba 0.00 Ukhokhelwa kogesi namanzi 0.00 Izindleko zezimoto 0.00 Amaholo 0.00 Izindleko sezizonke R0.00 Ukwehla kwamandla emali 0.00 Inzalo ngaphambi kwezintela R0.00
160
Isitatimende sokuma kwezimali
Isitatimende sokuma kwezimali zakho kunika isithombe esithile ukuthi ngabe ibhizinisi lakho linamalini ngasiphi isikhathi. Sikhombisa isimo kwezezimali sebhizinisi lakho – lokho elinakho (impahla) kanye nokuthi ngabe likweleta malini (izimali okumele uzikhiphe ziphume) kanye nezimali zonke sezihlanganisiwe. Ukuhlaziya isitatimende sokuma kwezimali zakho kuyenzeka kushintshe ngokuhamba kwesikhathi futhi kungakhombisa nendlela oqhuba ngayo ibhizinisi lakho. Ngokuvamile-ke ibhizinisi liyaye lilungise Isitatimende Sokuma Kwezimali zalo kanye ngonyaka. Kudingeka ukuthi nawe uzenzele Uhlaka Lwesitatimende Sokuma Kwezimali zakho ngenkathi wenza uhlaka lwebhizinisi lwakho. Uhlaka Lwesitatimende Sokuma Kwezimali kusho into oyenza ngokucabangela okuyokwenzeka (kuzimali zebhizinisi lakho). Lezi zinto ezilandelayo ziwumgogodla Wesitatimende Sokuma Kwezimali:
1. Impahla kuhlanganisa nezimali onazo ebhizinisini:
Impahla onayo ebhizinisini kuhlanganisa nezimali onazo kusho noma ngabe yini ehambisana nebhizinisi: a. Impahla onayo njengamanje ebhizinisini:
Impahla onayo ebhizinisini yilokho okukhula ngesivinini esiyisikhathi esingaphansi konyaka. Phakathi kwalezo zinto singabala lokhu:
Ukheshi:
Lokhu kusho yonke imali onayo esandleni kanye nasebhange – amasheke ayizimali, izimali ezithukuswe ndawanathile kanye nezimali ezitshaliwe.
Imadlana encane: Uma ibhizinisi lakho linesikhwanyana esincane nje lapho ugcina khona izimali zezindleko ezincane, faka inani lazo.
I-akhawunti yezimali ezingenayo: Le akhawunti yezimali ezingenayo yi-akhawunti yezimali ezivela kumakhasimende.
Uhlu Lwezimpahla: Uhlu lwezimpahla kuba yizimpahla ezithengwa yibhizinisi lakho ngenhloso yokuzithengisa ukuze lenze inzuzo.
Izimali ezamukelwayo: Lezi yizimali eziza kuwe ngenxa yokuthi ibhizinisi lisuke kade linikeze abathile izimalimboleko.
Izindleko ezikhokhelwa zingakasetshenziswa: Izimpahla, imihlomulo ethile noma amasevisi athile okuthengwa noma okurentelwa kungakasetshenziswa.
b. Impahla onayo yesikhathi eside ebhizinisini
Lezi yizinto ibhizinisi elisuke lifuna ukuzigcina okungenani isikhathi esingaba wunyaka nezisuke zizokwazi ukulenzela inzalo noma amankonyane.
161
Isitatimende sokuma kwezimali
c. Impahla engaguquki yebhizinise Lokhu kubandakanya impahla yebhizinisi noma eliyitholayo ukuze liyisebenzise ekusebenzeni kwalo futhi elingahlosile ukuzithengisa ngelinye ilanga. Lezi mpahla ibandakanya okufana nomhlaba (osuke uthengwe ubiza lelo nani olibizayo kungabhekiwe ukuthi ungahle uthengiswe kwenziwe inzuzo), izakhiwo, ukwenziwa ngcono kwebhizinisi, yizinto zokwenza ibhizinisi, ifenisha, izimoto, njl.
2. Izimali okumele uzikhiphe ziphume ebhizinisi Izimali ezikweledwa abahlinzeki bezikweledu yibhizinisi lakho.
a. Izikweletu onazo njengamanje ebhizinisini: Izikweletu onazo njengamanje yilezo zibopho okuyothi ngelinye ilanga zikhule futhi kudingeke ukuthi zikhokhwe zingakapheli izinyanga eziyi-12.
Ama-akhawunti okumele uwakhokhe: Lena yimali wena njengosomabhizinisi osuke uyikweleta labo abakuhlinzeka ngemikhiqizo kanye namasevisi okuyingxenye yokusebenza kwebhizinisi lakho.
Izimali okumele zikhokhwe: Lezi yizimali okusuke kufanele uzikhokhe mhlawumbe ubuyisela emuva imali osuke uyibolekile ukuze uqhube ibhizinisi.
Inzalo ekhokhwayo: Noma iyiphi inzalo esuke idaleke ngenxa yemali esuke ibolekelwe isikhathi eside noma isikhathi esifushane, kanye nezikweletu ezisuke zidaleke ngenxa yebhizinisi.
Izintela ezikhokhwayo: Lesi yisamba semali esikalwa ngokwesilinganiso umcwaningimabhuku ukuthi kumele sibe yintela ekhokhwa yibhizinisi lakho.
Izimali zamaholo.
Lapha kushiwo izimali okusuke kumele uzikhiphe uholela abasebenzi.
b. Izikweletu zesikhathi eside onazo: Izikweletu zesikhathi eside onazo njengamanje kusho ukukhokhwa kwezimali ezihambisana nezinkontileka noma ukukhokhela izindawo osebenzela kuzo ibhizinisi lakho nezithatha isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyi-12.
3. Inani lakho:
Inani lakho kusho izinto zonke onazo ebhizinisini lelo olisebenzayo, uma ukhipha izikweletu. Lena yindlela engcono yokubona isimo sezimali kubhizinisi lakho ngoba uyakwazi ukubona ukuthi ngabe ibhizinisi lakho liyaphila yini ngakwezezimali.
162
Isampula – isitatimende sokuma kwezimali
Isitatimende sokuma kwezimali Izinto onazo
Impahla onayo njengamanje: Ukheshi 0.00 Izimali ezingenayo 0.00 Khipha: Imali oyibekele izikweletu ezimbi 0.00 0.00 Uhla lwezimpahla 0.00 Izindleko zokukhokhela kungasetshenziswa 0.00 Izimali ezingenayo 0.00 Inani lempahla onayo njengamanje R0.00 Impahla egxilile : Izimoto 0.00 Khipha: Ukwehla kwemali okungenile 0.00 0.00 Ifenisha kanye nokunye 0.00 Khipha: Ukwehla kwemali okungenile 0.00 0.00 Izinto zokusebenza ebhizinisini 0.00 Khipha: Ukwehla kwemali okungenile 0.00 0.00 Izakhiwo 0.00 Khipha: Ukwehla kwemali okungenile 0.00 0.00 Umhlaba 0.00 Inani layo yonke impahla egxilile R0.00 Enye impahla onayo: Onakho ebhizinisini 0.00 Isamba senye impahla onayo R0.00 ISAMBA SEMPAHLA SEYIYONKE R0.00
Izikweletu Izikweletu Zamanje: Ama-akhawunti akhokhwayo 0.00 Izintela okumele uzikhokhe 0.00 Imalimboleko yasebhange yesikhathi 0.00 Inani lezikweletu onazo njengamanje R0.00 Izikweletu onazo zesikhathi eside: Izimali ezikhokhwayo esikhathini eside 0.00 Inani lezikweletu onazo sezizonke R0.00 IZIKWELETU SEZIZONKE R0.00 Imali: Izinto zomnikazi webhizinisi 0.00 Inzuzo eyenziwe 0.00 INANI LEMALI ISIYONKE R0.00 INANI LEZIKWELETU SEZIZONKE KANYE NEKHEPHITHALI R0.00
163
Ubuchule
Ibhizinisi liwumsebenzi wobuchule.
Impumelelo ebhizinisini namhlanje idinga ukuthi sikwazi ukwenza izinto ezintsha.
Ukukwazi ukusungula izixazululo ezinhle mayelana nezinkinga, kanye nekhono lokukwazi ukusungula
imikhiqizo emisha noma amasevisi kumakethe eshintshayo, ukunika inkampani ithuba lo-
kuthi ishaye amaphiko phezu kwezinye iz-inkampani ezikhona.
Ezweni lapho kunoshintsho khona, impumelelo ivela
ekubhekeni ithuba elilandelayo kanye nokuba nekhono lokukwazi ukuthi umqondo onawo uphenduke imikhiqizo
emisha noma amasevisi.
164
1. Ukheshi uyinsika yebhizinisi lakho.
2. Ukheshi ukhokha izikweletu osuke unazo kanye nezinye izibopho.
3. Izinto ozisebenzisa ebhizinisini, izinto ozitholayo, imishini kanye nezinto osebenza ngazo ebhizinisini azikwazi ukuzikhokhela zona izimali ezidingekayo.
Lezi zinto ungazithengisa ukuze uthole ukheshi bese usebenzisa lowo kheshi ukukhokha izikweletu ezithile onazo kodwa azivamile ukuthi zikwazi ukubhekana nezinkinga zezimali ezingabakhona.
4. Ukheshi ongenele noma ongaphethwe ngendlela yisona sizathu esikhulu esivame ukuholela ekutheni amabhizinisi amaningi avalwe futhi aphoqwe ukuthi
angabe esasebenza.
Ukheshi usho okuningi ngaphezu kwemali nje
165
Ukulungiselela ukusebenza kwezimali
168
Isimo sokuhlaziya ukungenzimali kwebhizinisi
170
Phatha ngendlela imali yakho, uphathe ngendlela ibhizinisi lakho!
Ingxenye 17: Ukugxila ezimalini:
Ukuphathwa kwezimali Ungayisebenzisi
imali yakho ngaphambi kokuba
uyithole/uyenze.
Thomas Jefferson
165
Ukungakwazi ukuphatha imali ngendlela yisona sizathu esikhulu esiholela ekufadabaleni kwamabhizinisi.
1. Ukheshi ubalulekile Ukheshi ubalulekile. Ukheshi ukwazi ukukhokhela yonke into. Phela ukheshi yiyona nto okufanele ube nayo ngaso sonke isikhathi esandleni uma ufuna ukuthi ibhizinisi lakho liphumelele. Ngaphandle kokheshi, awusoze wakwazi ukuphila. Uma sikhuluma ngokheshi sikhuluma ngemali esuke ilindele ukusetshenziswa noma yinini. Lena kungaba yimali esebhange elindele ukulandwa noma yinini okanye ehleli nje ebhizinisini lakho. Lapha asikhulumi ngesitoko onaso. Asikhulumi ngemali eyisikweletu osazoyiqoqa ndawana thile. Lapha asikhulumi ngezimpahla zakho ezinkulu. Yebo zonke lezi zinto kungenzeka ziguqulwe zibe ukheshi kodwa usuke ungeke wakwazi ukuzisebenzisela ukukhokha irenti noma ukuholela labo abakusebenzelayo ebhizinisini lakho. Ukheshi udinga ukuphathwa ngokunakekela nangesineke. Uma uke wawuphatha kabi ukheshi, uzozisola ngokwenze njalo. Uma ukwazi ukuphatha kahle izimali zakho ngendlela efanele, lokho kukwenza ukuthi ukhululeke ukwazi nokubheka ezinye izinto kanye nakwezinye izindawo lapho uyokwazi khona ukulungisa izinto eziningi ebhizinisini lakho.
2. Ukusebenza kwemali Ukusebenza kwemali kusho ukuphuma kanye nokungena kwemali ebhizinisini lakho. Ukungena kwemali ebhizinisini lakho kusho lokho nje (isib. imali engena ngoba uthengisa izinto ezithile): ukungena kwemali. Kanti nokuphuma kwemali futhi kusho lokho: ukuphuma kwayo (isib. ukuphuma kwayo ngoba ukhokha irenti). Uma iningi imali ephumayo kunemali engenayo ebhizinisini lakho, lokho kusho ukuthi izinto azihambi kahle ebhizinisini. Lokho phela kuyosho ukuthi uma ungakwazi ukweboleka imali ngaleso sikhathi, ibhizinisi lakho kungenzeka libe senkingeni enkulu. Kufanele ukwenze kube umsebenzi wakho obaluleke kakhulu ukubheka ukusebenza kwemali ebhizinisini lakho. Ubona amabhizinisi amaningi efadabala nje indaba iqala lapho umnikazi webhizinisi ehluleka ukubona ukungasebenzi ngendlela kwezimali ebhizinisini lakhe, noma akubone sekuze kwahamba isikhathi, ingasekho into angayenza ngakho. Ngaso sonke isikhathi kufanele ukhumbule ukuthi izinkinga zokusebenza kwezimali “azivele nje kuse sezikhona” – ziqala kancane kancane zize zinqwabelana.
3. Ukucabangela indlela okungasebenza ngayo izimali zakho Angeke wakwazi ukuphatha ngendlela izimali zakho uma ungakwazi ukucabangela ukuthi kufanele ukuthi uzobe usunamalini ngesikhathi esithile. Ukukwazi ukuqagela ngezimali zakho okwesikhathi esifushane (masonto onke, zinyanga zonke) kuyokusiza ukuthi ukwazi ukuphatha izimali zakho nsuku zonke. Ukukwazi ukuqagela ngezimali zakho isikhathi eside (isikhathi esingangonyaka) kuyokusiza ukuthi ube nesu kanye namaqhinga athile ngokuthi ungakwazi kanjani ukuba nezimali eziyokwazi ukuhlangabezana nezidingo zebhizinisi lakho.
Ukheshi usho okuningi ngaphezu kwemali nje!
166
4. Indlela embi kunazo zonke yokuphatha izimali Indlela esheshayo yokuthi ibhizinisi lakho liwe bhu phansi ukucabanga ukuthi imali eku-akhawunti yakho yasebhange ekupheleni kwenyanga, “iyinzuzo” – bese uvele ubona ukuthi kungcono nawe uzibusise ngayo ngoba vele yinzuzo yakho. Ukheshi awusoze waba yinzuzo. Inzuzo yinto ebalwa phansi nje ephepheni. Ukheshi oku-akhawunti yakho ekupheleni kwenyanga yimali leyo ekhona ebhizinisi lakho nokusuke kufanele ukuthi isetshenziselwe ukuthi kuqhutshwe ibhizinisi lakho.
5. Amathiphu okuphatha izimali Nanka amathiphu amahle kakhulu ayokusiza ukuthi ukwazi ukuphatha ngendlela imali yakho. Yenza ama-invoyisi ngendlela efanele
Phela amabhizinisi amaningi amancane ayaye abhale ama-invoyisi ekupheleni kwenyanga. Lokhu kusho ukuthi imali yakho isuke ihleli nje ebhange ku-akhawunti yomunye umuntu izalela yena futhi isebenzela yena! Okunalokho kumele ngaso sonke isikhathi uma usuwuqedile umsebenzi, ufake i-invoyisi. Uma isibonelo nje ibhizinisi lakho lisebenza ngamahora, yenza ama-invoyisi aze abe mabili enyangeni eyodwa. Ungalokothi ulinde kuze kuphele inyanga eyodwa bese kuyima wenza i-invoyisi.
Cela ukuthi kube khona imadlana ekhokhwayo ngaphambi kokuqala umsebenzi
Ungalokothi nje kuphela ubhale i-invoyisi ngemuva kokuba umsebenzi sewenziwe. Okunalokho, cela iphesenti elithile lemali ukuthi likhokhwe lize kuwe ngaphambi kokuba umsebenzi wenziwe. Lena yindlela eyejwayelekile yokusebenza kwamabhizinisi. Ungakwazi nje ukuthi ucele ukukhokhelwa inani elingaze lifinyelele ku-40% ngaphambi kokuba umsebenzi wenziwe, bese kuthi esele ikhokhwe uma umsebenzi sewenziwe. Noma mhlawumbe ungaqala ngokubiza ingxenye yokuthathu kumsebenzi ngaphambi kokuba wenziwe, uphinde ubize enye ingxenye futhi ngenkathi umsebenzi sewenziwa, bese kuthi enye ingxenye futhi uyicele uma umsebenzi usuphothuliwe.
Yiba nendlela yokukhokhisa umvuzo kulabo abakukhokhela ngokushesha
Amakhasimende amaningi avele akhokhe ngaso leso sikhathi uma uwanika isaphulelo esithile. Lokhu kwenza ukuthi nawe ukusebenza kwezimali zakho ebhange kuhambe ngendlela ekahle – ungashodi ngemali.
Yiba nenqubomgomo yokuthengiselana ngesikweletu eqinile
Bheka isimo sezimali sekhasimende elisha ngaphambi kokuba ulenzele umsebenzi ngesikweletu. Cela ikhasimende elisha ukuthi likunike ezinye izindawo ezinhlanu ezingamabhizinisi eselike lasebenzelana nawo futhi kufanele uwafonele ukubuza ngaleli khasimende lakho elisha. Wakhiphe amakhasimende angalikhulisi ibhizinisi lakho – bese kuthi lawo athatha isikhathi eside ukukhokha nokwenza ezinye izinto uwabeke le ekugcineni. Khumbula ukuthi akusiyena uwonkewonke ongamenzela umsebenzi ngesikweletu. Uma ikhasimende linomlando wokukhokha kancane, ukushintsha izindlela enisebenzisana ngazo noma ukulikhipha nya kungenzeka kube yisisombululo esisebenzayo.
167
Landa izimali zakho
Qiniseka ukuthi amakhasimende akho akhokha ama-invoyisi akho ngesikhathi esifanele. Uma lokho kungenzeki, shaya ucingo noma uthumele incwadi noma i-imeyili ucele ukuba ukhokhelwe. Kuyenzeka uthole ukuthi amanye amakhasimende adinga ukukhunjuzwa nje qha. Kanti uma ukukhunjuzwa lokho kungasebenzi, kusuke sekuyisikhathi-ke sekuthi izinkampani eziqoqa izikweletu zenze umsebenzi wazo.
Khokha izimali okumele uzikhokhe uma sekushaye isikhathi sokuthi zikhokhwe
Abantu abaningi bakholwa ukuthi kubalulekile ukuthi bakhokhe izimali abazikweletayo singakashayi isikhathi sokuthi bazikhokhe, kodwa lokho kukodwana nje kusho ukungakwazi ukuphatha kahle izimali zakho. Bheka imibandela yokukhokhwa kwalezi zimali kubahlinzeki bakho bezimpahla. Khokha ngosuku okusuke kufanele ukhokhe ngalo. Ukukwazi ukuthi kumele ukhokhe nini kanye nokukhokha ngesikhathi esifanele kuyokusiza ukuthi uhlale kunemali engukheshi isikhathi eside ebhizinisini lakho.
Bhala phansi indlela ozimisele ukuyiphatha ngakhona imali yakho engukheshi:
Bhala imininingwane yokuphatha kwakho izimali kusithombe sakho ESIKHULU sezimali
168
Ukuhlelela ngaphambili ukusebenza kwezimali
1. Ukuhlelela ngaphambili ukusebenza kwezimali kukhombisa indlela okulindeleke ukuthi izimali ziphume zingene ngayo ebhizinisi lakho. Angeke wakwazi ngisho usuthanda ukuba
nebhizinisi elisebenzayo ngaphandle kokusebenza kwezimali.
2. Hlelela ngaphambili ukusebenza kwezimali kwesikhathi esifushane kubhizinisi lakho (kwesonto, kwenyanga) ukuze ukwazi ukubheka ukusebenza kwemali yakho nsuku
zonke. Uphinde uhlelele ngaphambili ukusebenza kwezimali kubhizinisi lakho kwesikhathi eside (konyaka) ukuze ukwazi ukwenza indlela yokuhlangabezana nezidingo zebhizinisi lakho.
3. Kuleso sikhungo okungenzeka sikweboleke imali indlela yokusebenza kwezimali ebhizinisini lakho iwubufakazi obanele bokuthi ibhizinisi lakho lingabolekwa imali
liyibuyise kanye nokuthi futhi kuyoba khona imali eyanele esandleni ukwenza ibhizinisi lakho ukuthi libe semgqeni wokuthi linikwe imalimboleko yesikhathi esifushane noma lithole isikweletu.
4. Kudingeka ukhombise Ukuhlelela Ngaphambili Ukusebenza Kwezimali kubhizinisi lakho zinyanga zonke mayelana nonyaka ozayo. Khumbula ukuthi uma wena uzolokhu
uqhubeka nje ngaphandle kokuthi ubheke ukuthi imali isebenze kanjani, uyogcina ungasakwazi ukubeka kahle izinombolo ngononina ngenxa yokushintsha kwamanani ezimalimboleko, izindlela abathengi abayobe bewulangazelela ngakhona umkhiqizo wakho kanye nemikhuba eyobe isilandelwa noma kanye nezinye izinto okungenzeka zibe nomthelela kubhizinisi lakho. Nansi-ke incazelo emfushane nje ngokuthi ungakwazi kanjani Ukulungisela Ukusebenza Kwezimali zakho:
Ibhalansi yokuqalisa ekhona kuzimali zakho: Lokhu kubandakanya izimali zokuqala nje ongasebenza ngazo futhi usebenzela phezu kwazo ebhizinisini lakho isikhathi esithile.
Izimali ezingenayo (izimali okucatshangelwa ukuthi kungenzeka zenziwe):
Lokhu kubandakanya izimali ezingenayo kuwe kanye neminye imithombo efaka izimali ebhizinisini lakho.
Izimali eziphumayo (izimali okucatshangelwa ukuthi kungenzeka zisetshenziswe):
Lokhu kubandakanya zonke izimali eziphumayo ezimayelana nokusebenza kwebhizinisi (amaholo, imihlomulo, impahla ethengwayo, izindleko zokwakha okuthile, ukukhokhelwa kwezinto ezithile, ukukhokhwa kwezimalimboleko, izindleko zokumaketha, izintela, njl.)
Ibhalansi yokuphetha ekhona kuzimali zakho:
Lokhu kubalwa ngokuthi kuhlanganiswe izimali ezisalayo okucatshangelwa ukuthi kungenzeka zibe khona emalini yokuqalisa. Ngamanye amazwi “ibhalansi yokuphetha ekhona kuzimali zakho” iyashintsha ibe “ibhalansi yokuqalisa ekhona kuzimali zakho” esikhathini esilandelayo sesitatimende sokusebenza kwezimali zakho.
169
Isampula - ukuhlelela ngaphambili ukusebenza kwezimali
Ukuhlelela ngaphambili ukusebenza kwemali (Ngenyanga) (Ngenyanga) (Ngenyanga) Ukheshi oyibhalansi
Yokuqalisa: R0.00 R0.00 R0.00
Izimali ezingenayo (imali engenayo):
Ezithengisayo namaresidi Izimali eziqoqwayo Izimali zezimalimboleko
Okunye
Inani lazo zonke izimali ezingenayo: R0.00 R0.00 R0.00
Ibhalansi ewukheshi okhona: R0.00 R0.00 R0.00
Ibhalansi ewukheshi okhona: Aukukhangis
Izindleko zasebhange Izindleko zama-credit card Ukudiliva Umshwalense Ukuthengwa kwezimpahla okungxubevange Ihhovisi Izimali zamaholo Izimali zongoti irenti Izimali zobulungu Izinto ohlinzekwa ngazo Intela kanye namalayisense Ucingo
Isamba: R0.00 R0.00 R0.00 Ezinye izimali eziphumayo:
Izimali zokuthenga Imalimboleko enjulu Imali edonswa umnikazi Okunye
Isamba: R0.00 R0.00 R0.00
Inani lazo zonke izimali exinhumavo: R0.00 R0.00 R0.00 Ibhalansi ewukheshi wokuvala: R0.00 R0.00 R0.00
170
1. Elinye lamathuluzi abaluleke kakhulu ongakwazi ukulisebenzisa ukwenza izinqumo ezingcono zamabhizinisi ukuhlaziya isimo sokulingana kokuthengisiwe nezindleko
ebhizinisini lakho.
2. Lokhu kuhlaziya kukuvumela ukuthi wena ukwazi ukukala ngobuchule nangobunyoninco ukuthi ngabe ibhizinisi lakho noma umqondo onawo ngebhizinisi lakho uyokwazi
ukwenza inzuzo na. Futhi ungabuye usebenzise yona le ndlela ukuhlola umkhiqizo wakho noma isevisi oyihlinzeka amakhasimende ayemukela kanjani.
3. Uma sikhuluma ngokuhlaziya isimo sokulingana kokuthengisiwe nezindleko sisuke siqonde ukuthi lapho izinto ozithengisayo noma imali engenayo = izindleko. Ngamanye
amazwi akukho nzuzo eyenziwayo futhi akukho mali ekulahlekele nawe ngaleso sikhathi.
4. Le ndlela yokuhlaziya isimo sokulingana kokuthengisiwe nezindleko iyindlela elula yokuthola ukuthi kumele kuthengiswe umkhiqizo ongakanani ukuze kutholakale inzuzo.
5. Nasi isibonelo esilula nje salokhu:
1. Ake sithi imali yokuqhuba ibhizinisi isiyonke nje ngenyanga ingama-R10 000.
2. Bese kuthi umkhiqizo wakho ngamunye uthengisa nge-R1000.
3. Umkhiqizo ngamunye ukudla wena imali engu-R800 iyunithi ngayinye, uma uwukhiqiza, uwuthengisa noma uwudiliva.
4. Ngamanye amazwi iyunithi ngayinye yenza inzuzo engama-R200.
5. Bese kuthi leli nani elingama-R200 lehlukaniswe ngama-R10 000 ukuze kutholwe isimo sokulingana kokuthengisiwe nezindleko.
6. Uma ama-R10 000 uwehlukanisa ngama-R200 ulingana namayunithi angama-50.
7. Ngamanye amazwi ibhizinisi lakho kumele lithengise amayunithi angama-50 njalo ngenyanga ukuze kube nesimo sokulingana kokuthengisiwe nezindleko noma singathi lokhu kucishe kube amayunithi amabili njalo ngosuku lokusebenza kwamabhizinisi.
8. Kuyothi-ke ngemuva kokuba ibhizinisi lakho selithengise amayunithi angama-50 ngenyanga bese kuyima liqala lenza inzuzo engama-R200 iyunithi ngayinye.
6. Isimo sebhizinisi lakho lapho okuthengisiwe kulingana nezndleko kukhombisa ukuthi ngabe izinqumo zakho ozithathayo zinamuphi umthelela:
1. Ungakwazi ukwehlisa izindleko ngokuthenga kube kuningi kakhulu lokho
okuthengisayo, ukhulumisane nalabo othenga kubo ucele ukuba bakwehlisele inani othenga ngalo/ noma izindlela othenga ngazo, futhi uma kungalungi ungagcina ngokuthi ushintshe kwabona labo othenga kubo.
2. Ungakwazi futhi ukukhulisa imali engena kuwe ngokuthi ukhulise izinto ezithengwa amakhasimende kuwe. Khumbula ukuthi ukukhulisa inzuzo ngokukhulisa amanani yindlela enobungozi obukhulu kakhulu ebhizinisini leyo. Ngaphandle-ke uma ikhasimende nalo libona kufanele, kodwa amanani akhushuliwe kungenzeka alimaze kube nomthelela omubi kokuthengiswayo. Ngaso sonke isikhathi khumbula ukuthi yikhasimende elithatha isinqumo ngomhlomulo eliwutholayo ngokuthenga kuwe, ngokubaluleka komkhiqizo wakho kanye nendlela othengisa ngayo – akusiwena othatha lezi zinqumo.
Ukulingana kokuthengisiwe nezindleko
171
Ukuzibophezela wamukele lokho okwenzile
Sonke siyazi ukuthi kusho ukuthini “ukuzibophezela
sakwamukela lokho esikwenzile”... kodwa ngabe kusho ukuthini ngempela lokhu na?
1. Siyakwamukela ukuthi yithi esilawula izimpilo zethu, imisebenzi yethu, imiphakathi yethu, izwe lethu.
2. Sizimisele ukwamukela lokho okwenzekayo bese senza
umehluko! 3. Siyakwamukela ukuthi kumele sikumele lokho esikwen-
zayo kanye nezinqumo esizithathayo.
172
1. Akukho namunye ongaphikisana nokuthi umnikazi webhizinisi kufanele agcine amarekhodi amahle.
2. Kodwa-ke uma kuziwa ngasekugcineni amarekhodi ebhizinisi lakho, zimbili izinto ongakhetha kuzo njengomnikazi webhizinisini – funda ukuzenzela noma uqashe
umuntu ongoti. Ungalenzi iphutha lokwenza umsebenzi kabi noma lokuqasha umuntu ongakwazi ukwenza umsebenzi.
3. Njengamanje kungenzeka ungabi namandla okuqasha umuntu othile, kodwa makuthi lapho ibhizinisi lakho selisimeme, bese uthola umuntu ozosebenza
ngokungagcwele noma usebenzise abahlinzeki bamasevisi okugcinwa kwamabhuku. Amabhuku ebhizinisi elincane nje kufanele athathe amahora ambalwa ngenyanga.
Ukugcina amarekhodi ezimali ezingenayo
173
Ukugcina amarekhodi ezindleko zebhizinisi
174
Ukugcina amarekhodi ezinto ezibalulekile ebhizinisini
175
Izindlela zokugcina amabhuku
176
Ukuxhumana nongcweti kwezentela
176
Ukulawula ukusebenza kwezimali zebhizinisi lakho 7
178
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 18
180/181
Okwenzayo kwenze kahle, noma qasha umuntu
Ingxenye 18: Ukugxila ezimalini:
Ukugcina amarekhodi Uma ngikwazi
ukulawula izimali zami ngiba
nenhlanhla yemali.
Dodo Phillips
173
1. Ibhizinisi kungenzeka lithole imali evela emthonjeni owodwa noma emithonjeni eyahlukene, kuye ngokuthi wena wenza luphi uhlobo lwebhizinisi.
2. Ukuze ukwazi ukubhekana nezindaba zentela, amarekhodi akho kufanele aveze zonke izimali ezingenile futhi zikhombise ukuthi zingene zivela kuphi, isibonelo, “ukuthengisa”
noma imininingwane yemalimboleko yesikhathi esifushane.
3. Kufanele ugcine amarekhodi aqondile ngoba akusiyona yonke imali oyifaka ku-akhawunti yakho yebhizinisi okumele ibanjelwe intela. Isibonelo nje, kungenzeka
imali engena ku-akhawunti kube yimalimboleko yebhizinisi mhlawumbe evela esihlotsheni sakho – noma kungenzeka ukuthi leyo mali ingene ku-akhawunti yakho yebhizinisi ngenxa yokuthi kukhona into yakho oyithengisile.
4. Kunezindlela eziningana nokho ezikhona zokurekhoda yonke imali engenayo. Izitolo ezinkulu zisebenzisa imishini yamarejista ezimali akhiqiza iziliphu ezithile. Uma
kuwukuthi ngokwebhizinisi lakho wena uthengisa imikhiqizo, kuyodingeka ukuthi nawe ukhiphe iresidi ethile.
5. Gcina wonke amarekhodi ezimali ezingena ngqo ebhange ku-akhawunti yakho. Gcina amakhophi eziliphi ezimali ezidiphozithiwe kanye nezitatimende zasebhange
ezikhombisa imali engenile.
Ukugcina amarekhodi ezimali ezingenayo
Nakhu-ke okumele ngikwenze ukuze ngikwazi ukugcina amarekhodi ezimali ezingenayo:
174
1. Kudingeka ukuthi urekhode lonke isenti lemali yakho olisebenzisayo.
2. Kudingeka futhi ugcine ubufakazi obuthile bokuthi kunemali eyaphuma yayokwenza okuthile. Gcina izinto ezifana namaresidi, ama-invoyisi, iziliphi zezikweletu, iziliphu
zamasheke akhanseliwe, noma izivumelwano zokuqashiselana (ngendawo). Indlela elula yokwenza konke lokhu ukubeka ama-akhawunti asekhokhelwe kanye nama-invoyisi kufayili elimise okwenkositini noma kumafayela ngokomkhakha wezindleko (abahlinzeki, irenti, njalonjalo).
3. Amasheke akhanseliwe kanye namaresidi asekhokhiwe yizona zindlela ezamukelekile zokuqinisekisa izindleko zebhizinisi.
4. Uma imali uyedlulisa nge-elekthronikhi uyodinga isitatimende esivela ebhange esikhombisa ukwedlulisa noma ukukhokhwa kwezimali kusetshenziswa i-elekthronikhi.
5. Ungakwazi futhi, ngezinhloso zokubhekana nezintela, ukukhombisa ukuthi ngabe lezo zindleko zihlobene kanjani nebhizinisi lakho. Ngakho-ke bhala kusiliphu inhloso
yebhizinisi.
Ukugcina amarekhodi ezindleko zebhizinisi
Nakhu-ke okumele ngikwenze ukuze ngikwazi ukugcina amarekhodi ezimali ezindleko zebhizinisi:
175
1. Noma yini into ebalulekile oyithengayo uyithengela ibhizinisi (isibonelo, ifenisha, amakhompiyutha, njl.) kufanele ibekwe ngononina ibe yinto ebalulekile – futhi kubhalwe
ngokwehlukile kwezinye izindleko zebhizinisi.
2. Gcina ifayela elehlukile lwempahla ebalulekile noma umkhakha wempahla ibhizinisi lakho eliyitholayo. Bonisa usuku lokuthengwa kwaleyo mpahla ebalulekile kanye nohlobo
lwayo: ikhompyutha, ifenisha, imishini, njl. Ngaphandle-ke uma kuzicacele bha, bhala incazelo emfushane mayelana nokuthi ngabe leyo mpahla ebalulekile isetshenziswa kanjani ebhizinisini.
3. Bhala phansi lapho uqala uyisebenzisa leyo mpahla ebalulekile. Ngokuvamile, ujwayele ukuthi impahla ebalulekile uyisebenzise ngaso leso sikhathi oyithole ngaso, kodwa lokhu
akwenzeki njalo, ngakho-ke bhala phansi kurekhodi lakho isikhathi oqale ngaso ukusetshenziswa kwempahla ebalulekile.
4. Uma unquma ukuyithengisa into yakho ebalulekile kufanele urekhode inani leyo mpahla oyithengisa ngalo. Phinda futhi ubhale phansi noma yiziphi izindleko oye wangena kuzo
ngenkathi uthengisa leyo mpahla ebalulekile – isibonelo isikhangiso sephephandaba. Uma kwenzeka leyo mpahla ebalulekile owayithenga iphenduka impahla engasasebenzi noma engasasetshenziswa, rekhoda usuku owayilahla ngalo kanye nendlela owayilahla ngayo (ngabe wabuye wayisebenzisa kwenye indawo, wayintshinga, wanikela ngayo kunhlangano yabaswele, noma wayipha omunye nje umuntu).
Ukugcina amarekhodi ezimpahla
Nakhu-ke okumele ngikwenze ukuze ngikwazi ukugcina amarekhodi empahla yami:
176
1. Uma kungukuthi uzozenzela wena amabhuku ebhizinisi lakho, kunezindlela eziningi ezihambisana nokugcinwa kwamabhuku nezinamafomu owathola esevele ebhaliwe kanye
nezincwadi ezikuyalelayo ngokumele ukwenze ongazithenga ezitolo ezithengisa izincwadi.
2. Kanti-ke futhi kunezinhlelo eziningi zekhompyutha (ama-software) ezenza ukuthi ukugcina amabhuku kucishe kube yinto ethokozelekayo.
3. Indlela enhle yokugcina amabhuku kufanele:
Ibe lula futhi ilandeleke. Kungaduli ukuyenza. Kube lula nje ukuyenza. Ikuhlinzeke ngalo lonke ulwazi olubalulekile. Ikwazi ukushintsheka kalula njengoba ibhizinisi lakho likhula nje.
4. Kuwumqondo omuhle ukuthola uchwepheshe ukuthi akusize akucathulise ngenkathi usaqala – noma ngabe uzokusiza ngohlelo lokugcinwa kwamabhuku oluncane nje
olwenziwa ngezandla noma ngekhompiyutha – nokuwuhlelo okungathi ngokuhamba kwesikhathi ukwazi ukuzenzela lona wena siqu sakho.
5. Yize kunjalo, kumele kodwa ukhumbule-ke ukuthi ngisho nohlelo oluhle kakhulu lokugcinwa kwamabhuku uma kodwa lungasetshenziswa ngendlela efanele, lufana
nolungekho nje – alunamsebenzi walutho. Lokhu kusho ukuthi okungenani kumele ugcine amabhuku akho njalo ngamasonto, yize-ke okungaba kuhle kungaba ukuwabheka zinsuku zonke. Uma wehluleka ukugcina amabhuku akho, thola umuntu ozokwenzela lo msebenzi.
6. Uma uthola umuntu ozokwenzela amabhuku akho, kumele uqaphele-ke ukuthi ubani omqashayo. Khumbula ukuthi ekugcineni uwena okumele uphendule ngokungahambisi
kahle komgcinimabhuku wakho. Khuluma nabantu asebeke basebenza naye ngokucophelela. Funda kabanzi nawe ngesingawe ngamarekhodi akho ukuze ukwazi nawe ukuphonsa iso noma yinini ukuze ubone ukuthi izinto zenziwe kahle.
Izindlela zokugcina amabhuku
Ukuxhumana nongcweti kwezentela
1. Iyodwa kuphela indlela yokuthola ukuthi kuhamba kanjani ngezintela – ukuxhumana nongoti kwezentela.
2. Uma uthi uzenzela wena izindaba zezentela ungagcina ungasakwazi okumele ukwenze ngenxa yobuningi bemininingwane edingekayo kanye nezinombolo
zakhona ezingapheli. Amabhizinisi amaningi kufanele athathe isinqumo sokusebenzisa usizo longoti kwezentela ukulungiselela ukuhambisa amafomu entela. Noma-ke, uma ukhetha ukuzenzela wena izindaba zakho zentela, thola isazi kwezezintela sibheke kuqala ukuthi ngabe ukwenze kahle konke yini ngaphambi kokuba uhambise amaphepha akho kwa-SARS.
177
Ukulawulwa kwezimali kuyinto ebalulekile. Uma usunendlela ephephile yokulawula izimali ebhizinisini lakho, buyekeza nantu uhla olungezansi ukubheka ukuthi ngabe konke kuhamba ngendlela efanele yini. Kumele impendulo yakho kule mibuzo elandelayo uma zonke izinto zihamba kahle ebhizinisini lakho kube ngu-“yebo”. Uma kuke kwaba khona umbuzo ophendule ngokuthi “cha” kuwona kule mibuzo elandelayo, zama ukuthi ekhasini elizolandela uthathe isinyathelo esifanele ukubheka ukuthi yikuphi ongakwenza.
1. Okuvamile: 1. Ngabe wenelisekile yini ukuthi bonke abasebenzi bakho banolwazi olunzulu
ngomsebenzi abawenzayo futhi bathembekile? 2. Ngabe uyabheka yini ukuthi basuswe yini lapho bebe sebenza khona phambilini kanye
nokuthi bangabantu abaziphethe kanjani? 3. Ngabe usebenzisa uhlelo oluhle lokugcina amabhuku ebhizinisi lakho? 4. Ngabe amabhuku akho kanye namarekhodi kuhlala kusesimweni esifanele futhi
kubhalansile? 5. Ngabe ukufinyelela kumarekhodi kulinganiselwe uma kunesidingo? 6. Ngabe uyawenza amabhajethi? 7. Ngabe uyakwenza ukulinganisela izimali ezingahle zisetshenziswe? 8. Ngabe uyakucwaninga yini ukwehlukana okukhulu okukhona phakathi kwamabhajethi/
uhlelo lokuhlelela ngaphambili kanye nezimali ezigcina sezisetshenzisiwe?
2. Imali engenayo: 1. Ngabe uwagcina wonke amarekhodi ngokuphelele ezimali ezingenayo ebhizinisini
lakho? 2. Ngabe amadokhumenti ahambisana nalezo zimali uyawagcina?
3. Amaresidi emali: 1. Ngabe unayo yini indlela yokuqinisekisa ukuthi yonke imali engenayo ibhalwa kuresidi
futhi kuyaziwa ukuthi yenzeni? 2. Ngabe ukuthengisa okwenziwa ngokheshi kunerejista kakheshi noma amaresidi
kakheshi? 3. Ngabe amaresidi kakheshi adiphozithwa nsuku zonke? 4. Ngabe amaresidi kakheshi arekhodwa ngendlela efanele kumajenali afanele?
4. Ukukhishwa kwemali: Ngabe zonke izimali ezikhishwayo ziyarekhodwa phansi?
1. Ngabe imali ngayinye ekhishiwe inayo idokhumenti eyesekayo? 2. Ngabe amadokhumenti ahambisana nalokho akhanselwa ngendlela efanele ukugwema
ukukhokhelwa kabili kwamakhasimende? 3. Ngabe konke ukukhishwa kwezimali okusuka esikhwameni sezimali esincane
kuhambisana namavawusha afanele? 4. Ngabe imali encane okumele ikhishwe ilinganiselwe yini? 5. Ngabe izimali ezincane ezihlala zikhona:
i. zigcinwa endaweni ephephile? ii. zilawulwa umuntu oyedwa? iii. zihlala zihlale zibalwe njalo ngomunye umuntu oseceleni hhayi lo ezihlala kuye?
6. Ngabe izitatimende zasebhange uyazibuyekeza yini wena ngaphambi kokuba
Ukulawulwa kokusebenza kwezimali
178
zinikezwe umgcinimabhuku? 7. Ngabe ukuhlanganiswa kwezitatimende ezikhombisa umehluko kuzimali zebhizinisi
lakho ezisemabhange kwenziwa zinyanga zonke bese kuphasiswa nguwe?
5. Ama-akhawunti okumele akhokhelwe: 1. Ngabe uwabuyekeza wonke yini ngendlela efanele ama-invoyisi mayelana:
i. nokuthi kutholakele amangaki? ii. amanani abiziwe kuwo? iii. nokubhala ngendlela kukamabhalane/ komabhalane?
2. Ngabe uyazithatha yini izaphulelo ezikhona kwimikhiqizo na? 3. Ngabe uyakuqinisekisa yini ukuthi ama-akhawunti akhokhelwayo kanye nebhalansi
ekuma-akhawunti kushaya emhlolweni? 4. Ngabe ukufuna ukubuyiselwa kwezindleko abasebenzi bakho abangene kuzo (ezifana
nophethroli wabo abawusebenzisile): i. kulethwa ngendlela? ii. kunamadokhumenti enele ukukwesekela lokho? iii. kuyaphasiswa ngaphambi kokuba kukhokhelwe?
6. Ukwamukela: 1. Uma wamukela izimpahla noma imikhiqizo ethile, ngabe lezo zimpahla:
i. ziyahlolwa yini ukubheka isimo sazo? ii. ziyabalwa/ zikalwe ubude nobubanzi bazo/zikalwe nesisindo sazo uma za-
mukelwa? iii. zisayinelwa umuntu ofanele? iv. zivunywa nguwe?
2. Ingabe lezo zimpahla/leyo mikhiqizo eyonakele ibuyiselwa emuva ngokushesha? 3. Ingabe lezo zimpahla/leyo mikhiqizo eyonakele irekhodwa phansi ngendlela efanele?
7. Imiholo yabasebenzi: 1. Ngabe amaholo aphasiswa nguwe? 2. Ngabe uyawagcina amarekhodi afanele esikhathi kulabo basebenzi abahola ngehora? 3. Ngabe uyawagcina yini amarekhodi enani lomsebenzi owenziwe kulabo basebenzi
abahola ngomsebenzi abawenzile? 4. Ngabe uyazi yini uma kukhona umsebenzi ongekho emsebenzini? 5. Ngabe uyaye ubheke yini ukuthi akukho lapho kwenzeke khona iphutha ngamaholo? 6. Ngabe uyawabuyekeza yini amarejista amaholo? 7. Ngabe nguwena yini ophasisa ukukhokhwa kwamaholo na? 8. Uma umsebenzi othile ekhokhelwa imali engukheshi, ngabe lokhu kulawulwa nguwena
yini na?
8. Izinhlelo: 1. Ngabe uyaye uhlale uzihlola yini zonke izinhlelo zezezimali ezikhona ebhizinisini lakho
kusukela ekukhishweni kwemalini encane kuya kumaholo abasebenzi? 2. Ngabe uziqonda kahle zonke izinhlelo zakho zokwenza umsebenzi? 3. Ngabe uvamile yini ukuhlola ukuhamba kahle kwawo wonke amarekhodi? 4. Ngabe uyaye ubheke yini izinkinga okungenzeka zibe khona kunhlelo zokwenza
umsebenzi ebhizinisini lakho?
179
Ukulawulwa kokusebenza kwezimali
Yilokhu okumele ngikwenze ukuze ngikwazi ukulawula ukusebenza kwezimali zebhizinisi lami futhi ngikwazi ukuphatha ukheshi:
Bhala ukulawulwa kwezimali nokuphathwa kukakheshi kwakho kusithombe sakho ESIKHULU sezimali
180
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 18 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
181
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 18
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
182
Izinto ezifanele Ngabe yini ngempela umuntu okumele ayenze ukuze akwazi
ukuphumelela ekuqaleni ibhizinisi? Izinto eziningi ezifuneka kumuntu lowo oqala ibhizinisi siqu sakhe zingakusiza ukuthi wakhe ibhizinisi eliphumelelayo. Uma uke wakwazi ukuzibamba eziningi zalezi zinto,
ungabe usakhathazeka ngoba kuyosho ukuthi nakanjani, usuvele usuqalile uyaphumelela
Ukuhlukaniselana umsebenzi: Kungakhathalekile ukuthi ukhuthele kangakanani, kuyiphutha ukuzama ukwenza yonke into siqu sakho. Ngaphandle-ke uma uvele usebenza wedwa, kodwa uma unabantu obaqashile, kumele ukhombise ukubethemba ngokubanika umsebenzi okumele bawenze ukuze wena ugxile ekuphatheni ibhizinisi. Unguthisha: Ukuze ukwazi ukwaba amandla ngendlela efanele kanye nenempumelelo, uyodinga abantu abanamakhono afanele kanti futhi kungenzeka kufuneke ukuthi lawo makhono bawafunde kuwe. Uyakwazi okufunayo: Uyakwazi okufunayo empilweni ngakho-ke awumdingi umuntu ozolokhu ekuphusha ngemuva ekutshela ukuthi kumele wenzeni kanye nokuthi kumele ufike nini emsebenzini. Uyakwazi ukusebenza ngezinombolo: Uyochitha isikhathi sakho esiningi ulandelela isenti nesenti lemali yakho ukuthi lenzeni – izindleko, izimali ezingenile, izintela kanye nokunye. Awunankinga nokwenza amaphutha: Uzowenza amaphutha; into ebalulekile ukuthi ufunde kulawo maphutha owenzile bese uqhubeka nempilo. Akusiwona wonke-ke nokho umuntu okuthola kulula ukwenza lokho. Uyakuthanda ukusebenza: Akudingekile ukuthi uze ukhuthale kakhulu ukuze uqale ibhizinisi eliphumelelayo. Osomabhizinisi abaphumelelayo banendlela ethile ephusile abasebenza ngayo – neyenza ukuthi bakwazi ukusebenza futhi bakwazi nokuphila nezimpilo zabo. Yize kunjalo, kodwa ungalokothi uqale ibhizinisi uma kuwukuthi awukuthokozeli ukusebenza, ngoba phela uma uqala ibhizinisi kusho ukuthi kuzoba nomsebenzi omningi. Awudikibali kalula kanjalo nje: Endleleni yakho yokuqhuba ibhizinisi uyohlangabezana nezinkinga okungenzeka zibe ngaphezu kwakho. Uyokwazi ukuphumelela futhi uma ungumuntu owaziyo ukuthi kunezinselelo ezifana nalezi. Ukulindela okuthile kuyasiza ngoba uyakwazi ukubhekana nezimo ezinzima eziyingxenye yebhizinisi.
183
1. Kudingeka ukuthi uhlaziye ibhizinisi lakho kuyona yonke imikhakha! Lokhu kusho ukuthi ungakwazi ukusebenzela phezu kwezinto ezingamandla ebhizinisi,
ungakwazi ukwenza ngcono ubuthakathaka elinabo, ukusebenzisa amathuba bese futhi ukwazi ukubhekana nezinselelo ezibeka ibhizinisi lakho engcupheni.
2. Lokhu kungahle kuzwakale njengohlelo oluphithene, kodwa wuhlelo oluqondile nje, olungahluphi kakhulu. Lokhu kusho ukuhlola ibhizinisi lakho ngokulihlaziya.
Zejwayeze ukuhlala njalo uhlola amandla ebhizinisi, ubuthakathaka, amathuba kanye nezinselelo ezibhekene nebhizinisi lakho. Kuhle kakhulu ukukukwenza lokhu ngoba kuyokusiza ukuthi ukwazi ukukhula ebhizinisini.
3. Kufanele ubandakanye ithimba lakho lebhizinisi kulokhu kuhlaziya ngoba kungenzeka leli thimba likusize ukuthi nawe izinto uzibone ngenye indlela.
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke
Ingxenye 19: Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha
yonke Manje-ke usungakwazi ukufaka izisekelo ngaphansi
kwalezo zithabathaba zakho.
Thoreau
Ukuqonda ngokuhlaziywa kwebhizinisi lakho mikhakha yonke
184
Ukuhlaziya kwakho ibhizinisi mikhakha yonke
185
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — amandla
186
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — ubuthakathaka
187
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — amathuba
188
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke — izinselelo
189
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 19
190/191
184
1. Njengoba ukuhlela kwakho kubukeka sekuya ngasemaphethelweni, sekudingeka ukuthi-ke manje uhlaziye ibhizinisi lakho mikhakha yonke.
2. Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke kungenza ukuthi kube nezinto ezibaluleke kakhulu ozifundayo nezingenza ukuthi ukwazi ukwenza ukuthi ibhizinisi lakho libe yimpumelelo
(futhi nje kulula ukwenza lokho.)
3. Ukuhlaziya Ibhizinisi Mikhakha Yonke kusuke kubhekwe lezi zinto ezilandelayo:
Izikhwepha: 1. Izikhwepha ngenye yezinto eziyisengezelelo kuwena, kubhizinisi.
2. lakho, kanye nakumkhiqizo wakho noma kusevisi ohlinzeka ngayo amakhasimende akho.
3. Ngokwazi ngezikhwepha zakho, ungakwazi ukuzisebenzisa amandla akho wonke lapho edingeka khona.
Ubuthakathaka: 1. Ubuthakathaka kungaba noma yini ekuphazamisayo wena, ebhizinisini lakho kanye
nakumkhiqizo wakho noma kusevisi ohlinzeka ngayo amakhasimende akho.
2. Ngokukwazi ukuthola ubuthaka lapho bukhona ungakwazi ukubunqoba ngokubhekana nabo ngqo ukuze wehlise izinga labo.
Amathuba: 1. Amathuba awasho okunye, kepha asho lokho nje kuphela – amathuba!
2. Osomathuba abantu abakwaziyo ukushintsha izenzo zabo zikwazi ukuhambisana nethuba elivelayo.
3. Kunesisho sesiNgisi esithi: Ithuba lingqongqoza kanye. Lesi sisho siqinisile – uma wethembele enhlanhleni nje kuphela. Kodwa ngokuqhubeka njalo uphokophelela futhi ubheka amathuba akhona ekugcineni uyothola ukuthi ithuba yilokhu lingqongqoze njalo lingqongqoze ingqongqozile!
4. Ngokukwazi ukubona amathuba akho, uyokwazi ukuwasebenzisa ngendlela efanele.
Izinselelo: 1. Izinselelo yizikhisi, okuyaye kuthi uma ungazi ukuthi zikhona, okungenzeka zikuqumbe
phansi, noma ziqumbe phansi iphrojekhi yakho, noma umkhiqizo wakho okanye isevisi ohlinzeka ngayo amakhasimende akho.
2. Ngokuthola ngezinselelo, ungakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele ukuze uzigweme.
Ukuqonda ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke
185
1. Ukwenza Ukuhlaziya Ibhizinisi Mikhakha Yonke okunempumelelo udinga ukuthi ubheke yonke imikhakha Yezithombe zakho EZINKULU bese uthola zonke izikhwepha,
ubuthakathaka, amathuba kanye nezinselelo .
2. Indlela yokwenza lokhu ukuthi ubeke zonke izithombe EZINKULU ezintathu phambi kwakho bese uzibuza ukuthi:
1. Ngabe yiziphi izikhwepha ibhizinisi lami elinazo na? Ngabe yini efaka umfutho kithi? Ngabe yini eyokwenza ukuthi sihambe phambili sedlule izimbangi zethu? Ngabe yini eyosisiza ukuthi sikhule ngomuso sikwazi ukubhekana nezitha?
2. Ngabe yibuphi ubuthakathaka obukhona lapha na? Ngabe yini eyosiphazamisa na? Ngabe yini eyovimbela ukukhula kwethu na futhi kwenze ukuthi singakwazi ukunqoba izitha esiyobe sibhekene nazo?
3. Ngabe yimaphi amathuba amakhulu kanye namancane akhona lapha na? Ngabe yini esingayenza ukuze siphume sodwa sithi qekelele?
4. Ngabe yiziphi izinselelo ezikhona lapha? Ngabe yibuphi ubungozi obukhona? Ngabe yini ngempela engaba nomthelela ongemuhle neze kithi?
3. Kuyothi-ke lapho usuzitholile zonke izikhwepha, ubuthakathaka, amathuba, kanye nezinselelo bese usebenzise lolo lwazi onalo ukuthola lokhu okulandelayo:
1. Izikhwepha: Ungazisebenzisa kanjani ukuthi zikusebenzele kangcono
2. Ubuthakathaka: Ungakwazi kanjani ukusebenza bukhona
3. Amathuba: Izenzo ezidingekayo ukuze uwasebenzise
4. Izinselelo: Izinyathelo okumele uzithathe ukuze uzigweme.
4. Kungcono kakhulu ukubandakanya lonke ithimba kulokhu kuhlaziya. Kungenzeka leli thimba libe nemibono eyehlukile kuneyakho obungayiboni. (Kanti futhi ukuba
yingxenye yalokhu kuhlaziya kubenza bazizwe ukuthi kunengxenye okumele bayidlale kubhizinisi lakho.
Ukuhlaziya ibhizinisi lakho mikhakha yonke
Wonke umuntu uqala ibhizinisi kukhona isithombe asuke enaso njengokuthi ufisa ukuba kuphi ngesikhathi esithile – ungamangali-ke uma uthola ukuthi
izithombe eziningi zakho onazo zishaya eceleni. Bheka abantu asebemnkatsha ubomvu ebhizinisini abangakwazi ukukweluleka bese
ubatshela ngemibono onayo ngaphambi kokuba uze uchithe izimali zakho uzibophezele ezivumelwaneni ezithile ezibandakanya imali.
Funda izincwadi kanye namaphephabhuku mayelana namabhizinisi
amancane afanayo naleli oliqalayo, vakashela amawebhusayithi akhuluma ngezindaba zamabhizinisi futhi uhlale njalo nje uxhumana nabangani bakho
abasemkhakheni wamabhizinisi.
186
Izikhwepha: Ngingazisebenzisa kanjani ukuze zingisebenzele kangcono:
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke – Izikhwepha
187
Ubuthakathaka: Ngingabusebenzisa kanjani ukuze bungisebenzele kangcono:
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke - Ubuthakathaka
188
Amathuba: Ngingawasebenzisa kanjani ukuze angisebenzele kangcono:
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke – Amathuba
189
Izinselelo: Ngingazisebenzisa kanjani ukuze zingisebenzele kangcono:
Ukuhlaziya ibhizinisi mikhakha yonke – Izinselelo
190
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 19 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
191
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 19
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
192
Ukuxazulula izinkinga
Izinkinga ezisombululwe kahle zihlala zisonjululiwe. Ungakwazi ukuba nekhono lokuxazulula izinkinga ngempumelelo ngokuhlala
ukwenza lokhu, ngemizamo kanye nangokulandela lezi zinyathelo eziyisithupha ezilandelayo:
Isinyathelo 1: Yichaze inkinga leyo kuqala
Ukupeketula inkinga akusiyona into elula neze, kodwa futhi angeke wakwazi ukuqhubekela phambili uma ungayichazile inkinga yakho. Khumbula: Inkinga uma inkinga uyibeke usuke usuqalile ukuyixazulula. Yibhale phansi inkinga.
Isinyathelo 2: Bhala phansi zonke izimbangela zenkinga
Bhala phansi konke okungenzeka kube yizimbangela zenkinga. Ngaphandle kokuthola umsuka wenkinga, ungathembi ukuthi uzokwazi ukuyisombulula leyo nkinga. Bhala phansi amaqiniso, hhayi okucabangelayo noma okuqagelayo.
Isinyathelo 3: Bheka ezinye izisombululo eziseceleni
Ukuze uthole isisombululo esingcono kunazo zonke, kufanele ubheke zonke izisombululo okungenzeka ukuba zikhona. Uma uza nezizathu eziningi ongakwazi ukukhetha kuzona, maningi amathuba okuthi kungenzeka uthole isisombululo okuyisonasona kulezo.
Isinyathelo 4: Bheka izinyathelo okungenzeka uzisebenzise
Bheka isisombululo ngasinye ngokuthi ucabange kube sengathi leso sisombululo sesisetshenzisiwe. Bheka imiphumela (emihle kanye nemibi) ngesisombululo ngasinye. Bheka amaphuzu amahle kanye namaphuzu amab.
Isinyathelo 5: Khetha isisombululo esingcono kakhulu
Khetha isisombululo esingcono kakhulu noma inhlanganisela yezisombululo. Ekuthatheni isisombululo sokugcina, bheka okwenzekile phambilini, thola isisombululo kwabanye, zihlole wena kanye nokubheka ukuthi umuzwa wakho uthini. Konke lokhu kubhale phansi ngendlela ecacile, ukuze kungabibikho ukungezwani.
Isinyathelo 6: Sebenzisa isisombululo
Kufanele uhlele ngokucophelela ukuthi isinqumo sakho sisetshenziswa ngendlela efanele yini. Cabanga ngokuthi ngabe siyini futhi kufanele sisetshenziswe kanjani, nini futhi kuphi khona. Njengoba izisombululo eziningi zithinta ziphinde zibandakanya abantu, yenza isiqiniseko sokuthi bayasizwisisa futhi bakweseka ngaso.
193
1. Ukuqhubeka kwebhizinisi kumayelana nokuqiniseka ukuthi ibhizinisi lakho liyaqhubeka nokusimama kanye nokusebenza ngemuva kokuba wena usushonile.
Lesi yisinyathelo sokuhlela esibalulekile ngoba singakwazi ukukuvikela, sivikele ibhizinisi lakho kanye nalabo abethembele kuwe ukuze bangabhekani nobunzima kwezezimali.
2. Isibonelo nje, uma kungukuthi uwena kanye obuyisibambiso sesikweletu osithathele ukuqhuba ibhizinisi lakho, ungathanda ukuqiniseka ukuthi
imalimboleko leyo owawuyithathile iyakhokhwa uma kwenzeka wena ushona noma ukhubazeka, futhi kungabe sekuba khona ubunzima obubhekana nebhizinisi lakho, obusebenzisana nabo ebhizinisini, kanye nalabo abebethembele kuwe ngemuva kwalesi sigameko esibi esikwehlele.
3. Kuzokwenzakalani uma into ebaluleke kakhulu ebhizinisini lakho noma umshini wokusebenza sekufike ukuphela kwesikhathi sokusebenza kwawo – bese
kutholakala ukuthi wena awunayo imali eyanele yokuthenga omunye? Lokhu phela nakanjani kungalibulala ibhizinisi lakho. Kodwa-ke uma kuwukuthi konke lokhu wawukuhlelele kwasekuqaleni nje, uyokwazi ukuthi ube nenye into ebalulekile eyisipele ebhizinisini lakho noyokwazi ukuyisebenzisa ngokuhamba kwesikhathi.
4. Lesi akusona isikhathi sokushaya indiva izinto ezingahle zenzeke. Uma uyokwazi ukuba nezindlela zezimali ezibhekele izimo ezingahlelelwa ezifana nalezi,
nakanjani uyokwazi ukubhekana nazo ngokuthokoza uma kwenzeka zikwehlela.
Izingcuphe eziyi-6 okumele uziphenye
194
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 20
199/200
Ukuhlela izimo ezivela zingahlelelwe
Ingxenye 20: Ukuqhubeka kwebhizinisi
Awuyidingi ipharashudi ukuze wehle
esibhakabhakeni. Ipharashudi uyidinga
kuphela uma uzokwehla esibhakabhakeni
amahlandla amabili.
Anon
194
Nakanjani ibhizinisi lakho yiyona nto enkulu nebaluleke kakhulu onayo. Ukulivikela kuzingcuphe ezingahle zibe khona yisona sisekelo sokuqhubeka nokuphila kwalo. Yize amabhizinisi ehlukene enezingcuphe ezahlukene, kuyokusiza kakhulu ukuthi uke uphenye kabanzi ngalezi zingcuphe ezivamile eziyisi-6 ezilandelayo nokungenzeka ukuthi zibe nomthelela ongemuhle impela ebhizinisini lakho. Lezi zisombululo ezilandelayo ziyiziqalo ezinhle kakhulu ukuze zikusize ukwazi ukuthatha lokho okungenzeka kube yizinqumo ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwenkampani yakho .
1. Ukuba nolunye uhlelo oluseceleni lokubhekela ibhizinisi: Labo abahlinzeka ibhizinisi ngezimali isikhathi esiningi balindela ukuthi umuntu othile – nokuvame ukuthi kube ngumnikazi webhizinisi – kube nguyena oba yisibambiso ekutheni uma kwenzeka izinto zingasahambi kahle ebhizinisini, kubhekwane naye ngqo ngasekukhokhweni kwezimali. Uma-ke kwenzeka lowo muntu eshona, noma ekhubazeka, futhi bese kutholakala ukuthi leso sibopho sobunikazi singeke sadluliselwa komunye umuntu, umhlinzeki ngesikweletu kusengenzeka avele acele ukuthi abuyiselwe izimali zakhe ngokushesha. Uma kuwukuthi ibhizinisi alikwazi ukuzikhokhela lona lesi sikweletu ngokwalo, kusho ukuthi ukwabiwa kwamafa omufi kuyoma kuthi nse ukuze kuqale kukhokhwe lesi sikweletu kuqala.
Isixazululo esihle okumele usiheke: Ibhizinisi kanye nalowo oyisibambiso benza isivumelwano sokuthi ibhizinisi liba nepholisi yomshwalense ngempilo yalowo muntu oyisibambiso sebhizinisi. Ibhizinisi bese liyedlulisela ebhange lepholisi ukuze kube yilona elibhekana nokukhokha uma kukhona okwenzakalayo. Uma sekushaya isikhathi sokuthi kukhokhwe imihlomulo leyo ngemuva kokushona noma kokukhubazeka kwalowo obeyisibambiso, lezo zimali eziyophuma ngenxa yepholisi zikhokhelwa ibhange bese kuthi lowo obeyisibambiso angabe esaba nasibopho sokuthi kulokhu kuthiwa akakhokhe. Imihlomulo yokuba nolunye uhlelo oluseceleni lokubhekela ibhizinisi: 1. Imalimboleko engakakhokhwa leyo lowo muntu osuke kade evume kuyo ukuba yisibambiso
iyokhokhwa uma lowo muntu obe yisibambiso eshona noma ekhubazeka
2. Ibhizinisi lingakwazi ukukhokha izikweletu ngaphandle kokuthi lize liyongena kuzimali ezibekiwe lizithathe, noma lize liqale phansi futhi manje lingene ezikweletini
3. Akukho sidingo sokuthi kube khona omunye umuntu ozongena ezicathulweni zomuntu obe yisibambiso kanti futhi nebhizinisi lingaqhubeka lenze umsebenzi ngaphandle kokubambezeleka okubangelwa isidididi sokungazi ukuthi yiziphi izikweletu okungenzeka kuthiwe mazikhokhelwe abebeboleke ibhizinisi izimali – kanti nabo lokhu bayokwenziswa wukungazi ukuthi izinto zizohamba kanjani ebhizinisini ngemuva kokushona komnikazi webhizinisi
4. Lowo oyobe enikwe amandla okuthi abe ifa lomufi angeke sibe khona isidingo sokuthi asebenzise ukheshi noma izinto ezibalulekile zebhizinisi ukukhokha izikweletu zebhizinisi. Bonke lobu buhle bungasiza labo abebondliwa umufi kanye nezindlalifa zakhe futhi konke lokhu kungasiza ekwabiweni ifa lomufi ngokushesha.
Izingcuphe eziyi-6 okumele uziphenye
195
2. Isikweletu sebhizinisi Ibhizinisi kuyenzeka kwesinye isikhathi ligcine selinesikweletu esikhulu kakhulu. Izikhungo ezebolekisa ngemali kanye nalabo abebolekisa ngemali isikhathi esiningi bavame ukulindela ukuthi kukhokhwe izimalimboleko uma kushona lowo obezithathile noma uma kwenzeka ekhubazeka. Ukushona noma ukukhubazeka unomphelo komnikazi webhizinisi kungenzeka kubangele inkampani izinkinga ezinkulu kakhulu. Isixazululo esihle okumele usiheke: Ibhizinisi lingavele lithathe umshwalense ngezimpilo zabanikazi bebhizinisi bese kuthi lowo mshwalense wedluliselwe kusikhungo sezimali njengesibambiso. Lo mshwalense ungabe usuhlelwa ngendlela yokuthi ukwazi ukukhokha ekugcineni.
3. Isivumelwano sokuthenga kanye nokuthengiselana Lesi yisivumelwano esibhalwe phansi phakathi kwamalungu ebhizinisi, ezibophezela phakathi kwawo ewodwa ukuthi uma kwenzeka eshona noma ekhubazeka unomphelo, kuyomele athengise ingxenye yawo kubhizinisi kulabo bantu abayobe besaphila futhi lesi sivumelwano sibuye sibophezele labo abayobe besaphila ukuthi bathenge ingxenye yomufi kubhizinisi. Ezikhathini eziningi phela izimali ezisuke ziqondene nabanikazi bebhizinisi zivame ukuthi zihlale kufemu ngoba phela izimali eziyinzuzo zivame ukugcinwa kubhizinisi. Isixazululo esihle okumele usiheke: Umshwalense wempilo yiwona mshwalense ophephe kakhulu ukuthi ungawuthatha lapha ukwenza izimali ezidingekayo mayelana nemibandela yalesi sivumelwano. Abanikazi bebhizinisi, okubanjisenwe nabo noma abanikazi bamasheya bangena kusivumelwano esithile lapho khona bethatha amapholisi ukubheka izimpilo zabo ngabodwana. Amaphrimiyamu awakhokhwa yilowo osuke ekhavwe umshwalense kodwa akhokhwa yilaba abanye asuke ebambisene nabo ebhizinisini. Uma kuwukuthi kukhona imalimboleko eyathathwa ithathelwa ibhizinisi, nayo iyafakwa lapha ngaphansi kwalesi sivumelwano ngokuthi kubalulwe inani lemali eyimalimboleko ebhekele impilo yomuntu imalimboleko leyo esuke ithathwe ngaphansi kwegama lakhe. Imihlomulo yokuba nolunye uhlelo oluseceleni lokubhekela ibhizinisi: 1. Uma kungekho sivumelwano esiqondile nesibhalwe phansi, umnikazi webhizinisi osele
ngemuva kungenzeka abhekane nezinkinga eziningi nezinzima. Leso sivumelwano sinika lowo osele amandla okuba ngumnikazi webhizinisi ngokugcwele futhi nangaphandle kokuphazanyiswa.
2. Uma lesi sivumelwano sinomshwalense, sihlinzeka ngesamba semali engukheshi edingekayo. 3. Lowo mnikazi webhizinisi osaphila ukhokha inani elifanele ngokwebhizinisi lokuthenga
amasheya okwenza ukuthi kukwazeke ukuhlangabezana nezidingo zezindlalifa zomnikazi webhizinisi oseshonile.
4. Kuvikela ibhizinisi ukuthi kungakhothuluzwa izimali zalo. 5. Esikhundleni sokweboleka izimali ubuye futhi ukhokhe nenzalo, ipholisi yempilo ivame ukuthi
ishibhe futhi ivame ukuhlala itholakala.
Izingcuphe eziyi-6 okumele uziphenye
196
4. Ukuthengwa kwenye impahla uma enye impahla yebhizinisi isigugile Amabhizinisi kudingeka ukuthi abe nezinto ezikhona eceleni ezibhekele ukuthi uma kwenzeka izinto azisebenzisayo ngaleso sikhathi ziba nenkinga ngokuhamba kwesikhathi, kube khona okuzothatha indawo yaleyo nto. Isixazululo esihle okumele usiheke: Ipholisi ethile eyaziwa ngokuthi yi-endowment policy (ovele ukhokhe iphrimiyamu eyodwa noma amaningi) yiyona ndlela ekahle kakhulu ukubhekela izindleko zangomuso. Kanti futhi ukuguga noma ukudleka kwezimpahla zakho ozisebenzisa ebhizinisini ungakwazi ukuthi ucele ukwehliselwa intela oyikhokhayo ngazo. Lokhu kugunyazwe yisigaba 1 soMthetho Wezentela, i-Income Tax Act. Kanti imali ongayonga kule ntela yiyona kanye ongayisebenzisela ukuthatha i-endowment policy. Imihlomulo yokuba nolunye uhlelo oluseceleni lokubhekela ibhizinisi: Lolu hlelo lungakwazi ukukhokhela izinto eziningi ebhizinisini ezifana nalezi: 1. ukukhokhelwa kwezinye izinto ezingena esikhundleni sezinto ezingasasebenzi 2. ukukhokhela izivumelwano zokuthi umsebenzi uma kade esebenzela wena angasebenzeli
imbangi yakho isikhathi esithile eshiyile kuwe 3. ukulungisa kabusha kwamafrenshayizi (iminyaka esuka kwemibili kuya kwemihlanu).
5. Ukuvikelwa kwe-Akhawunti Yemalimboleko Yedebhithi Ibhizinisi livame ukuthi leboleke abanikazi bamasheya izimali eziningi. Lezi zimali zingebolekwa abaqondisi, noma abasebenzi ukuze bazenzele lokho abafisa ukukwenza ngezimali lezo nokungaba ukukhokhela iholide elithile. Lokhu kukhonjiswa ephepheni lebhalansi njenge-akhawunti yemalimboleko yedebhithi. Uma lowo oweboleke imali eshona, ifa lalowo oshonile yilona okusuke kufanele ukuthi imali leyo ithathwe kulo ukuze kukhokhwe isikweletu asidalile. Uma phela ifa lalowo oseshonile lingakwazi ukukhokha leyo mali, lokho kuyosho ukuthi inkampani izowa? Isixazululo esihle okumele usiheke: Zimbili izindlela ukubhekana nale nkinga: 1. Umeboleki wemali uthatha ipholisi enekhava yempilo ukuze aqinisekise ukuthi uma
kwenzeka eshona leyo malimboleko asuke eyithathile iyakhokheka. Le pholisi iyaye bese yedluliselwa kubhizinisi.
2. Ukufaka amasheya anawo ebhizinisini ku-trust yinqobo nje uma leyo trust iyothatha nesikweletu leso sibe ngaphansi kwayo.
6. Ukuba Nomshwalense Womuntu Oyinsika Yebhizinisi Lakho Ibhizinisi lakho kungenzeka libe nomsebenzi othile – ngaphandle kwakho – omqashile nongamchaza “njengomsebenzi oyinsika” yebhizinisi. Isibonelo nje uma unefemu yoshizi, lowo
Izingcuphe eziyi-6 okumele uziphenye
197
muntu okunguyena okwazi ukwenza oshizi – umuntu onobuchule obungandile – uyena muntu oyinsika yebhizinisi lakho. Kungenzeka uthole ukuthi wena awazi lutho ngokwenza ushizi uma kuwukuthi ibhizinisi walithenga nje ngoba kwakuwukutshala imali okuhle! Ukugula, ukukhubazeka, noma ukushona komenzi woshizi kungavele kwenze ukuthi ibhizinisi lakho livalwe. Isixazululo esihle okumele usiheke: Wena njengomqashi, kufanele uthathe ipholisi yempilo yalowo muntu oyinsika yebhizinisi lakho (isikhathi esiningi kuvame ukuthi kube ipholisi esebenza ngezigaba ezithile). Uma kwenzeka lo muntu oyinsika yebhizinisi lakho eshona noma ekhubazeka, lo mshwalense ukhokha izimali ingene kubhizinisi lakho. Le mali ingasetshenziselwa ukukunxephezela ngenxa yokulahlekelwa kwakho yinzuzo ngenxa yokushona noma yokukhubazeka komsebenzi wakho futhi ungayisebenzisela ukuqasha kanye nokuqeqesha omunye umuntu ongangena ezicathulweni zalowo ongeke esakwazi nokuqhubeka nokukusebenzela. Imihlomulo yokuba nolunye uhlelo oluseceleni lokubhekela ibhizinisi: 1. Uma kwenzeka ulahlekelwa yinzuzo ebhizinisini, izimali ezikhishwa yile pholisi ziyokwazi
ukuvala lesi sikhala ngokukunxephezela. 2. Ukheshi usuke usukhona ukuqedela amaprojekthi angaqedelwe. 3. Kungaqashwa kuqeqeshwe umsebenzi omusha. 4. Abanye abasebenzi abathinteki nakancane ngoba nabo bavele bazibonele nje ukuthi
ibhizinisi lihlomile futhi linazo nezinhlelo zokubhekana nezinhlekelele. 5. Isimo sokukwazi ukwebolekwa imali kanye nokukwazi ukukhokha izikweletu kwebhizinisi
akuthinteki.
QAPHELA! Ngaphandle-ke uma kuwukuthi vele wena uyazazi izinto eziphathelene nemishwalense, kuyinto enhle ukuxhumana nomeluleki wezezimali oqeqeshiwe. Umeluleki ozokusiza ukuthi ukwazi ukuhlaziya izidingo zomshwalense wakho bese ebheka isimo sonke nje sezimali zakho kanye nezifiso onazo ngebhizinisi.
Bheka ingxenye 21 ukuze uthole ulwazi olubalulekile nolusizayo mayelana nabeluleki bezezimali.
Izingcuphe eziyi-6 okumele uziphenye
198
Izinhlelo zokuqhubeka kwebhizinisi lami
Yilokhu-ke engihlele ukukwenza ukuze ibhizinisi lami liqhubeke:
199
Uhlu “lokumele kwenziwe”
Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 20 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
Manje-ke guqula lolu luhla LOKUMELE UKWENZE lube uhlelo lokwenziwayo
Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
200
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 20
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
201
Qhubeka nokusebenzisa ubuchule bakho!
Njengoba ibhizinisi lakho likhula ngomuso nje, kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi lokho ocabanga ukukwenza akugcini nje
ngokuba umcabango ongathi shu nongayi phambili, kepha uyakwenza.
Yabelana ngemiqondo ethile noma yikuphi nganoma ngasiphi isikhathi: Isikhathi esiningi imiqondo emihle ayiveli kumihlangano emihlangan-weni ehlelekile. Khuthaza ukuthi nizihlanganele nje kungonakele lutho nikwazi ukuba nezingxoxo lapho khona nikhuluma nganoma yini noma yikuphi. Buza ukuthi kungani izinto zenziwa ngale ndlela – ngeke yini zashintshwa na: Khuthaza abantu ukuthi babuze ukuthi, “Kungani le nto ilokhu yahlala yenziwa ngale ndlela? Ngabe ikhona mhlawumbe enye indlela esingayizama noma enye impendulo kulokhu?” kanye nokuthi “Konje kungabanjani uma singa...?” Phikelela ulokhu uzame njalo ngisho wehluleka, uphinde uzame futhi: Osomabhizinisi abaphumelelayo baphumelela kakhulu nje ngoba bebelokhu bezama behluleka, bafunda emaphutheni abo, babuyekeza ukwenza kwabo, babuye futhi beze nezinye izindlela. Sebenzisa imibono/ imiqondo emihle ekhona laphaya ngaphandle: Letha imibono emihle oyibona isetshenziswa yizinkampani ezinye ngisho noma ngabe yimibono evela kumboni eyehlukile. Ngabe ungayisebenzisa kanjani le mibono kubhizinisi lakho na?
202
1. Njengomnikazi webhizinisi elincane unokuxhumana okuthile ngokomoya nebhizinisi lakho, nokuyinto engale kwesikhathi osisebenzayo okuwukuvuka
ekuseni ngehora lesishiyagalolunye ubuye ngehora lesihlanu.
2. Lokhu kuxhumana kwenabela nasezindabeni zezimali futhi. Izimali zebhizinisi lakho kanye nezimali zakho siqu ziyelakanyana.
3. Ake ucabange ngalokhu ngale ndlela: Impumelelo yebhizinisi lakho kwezezimali kanye nokuphumelela kwakho siqu kwezezimali kuxubene kakhulu wena
wabona abantu beboshelwe ndawonye emjahweni wemilenze emithathu.
4. Ngaphandle-ke uma unelinye iqhinga lokutshala izimali ngaphandle nje kwalezi ozifaka lapha kubhizinisi lakho (kanye nakwenye indawo), kungenzeka ukuthi
ube senkingeni yokungakwazi ukufika entanjeni, angisayiphathi-ke eyokuwina umqhudelwano – leyo-ke ayikhulunywa nokukhulunywa nje.
5. Ukuhlela ngokucophelela okungatheni njengamanje kungakusiza ukuthi ukwazi ukwakha umnotho ngokushesha futhi ube nanemali ehleli nje ebheke ukuthi
mhla ubhekana nezikhathi ezinzima empilweni ukwazi ukucaphuna kuzona.
Ukwakha imigodlagodla yokutshala izimali
203
Ukuthatha umhlalaphansi kwakho nabasebenzi bakho
205
Ukusebenzisa umeluleki ngezezimali
207
Uhlelo lokwenziwayo ingxenye 21
210/211
Ungasibukeli phansi isidleke sakho samaqanda
Ingxenye 21: Isidleke seqanda lakho
Wavele wangitshalisa izimali
zami nje kwenye inkampani yezitshalo.
Forrest Gump, eqondise ku-Apple Computer
203
Ukuba nemigodlagodla eyehlukene yokutshala izimali kuyinto ebaluleke kakhulu ukuthi umnikazi webhizinisi elincane abe nawo. Nazi-ke izizathu zalokho:
1. Abanikazi bamabhizinisi amancane bavame ukutshala yonke imali yabo, kuhlanganisa nezimali zabo zomhlalaphansi, kumabhizinisi abo amasha.
2. Inkinga ngokutshala yonke imali ebhizinisini yingozi – kubhizinisi ngalinye eliphumelelayo, amabhizinisi amaningi avame ukwehluleka noma angakwazi
ukuqhubeka kahle.
3. Lokhu futhi akwenzi mqondo nje. Ukufaka zonke izimali zakho ebhizinisini lakho kufana ncamashi nokuba namasheya enkampanini eyodwa – nokuyinto abatshalizimali
abaningi abazi kahle kamhlophe ukuthi iwubuwula obucacile.
4. Yingakho-ke uthola ukuthi abeluleki ngokutshala izimali abaningi beyaye beluleke osomabhizinisi ukuthi izimali zabo bazitshale ezindaweni ezahlukene. Njengalokhu
noma yimuphi usomnotho eyokutshela ukuthi ukutshala izimali ezindaweni eziningi ezahlukene yiyona nto kuphela engenza ukuthi wazi ukuthi izimali zakho ozitshalile ziyakhula esikhathini eside. Ibhizinisi lakho lingenye nje yezindlela zokukufakela imali. Ukufaka imali yakho ezindaweni ezahlukene ezifaka izimali kuyokusiza ukuthi ekugcineni ungahlupheki ikakhulukazi ezikhathini lapho usuyidinga khona kakhulu imali.
5. Kanti-ke njengoba ibhizinisi lakho lithuthuka futhi likhula, sebenzisa izizinda zokutshala izimali zakho ezahlukene njengezindawo zokuthukusa izinzuzo ozithola kubhizinisi.
6. Lokhu akusho-ke ukuthi akumele utshale izimali zakho kubhizinisi ukuze wenze inzuzo ngelinye ilanga – noma usebenzise ithuba lebhizinisi ukuzenzela inzuzo. Phela
ungakhohlwa ukuthi njengosomabhizinisi omncane, ulindele ukuphumelela kanye nokukhula kwebhizinisi lakho ukuze ukwazi nawe ukuzigayela inzuzo. Yebo lokho ungakwenza uma udinga imali yokusebenza.
7. Kodwa ukwakha isizinda sokutshala izimali zakho esiqinile kufana nse nokutshala ibhodwe legolide ngaphandle kwebhizinisi lakho neliyokusiza ukuthi likwazi -
1. ukuba yisiphephelo sakho ezikhathini ezinzima nokuyizikhathi eziyofikela (futhi ezivame ukufikela) noma yiliphi ibhizinisi
2. ukukwakhela isidleke semali esiyobheka wena kanye nomndeni wakho
3. ukugcina izimali zakho zisesimweni esifanele ngezikhathi ezinzima
4. ukukusiza ukuba ukwazi ukuhlangabezana namaphupho empilo yakho angale kwebhizinisi, nesingabala izinto ezifana nokuthenga umuzi omusha, ukongela imfundo yabantwana bakho noma ukuhlelela umhlalaphansi.
8. Kanti-ke uma ube nenhlanhla kwatholakala ukuthi ibhizinisi lakho liphumelela ngendlela engakaze ibonwe... inhlanhla enkulu leyo futhi eyokusiza isikhathi eside!
Ukwakha imigodlagodla yokutshala izimali
204
Ukwakha imigodlagodla yokutshala izimali
Lena yindlela engihlose ngayo ukutshala izimali zami ezindaweni ezahlukene:
205
Ukuthatha umhlalaphansi yinto ongayicabangi ngisho nokuyicabanga njengamanje! Kodwa-ke uma inhloso yakho kungesiyona eyokuqhuba ibhizinisi uze ungabe usakwazi nokwenzani, kubalulekile ukuthi ubheke izindlela ezikhona zokuthatha umhlalaphansi. Kahle-ke ngabe uthini ngabasebenzi bakho? Kulezi zinsuku zanamhlanje, ukuze ukwazi ukuqhudelana namabhizinisi amakhulu futhi ukwazi ukuthola abasebenzi abasezingeni eliphezulu, kufanele ukuthi unike abasebenzi bakho imihlomulo eminingi ngaphezu kweholo abalitholayo. Lokhu kusho ukubahlinzeka nangendlela abangayisebenzisa ukonga imali beyongela ikusasa.
Uhlelo lwakho lomhlalaphansi 1. Osomabhizinisi abaningi bavele bacabange ukuthi amabhizinisi abo yiwona ayobondla uma
sebethathe umhlalaphansi. Balindela ukuthi kuyothi kungashaya isikhathi sokuthi bayeke ukusebenza bathengisa amabhizinisi abo bese beziphilisa ngemali abayoyithola lapho.
2. Yize bonke osomabhizinisi abancane bethanda ukukholwa ukuthi bayothengisa amabhizinisi abo uma sebethatha umhlalaphansi, lokho eqinisweni akwenzeki kanjalo kubantu abaningi. Eqinisweni nje bancane kakhulu abanikazi bamabhizinisi amancane abayokwazi ukuthengisa amabhizinisi abo uma sebethatha umhlalaphansi.
3. Njengoba kwenzeka kunoma iyiphi indlela yokutshala izimali, ukufaka wonke “amaqanda akho omhlalaphansi” “kubhasikidi yebhizinisi” kungaba yingozi kakhulu. Udinga elinye icebo.
4. Ungathatha ipholisi yomhlalaphansi noma i-RA nokuwuhlelo lokonga imali olwenzelwe umhlalaphansi. Lolu hlelo lunezinto eziningi ezinhle kulo:
i. Lunezintela ezingcono kakhulu ezikhokhwayo ekugcineni futhi lungcono kakhulu uma imali uyongela ukuthatha umhlalaphansi.
ii. Ungakwazi ukuyikhulisa kanye nokuyinciphisa imali oyongayo. iii. Lolu hlobo lwepholisi lwempesheni angeke lwadliwa ngisho kuthiwa usucwile
ezikweletini, ngamanye amazwi uyokwazi ukuthatha umhlalaphansi ngokukhululeka ngisho noma ngabe ibhizinisi lakho lidliwe.
Uhlelo lomhlalaphansi lwabasebenzi bakho 1. Njengomqashi wena unesibopho sokuhlinzeka abasebenzi bakho ngamathuba okuthi
bakwazi ukonga imali beyongela ikusasa. Kungaba yinto ebuhlungu kabi uma abasebenzi bakho ngelinye ilanga kungadingeka ukuthi bathembele kumpesheni kahulumeni, nasekuhambeni bekhangeza ekubeni bachitha isikhathi esiningi besebenzela wena.
2. Zimbili izinto ezimbili ezinhle ngokulinganayo okungabhekwa kuzo. Yilezi-ke:
Isikhwama sempesheni Lesi yisikhwama sempesheni esenziwa ngumqashi kanti siba nemali efakwa ngumqashi kanye nabasebenzi ukuze kuhlinzekwe abasebenzi ukuze bathole imali yenpesheni uma sebethathe umhlalaphansi. Kuye ngokuthi intela ime kanjani, umsebenzi angakwazi ukuthola imali kuso iye ifinyelele kokukodwa kokuthathu. Lapho-ke kuyaye kuthi leyo ezosala lapho isetshenziselwe ukuhlinzeka ngempesheni.
Isikhwama I-Provident
Lolu wuhlobo oluthile lwesikhwama olwenziwa umqashi oluba nemali efakwa umqashi kanye nomsebenzi ngenhloso yokuhlinzeka ngesamba esithile semali esitholakala kanye nje uma umsebenzi esethatha umhlalaphansi.
Umhlalaphansi wakho nowabasebenzi bakho
206
Umhlalaphansi wakho nabasebenzi bakho
Nakhu engikuhlelayo mayelana nomhlalaphansi wami:
Lolu wuhlelo lomhlalaphansi engiyolunika abasebenzi bami:
207
1. Ngabe uyaludinga yini usizo lomeluleki ngezimali osemthethweni na? Uma kunjalo, kufanele ucabange kahle ngoba imishwalense kanye nokutshalwa kwezimali yimikhakha
engakudida kakhulu uma ungenaye umuntu ongakusiza. Ubuchule kanye nolwazi olunzulu yizinto ezivame ukuthi zidingeke ukuze ukwazi ukuthatha izinqumo eziphusile kwezemishwalense nasekutshalweni kwezimali.
2. Khumbula phela futhi ukuthi isinqumo nesinqumo osithathayo kuyona yomibili le mikhakha siyoba nomthelela kubhizinisi lakho – noma kuzimali zakho – noma kukho
kokubili. Ngakho-ke ngaphandle-ke uma uzazi kahle lezi zinto, kuwumqondo omuhle kakhulu ukuthi ufune ukwelulekwa kubantu abakuqeqeshelwe ukwenza lokho.
3. Ngeshwa-ke kodwa, abeluleki bezezimali abafani bonke. Ngakho-ke zihluphe ngokubheka ukuze ubone ukuthi ungamthola kuphi umeluleki ngezimali owazi kahle
umsebenzi wakhe. Phela uma ungakwazi ukuthola umeluleki ngezimali onekhono nesiphiwo esifanele, lapho ngabe uwele ngelibanzi, kodwa uma uzothatha wonke uvucu lona kungenzeka uzone uziqede nya izimali zakho futhi kwesinye isikhathi akubeke engcupheni yokusala uncela isithupha.
Ukukhetha umeluleki ngezimali Hlangana nabantu okungenzeka ugcine usukhethe kubo lowo ongaba umeluleki wakho wezimali bese ubafaka imibuzo embalwa. Lokhu kusho ukubagwexa ngemibuzo. Kodwa-ke ngabe yiyona yiphi imibuzo okumele uyibuze? Ongoti kulo mkhakha bakhomba izihloko ezine ezihamba phambili nokusuke kumele ukuthi uzibheke:
1. Ubufakazi bamakhono Noma ubani angasho nje ukuthi yena ungumeluleki ngezezimali. Yenza isiqiniseko sokuthi lowo muntu okhuluma naye ubhalisiwe ngaphansi kwe-FSP (Umhlinzeki Ngosizo Lwezimali) futhi unemvume/ ilayisense yokwenza lowo msebenzi. Ngisho noma ngabe umeluleki wakho kwezezimali ubhasiwe ngaphansi kwe-FSP, lokho akusho ukuthi zonke izinto zihamba ngendlela efunwa nguwe noma eqondile. Kuvame isikhathi esiningi ukuthi kube yiminyaka eminingi yesipiliyoni kanye nokudamane efunda (ngingasayiphathi-ke eyokwenza izinto ngesizotha kanye nesithunzi) okungaholela ekutheni umuntu abe ngumeluleki wezezimali okhaliphile. Thola ukuthi ngabe yikuphi okunye ukuqeqeshwa kwezezimali anakho.
2. Isipiliyoni Isipiliyoni sibaluleke kakhulu. Ngabe usenesikhathi esingakanani ekule ndima lomeluleki ngezimali? Izinyanga ezilishumi noma iminyaka elishumi? Phela udinga umeluleki ngezimali onesipiliyoni sokusebenzisana namakhasimende asesimweni esithi masifane nesakho. Cela amagama amakhasimende asake awasiza ezimweni ezifanayo nesakho. Lapho-ke usungawafonela lawa makhasimende akhe ukuze ucele ukuthi awamchaze ukuthi ungumuntu onjani futhi osebenza kanjani.
Ukusebenzisa umeluleki ngezezimali
208
3. Indlela yokukhokhelana Ngabe ukhokhelwa kanjani umeluleki lona na? Bheka ngokucophelela ukuthi bakhok-helwa kanjani abeluleki futhi yiba nesiqiniseko sokuthi uyethemba ukuthi nakanjani
uyobeka izimfuno zakho phambilini. Abeluleki bezimali kuyenzeka babize ikhomishini kuphela (nokubandakanya nezinye izimali kuzimali ezitshaliwe), babize imali kuphela (nebandakanya umsebenzi abawenza ngehora, inani lomsebenzi ngamunye) noma izimali ezixube kokubili lokhu.
4. Umuzwa wakho Kala umeluleki lowo umbone ukuthi ungumuntu onjani. Ngabe uzizwa ukhululekile yini? Ngabe uyakulalela yini noma uvele ajahe ukuthi ubuze umbuzo olandelayo? Lokhu kungabukeka kukuncane, kodwa phela futhi ekugcineni awuzele khona ukuzothola umngani lapha kodwa uzofuna umeluleki ngezimali. Kodwa ungakhohlwa ukuthi ziningi kakhulu izinto zakho zangasese okuyomele uzixoxe naye lo muntu, neziyobe zihambisana nezindaba zebhizinisi. Lalela uhloniphe imizwa yakho ngaphambi kokuthatha noma yisiphi isinqumo esinokuxhamazela. Kunefomu elihle kabi elisekhasini elilandelayo neliyokusiza ukuthi ukwazi ukufaka imibuzo embalwa labo abangahle babe abeluleki bakho bezimali.
Ukusebenzisa umeluleki ngezezimali
209
Uhlu lokuhlola umeluleki ngezimali
Imininingwane yomeluleki:
Igama
Inombolo yocingo
Inombolo yeselula
Ikhel le-imeyili
Igama iebhizinisi
Inombolo yelayisense yakhe yomsebenzi
Ngabe unawo umshwalense wokuzihlangula ecaleni womsebenzi owenzayo uma kuba nenkinga eyehlayo? Cha Yebo Inani:
Abahlinzeki ngezimali abasemthethweni banemvume yokwenza lokhu:
Ukusiza ngezamabhizinisi Ama-medical schemes
Ukuhlela Ngezamafa Ukuhlelela Umhlalaphansi
Ukuhlela Ngezokutshala Izimali Umshwalense Wesikhathi Esifushane
Umshwalense Wempilo kanye Nokukhubazeka
Ezinye izinsizakalo (cacisa)
Imikhakha asebenza ngaphansi kwayo
Okunye ukuqeqeshwa okusemthethweni
Iholo
Ngabe ukhokhelwa kanjani?
Ikhomishini kuphela (kuhlanganisa nezimali ezikhokhwa kuzimali ezitshaliwe)
Imali kuphela (kuhlanganisa namanani amahora, inani ngomsebenzi owenziwe)
Imali kanye Nekhomishini (ukuhlanganiswa kwalokhu okubili okungenhla)
Isipiliyoni:
Ngabe usunesikhathi esingakanani usebhizinisini?
Amareferensi: Amakhasimende asesimweni esifanayo nesami (igama kanye nenombolo yocingo)
210
Uhlu “lokumele kwenziwe”
1. Bhala phansi zonke izinto okufanele uzenze ukuze uqedele Ingxenye 21 yokuhlelela kwakho ibhizinisi:
2. Manje-ke guqula lolu luhla iwezinto OKUMELE UZENZE lube yizinto ezenziwayo. 3. Lubhale phansi lolu luhla ekhasini elilandelayo.
211
Uhlelo lokwenziwayo – Ingxenye 21
Lokho okufanele kwenziwe Ubani ozokwenza Uzokwenza nini
1.
2.
3.
4.
5.
6.
7.
8.
9.
10.
11.
12.
13.
14.
15.
16.
17.
18.
19.
20.
21.
22.
23.
24.
25.
212
Amathiphu AMAKHULU ali-10 empumelelo
1. Yakha ithimba Ungavele nje uqashe umsebenzi ngoba ufuna ukugcwalisa isikhala. Qasha umuntu ozoba yingxenye yethimba elizokwakha ibhizinisi lakho. 2.Sheshisa Isikhathi yinto ebaluleke kakhulu ukuzedlula konke namhlanje. Uma kufanele umsebenzi uwuphothule ngoLwesithathu, wuphothule ngoLwesibili ntambama. Uma ubushayelwe ucingo wangatholakala ocingweni lwakho, shayela lowo muntu uchaze ukuthi bekwenzenjani ungatholakali nje, uxolise kulokho, futhi uphendule nama-imeyili othunyelelwa wona. 3. Yithi “Ngiyabonga” Lokhu kwenze kaningi kakhulu. Tshela amakhasimende akho kanye nabasebenzi bakho ukuthi ubabonga kakhulu. Kuhle ukubongwa. Akekho umuntu ongakuthandi ukubongwa! 4. Yehluka Kwabanye Uma into yenziwa yizimbangi zakho kwezebhizinisi – ungayenzi-ke wena. Thola izindlela ezithile zokuthi wena wehluke nje ezimbangini zakho lapho uthola khona ukuthi ukukhangisa kanye nemikhiqizo ethengiswayo kucishe kufane. 5. Yenza into efanayo ngaso sonke isikhathi Ikhasimende kufanele lazi ukuthi akukhathalekile ukuthi lisizwe ngubani ebhizinisini lakho, kodwa lizothola imfudumalo efanayo kini nonke. 6. Yiba nethemba Hlala ubona uhlangothi oluhle kuyona yonke into empilweni. Ukuba nomqondo ofana nalona yikhona kanye okuphumelelisayo ekugcineni. 7. Yiba mnene Ungalokothi ube yibutho likangilokothe ebhizinisini. Okunalokho, xazulula izinkinga – yanelisa izimfuno – yenza lokho okungcono kakhulu kukhasimende lakho. 8. Zihluphe Uma kunoshintsho olukhona, thatha lolo lushintsho ngokuthi yithuba lokuthi ukhule, nakanjani, uyokhula. 9. Yenza ikhwalithi Ikhwalithi idlala indima enkulu kakhulu empumelelweni. Ukumaketha okuhle kuheha amakhasimende amaningi impela, kodwa uma umkhiqizo owukhiqizayo/ owuthengisayo wehluleka ukwanelisa lawa makhasimende, angeke aze aphinde abuye. 10. Yiba yilokhu okushiwo yigama lakho Indlela owenza ngayo imele ibhizinisi lakho. Yenza okufanele.
213
1. Manje sekuyisikhathi sokuhlanganisa ipeni nephepha (noma iminwe nekhibhodi yekhompyutha yakho) ukuze ubhale uhlelo lwebhizinisi lwakho oluhlelekile. Uhlelo
lwebhizinisi olubhalwe phansi lubalulekile.
2. Udinga uhlelo lwebhizinisi olubhalwe phansi uma udinga ukuxhaswa ngezimali amabhange noma udinga abantu abazotshala izimali ebhizinisini lakho.
Abebolekisi ngezimali abakuniki nje izimali ukuze bakusize kuphela. Bakweboleka imali ukuze nabo bazuze imali. Angeke nje baze bayibheke ngisho ukuyibheka nje indaba yebhizinisi lakho uma lingenalo uhlelo lwebhizinisi.
3. Uhlelo lwebhizinisi olubhalwe phansi luyobuye futhi lukhuthaze ukukhula ngomuso. Eqinisweni nje, uhlelo lwakho lwebhizinisi kufanele lube “wumsebenzi
oqhubekayo.” Noma yiliphi ibhizinisi eliphumelelayo, elikhulayo kumele libe nohlelo lwebhizinisi olukhombisa ukuma kwebhizinisi ngaleso sikhathi.
4. Izindaba ezimnandi ezithi – usuwenze wonke umsebenzi onzima manje! Njengamanje kumele ngabe usunalo lonke ulwazi kanye nocwaningo oludingayo
ukuze ubhale uhlelo lwebhizinisi olude nolwendlalekile.
Ukubhala uhlelo lwebhizinisi lakho
214
Amanothi – uhlelo lwebhizinisi
219
Ipeni ephepheni
Ingxenye 22: Ukubhala uhlelo lwakho
lwebhizinisi Ibhizinisi elingenalo uhlelo lwebhizinisi
lifana nomuntu ongenalo uhlaka lwamathambo!
Edwin Tsolo
214
Uhlelo lwebhizinsi lakho olubhalwe phansi kufanele lusho yonke into oyenze Kuncwadi Yohlelo Lwakho Lwebhizinisi kanye “Nakuzithombe Ezinkulu”. Nazi-ke izinto okumele zibe yingxenye yohlelo lwakho lwebhizinisi:
1. Isifinyezo esikhulu nesiyisithombe esibanzi ngebhizinisi lakho Lesi yisigaba esibaluleke kakhulu ohlelweni lwakho lwebhizinisi. Lesi sigaba sibeka ngamafuphi uhlelo lwakho lwebhizinisi lulonkana. Lesi sigaba sibalulekile ngoba yilapho khona utshela umfundi wohlelo lwebhizinisi lakho ukuthi kungani ucabanga ukuthi lo mqondo webhizinisi onawo uyophumelela. Lena yiyona nto yokuqala ebonwa abafundi bohlelo lwebhizinisi lakho. Ngakho-ke kungenzeka kube yilesi sigaba esenza ukuthi bawuthokozele umbono webhizinisi lakho sibenze bathande ukulokhu beqhubekile njalo nokufunda noma sibenze ukuthi bavele bashiye phansi yonke into bangabe besaqhubeka nokufunda, bathathe yonke into bayitshinge le kude, bakhohlwe yiyo. Isithombe esibanzi ngebhizinisi lakho kufanele kube yisigaba sokugcina osibhalayo. Ngemuva kokuba usulubhalile uhlelo lwebhizinisi lakho, uyokwazi ekugcineni ukulubhala ngamafuphi. Lokhu-ke kufanele nakanjani kube yisifinyezo – kungabi ngaphezu kwamakhasi amabili ubude.
2. Okuqukethwe Faka phakathi ithebula lalokho okuqukethwe khona lapho eduzane nje uma uqeda ukubhala isifinyezo sohlelo lwebhizinisi lakho. Yenza ikhasi lalokho okuqukethwe libe likhulu (kodwa futhi gwema ukuchaza kuze kweqe).
3. Ukuchazwa kwenkampani: Chaza ukuthi ngabe izinto zonke zihlangana kanjani kubhizinisi lakho. Faka lonke ulwazi mayelana nenhloso yebhizinisi lakho kanye nezinto okholwa ukuthi ziyoba nomthelela ekuphumeleleni kwebhizinisi lakho. Uma uchaza inhloso yebhizinisi, bhala phansi izidingo zemakethe ozama ukuzanelisa ngebhizinisi lakho kanye nezindlela ozama ngazo ukwanelisa lezo zidingo. Bhala phansi amakhasimende osuwahlonze njengabantu abanalezi zidingo futhi nokuyibona abazokuxhasa ebhizinisini. Zifake lezi zinto: izinto ezifana nomkhiqizo ophezulu/ isevisi esezingeni eliphezulu, izindlela ezihamba phambili zokuqhuba ibhizinisi, abasebenzi abahamba phambili, noma indawo enhle lapho ibhizinisi lakho lizosebenzela khona. Zonke lezi zinto zikhombisa ukuthi uzozidlisela ogageni izimbangi zakho, ubabhincisele nxanye omashansana.
4. Ukuhlaziywa Kwemakethe Khombisa ulwazi lwakho mayelana nemboni okuyo. Beka kuphela imibono emifushane kanye nalokho okholelwa kukho ngedatha yokucwaninga kwakho ngezimakethe. Imininingwane enqala kufanele ifakwe kulokho kusithasiselo sohlelo lwakho lwebhizinisi.
Ukubhala uhlelo lwebhizinisi lakho
215
Kufanele ufake phakathi lokhu okulandelayo:
1. Ukuchaza ngemboni kanye nesimo sayo.
2. Ulwazi ngemakethe ohlose ukungenelela kuyo.
3. Ukubuyekezwa kwezimbangi zakho. Bachaze ukuthi banjani kanye nokuthi wenauziqhathanisa kanjani nabo – ikakhulukazi ngendlela amakhasimende abona ngayo.
4. Izikhangiso ohlose ukuzisebenzisa ukuze uhlangabezane nemakethe oyihlosile.
5. Amanani ozowabeka kumkhiqizo wakho.
5. Abaphathi kanye Nabanikazi Benkampani Faka ukuma komthetho kwebhizinisi lakho kanye nolwazi olwanele ngobunikazi bebhizinisi. Bala ngokubanzi abantu abasezikhundleni zokuphatha kubhizinisi lakho kanye nezindawo abavela kuzo kuhlanganisa nobufakazi bamakhono abo. Yisho ukuthi ngabe laba bantu bayosiza kanjani ukunonga amakhono akho. Khombisa ukuthi ngabe isipiliyoni somuntungamunye siyolibamba kanjani iqhaza kumpumelelo yebhizinisi.
Hlinzeka i-CV emfushane efaka phakathi lolu lwazi olulandelayo:
1. Igama
2. Isikhundla (Faka nencazelo emfushane mayelana nesikhundla leso kanye nemisebenziehambisana nazo)
3. Imisebenzi enqala eyenziwayo kanye negunya
4. Imfundo
5. Isipiliyoni esehlukile kanye namakhono
6. Lapho ebesebenza khona ngaphambilini
7. Amakhono abalulekile
8. Irekhodi lakhe
9. Ukuba nolwazi lwemboni kanye nolwazi oluyisipesheli
10. Ukubandakanyeka kumphakathi
11. Lokhu kungabukeka kuyinto engadingekile kangako kunkampani ephethwe umuntuoyedwa qhwaba, kodwa abantu abazobe befunda uhlelo lwakho lwebhizinisi bafunaukwazi ukuthi uyena bani ophethe. Ngakho-ke batshele ngawe uqobo.
6. Abasebenzi Chaza kabanzi ukuthi umsebenzi ngamunye wenzani ebhizinisini lakho. Yisho nokuthi kungani umqashile umsebenzi ngamunye ukuthi abe yingxenye yebhizinisi lakho. Yisho imisebenzi abayenzayo, imfundo abanayo, isipiliyoni sabo, amakhono akhethekile kanye nemaliabayiholayo. Khombisa ukuthi ngabe laba basebenzi bazolibamba kanjani iqhaza kumpumelelo yebhizinisi lakho.
Ukubhala uhlelo lwebhizinisi lakho
216
7. Ukuzimaketha kanye neqhinga lokudayisa umkhiqizo Amakhasimende ayinhliziyo yebhizinisi. Khombisa ukuthi uyayazi into oyenzayo ngokuchaza ngokucophelela indlela yokuzimaketha kwakho. Chaza lokhu okulandelayo:
1. Indlela yokuzimaketha.
2. Ngabe uyokwazi kanjani ukugxila kuzimakethe oziqondile.
3. Indlela yokumaketha umkhiqizo wakho/ yokuwuthengisa/ indlela yokukhuluma ngawo nebhizinisi lakho (ungazikhohlwa izinto okuyomele uzenze ngenkathi wethula ibhizinisi lakho ngokusemthethweni).
4. Indlela ozoncenga ngayo ngenkathi uthengisa umkhiqizo wakho.
5. Indlela yakho yokuthengisa umkhiqizo wakho. Chaza ukuthi ngabe uhlela ukuwuthengisa kanjani umkhiqizo wakho kanye nokuthi ngabe uyokwazi kanjani ukulawula ukuthengisa komkhiqizo wakho.
8. Umkhiqizo wakho noma isevisi ohlinzeka ngayo 1. Chaza umkhiqizo wakho/ isevisi yakho ohlinzeka ngayo amakhasimende.
2. Chaza labo abakuhlinzeka ngemikhiqizo, ukutholakala komkhiqizo, kanye nezindleko zomkhiqizo.
3. Faka phakathi imikhiqizo emisha/ amasevisi amasha ozowafaka ebhizinisini lakho.
4. Gcizelela imihlomulo eza nomkhiqizo wakho kulabo abayoba amakhasimende akho.
5. Gxila kulezo zindawo lapho umkhiqizo wakho uzihambela wodwa khona.
6. Hlonza noma yiziphi izinkinga kumakethe obhekene nayo nokuthi umkhiqizo wakho ube yisisombululo kuzo.
7. Nika ubufakazi obuphathekayo bokuthi abantu bayozimisela nakanjani ukukhipha izimali zabo bekhokhela umkhiqizo wakho.
8. Namathisela noma yiziphi izinto ezimayelana nokuthengisa kanye nokudayisa umkhiqizo wakho.
9. Izimali ezidingekayo kanye nokusetshenziswa kwazo Cela inani elithile lemali olidingayo ukuze uqale ibhizinisi lakho. Faka phakathi lezi zinto ezilandelayo:
1. Izidingo zakho zezimali njengamanje.
2. Izidingo zakho zezimali kule minyaka engaphezu kwemithathu ezayo.
3. Indlela oyosebenzisa ngayo izimali lezo uma usuzitholile. Lokhu kubalulekile kakhulu kulowo okweboleka imali. Ngabe imali eyokuthi uthenge izinto ezithile? Ngabe uzoholela ngayo abasebenzi? Uzo-oda imikhiqizo? Ngisho noma ngabe uzoyenzani-ke imali leyo, kubhale phansi lokho ukubale, ungakushiyi ngaphandle.
4. Noma yiziphi ezinye izinhlelo zesikhathi eside ozihlelayo okungenzeka zibe nomthelela kusicelo sakho sokuxhaswa ngezimali.
Ukubhala uhlelo lwebhizinisi lakho
217
10. Izitatimende zezimali Bhala ukuhlaziya okufushane mayelana nesitatimende sezimali ngasinye kulezi ezintathu: Ukuhlelela ngaphambili inzalo kanye nokulahlekelwa, Isitatimende Esimayelana Nokusebenza Kwezimali kanye Nesitatimende Sokuma Kwezimali okuhlelelwe ngaphambili. Konke lokhu kuhlaziya kugcine kukufushane. Khuluma kuphela ngalawo maphuzu abalulekile. Ungabhali ugxile kumininingwane eminingi. Faka isitatimende sezimali sangempela kulokho Kusithasiselo sohlelo lwebhizinisi lakho. Kunyaka wokuqala, nikeza indlela okusebenze ngayo izimali zinyanga zonke. Ngemuva kwalokho-ke ungabe usuwenza izitatimende zamakota noma zonyaka kusukela eminyakeni emi-2 kuya kwemi-5. Okunye futhi bhala kafushane indlela olawula ngayo izimali zakho.
11. Isithasiselo Isithasiselo sineminye imininingwane yokwengeza ebingeke yafakwa emzimbeni omkhulu wohlelo lwebhizinisi. Isithasiselo kungenzeka sifake okunye kwalokhu okulandelayo:
1. Umlando wezikweletu (owakho nowebhizinisi)
2. Ama-CV abasebenzi bakho abasemqoka enkampanini
3. Izithombe zomkhiqizo/ zesevisi
4. Izincwadi ezikuncomayo ezivela kulabo osuke wasebenzisana nabo
5. Imininingwane yophenyo lwakho ngezimakethe
6. Imibhalo oyicaphune kumaphephabhuku ehambisana nalokho okwenzayo
7. Amalayisense, izimvume, noma amalungelo athile ahambisana nazo
8. Amaphepha ezomthetho
9. Amakhophi ezivumelwano zokuqashiselana
10. Izinkontileka
11. Uhla lwamakhonsalithenti, okuhlanganisa nommeli kanye nombhali wama-akhawunti. Amathiphu awusizo: Ubude: Uhlelo lwebhizinisi akumele lube lude kakhulu, futhi akufanele lube yisicefe, lucike noma
Ukubhala uhlelo lwebhizinisi lakho
218
lungabe lusaziwa nokuthi luqala kuphi luya kuphi. Uma ufuna ukubeka kahle nje umqondo wakho webhizinisi, kufanele idokhumenti yakho ibe phakathi kwamakhasi amathathu kuya kwamahlanu. Kodwa-ke uhlelo lwebhizinisi olunezinto eziningi kakhulu lungadinga amakhasi angaye afinyelele kwangama-20. Uhlelo lwakho lwebhizinisi maluqoqeke: Ngisho noma ngabe lude noma lufushane kangakanani uhlelo lwebhizinisi, zama ukubhala “ngokuqoqeka” futhi ubhale amaphuzu asemqoka kuphela – unganhlanhlathi. Ungabhali yonke into le engenasidingo. Ungalufaki ulwazi olubala zonke izinto ngohlelo lwakho lwebhizinisi – okungenani lokho ungakufaka njengokusithasiselo sohlelo lwakho lwebhizinisi. Isimo sebhukwana lohlelo lwebhizinisi: Akukho nzima futhi akuduli kakhulu ukufaka izithombe zemibala noma ukwenza imibalabala ukuze ibhukwana lohlelo lwebhizinisi lakho libukeke futhi lihehe. Liphinte uhlelo lwakho lwebhizinisi, futhi sebenzisa umshini wokuphrinta ogqame kahle nokukhombisa ukuthi uyinono, bese kuthi amakhophi owenzayo uwahlanganise ndawonye ngesinono. Yize uhlelo lwebhizinisi lungeke lwaba yindawo lapho kufanele ukhombise ikhono lakho lokufaka imidwebo nokwenza imibalabala, kodwa ukusebenzisa indlela yokubhala enhle kanye nezihloko ezihehayo kungenza ukuthi ibukwana lakho libukeke libe sezingeni eliphezulu kakhulu. Ukuyekeza nokuhlelemba: Khumbula ukuthi, unethuba elilodwa kuphela lokuveza isithombe esihle ngebhizinisi lakho kanye nawe uqobo. Cela abanye abantu ukuthi bakutshele ukuthi bacabangani ngombhalo wakho. Cela abanye ukuthi babeke umbono wabo. Cela umuntu ongungoti ekusetshenzisweni kolimi obhale ngalo ukuthi abheke indlela obhale ngayo kanye nendlela olusebenzise ngayo ulimi. Mcele ukuba abheke futhi nokuthi ngabe lokho okubhalile kuyafundeka yini kanye nokuthi kuzwakala kanjani komunye umuntu oseceleni uma ekufunda. Yenza isiqiniseko sokuthi uyawufundisisa ubhalo wakho, wufundisise, uphinde futhi uwufundisise. Khumbula ukuthi uhlelo lwebhizinisi olubhaliwe yilona kanye olukuvulela iminyango ethile nokwenza ukuthi abebolekisi ngemali bakwazi ukubona ukuthi ufanelwe ukusizwa noma ukwebolekwa izimali.
Ukubhala uhlelo lwebhizinisi lakho
219
Amanothi – uhlelo lwebhizinisi
220
221
Inqubomgomo yenkampani yakho
Ngenkathi ubhala uhlelo lwebhizinisi lwakho, ake uzihluphe ucabange ngokuthi ngabe ufuna ukuthi kube yini emelwe yibhizinisi lakho. Phela inqubomgomo
yekhampani yakho yisibuko salokho okumelwe yinkampani yakho nalokho wena okuthatha njengokubalulekile kubhizinisi olenzayo.
Indlela Yokuziphatha:
Lokhu kufanele kubeke indlela ethathwa njengeyemukelekile kanye naleyo engemukelekile mayelana nokuziphatha ebhizinisini. (Khumbula ukuthi kuqala le phezulu kumphathi/ kumnikazi webhizinisi kwehle njalo.) Ukuzigqaja:
Ukuzigqaja kwakha isithunzi kanye nokuzihlonipha wena uqobo lwakho. Uma abasebenzi benokuzigqaja ngendawo abasebenza kuyo futhi abayisebenzelayo kanye nalokho abakwenzayo, maningi amathuba ukuthi abakwenzayo bakwenze ngokulandela imigomo efanele. Ukubekezela:
Ukugxila ezintweni zesikhathi eside uma ukuqhathanisa nokugxila ezintweni zesikhathi esifushane kusho ukuthi kufanele ube nendlela ethile yokubekezela. Ngaphandle kwalokho, kunzeka uzibone usudidekile futhi ugcine usuthatha nezinqumo nawe ozibona kahle ukuthi ziphambene nomgomo webhizinisi. Ukuzinikela:
Uma ungazibophezele/ ungazinikele kunqubomgomo oyenze wena ngokwakho, kusho ukuthi leyo nqubomgomo ifana nengekho nje. Landela inqubomgomo yakho ngendlela efanele. Umumo webhizinisi:
Kulezi zinsuku kunzima kakhulu ukwenza ibhizinisi lakho ukuthi libe nohlangothi noma isithombe noma umunxa okuyiwonawona ngoba asikho isikhathi sokukwenza konke esikudingayo kanye nalokho okufanele ngabe kuyenziwa. Yize kunjalo, kodwa ukuma nje uthule uke ucabange ukuthi ngabe ibhizinisi lakho libhekephi kanye nokuthi kungani kumele libheke kuleyo ndawo nokuthi uyofika kanjani kuleyo ndawo kukunika ithuba lokuthi ukwazi ukwenza izinqumo ezingcono kakhulu esikhathini esifushane kanye nasesikhathini eside sokusebenza kwebhizinisi lakho.
222
1. Ukuhlela kwakho Kwamasonto ayi-12, yidayari yemisebenzi okudingeka uyenze ukuze ibhizinisi lakho liphile!
2. Akukho nzima ukubona ubuhle bokuba nedayari ehlelelwe ukuhlela kwakho ibhizinisi – kanye nokuba yingxenye yohlelo lwakho lokuhlela. Kodwa-ke
njengawo wonke amathuluzi, le dayari iyokusebenzela kahle uma uyisebenzisa nawe. Ngakho-ke qinisekisa ukuthi uyayisebenzisa ukuze ikusebenzele futhi ubone nobuhle bayo
Ukukwenza kwenzeke
Ingxenye 23: Uhlelo lwakho
lwamasonto ayi-12 Into eyodwa vo
okuyiyona esivimbayo ekuphumeleliseni ikusasa lethu kuyoba ukungabaza
kwethu kwanamhlanje
F.D. Rooseveldt
Isonto 1 223 Isonto 7 235
Isonto 2 225 Isonto 8 237
Isonto 3 227 Isonto 9 239
Isonto 4 229 Isonto 10 241
Isonto 5 231 Isonto 11 243
Isonto 6 233 Isonto 12 245
223
Isonto 1
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
224
Iso
nto
U
mg
qib
elo
Ulw
esi
ne
U
lwe
sih
lan
u
225
Isonto 2
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
226
Iso
nto
U
mg
qib
elo
Ulw
esi
ne
U
lwe
sih
lan
u
227
Isonto 3
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
228
Iso
nto
U
mg
qib
elo
Ulw
esi
ne
U
lwe
sih
lan
u
229
Isonto 4
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
230
Iso
nto
U
mg
qib
elo
Ulw
esi
ne
U
lwe
sih
lan
u
231
Isonto 5
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
232
Iso
nto
U
mg
qib
elo
U
lwe
sin
e
Ulw
esi
hla
nu
233
Isonto 6
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
234
Iso
nto
U
mg
qib
elo
U
lwe
sin
e
Ulw
esi
hla
nu
235
Isonto 7
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
236
Iso
nto
U
mg
qib
elo
Ulw
esi
ne
U
lwe
sih
lan
u
237
Isonto 8
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
238
Iso
nto
U
mg
qib
elo
U
lwe
sin
e
Ulw
esi
hla
nu
239
Isonto 9
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
240
Iso
nto
U
mg
qib
elo
Ulw
esi
ne
U
lwe
sih
lan
u
241
Isonto 10
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
242
Iso
nto
U
mg
qib
elo
Ulw
esi
ne
U
lwe
sih
lan
u
243
Isonto 11
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
244
Iso
nto
U
mg
qib
elo
U
lwe
sin
e
Ulw
esi
hla
nu
245
Isonto 12
Usuku:
Um
som
bu
luko
U
lwe
sib
ili
Ulw
esi
that
hu
246
Iso
nto
U
mg
qib
elo
U
lwe
sin
e
Ulw
esi
hla
nu
Ukuqeqeshwa kwabasebenzi
Ulwazi lokuxhumana nabantu
Abantu abayongisiza
Umkhiqizo wami/isevisi yami
Indawo yami
Isithombe esikhulu jikelele
Igama lebhizinisi lami
Inhloso yebhizinisi lami
Izinjongo zami
Izinto zokusebenza nabahlinzeki bami
Izikhundla namalungu ethimba
Amandla/amakhono/ulwazi
Uhlaka lwamanani ami
Indlela yokuthengisa nokuqeqeshwa
Ukuchazwa kwamakhasimende
Ukumaketha umkhiqizo wami
Isithombe esikhulu sokuzimaketha
Ukuqapha ukuthengisa komkhiqizo
Izimbangi zami
Umyalezo wokuzimaketha
Indlela yokubhekana nalabo abaqondiwe
Ubani oqondiwe Kungani kuqondwe yena Engaqondwa nini Engaqondwa kanjani
Amaholo abasebenzi
Ukuphathwa kwemali
Isithombeesikhulu sezezimali
Ibhajethi yokuzithengisa
Izindlela zami zokulawula ukuse-benza kwemali yami
Imithombo yezimali yami
Ibhajethi yami eqondene nami
izindleko zezinyanga ezi-3 zokuqala
Izindleko zanyanga zonke Izindleko eziguquguqukayo Izindleko zanyanga zonke
Isitatimende sempokophelo
Isitatimende sami sempokophelo
Recommended